Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hambani Ezindleleni ZikaJehova Ngesibindi

Hambani Ezindleleni ZikaJehova Ngesibindi

Hambani Ezindleleni ZikaJehova Ngesibindi

“Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.”—IHUBO 128:1.

1, 2. Ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene namazwi nezenzo zofakazi bakaJehova bakuqala kunaluphi usizo?

IZWI LikaJehova EliNgcwele ligcwele ukulandisa okuphathelene nobunzima nezinjabulo izinceku zakhe ezithembekile ezabhekana nakho. Okuhlangenwe nakho kukaNowa, u-Abrahama, uSara, uJoshuwa, uDebora, uBaraki, uDavide, nabanye kulandiswe ngendlela evelele nesobala emakhasini alo. Bonke babengabantu abangokoqobo abanokuthile okukhethekile okufanayo kubo. Babenokholo kuNkulunkulu futhi bahamba ezindleleni zakhe ngesibindi.

2 Amazwi nezenzo zofakazi bakaJehova bakuqala kungasikhuthaza njengoba sizama ukuhamba ezindleleni zikaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, siyojabula uma sibonisa inhlonipho ngoNkulunkulu nokwesaba okunempilo ukumdumaza. Lokhu kuyiqiniso nakuba sibhekana nobunzima ekuphileni, ngoba umhubi ophefumlelwe wahlabelela: “Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.”—IHubo 128:1.

Lokho Isibindi Esiyikho

3. Siyini isibindi?

3 Ukuze sihambe ezindleleni zikaJehova, kumelwe sibe nesibindi. Eqinisweni, imiBhalo iyala abantu bakaNkulunkulu ukuba babonise lemfanelo. Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wahlabelela: “Qinani, inhliziyo yenu ibe-nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.” (IHubo 31:24) Isibindi “singamandla angokwengqondo noma angokokuziphatha okuzifaka engozini, okubekezela, nawokubhekana nengozi, ukwesaba, noma ubunzima.” (Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary) Umuntu onesibindi unamandla, uqinile, uyiqhawe. Ukuthi uJehova unikeza izinceku zakhe isibindi kusobala kulamazwi omphostoli uPawulu awasho esisebenzini esikanye naye uThimothewu: “UNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala‚ kepha owamandla‚ nowothando‚ nowokuzikhuza.”—2 Thimothewu 1:7.

4. Iyiphi enye indlela yokuthola isibindi?

4 Enye indlela yokuthola isibindi esivela kuNkulunkulu iwukucabangela ngomthandazo iZwi likaJehova, iBhayibheli. Ukulandisa okuningi okuvela emiBhalweni kungasisiza ukuba sibe nesibindi ngokwengeziwe. Ngakho-ke, ake siqale sibone ukuthi yini esingayifunda embhalweni ogciniwe ophathelene nabathile abahamba ezindleleni zikaJehova ngesibindi emiBhalweni yesiHeberu.

Isibindi Sokumemezela Isigijimi SikaNkulunkulu

5. Isibindi sika-Enoshe singazizuzisa kanjani izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla?

5 Isibindi sika-Enoshe singazisiza izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla ukuba zikhulume ngesigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi. Ngaphambi kokuba u-Enoshe azalwe, “abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.” Ezinye izazi zithi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova ‘ngokuhlambalaza.’ (Genesise 4:25, 26; 5:3, 6) Kungenzeka ukuthi leligama laphezulu kwakubizwa ngalo abantu noma ngisho nezithombe. Ngakho, ukukhulekela kwamanga kwakuchuma ngesikhathi kuzalwa u-Enoshe ngo-3404 B.C.E. Eqinisweni, kubonakala sengathi kwakunguyena yedwa ‘owayehamba noNkulunkulu,’ ephishekela inkambo yokulunga evumelana neqiniso likaJehova elembuliwe.—Genesise 5:18, 24.

6. (a) U-Enoshe wamemezela siphi isigijimi esinamandla? (b) Yikuphi ukuqiniseka esingaba nakho?

