Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwembula Imfihlakalo Yegama Elikhulu Kunawo Wonke

Ukwembula Imfihlakalo Yegama Elikhulu Kunawo Wonke

Ukwembula Imfihlakalo Yegama Elikhulu Kunawo Wonke

Kuyathakazelisa ukuthi kokubili iKoran yamaMuslim neBhayibheli lama-Kristu kuyabhekisela kuleligama elikhulu kunawo wonke. Lengxoxo ichaza okushiwo igama elikhulu kunawo wonke nokubaluleka kwalo. Iphinde ibonise indlela lelogama elithinta ngayo sonke isintu nekusasa lethu lapha emhlabeni.

IZIGIDI zabesilisa nabesifazane ziye zaphila kulomhlaba zase ziyafa. Ezimweni eziningi amagama azo aye afa kanye nazo, futhi azisakhunjulwa. Kodwa amagama athile amakhulu—njengelithi Avicenna, Edison, Pasteur, Beethoven, Gandhi, nelithi Newton—asekhona. Lamagama ahlobene nezinto ezafezwa, zatholwa, futhi zasungulwa abantu ababenalawomagama.

Nokho, kunegama elikhulu kunawo wonke amanye. Zonke izimangaliso zesikhathi esedlule nezamanje embulungeni yonke zihlobene nalo. Phela, ithemba lesintu lokuphila okuyothatha isikhathi eside nokujabulisayo lihlobene naleligama!

Abaningi baye bafuna ukulazi leligama. Baye balihlolisisa futhi babuza ngalo, kodwa abalitholanga. Liye lahlala liyimfihlakalo kubo. Eqinisweni, akekho umuntu ongalithola leligama ngaphandle kokuba uMninilo amambulele lona. Ngokujabulisayo, imfihlakalo yaleligama elingenakuqhathaniswa iye yembulwa. UNkulunkulu wakwenza ngokwakhe lokhu ukuze abakholelwa kuye bazi ngaye. Wembula igama lakhe ku-Adamu, kamuva ku-Abrahama, kuMose, nakwezinye izinceku zaKhe ezithembekile zasendulo.

Ukufuna Igama Elikhulu Kunawo Wonke

IKoran ikhuluma ngothile “owayenolwazi olunzulu lwemiBhalo.” (27:40) Ichaza lelivesi, incwadi eyikhulumelayo eyaziwa ngokuthi yi-Tafsīr Jalālayn ithi: “U-Asaf indodana kaBarkhiyā wayeyindoda elungile. Wayelazi igama likaNkulunkulu elikhulu kunawo wonke, futhi lapho elibiza, wayephendulwa.” Lokhu kusikhumbuza ngomlobi weBhayibheli u-Asafa, owathi kumaHubo 83:18: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”

KuKoran 17:2, siyafunda: “Sanika uMose imiBhalo futhi sayenza yaba yisiqondiso sama-Israyeli.” KuleyomiBhalo, uMose ukhuluma noNkulunkulu, ethi: “Lapho ngifika kubantwana bakwaIsrayeli, ngithi kubo: UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini, bese bethi kimi: Ngubani igama lakhe? ngizakuthini kubo na?” UNkulunkulu waphendula uMose ngokuthi: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwaIsrayeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: yileli eliyigama lami kuze kube-phakade.”—Eksodusi 3:13, 15.

Ezikhathini zasendulo, ama-Israyeli ayelazi leligama elikhulu likaNkulunkulu. Lalisetshenziswa ngisho nanjengengxenye yamagama awo siqu. Njengoba nje manje umuntu ethola igama elithi Abdullah, elisho “INceku KaNkulunkulu,” abantu bakwa-Israyeli wasendulo babenegama elithi Obadiya, elisho “INceku KaJehova.” Unina womprofethi uMose kwathiwa uJokebedi, cishe elisho ukuthi “UJehova Uyinkazimulo.” Igama elithi Johane lisho ukuthi “UJehova Uye Waba Nomusa.” Futhi igama lomprofethi u-Eliya lisho ukuthi “UNkulunkulu Wami NguJehova.”

Abaprofethi babelazi leligama elikhulu futhi babelisebenzisa ngenhlonipho ejulile. Litholakala izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 emiBhalweni Engcwele. UJesu Kristu, indodana kaMariya, waliqokomisa lapho ethandaza kuNkulunkulu ethi: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona . . . Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithandé ngalo lube-kubo.” (Johane 17:6, 26) Encwadini yakhe edumile ekhulumela iKoran, uBayḍāwī ukhulumela iKoran 2:87, ethi uJesu ‘wayevusa abantu abafile ngegama likaNkulunkulu elikhulu kunawo wonke.’

Khona-ke, yini eyabangela ukuba lelogama libe yimfihlakalo? Lelogama lihlobene kanjani nekusasa lethu ngabanye?

Leligama Laba Kanjani Yimfihlakalo?

