Ukunqoba Kokugcina KukaMikayeli, Isikhulu Esiqhamileyo
Ukunqoba Kokugcina KukaMikayeli, Isikhulu Esiqhamileyo
“Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esiqhamileyo esimela abantwana babantu bakho.”—DANIYELI 12:1.
1. Yisiphi isimo sengqondo ababusi bezwe abaningi abaye basibonakalisa ebukhosini bukaJehova, futhi inkosi yasenyakatho iye yaba kanjani engahlukile?
“NGUBANI uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke uIsrayeli ukuba ahambe na?” (Eksodusi 5:2) Lawa kwakungamazwi abekela inselele ashiwo nguFaro kuMose. Enqaba ukuqaphela ubuNkulunkulu bukaJehova obuphakeme, uFaro wayezimisele ukugcina u-Israyeli esebugqilini. Abanye ababusi baye babonisa ukudelela uJehova ngendlela efanayo, futhi kungokufanayo nangamakhosi esiprofetho sikaDaniyeli. (Isaya 36:13-20) Ngempela, inkosi yasenyakatho iye yedlulela. Ingelosi ithi: “Iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, . . . Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.”—Daniyeli 11:36, 37.
2, 3. Ikhetha ukukhulekela omunye “unkulunkulu,” inkosi yasenyakatho iye yenqaba “unkulunkulu wawoyise” ngayiphi indlela?
2 Igcwalisa lamazwi angokwesiprofetho, inkosi yasenyakatho yenqaba “onkulunkulu bawoyise” (noma, “onkulunkulu bawokhokho bayo,” The New English Bible), kungakhathaliseki ukuthi onkulunkulu bobuqaba baseRoma noma unkulunkulu weLobukholwa onguZiqu-zintathu. UHitler wasebenzisa eLobukholwa ukuze afeze izinjongo zakhe kodwa ngokobufakazi
obutholakalayo waceba ukufaka isonto elisha laseJalimane esikhundleni salo. Umbuso owalandela wathuthukisa inkolelo ephika ubukhona bukaNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho inkosi yasenyakatho yazenza unkulunkulu, ‘yazikhulisa ngaphezu kwabo bonke.’3 Lesisiprofetho siyaqhubeka: “Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.” (Daniyeli 11:38) Eqinisweni, inkosi yasenyakatho yabeka ithemba layo esimisweni sezempi esingokwesayensi sosuku lwanamuhla, “unkulunkulu wezinqaba.” Phakathi naso sonke isikhathi sokuphela, iye yafuna insindiso ‘ngalonkulunkulu,’ inikela ngengcebo enkulu e-altare lakhe.
4. Iyiphi impumelelo inkosi yasenyakatho eye yaba nayo?
4 “Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe-ngumvuzo wakhe.” (Daniyeli 11:39) Ithembela ‘kunkulunkulu wayo wabezizwe’ wezempi, inkosi yasenyakatho iye ‘yafeza’ kakhulu, izibonakalisa ingumbuso wezempi onamandla kakhulu “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1) Labo ababesekela umbono wayo bavuzwa ngokusekelwa kwezombangazwe, kwezomnotho, futhi ngezinye izikhathi nakwezempi.
“Ngesikhathi Sokuphela”
5, 6. Iye ‘yaqhubukusha’ kanjani inkosi yaseningizimu, futhi iye yasabela kanjani inkosi yasenyakatho?
5 UDaniyeli 11:40a ufundeka kanje: “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo.” Lelivesi kanye nalandelayo aye abhekwa njengayogcwaliseka esikhathini sethu esizayo. Nokho, uma ‘isikhathi sokuphela’ lapha sisho okufanayo nalokho okushiwo kuDaniyeli 12:4, 9, kufanele sibheke ukugcwaliseka kwalamazwi phakathi nazo zonke izinsuku zokugcina. Ingabe inkosi yaseningizimu iye ‘yayiqhubukusha’ inkosi yasenyakatho phakathi nalesisikhathi? Ngempela, kunjalo. Ngemva kwempi yezwe yokuqala, isivumelwano sokuthula esihambisana nesijeziso ngokuqinisekile ‘sasiwukuqhubukusha,’ okuvusa umuzwa wokufuna ukuziphindisela. Ngemva kokunqoba kwayo empini yezwe yesibili, inkosi yaseningizimu yahlosa ukusebenzisa izikhali zenuzi ezesabekayo kwebangisana nayo futhi yahlela ngokumelene nayo umbutho wezempi onamandla wamazwe ahlangene, i-NATO. Njengoba iminyaka yayiqhubeka, ‘ukuqhubukusha’ kwayo kwahlanganisa ubunhloli obusezingeni eliphezulu bezobuchwepheshe kanye nokuhlasela ngosomaqhinga nangezempi.