6 U-Enoshe wamemezela ngesibindi isigijimi sikaNkulunkulu, ngokunokwenzeka ngokushumayela. (Heberu 11:5; qhathanisa neyesi-2 Petru 2:5.) “Bheka‚” kusho lofakazi ongayedwa, “iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi‚ ukuze yahlulele bonke‚ ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo‚ nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.” (Juda 14, 15) U-Enoshe wayenesibindi sokusebenzisa igama elithi Jehova lapho ememezela lesosigijimi esasilahla labo abangamesabi uNkulunkulu. Futhi njengoba uNkulunkulu anikeza u-Enoshe isibindi sokumemezela lesosigijimi esinamandla, ngokufanayo uJehova uye wanikeza oFakazi baKhe bosuku lwanamuhla amandla okukhuluma izwi laKhe ngesibindi enkonzweni, esikoleni, nakwezinye izindawo.—Qhathanisa nezEnzo 4:29-31.

Ukuba Nesibindi Ngaphansi Kovivinyo

7. UNowa unikeza siphi isibonelo sokuba nesibindi?

7 Isibonelo sikaNowa singasisiza ukuba sibe nesibindi ekwenzeni imisebenzi yokulunga lapho singaphansi kovivinyo. Njengoba ayenesibindi nokholo, wenza ngokuvumelana nesixwayiso saphezulu sikazamcolo wembulunga yonke futhi “wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe.” Ngezenzo zokulalela nokulunga, uNowa walilahla izwe elingakholwa ngenxa yemisebenzi yalo emibi futhi walibonisa likufanele ukubhujiswa. (Heberu 11:7; Genesise 6:13-22; 7:16) Ukuzindla ngenkambo kaNowa kusiza izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla ukuba zihlanganyele ngesibindi emisebenzini yokulunga enjengenkonzo yobuKristu.

8. (a) Yini uNowa abhekana nayo ‘njengomshumayeli wokulunga’ onesibindi? (b) Yini uJehova ayosenzela yona uma singabashumayeli bokulunga abanesibindi?

8 Uma siphishekela inkambo yokulunga kodwa singayazi indlela yokubhekana novivinyo oluthile, masithandazele ukuhlakanipha ukuze sikwazi ukubhekana nalo ngokuphumelelayo. (Jakobe 1:5-8) Ukuthembeka kukaNowa kuNkulunkulu ngaphansi kokuvivinywa kubonisa ukuthi kuyinto engenzeka ukubhekana novivinyo ngesibindi nangokwethembeka. Wamelana nokucindezela okuvela ezweni elibi nasezingelosini ezazembethe imizimba yabantu kanye nenzalo yazo exubile. Yebo, uNowa ‘wayengumshumayeli wokulunga’ onesibindi ‘ezweni lamandulo’ elaliphikelele ekubhujisweni. (2 Petru 2:4, 5; Genesise 6:1-9) Nakuba akhuluma ngesibindi njengesithunywa esimemezela isixwayiso sikaNkulunkulu kubantu bangaphambi kukazamcolo, “abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.” (Mathewu 24:36-39) Kodwa masikhumbule ukuthi naphezu kokushushiswa nokwenqatshwa kwesigijimi sethu esisekelwe eBhayibhelini abantu abaningi namuhla, uJehova uyosisekela njengoba asekela uNowa uma sibonisa ukholo nesibindi esifanayo njengabashumayeli bokulunga.

Isibindi Sokulalela UNkulunkulu

9, 10. U-Abrahama, uSara, no-Isaka bakubonisa ngaziphi izindlela ukulalela ngesibindi?

9 “Umhlobo kaNkulunkulu” u-Abrahama uyisibonelo esihle sokulalela uNkulunkulu ngesibindi. (Jakobe 2:23) U-Abrahama wayedinga ukholo nesibindi ukuze alalele uJehova futhi ashiye i-Uri lamaKhaledi, umuzi owawugcwele izinto ezibonakalayo. Wayesikholelwa isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi “imindeni yonke yomhlaba” iyakubusiswa ngaye nokuthi inzalo yakhe yayiyonikezwa izwe. (Genesise 12:1-9; 15:18-21) Ngokukholwa u-Abrahama “waba-ngumfokazi ezweni lesithembiso” futhi wayebheke phambili ‘emzini onezisekelo’—uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, ayeyovuselwa kuwo ekuphileni emhlabeni.—Heberu 11:8-16.