Abanye bacabanga ukuthi elithi “Jehova” ngesiHeberu lisho ukuthi “Allah” (Nkulunkulu). Kodwa elithi “Allah” livumelana no-ʼElo·himʹ wesiHeberu, ubuningi bobukhulu begama elithi ʼelohʹah (nkulunkulu). Kwaba nenkolelo-ze phakathi kwamaJuda eyawavimbela ukuba abize igama laphezulu, elithi Jehova. Ngakho-ke, aba nomkhuba wokuthi lapho efunda imiBhalo Engcwele futhi ebona igama elithi Jehova, athi ʼAdho·naiʹ, okusho ukuthi “Nkosi.” Kwezinye izindawo, aze ashintsha ngisho nombhalo wakuqala wesiHeberu asusa elithi “Jehova” afaka elithi ʼAdho·naiʹ.

Abaholi benkolo beLobukholwa balandela inkambo efanayo. Bafaka igama elithi “Nkulunkulu” (“Allah” ngesi-Arabhu) nelithi “Nkosi” esikhundleni selithi Jehova. Lokho kwaba nengxenye ekusungulweni kwemfundiso engamanga kaZiqu-zintathu, engasekelwe emiBhalweni Engcwele. Ngenxa yalokhu, izigidi, ngephutha, zikhulekela uJesu nomoya ongcwele futhi zikubheka njengokulingana noNkulunkulu. *

Nokho, abaholi bobuJuda nabeLobukholwa okufanelwe basolwe ngokungazi okusakazekile ngokuphathelene negama elikhulu kunawo wonke. Kodwa uNkulunkulu waprofetha: “Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu, . . . izizwe zazi ukuthi nginguJehova.” Yebo, uJehova uyokwenza igama lakhe laziwe ezizweni zonke. Ngani? Ngoba akayena nje uNkulunkulu wamaJuda noma owanoma isiphi isizwe esisodwa noma abantu. UJehova unguNkulunkulu waso sonke isintu.—Hezekeli 36:23; Genesise 22:18; IHubo 145:21; Malaki 1:11.

Igama Elikhulu Kunawo Wonke Nekusasa Lethu

ImiBhalo Engcwele ithi: “Bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” (Roma 10:13) Ukusindiswa kwethu ngosuku lokwahlulela kuyohlobana nokwazi kwethu igama likaNkulunkulu. Ukwazi igama lakhe kuhlanganisa ukwazi izimfanelo, imisebenzi, nezinjongo zakhe nokuphila ngokuvumelana nezimiso zakhe eziphakeme. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wayelazi igama likaNkulunkulu futhi wabiza kulelogama. Ngenxa yalokho, waba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu, wabonisa ukholo kuye, wathembela kuye, futhi wamlalela. Ngaleyondlela u-Abrahama waba umngane kaNkulunkulu. Ngokufanayo, ukwazi igama likaNkulunkulu kusisondeza kuye futhi kusisiza ukuba sakhe ubuhlobo bomuntu siqu naye, sinamathele othandweni lwakhe.—Genesise 12:8; IHubo 9:10; IzAga 18:10; Jakobe 2:23.

EBhayibhelini siyafunda: “UJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Kungani kumelwe ‘sizindle ngaleligama’ elikhulu kunawo wonke? Igama elithi Jehova ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Lokhu kuveza uJehova njengaLowo obangela ukuba abe nguMgcwalisi wezithembiso. Ngaso sonke isikhathi ufeza izinjongo zakhe. UnguNkulunkulu ongumninimandla onke, ukuphela koMdali, onazo zonke izimfanelo ezinhle. Alikho nelilodwa izwi elingachaza ngokugcwele isimo sikaNkulunkulu saphezulu. Kodwa uNkulunkulu wazikhethela igama elikhulu kunawo wonke—elithi Jehova—futhi lisikhumbuza ngazo zonke izimfanelo, nezinjongo zakhe.

EmiBhalweni Engcwele, uNkulunkulu usitshela ngezinjongo zakhe ngesintu. UJehova uNkulunkulu wadala umuntu ukuze ajabulele ukuphila okuphakade, okujabulisayo ePharadesi. Intando yakhe ngesintu iwukuba bonke abantu bakhe umkhaya owodwa, ohlanganiswe uthando nokuthula. UNkulunkulu wothando uyoyifeza lenjongo esikhathini esizayo esiseduze.—Mathewu 24:3-14, 32-42; 1 Johane 4:14-21.

UNkulunkulu uchaza izizathu zokuhlupheka kwesintu futhi ubonisa ukuthi insindiso ingatholakala. (IsAmbulo 21:4) KumaHubo 37:10, 11, siyafunda: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—Bheka neKoran 21:105.

Yebo, uNkulunkulu uyokwaziwa ngegama lakhe elikhulu. Izizwe ziyokwazi ukuthi unguJehova. Yeka ilungelo elimangalisayo lokwazi igama elikhulu kunawo wonke, ukulifakazela, nokubambelela kulo! Ngaleyondlela, injongo kaNkulunkulu ejabulisayo iyogcwaliseka kithi ngabanye: “Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami. Uyakungibiza, ngimphendule. . . . Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.”—IHubo 91:14-16.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 Ukuze uthole ubufakazi bokuthi uZiqu-zintathu akayona imfundiso yeBhayibheli, bheka incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? eyanyatheliswa ngo-1989 yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Isithombe ekhasini 5]

Esihlahleni esivuthayo, uNkulunkulu watshela uMose ukuthi ‘unguJehova, uNkulunkulu ka-Abrahama’

[Umthombo]

Moses and the Burning Bush, by W. Thomas, Sr.