6 Yasabela kanjani inkosi yasenyakatho? “Inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.” (Daniyeli 11:40b) Umlando wezinsuku zokugcina uye waqokomisa ukukhula kwenkosi yasenyakatho. Phakathi nempi yezwe yesibili, “inkosi” yamaNazi yeqa imingcele yayo yadlulela emazweni azungezile. Ekupheleni kwaleyompi, “inkosi” eyalandela yakha umbuso onamandla ngaphandle kwemingcele yayo. Phakathi neMpi Yomshoshaphansi, inkosi yasenyakatho yalwa nembangi yayo ezimpini ezaziliwa phakathi kwamanye amazwe asekelwa yiwo womabili lamakhosi nabavukeli e-Afrika, e-Asia, naseLatin America. Yashushisa amaKristu eqiniso, ilinganisela (kodwa ingawuqedi nakancane) umsebenzi wawo. Futhi ukuhlasela kwayo kwezempi nokwezombangazwe kwenza amazwe amaningi aba ngaphansi kokulawula kwayo. Lokhu kunjengoba nje ingelosi yakuprofetha: “Iyakungena nasezweni elihle [isimo esingokomoya sabantu bakaNkulunkulu], namanye amaningi ayakukhubeka.”—Daniyeli 11:41a.
7. Yikuphi ukulinganiselwa okwakukhona kokukhula kwenkosi yasenyakatho?
7 Nokho, ngisho nakuba—ngokombono wembangi yayo—inkosi yasenyakatho iye yabonakala njengosongo, ayikwazanga ukufinyelela ukunqoba izwe. “Lana ayakophulwa esandleni sayo: oEdomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.” (Daniyeli 11:41b) Ezikhathini zasendulo, u-Edomi, uMowabi, no-Amoni babehlala cishe maphakathi neGibithe neSiriya. Namuhla bangabhekwa njengabamelela izizwe nezinhlangano inkosi yasenyakatho eyayizibabele kodwa yehluleka ukuziletha ngaphansi kwethonya layo.
‘Izwe LaseGibithe Aliyikubaleka’
8, 9. Liye lazwiwa kanjani ithonya lenkosi yasenyakatho, ngisho nayimbangi yayo eyinhloko?
8 Lengelosi iyaqhubeka ithi: “Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka. Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba-sezinyathelweni zayo.” (Daniyeli 11:42, 43) Ngisho nenkosi yaseningizimu, ‘iGibithe,’ alizange liyibalekele imiphumela yezinkambiso zokukhula kwenkosi yasenyakatho. Ngokwesibonelo, inkosi yaseningizimu yabhekana nokunqotshwa okukhulu eVietnam. Futhi kuthiwani ‘ngamaLubi namaKushe’? Labomakhelwane beGibithe lasendulo bangazifanekisela kahle izizwe, lezo, ngokomumo wezwe ezingomakhelwane ‘beGibithe’ lanamuhla futhi ngezinye izikhathi ebezingabalandeli benkosi yasenyakatho, ‘zihamba ezinyathelweni zayo.’
9 Ingabe inkosi yasenyakatho iye yabusa phezu ‘kwengcebo . . . yaseGibithe’? Nokho, ngokuqinisekile ayizange iyinqobe inkosi yaseningizimu, futhi kuze kube ngo-1993 isimo sezwe sakwenza kwabonakala kungenakwenzeka ukuthi iyoyinqoba. Kodwa iye yaba nethonya
elinamandla endleleni inkosi yaseningizimu eye yasebenzisa ngayo amandla ayo engcebo engokwezimali. Ngenxa yokwesaba imbangi yayo, inkosi yaseningizimu iye yanikela ngesamba esikhulu semali unyaka ngamunye ekulondolozeni ibutho lempi elikhulu, isimiso semikhumbi yezempi, namabutho asemoyeni. Ngokwalelizinga kungashiwo ukuthi inkosi yasenyakatho iye ‘yabusa phezu,’ kwengcebo yenkosi yaseningizimu yalawula ukusetshenziswa kwayo.Umkhankaso Wokugcina Wenkosi YaseNyakatho
10. Ingelosi ikuchaza ngayiphi indlela ukuphela kombango phakathi kwalamakhosi amabili?
10 Ingabe lombango ophakathi kwalamakhosi amabili uqhubeka ngokungenamkhawulo? Cha. Ingelosi yatshela uDaniyeli: “[Inkosi yasenyakatho] iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi. Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.”—Daniyeli 11:44, 45.