10 Umka-Abrahama, uSara, wayenokholo nesibindi okwakudingeka ukuze ashiye i-Uri, ahambe nomyeni wakhe baye ezweni abangalazi, futhi bakhuthazelele noma yibuphi ubunzima ababeyohlangabezana nabo lapho. Futhi yeka indlela avuzwa ngayo ngokulalela kwakhe uNkulunkulu ngesibindi! Nakuba ayeyinyumba kwaze kwaba yilapho eseneminyaka engu-90 futhi “esedlulelwe yisikhathi‚” uSara wanikezwa amandla ‘okukhulelwa, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.’ Ngokuhamba kwesikhathi, wazala u-Isaka. (Heberu 11:11, 12; Genesise 17:15-17; 18:11; 21:1-7) Eminyakeni eminingi kamuva, u-Abrahama walalela uNkulunkulu ngesibindi futhi “wanikela ngoIsaka.” Lapho imiswa yingelosi, lenzalamizi yabuyiselwa indodana yayo enesibindi nelalelayo ekufeni “[ngendlela engokomfanekiso, NW.]” Ngaleyondlela yona no-Isaka bakufanekisela ngokwesiprofetho ukuthi uJehova uNkulunkulu wayeyolungiselela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, njengesihlengo ukuze labo abanokholo kuyo babe nokuphila okuphakade. (Heberu 11:17-19; Genesise 22:1-19; Johane 3:16) Ngokuqinisekile, ukulalela ngesibindi kuka-Abrahama, uSara, no-Isaka kufanele kusishukumisele ukuba silalele uJehova futhi senze intando yakhe ngaso sonke isikhathi.

Isibindi Sokuma Ngasohlangothini Lwabantu BakaNkulunkulu

11, 12. (a) UMose wasibonisa kanjani isibindi ngokuphathelene nabantu bakaJehova? (b) Uma sicabangela isibindi sikaMose, yimiphi imibuzo engase ibuzwe?

11 UMose ngesibindi wama ngasohlangothini lwabantu bakaNkulunkulu abacindezelwe. Ekhulwini le-16 B.C.E., abazali bakaMose ngokwabo babonisa isibindi. Bengawesabi umyalo wenkosi wokubulala izinsana zesilisa ezingamaHeberu, bamthukusa uMose base bemfaka ebhokisini balibeka emhlangeni ngasosebeni lomfula iNayile. Lapho etholwa indodakazi kaFaro, wakhuliswa njengendodana yayo, nakuba aqale wathola ukuqeqeshwa okungokomoya ekhaya labazali bakhe. Njengengxenye yomkhaya kaFaro, uMose “wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe” futhi “waba-namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe,” enamandla emakhonweni angokwengqondo nangokwenyama.—IzEnzo 7:20-22; Eksodusi 2:1-10; 6:20.

12 Naphezu kwezinzuzo zezinto ezibonakalayo zomuzi wasebukhosini, ngesibindi uMose wakhetha ukuma nabakhulekeli bakaJehova ngalesosikhathi, ababegqilazwe abantu baseGibithe. Lapho elwela um-Israyeli, wabulala umuntu waseGibithe wabe esebalekela kwaMidiyani. (Eksodusi 2:11-15) Cishe eminyakeni engu-40 kamuva, uNkulunkulu wamsebenzisa ekuholeni ama-Israyeli aphume ebugqilini. Khona-ke uMose “washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi,” eyamsongela ngokufa ngenxa yokumelela uJehova ngokuba umkhulumeli wama-Israyeli. UMose wahamba sengathi uyambona “ongabonwayo,” uJehova uNkulunkulu. (Heberu 11:23-29; Eksodusi 10:28) Ingabe unalo ukholo nesibindi esinjalo kangangokuthi uyonamathela kuJehova nakubantu bakhe naphezu kobunzima nokushushiswa?

Isibindi ‘Sokulandela UJehova Ngokupheleleyo’

13. UJoshuwa noKalebi bazinikeza kanjani izibonelo zokuba nesibindi?

13 UJoshuwa noKalebi ababenesibindi banikeza ubufakazi bokuthi singahamba ezindleleni zikaNkulunkulu. ‘Bamlandela uJehova ngokupheleleyo.’ (Numeri 32:12) UJoshuwa noKalebi babephakathi kwamadoda angu-12 athunywa ukuba ayohlola iZwe Lesithembiso. Njengoba zazesaba izakhamuzi zalo, izinhloli eziyishumi zazama ukuphambukisa u-Israyeli ukuba angangeni eKhanani. Nokho, uJoshuwa noKalebi ngesibindi bathi: “Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelozwe, asinike lona, izwe elivamé ubisi nezinyosi. Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelozwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.” (Numeri 14:8, 9) Njengoba sasintula ukholo nesibindi, lesosizukulwane sama-Israyeli asizange sifike ezweni lesithembiso. Kodwa uJoshuwa noKalebi, kanye nesizukulwane esisha, bangena kulo.

