Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Isitha Sokugcina” Siyonqotshwa!

“Isitha Sokugcina” Siyonqotshwa!

“Isitha Sokugcina” Siyonqotshwa!

KUNGENZEKA ukuthi lapho useyingane wawubesaba ubumnyama. Izindaba nezinganekwane ezethusayo kungenzeka zazikubangela ukukhathazeka. Yeka indlela owawuzizwa ulondeke ngayo lapho umama wakho noma ubaba eshiya isibani sikhanya ngesikhathi uzama ukulala!

Ngokufanayo ukufa kuyethusa kwabaningi. Nokho, akumelwe kube njalo. Ngani? Ngenxa yalokho ukufa okuyikho ngempela.

Yazi Isitha Sakho

INkosi yakwa-Israyeli wasendulo ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngokwalomqondo ophefumlelwe ngokwaphezulu otholakala eBhayibhelini lakho, ukufa kumane kungokuphambene nokuphila. Abafileyo abekho.

Ebhekisela ekufeni ngendlela engokomfanekiso, umphostoli uPawulu ongumKristu uyabhala: “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Luyini udosi olubangela ukufa? UPawulu uthi: “Udosi lokufa yisono.” (1 Korinte 15:55, 56; Hoseya 13:14) Uyini-ke umsuka waloludosi olubulalayo? Kwenye indawo emiBhalweni, uPawulu uyaphawula: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Lomphostoli akashiyi kungabaza ngokuqondene nokuthi ungubani ‘lomuntu’ lapho ethi: “KuAdamu bonke bayafa.” (1 Korinte 15:22) Yebo, ngokungalaleli kukakhokho wethu wokuqala, u-Adamu, sonke asivikelekile odosini lokufa.—Genesise 3:1-19.

Lapho sinempilo enhle nomkhaya onothando endaweni ezungezile ejabulisayo, akekho kithi obengakhetha ukufa. Nokho, njengoba iBhayibheli libonisa, ‘isikhathi nethuba’ kungasiphuca ukuphila. (UmShumayeli 9:11) Eqinisweni, asazi ukuthi kuzokwenzekani ekuphileni kwethu ngomuso. (Jakobe 4:14) Yinye into eqinisekile—sonke sizuze isono nokufa njengefa. Ngakho-ke, ukufa kuyasicathamela futhi kugadla njengesitha.

Ukubhekana Nokufa Kothandekayo

Ukufa kuyisitha ngokukhethekile lapho kugadla kothandekayo. “Kuyoba kubi kakhulu kuwe,” kusho owesifazane owayesebangwa nezibi kumyeni wakhe njengoba ayesecabanga ngokufa. Kungani asho kanjalo? Ngoba iBhayibheli lithi: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:10) Abafileyo ababe besahlupheka. Kodwa umthwalo wosizi uba phezu kwezihlobo ezisele nabangane. Ingabe kukhona okungenziwa ngokuhlupheka okunjalo?

Amakhasi eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, aqukethe amazwi amaningi enduduzo. Ngokwesibonelo, ukufunda nokuzindla ngamahubo ngokuqinisekile kungomunye umthombo wenduduzo. Ngempela, ayaduduza amazwi anjengalawa: “Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu.”—IHubo 68:19.

Omunye umthombo wenduduzo ibandla lobuKristu. Ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu wabhala: “Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane [abangamnakekela ngokwezinto ezibonakalayo], labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe-ngumfazi wendoda inye, ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.” (1 Thimothewu 5:3, 4, 9, 10) Ngokufanayo oFakazi BakaJehova namuhla basiza futhi baduduze abanjalo abakholwa nabo.

Ngokuvamile ushintsho olukhulu kakhulu okumelwe lwenziwe ofelwe ushintsho olungokomzwelo. “Bengimthanda kakhulu umkami,” kubhala indoda eyayifelwe umngane wayo womshado eminyakeni emibili ngaphambili. “Lesi isenzakalo esidabukisa kunazo zonke ekuphileni kwami, futhi ngikuthola kunzima ukubekezela.” Umuntu obeseshade isikhathi esithile uye wahlanganyela ukuphila kwakhe ebuhlotsheni babantu obuseduze kakhulu. Lapho umngane womshado efa, umngane osalayo ngokuvamile uzizwa elahlekelwe kakhulu. Angaphendukela kubani lowo ukuze athole usizo?

Ezimweni ezinjalo, abangane abahle abangamaKristu bangakwakha. “Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni,” kusho isaga esihlakaniphile. (IzAga 17:17) Umfelokazi noma umfelwa udinga usizo—abangane abanikeza ukusekela kwangempela. Abangane abahlakaniphile bakhuthaza umuntu ososizini ukuba akhulume, ngisho nakuba lokho kumkhalisa. Mhlawumbe umKristu oseye wabhekana nobuhlungu nokudabuka kokulahlekelwa umngane womshado anganikeza usizo oluthile lomusa. “Khulumani ngokududuzayo kwabacindezelekile,” kululeka iBhayibheli. (1 Thesalonika 5:14, NW) Kodwa khumbula ukuthi abafelokazi nabafelwa babakhumbula kakhulu abangane babo bomshado. Ngakho-ke, abafelwe kufanele bathulule izifuba zabo kwabanye kuphela ngaphansi kwezimo ezenza ukuba bonke bakwazi ukulondoloza ukuziphatha okumsulwa.—1 Petru 2:12.

Ikhambi elingcono kakhulu lobuhlungu obulethwa ukufa ukuzigcina umatasa ekusizeni abanye—inselele yangempela kulabo abakholelwa ukuthi yibo abadinga usizo! Lapha yilapho ukungabi nabugovu kunengxenye khona. Ukwenzela abanye izinto ngokungenabugovu kusiza ekuqedeni ukudabuka nosizi, ngoba uJesu wathi: “Kunenjabulo enkulu ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35, NW.

