Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Uvume Iphutha?

Kungani Kufanele Uvume Iphutha?

Kungani Kufanele Uvume Iphutha?

KWAKUNGESINYE sezenzakalo ezingavamile neze emlandweni wezempi. Inxusa elingahlomile lakwazi ukuhoxisa amasosha angu-400 angontamo-lukhuni ayezimisele ukuphindisela ukwethukwa. Ngemva kokuzwa ukuncenga kowesifazane oyedwa vó onesibindi, umholi walawomadoda wakuyeka ayekuhambela.

Lowomholi kwakunguDavide, kamuva owaba inkosi yakwa-Israyeli. Wamlalela owesifazane u-Abigayili ngoba wayefuna ukujabulisa uNkulunkulu. Lapho ngokucophelela embonisa ukuthi ukuziphindiselela kumyeni wakhe, uNabali, kwakuzophumela ekubeni necala legazi, uDavide wababaza: “Makabusiswe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli okuthumé namuhla ukungihlangabeza. Futhi makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sami.” UDavide wabonga ngokuthi uNkulunkulu wasebenzisa u-Abigayili ukuba amnqande ekwenzeni iphutha elikhulu.—1 Samuweli 25:9-35.

Kuyihubo, uDavide uyabuza: “Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?” (IHubo 19:12) Njengaye, singase singawaqapheli amaphutha ethu ngaphandle kokuba othile asibonise wona. Ngezinye izikhathi imiphumela engemihle isiphoqelela ukuba sibone ukuthi senze iphutha, asibonisanga ukuhlakanipha, noma besingenamusa.

Asikho Isizathu Sokuphelelwa Yithemba

Nakuba sonke siwenza amaphutha, akufanele asiqede ithemba. Umxhumanisi wezindaba zamazwe u-Edward John Phelps waphawula: “Umuntu ongawenzi amaphutha ngokuvamile akenzi lutho.” Futhi umfundi ongumKristu uJakobe wathi: “Sonke siyakhubeka ngokuningi.” (Jakobe 3:2) Ingabe ingane ingakufunda ukuhamba ngaphandle kokukhubeka? Cha, ngoba ingane ifunda ngokwenza amaphutha futhi iqhubeke izama ize ikwazi ukuma ingabambelele.

Ukuze siphile ukuphila okulinganiselayo, nathi sidinga ukufunda emaphutheni ethu nawabanye. Njengoba iBhayibheli lilandisa okuhlangenwe nakho kwabantu abaningi izimo zabo ezingase zifane nezethu, singasizwa ukuba sigweme ukwenza amaphutha afanayo abawenza. Yini-ke, esingayifunda emaphutheni abo?

Ukuthobeka Kuyimfanelo Ebalulekile

Esinye isifundo siwukuthi uNkulunkulu akabalahli bonke abenza amaphutha kodwa wahlulela kuphela labo abenqabayo ukuwalungisa uma engalungiseka. INkosi yakwa-Israyeli uSawule ayizange izilalele iziyalezo zikaJehova ngokuphathelene nokubhujiswa kwama-Amaleki. Lapho umprofethi uSamuweli ekhuluma naye, uSawule waqale walulaza izinto wabe esezama ukusola abanye. Wayekhathalela kakhulu ukwehliswa kwedumela lakhe phambi kwabantu bakhe kunokuba alungise ububi bakhe. Ngakho, ‘uJehova wamlahla ukuba angabe esaba-yinkosi.’—1 Samuweli 15:20-23, 30.

Nakuba lowo owalandela uSawule, uDavide, enza amaphutha angathi sína, wathethelelwa ngoba ngokuzithoba wasamukela iseluleko nokusolwa. Ukuthobeka kukaDavide kwamshukumisela ukuba alalele amazwi ka-Abigayili. Amabutho akhe ayesemi ngomumo elungele impi. Nokho, phambi kwamabutho akhe, uDavide wavuma ukuthi wayenze isinqumo esiphuthumayo. Kukho konke ukuphila kwakhe, ukuzithoba okunjalo kwamsiza uDavide ukuba afune intethelelo futhi aqondise izinyathelo zakhe.

Ukuthobeka kuyazishukumisa nezinceku zikaJehova ukuba zilungise amazwi eziwashilo abonisa ukungacabangi. Lapho kuthethwa icala phambi kweSanhedrin, umpristi omkhulu wayala ukuba uPawulu amukulwe. Umphostoli waphendula: “UNkulunkulu uzakukushaya wena-ludonga olucakiweyo.” (IzEnzo 23:3) Mhlawumbe ngenxa yokungaboni kahle, uPawulu akazange aqaphele ukuthi wayekhuluma nobani kwaze kwaba yilapho ababemi eduze kwakhe bebuza: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?” Kulokho, uPawulu walivuma ngokushesha iphutha lakhe, ethi: “Bengingazi‚ bazalwane‚ ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.” (IzEnzo 23:4, 5; Eksodusi 22:28) Yebo, ngokuzithoba uPawulu walivuma iphutha lakhe.

Bawavuma Amaphutha

IBhayibheli libonisa futhi ukuthi abanye bayishintsha indlela yabo yokucabanga eyayinephutha. Ngokwesibonelo, cabanga ngomhubi u-Asafa. Ngenxa yokuthi abantu ababi babebonakala bephila kahle, wathi: “Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami.” Kodwa ingqondo ka-Asafa yasanguluka ngemva kokuya endlini kaJehova nokuzindla ngezinzuzo zokukhulekela okuhlanzekile. Ngaphezu kwalokho, walivuma iphutha lakhe kuyiHubo 73.