14, 15. (a) Lapho uJoshuwa esebenzisa amazwi akuJoshuwa 1:7, 8, yena nama-Israyeli baba nakuphi okuhlangenwe nakho? (b) Isiphi isifundo esihilela isibindi esisifundayo kuJoshuwa noKalebi?

14 UNkulunkulu watshela uJoshuwa: “Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenze ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube-nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.”—Joshuwa 1:7, 8.

15 Njengoba uJoshuwa awasebenzisa lawomazwi, iJeriko neminye imizi kwaba okwama-Israyeli. UNkulunkulu waze ngisho wenza nelanga ukuba lime ukuze liqhubeke likhanya kuze kube yilapho u-Israyeli enqoba eGibeyoni. (Joshuwa 10:6-14) Lapho besongelwa amabutho ezitha ahlangene ‘amaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle,’ uJoshuwa wathatha isinyathelo ngesibindi, futhi uNkulunkulu waphinda wenza ukuba u-Israyeli anqobe. (Joshuwa 11:1-9) Nakuba singabantu abangaphelele, njengoJoshuwa noKalebi, singamlandela uJehova ngokupheleleyo, futhi uNkulunkulu angasinikeza amandla okuhamba ezindleleni zakhe ngesibindi.

Isibindi Sokuthembela KuNkulunkulu

16. UDebora, uBaraki, noJayeli basibonisa ngaziphi izindlela isibindi?

16 Ukuthembela kuNkulunkulu ngesibindi kuyavuzwa, njengoba kuboniswa izenzakalo zangezinsuku zabahluleli ababehlulela kwa-Israyeli. (Ruthe 1:1) Ngokwesibonelo, uMahluleli uBaraki nomprofethikazi uDebora bathembela kuNkulunkulu ngesibindi. Inkosi yaseKhanani uJabini yayicindezele ama-Israyeli iminyaka engu-20 lapho uJehova enza ukuba uDebora ashukumise uBaraki ukuba abuthele amadoda angu-10 000 eNtabeni iThabori. Induna yempi kaJabini, uSisera, yaphuthuma emfudlaneni iKishoni, iqiniseka ukuthi kulendawo eqondile amadoda akwa-Israyeli ayeyodlela ogageni ngenxa yempi yayo nezinqola zayo zempi ezingu-900 ezinamasikela ensimbi emasondweni azo. Lapho ama-Israyeli eya kulesigodi esiyithafa, uNkulunkulu wawalwela, futhi isikhukhula senza inkundla okulwelwa kuyo yaba ubishi olwenza izinqola zikaSisera zabhajwa. Amadoda kaBaraki anqoba, kwathi “yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba.” USisera wabalekela etendeni likaJayeli, kodwa njengoba ayelele, waba nesibindi sokumbulala ngokumbethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane. Ngokuvumelana nenkulumo kaDebora engokwesiprofetho ayisho kuBaraki, ‘udumo’ lwalokhu kunqoba lwaya kowesifazane. Ngenxa yokuthi uDebora, uBaraki, noJayeli bathembela kuNkulunkulu ngesibindi, u-Israyeli ‘waba-nokuthula iminyaka engamashumi amane.’—AbAhluleli 4:1-22; 5:31.

17. Yisiphi isibonelo sokwethembela kuJehova ngesibindi esanikezwa uMahluleli uGideyoni?

17 UMahluleli uGideyoni wathembela kuJehova uNkulunkulu ngesibindi lapho abakwaMidiyani nabanye behlasela u-Israyeli. Nakuba ayedlulwa ngobuningi abahlaseli abangaba ngu-135 000, amadoda empi akwa-Israyeli angu-32 000 ayengase athambekele ekuqhakambiseni amandla awo ngokunqoba akunikezwa uNkulunkulu. Ngokuqondisa kukaJehova, uGideyoni wabe esenciphisa amabutho akhe aba amaqembu amathathu ngalinye linamadoda ayikhulu. (AbAhluleli 7:1-7, 16; 8:10) Njengoba lamadoda angu-300 ayezungeze ikamu labakwaMidiyani ebusuku, ngayinye yayiphethe icilongo nesitsha samanzi nezimbaqa zisezitsheni. Lapho enikezwa uphawu, abetha amacilongo, ashaya izitsha, aphakamisa izimbaqa ezikhanyayo, futhi amemeza: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni.” (AbAhluleli 7:20) Abantu bakwaMidiyani okwase kuphele nasozwaneni kubo baqala ukucela empunzini futhi banqotshwa. Izenzakalo ezinjalo kufanele zisiqinisekise ukuthi ukuthembela kuNkulunkulu ngesibindi kuyavuzwa futhi nanamuhla.

