Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AmaKristu Ashisekayo AseBrithani

AmaKristu Ashisekayo AseBrithani

AmaKristu Ashisekayo AseBrithani

Amaphesenti angaphansi kwayishumi abantu baseBrithani abayizigidi ezingu-56 manje angamaKristu ashisekayo, ngokusho kwe-Economist. NgeSonto elivamile, abantu abangaphansi kwezigidi ezine baba khona ezinkonzweni zesonto. Phakathi kwalaba abayizigidi ezingu-1,1 kuphela abangabaseSheshi. Nokho, naphezu kokusakazeka kwenkolelo yokuthi uNkulunkulu akaziwa, iSonto LaseSheshi liyaqhubeka nendima yalo ehleliwe njengenkolo yoMbuso. “Sekuyiminyaka eminingi iBrithani ingewona umphakathi wamaKristu kodwa iyenqaba ukuvumela inkolelo yokuthi uNkulunkulu akaziwa, isikhohlwe ngokuphelele isimo sayo sangaphambili,” kubika umagazini ofanayo wezindaba. Akumangalisi ukuthi izazi zezombangazwe zamanje namaphephandaba kunxusa ukuba kuqedwe iSonto, ukuba kuqedwe ubudlelwane phakathi kweSonto noMbuso.

“Izwe elinombono wezwe ngempela, elizisholo ukuthi lingelobuKristu, liyizwe elibi ukwedlula wonke,” kwakhononda uWalter Bagehot, umhleli we-Economist wekhulu le-19. Kodwa ekhulwini lokuqala C.E., uJesu Kristu wathi abafundi bakhe ‘babengesibo abezwe, njengalokhu naye ayengesiye owezwe.’ (Johane 17:16) Nokho, ubathumele ezweni ukuba bashumayele uMbuso kaNkulunkulu. Ngokufanayo namuhla, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baziwa kahle ngokushumayela “phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.”—IzEnzo 20:20.

Uma beqhathaniswa nabantu baseSheshi, oFakazi abangu-126 173 eBrithani bambalwa. Nakuba kunjalo bachitha amahora angaba ngu-20 ngenyanga besemihlanganweni yobuKristu. Ngaphezu kwalokho, phakathi no-1992 uFakazi ngamunye wachitha isilinganiso samahora angu-16 engeziwe ngenyanga ememezela kwabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni ozomisa izwe elisha lokulunga ngokushesha. (Mathewu 24:14; 2 Petru 3:13) Lapho oFakazi BakaJehova bevakashela ekhaya lakho esikhathini esizayo, ingabe uyosilalela isigijimi sabo esihlukanisayo futhi uthole isizathu sentshiseko yabo?