11, 12. Yiziphi izenzakalo zezombangazwe zamuva nje eziphathelene nombango phakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu, futhi yini esisazoyifunda?
11 Lezizenzakalo zisengezesikhathi esizayo, ngakho asinakusho ngokuningiliziwe ukuthi lesiprofetho siyogcwaliseka kanjani. Muva nje, isimo sezombangazwe ngokuphathelene nalamakhosi amabili siye sashintsha. Umbango omkhulu phakathi kwe-United States namazwe aseMpumalanga Yurophu uye wadamba. Ngaphezu kwalokho, iSoviet Union yahlakazeka ngo-1991, futhi ayisekho.—Bheka umagazini INqabayokulinda ka-March 1, 1992, amakhasi 4, 5.
12 Ngakho ingubani inkosi yasenyakatho manje? Ingabe kumelwe ihlanganiswe nelinye lamazwe ayeyingxenye yeSoviet Union endala? Noma ingabe ishintsha ukubonakala kwayo ngokuphelele, njengoba iye yenza izikhathi eziningi ngaphambili? Asinakusho. Ngubani oyoba inkosi yasenyakatho lapho uDaniyeli 11:44, 45 egcwaliseka? Ingabe kuyophinde kubheduke umbango phakathi kwalamakhosi womabili? Futhi kuthiwani ngenqwaba yezikhali zenuzi ezisekhona emazweni amaningi? Isikhathi kuphela esiyonikeza izimpendulo zalemibuzo.
13, 14. Sazini ngekusasa lalamakhosi amabili?
13 Yinye into esiyaziyo. Ngokushesha, inkosi yasenyakatho izokuba semkhankasweni wokuhlasela oyobangelwa ‘imibiko eyakuyethusa evela empumalanga nasenyakatho.’ Lomkhankaso uyokwandulela ngokushesha ‘ukuphela’ kwayo. Singafunda okuningi ‘ngalemibiko’ uma sicabangela ezinye iziprofetho zeBhayibheli.
14 Nokho, okokuqala, phawula ukuthi lezizenzo zenkosi yasenyakatho akushiwo ukuthi zenziwa ngokumelene nenkosi yaseningizimu. Ayipheliswa ezandleni zembangi yayo enkulu. Ngokufanayo, inkosi yaseningizimu ayibhujiswa yinkosi yasenyakatho. Inkosi yaseningizimu (kwezinye iziprofetho eboniswa njengophondo lokugcina oluyovela lwesilo sasendle) ibhujiswa “kungengasandla [samuntu]” nguMbuso kaNkulunkulu. (Daniyeli 7:26; 8:25) Eqinisweni, ekugcineni, wonke amakhosi asemhlabeni abhujiswa uMbuso kaNkulunkulu empini ye-Armagedoni, futhi lokhu ngokusobala yikho okwenzeka enkosini yasenyakatho. (Daniyeli 2:44; 12:1; IsAmbulo 16:14, 16) UDaniyeli 11:44, 45 uchaza izenzakalo eziholela kuleyompi yokugcina. Yingakho ‘kungayikuba namsizi’ lapho inkosi yasenyakatho ihlangabezana nesiphelo sayo!
15. Yimiphi imibuzo ebalulekile okusamelwe kuxoxwe ngayo?
15 Khona-ke, yiziphi ezinye iziprofetho eziletha ukukhanya ‘ngemibiko’ eshukumisela inkosi yasenyakatho ukuba ‘ibhubhise abaningi.’ Futhi bangobani “abaningi” eyofuna ukubabhubhisa?
Umbiko Ovela Empumalanga
16. (a) Yisiphi isenzakalo esivelele okumelwe senzeke ngaphambi kwe-Armagedoni? (b) Angobani “amakhosi avela empumalanga”?
16 Ngaphambi kwempi yokugcina, i-Armagedoni, IsAmbulo 18:3-8) Ukubhujiswa kwaso kwafuziselwa ngokuthululwa kwesitsha sesithupha solaka lukaNkulunkulu emfuleni ongokomfanekiso i-Ewufrathe. Lomfula uyasha “ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.” (IsAmbulo 16:12) Angobani lamakhosi? Awekho amanye ngaphandle kukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu! *
isitha esikhulu sokukhulekela kweqiniso kumelwe sibhujiswe—iBabiloni Elikhulu elinjengesifebe, umbuso wezwe lonke wenkolo yamanga. (17. (a) Lisitshelani iBhayibheli ngokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu? (b) Ungase ube yini umbiko ‘ovela empumalanga’?