Ukunqoba Ukufa

Udosi lwenyosi lungaba buhlungu kakhulu, luze ngisho lubulale. Nokho, ngokuvamile ukukhishwa kodosi olungene esikhumbeni sakho kuyosiza ekuletheni ukukhululeka. Kodwa yimaphi amathemba akhona okukhululeka odosini olubangela ukufa?

Ngemva kokuchaza ukuthi isono siwudosi olubangela ukufa, uPawulu uthi: “Makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.” (1 Korinte 15:57) Ukunqoba ukufa kuhlobene kanjani noKristu? UJesu wabonisa ukuthi lokhu kunjalo lapho ethi ngokuqondene naye: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Yebo, kulabo ababonakalisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu, uJesu Kristu, nasemhlatshelweni wesihlengo uJehova awulungiselele ngayo, ukufa okuzuzwe njengefa ku-Adamu ngeke kuphumele ekufeni kwaphakade.—Johane 3:16.

Ajabulisa ngempela amazwi kaJesu: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.”—Johane 5:28, 29.

Emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili, umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya wayebikezele: “[UJehova uNkulunkulu] uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8) Futhi, kusAmbulo 21:4, iBhayibheli liveza lelithemba elimangalisayo: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Beqiniswe yilelithemba leBhayibheli ngalabo abalele ekufeni, akudingekile ukuba abafelwe ‘badabuke njengabanye abangenalo ithemba.’—1 Thesalonika 4:13.

Zama ukubona ngeso lengqondo lokho uNkulunkulu akugcinele isintu, njengoba kwembulwe eBhayibhelini. ‘Usizi olukhulu’ oluseduze lusho inhlekelele ngesimiso samanje esibi sezinto. (IsAmbulo 7:14) Labo abaqhuba inkolo yamanga bayabhujiswa. Izingxenye ezakha isimiso sezombangazwe nezohwebo ezinobugovu ezinengxenye ebumpofwini nasezimpini azisekho. UJesu Kristu ufaka uSathane uDeveli kwalasha, oye wabangela ukufa okuningi kwabantu. Khona-ke uKristu uqalisa ukuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, leyo phakathi nayo asebenzisa inani lomhlatshelo wesihlengo sakhe esintwini. Abafileyo baphindela ovukweni obelulindelwe, futhi ukukhanya okuvela eZwini likaNkulunkulu kukhanya ngokugqamile kangangokuthi imibono eyinkolelo-ze ngokufa, isitha sesintu, ayisekho. Bonke abaphilayo ngalesikhathi banethuba lokufunda izindlela zikaNkulunkulu futhi bazivumelanise nezindinganiso zakhe zokulunga.—IzAga 4:18; IzEnzo 24:15; Heberu 2:14, 15; IsAmbulo 18:4-8; 19:19-21; 20:1-3.

“Andukuba kufike ukuphela,” kusho uPawulu, ‘nxa uKristu Jesu enikela umbuso kuNkulunkulu uYise. Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.’ (1 Korinte 15:24-26) Konke ukukhubazeka okuwumphumela wesono sika-Adamu akusekho. Kuba khona uvivinyo lokugcina, futhi abathanda uNkulunkulu badlula kulo ngokwethembeka. (IsAmbulo 20:4-10) Njengoba sebebuyiselwe ekupheleleni, lababantu abalalelayo abaphili nje iminyaka engamashumi ayisikhombisa kuphela noma eyikhulu neshumi, kodwa baphila phakade. Yeka isipho esivela kuNkulunkulu ngeNdodana yakhe ethandekayo!—Roma 6:23.

Khona-ke, ungaphila isikhathi eside kangakanani? Ubude besikhathi sokuphila kwakho bunganwebeka bube obaphakade. Uma uphila njengoba uphila ‘kulesikhathi sokugcina’ salelizwe, kungenzeka ungabe usafa nhlobo. (Daniyeli 12:4; Johane 11:25, 26; 17:3) Uma wenza intando yaphezulu, ungaphila uze ungene khona kanye ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—2 Petru 3:13.

Nokho, uma usugugile, udinga ukucabangela iqiniso lokuthi kungenzeka ufe. Ngokuqinisekile, ithemba lovuko liletha injabulo. Kodwa ungase uzibuze ukuthi uJehova uyokuhlela kanjani ukuphila komkhaya kulesosimiso esisha sezinto. Ungavumeli ukuba izindaba ezinjalo zikukhathaze, ngoba uJehova uyoqiniseka ukuthi injabulo ehlala njalo yalabo abathembeka kuye kuze kube phakade iyalondolozwa.

Njengoba ‘lezizinsuku zokugcina’ ezinzima zesimiso esibi sikaSathane ziya ekupheleni kwazo, ungakuvumeli ukwesaba ukufa kukuphuce ilungelo lokukhonza uJehova manje. (2 Thimothewu 3:1) Uma ulahlekelwa othandekayo ngokufa, ziduduze ngokuthi amandla okufa angawesikhashana. (IsAmbulo 20:13, 14) Thembela ovukweni. Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi ungena ezweni elisha ngokusinda osizini olukhulu noma ngovuko, qiniseka ngesiqinisekiso esiphefumlelwe sokuthi ukufa, isitha sokugcina, kuyoqedwa.IsAmbulo 7:9, 14.

[Isithombe ekhasini 5]

Abangane abahle abangamaKristu bangamakha ngokomoya ofelwe

[Isithombe ekhasini 7]

Ukuzigcina umatasa usiza abanye kunciphisa usizi olubangelwa ukufa kothandekayo