Isibindi Sokudumisa UJehova Nokuthuthukisa Ukukhulekela Okumsulwa

18. Yini uDavide ayenza ngesibindi lapho eshaya uGoliyati emlahla phansi?

18 Ezinye izibonelo zeBhayibheli zinikeza isibindi sokudumisa uJehova nokuthuthukisa ukukhulekela okumsulwa. UDavide osemusha, owahlenga izimvu zikayise ngesibindi, wazibonakalisa enesibindi phambi komdondoshiya ongumFilisti uGoliyati. “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula,” kusho uDavide, “kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, . . . ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwaIsrayeli, yazi yonke lenhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova.” (1 Samuweli 17:32-37, 45-47) Ngosizo lwaphezulu, uDavide wadumisa uJehova ngesibindi, wamshaya wamlahla phansi uGoliyati, futhi ngaleyondlela wafeza indima ebalulekile ekususeni ukusongela kwamaFilisti ukukhulekela okumsulwa.

19. USolomoni wayesidingela muphi umsebenzi isibindi, futhi izinyathelo azithatha zingasetshenziswa kanjani osukwini lwethu?

19 Lapho indodana yeNkosi uDavide uSolomoni isizokwakha ithempeli likaNkulunkulu, uyise osegugile wayinxusa: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi-naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.” (1 IziKronike 28:20) Njengoba enza ngesibindi, uSolomoni waliqeda ngempumelelo ithempeli. Lapho uhlelo lokwakha olungokwasezulwini lusibekela inselele namuhla, masikhumbule amazwi kaDavide: “Qina, ume isibindi, ukwenze.” Yeka indlela enhle yokudumisa uJehova nokuthuthukisa ukukhulekela okumsulwa!

20. INkosi u-Asa yaba nesibindi kusiphi isici?

20 Ngenxa yesifiso seNkosi u-Asa sokudumisa uNkulunkulu nokuthuthukisa ukukhulekela okumsulwa, yasusa izithombe kwaJuda futhi yaxosha nezifebe zesilisa zethempeli. Yamsusa futhi noninakhulu oyisihlubuki esikhundleni sakhe esiphakeme yashisa ‘nesithombe sakhe esinengekayo.’ (1 AmaKhosi 15:11-13) Yebo, u-Asa “waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwaEfrayimi, walivusa ialtare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.” (2 IziKronike 15:8) Ingabe nawe ngesibindi uyakulahla ukuhlubuka futhi uthuthukise ukukhulekela okumsulwa? Ingabe uyazisebenzisa izinto zakho ezibonakalayo ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso? Ingabe ufuna ukudumisa uJehova ngokuhlanganyela njalo ekumemezeleni izindaba ezinhle njengomunye woFakazi bakhe?

21. (a) Ukulandisa okuphathelene nabagcini bobuqotho besikhathi sangaphambi kobuKristu kungasisiza kanjani? (b) Yini eyocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?

21 Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uNkulunkulu ulondoloze ukulandisa okungokomBhalo okuphathelene nabagcini bobuqotho abanesibindi bangesikhathi sangaphambi kobuKristu! Ngokuqinisekile, izibonelo zabo ezinhle zingasisiza ukuba sinikele inkonzo engcwele kuJehova ngesibindi, ngokwesaba uNkulunkulu, nangokuthuthumela. (Heberu 12:28) Kodwa nemiBhalo YamaKristu YesiGreki inezibonelo zabantu ababonisa isibindi sokwesaba uNkulunkulu. Okunye kwalokhu kulandisa kungasisiza kanjani ukuba sihambe ezindleleni zikaJehova ngesibindi?

Ubungaphendula Kanjani?

□ Siyini isibindi?

□ U-Enoshe noNowa basibonisa kanjani isibindi?

□ U-Abrahama, uSara, no-Isaka bathatha izinyathelo ngesibindi kuziphi izici?

□ Yiziphi izibonelo zokuba nesibindi ezabekwa uMose, uJoshuwa, noKalebi?

□ Abanye bakubonisa kanjani ukuthi babenesibindi sokuthembela kuNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UGideyoni neviyo lakhe elincane bathembela kuJehova ngesibindi