17 Ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuchazwa ngokucacile encwadini yesAmbulo: “Izimpondo eziyishumi owazibonayo [‘amakhosi’ abusa esikhathini sokuphela], nesilo [isilo esibomvu sasendle, esimelela inhlangano yeZizwe Ezihlangene], lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede.” (IsAmbulo 17:16) Ngempela, izizwe ‘zibhubhisa inyama eningi’! (Daniyeli 7:5) Kodwa kungani ababusi kuhlanganise nenkosi yasenyakatho beyobhubhisa iBabiloni Elikhulu? Ngenxa yokuthi “uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni [zabo] ukuba [benze] umqondo wakhe.” (IsAmbulo 17:17) Umbiko ‘ovela empumalanga’ ungase ubhekisele ngokufanelekile kulesisenzo sikaJehova, lapho, ngendlela ayakuyikhetha, ekufaka ezinhliziyweni zabaholi abangabantu ukuba babhubhise isifebe esikhulu esingokwenkolo.—Daniyeli 11:44.
Umbiko Ovela Enyakatho
18. Yisiphi esinye isisulu senkosi yasenyakatho, futhi lokhu kuyibekaphi lapho ifika ekupheleni kwayo?
18 Kodwa kukhona esinye isisulu solaka lwenkosi yasenyakatho. Ingelosi ithi “iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle [olukhulu, NW] nentaba enhle engcwele.” (Daniyeli 11:45) Esikhathini sikaDaniyeli, ulwandle olukhulu kwakuyiMedithera, futhi intaba engcwele kwakuyiSiyoni, eyake yaba indawo yethempeli likaNkulunkulu. Ngakho, ekugcwalisekeni kwalesiprofetho, lenkosi ethukuthele yasenyakatho iqhuba umkhankaso wezempi ngokumelene nabantu bakaNkulunkulu! Ngomqondo ongokomoya namuhla, imi “phakathi kolwandle [olukhulu, NW] nentaba . . . engcwele” endaweni engokomoya yezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe, eziye zaphuma ‘olwandle’ lwesintu esihlukanisiwe futhi ezinethemba lokubusa eNtabeni iSiyoni yasezulwini noJesu Kristu.—Isaya 57:20; Heberu 12:22; IsAmbulo 14:1.
19. Njengoba kuboniswe yisiprofetho sikaHezekeli, singawubona kanjani umbiko ovusa ukuhlasela kukaGogi? (Bheka umbhalo waphansi.)
19 UHezekeli, owayephila ngesikhathi sikaDaniyeli, naye waprofetha ngokuhlaselwa kwabantu bakaNkulunkulu “ngezinsuku ezizayo.” Wathi lobubutha babuyoqaliswa uGogi wakwaMagogi, okunguSathane uDeveli. (Hezekeli 38:16) Ngokomfanekiso, uGogi uvela ngakuluphi uhlangothi? NgoHezekeli, uJehova uthi: “Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho.” (Hezekeli 38:15) Ngakho, umbiko ‘ovela enyakatho’ kungase kube inkulumo-ze kaSathane eshukumisela inkosi yasenyakatho nawo wonke amanye amakhosi ukuba ahlasele abantu bakaJehova. *—Qhathanisa nesAmbulo 16:13, 14; 17:14.
20, 21. (a) Kungani uGogi eyoshukumisa izizwe, kuhlanganise nenkosi yasenyakatho, ukuba zihlasele abantu bakaNkulunkulu? (b) Ingabe ukuhlasela kwakhe kuyophumelela?
20 UGogi uhlela lokhu kuhlasela ngamandla onke ngenxa yokuchuma “ku[ka]Israyeli kaNkulunkulu,” lowo, ekanye nesixuku esikhulu sezinye izimvu, abangaseyona ingxenye yezwe lakhe. (Galathiya 6:16; Johane 10:16; 17:15, 16; 1 Johane 5:19) UGogi ubabheka ngokubeya ‘abantu ababuthwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla [engokomoya].’ (Hezekeli 38:12; IsAmbulo 5:9; 7:9) Ekugcwalisekeni kwalamazwi, abantu bakaJehova namuhla bayachuma ukwedlula noma yinini ngaphambili. Emazweni amaningi eYurophu, e-Afrika, nase-Asia lapho bake bavinjelwa khona, manje bakhulekela ngokukhululekile. Phakathi kuka-1987 no-1992, “okunxanelekayo’ okungaphezu kwesigidi esisodwa kwaphuma ezizweni kwangena endlini kaJehova yokukhulekela kweqiniso. Ngokomoya, bacebile futhi banokuthula.—Hagayi 2:7; Isaya 2:2-4; 2 Korinte 8:9.
21 Ebheka isimo esingokomoya samaKristu ‘njengezwe elisobala’ elinganqobeka kalula, uGogi wenza umzamo omkhulu wokususa ngokuphelele lesithiyo esivimbela ukulawula kwakhe isintu ngokuphelele. (Hezekeli 38:11) Kodwa uyahluleka. Lapho amakhosi omhlaba ehlasela abantu bakaJehova, ‘ayoya ekupheleni kwawo.’ Kanjani?
INkosi Yesithathu
22, 23. Lapho uGogi ehlasela, ubani oyomela abantu bakaNkulunkulu, futhi kube namiphi imiphumela?
22 UHezekeli uthi ukuhlasela kukaGogi kuwuphawu lokuba uJehova uNkulunkulu aphakame ngenxa yabantu bakhe futhi abhubhise amabutho kaGogi “ezintabeni zakwaIsrayeli.” (Hezekeli 38:18; 39:4) Lokhu kusikhumbuza ngalokho ingelosi ekutshela uDaniyeli: “Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esiqhamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba-yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe-khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi; ngalesosikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.”—Daniyeli 12:1.
23 Ngo-1914, uJesu—iqhawe lasezulwini uMikayeli—waba yiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 11:15; 12:7-9) Kusukela ngalesosikhathi, ubemile ‘ngenxa yamadodana abantu bakaDaniyeli.’ Nokho, ngokushesha ‘uyakuma’ egameni likaJehova njengeNkosi eyiQhawe engenakwehlulwa, “ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:8) Zonke izizwe zomhlaba, kuhlanganise namakhosi esiprofetho sikaDaniyeli, ‘ziyokhala.’ (Mathewu 24:30) Zisenemicabango emibi ezinhliziyweni zazo ‘ngabantu bakaDaniyeli,’ ziyobhubha phakade ezandleni ‘zikaMikayeli, isikhulu esiqhamileyo.’—IsAmbulo 19:11-21.
24. Ukutadisha lesiprofetho sikaDaniyeli kufanele kube naliphi ithonya kithi?
24 Asikulangazeleli yini ukubona lokho kunqoba okukhulu kukaMikayeli nokukaNkulunkulu wakhe, uJehova? Ngoba lokho kunqoba kuyosho ‘ukukhululwa,’ ukusinda, kumaKristu eqiniso. (Qhathanisa noMalaki 4:1-3.) Ngakho, njengoba sibheke esikhathini esizayo ngokulangazelela okukhulu, sikhumbula lamazwi kamphostoli uPawulu: “Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso.” (2 Thimothewu 4:2) Masibambelele ngokuqinile eZwini lokuphila futhi ngenkuthalo sifune izimvu zikaJehova lapho isikhathi sisasivumela. Sisengxenyeni yokugcina yomncintiswano wokuphila. Umvuzo ungaphambi kwethu. Kwangathi sonke singazimisela ukukhuthazela kuze kube sekupheleni futhi ngaleyondlela sibe phakathi kwalabo abayosindiswa.—Mathewu 24:13; Heberu 12:1.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 16 Bheka ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 229-30.
^ par. 19 Ngakolunye uhlangothi, umbiko ‘ovela enyakatho’ ungabonakala uvela kuJehova, ngokwamazwi akhe awasho kuGogi: ‘Ngiyakufaka izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe.’ ‘Ngiyakukwenyusa [ezindaweni ezikude zasenyakatho] ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli.’—Hezekeli 38:4; 39:2; qhathanisa neHubo 48:2.
Uyaqonda?
□ Inkosi yaseningizimu iye yayiqhubuku-sha kanjani inkosi yasenyakatho kuso sonke isikhathi sokuphela?
□ Yini esisazoyifunda ngomphumela wombango ophakathi kwalamakhosi amabili?
□ Yiziphi izenzakalo ezimbili ngaphambi kwe-Armagedoni ngokuqinisekile eziyohilela inkosi yasenyakatho?
□ ‘UMikayeli, isikhulu esiqhamileyo,’ uyobavikela kanjani abantu bakaNkulunkulu?
□ Kufanele sisabele kanjani ekutadisheni kwethu isiprofetho sikaDaniyeli?
[Imibuzo Yesifundo]
[Izithombe ekhasini 19]
Inkosi yasenyakatho iye yakhulekela unkulunkulu ohlukile konkulunkulu bawokhokho bayo
[Umthombo]
Top left and middle: UPI/Bettmann; bottom left: Reuters/Bettmann; bottom right: Jasmin/Gamma Liaison