UJona naye wavumela ukuba ukucabanga okuyiphutha kufiphaze umbono wakhe. Ngemva kokushumayela eNineve, wayekhathalela ukulondeka kwakhe kunokusindiswa kwezakhamuzi zalowomuzi. UJona wacasuka lapho uJehova engabajezisi abantu baseNineve naphezu kokuba babephendukile, kodwa uNkulunkulu wamlungisa. UJona waqaphela ukuthi umbono wakhe wawunephutha, ngoba incwadi yeBhayibheli ebizwa ngaye ngokwethembeka iyawavuma amaphutha akhe.—Jona 3:10–4:11.

Lapho ngokuyiphutha ecabanga ukuthi kwakunguJehova uNkulunkulu, hhayi uSathane uDeveli, owayebangela ukuhlupheka kwakhe, uJobe wazama ukubonisa ukuthi izinto ezazimbangela ukuhlupheka zazingamfanele. Wayengayiqapheli impikiswano enkulu: Ingabe izinceku zikaNkulunkulu zaziyohlala zithembekile kuye ngaphansi kokulingwa? (Jobe 1:9-12) Ngemva kokuba u-Elihu futhi kamuva uJehova bemsizile uJobe ukuba abone iphutha lakhe, wavuma: “Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga . . . Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”—Jobe 42:3, 6.

Ukuvuma amaphutha kuyasisiza ukuba silondoloze ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Njengoba izibonelo ezingenhla zibonisa, ngeke asilahle ngenxa yamaphutha ethu uma siwavuma futhi senze konke esingakwenza ukuba silungise ukucabanga kwethu okuyiphutha, amazwi okuphahluka, noma izenzo zobuwula. Singalusebenzisa kanjani lolulwazi?

Ukwenza Okuthile Ngamaphutha Ethu

Ukuvuma iphutha ngokuthobeka futhi senze okuthile ngakho kungaqinisa izibopho zomkhaya. Ngokwesibonelo, mhlawumbe ngenxa yokukhathala noma ukucasuka, kungenzeka ukuthi umzali uye wajezisa ingane yakhe ngamawala. Ukwenqaba ukulungisa leliphutha kungaba nemiphumela emibi. Ngokufanelekile, umphostoli uPawulu wabhala: “Nani-boyise‚ ningabathukuthelisi abantwana benu‚ kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Efesu 6:4.

UmKristu osemusha uPaul ukhumbula ngenjabulo: “Ubaba wayexolisa njalo uma enomuzwa wokuthi weqisile endleleni asabele ngayo. Lokho kwangisiza ukuba ngimhloniphe.” Ukuthi kudingeka ukuxolisa esimweni esithile noma cha kuyindaba eyonqunywa umuntu siqu. Nokho, ukuxolisa kufanele kulandelwe imizamo eqotho yokugwema amaphutha afanayo esikhathini esizayo.

Kuthiwani uma indoda noma owesifazane enza iphutha elibangela ukucindezeleka? Ukuvuma iphutha ngobuqotho, ukuxolisa ngokusuka enhliziyweni, kanye nomoya wokuthethelela kuyosiza ekulondolozeni ubuhlobo babo bothando. (Efesu 5:33; Kolose 3:13) UJesús, indoda yaseSpain eyisififane esiseminyakeni engaphezu kwengu-50 ubudala, ayiqhoshile kangako ukuba ihluleke ukuxolisa kumkayo, u-Albina. U-Albina uthi, “Sinomkhuba wokuxolisa lapho sicasulene. Lokhu kusisiza ukuba sibekezelelane ngothando.”

Lapho Umdala Enza Iphutha

Ukuvuma amaphutha kanye nokuxolisa ngobuqotho kuyobasiza nabadala abangamaKristu ukuba basebenze ndawonye ngokuzwana futhi ‘ekwazisaneni bandulelane.’ (Roma 12:10) Umdala angase abe madolonzima ukuvuma iphutha lakhe ngenxa yokwesaba ukuthi lokhu kuzolulaza igunya lakhe ebandleni. Nokho, ukuzama ukuthethelela, ukunganaki, noma ukululaza iphutha kungenzeka kakhulu ukuba kwenze abanye bangathembeli ekwengameleni kwakhe. Umzalwane ovuthiwe oxolisa ngokuthobeka, mhlawumbe ngenxa yokuthile akushilo okungabonisi ukucabangela, uzuza inhlonipho yabanye.

UFernando, umdala waseSpain, ukhumbula isenzakalo lapho umbonisi wesifunda owayengamele iqembu elikhulu labadala asho khona okuyiphutha ngokuphathelene nendlela okufanele imihlangano iqhutshwe ngayo. Lapho umzalwane othile ngenhlonipho elungisa lokho ayekushilo, umbonisi wesifunda ngokushesha wavuma ukuthi ubenzé iphutha. UFernando uyakhumbula: “Ngahlabeka umxhwele kakhulu lapho ngimbona evuma iphutha lakhe phambi kwabo bonke labobadala. Ngamhlonipha kakhulu ngemva kwalokho kuxolisa. Isibonelo sakhe sangifundisa indlela okubaluleke ngayo ukuqaphela ukushiyeka kwami.”

Shesha Ukuvuma Iphutha

Ngokuvamile ukuxolisa kuyaziswa, ikakhulukazi uma kwenziwe ngokushesha. Empeleni, kungcono kakhulu ukuvuma amaphutha ethu ngokushesha. Ngokwesibonelo: Ngo-October 31, 1992, uPapa uJohn Paul II wavuma ukuthi iNkantolo Yokuqulwa Kwamacala Ezihlubuki yayenzé “iphutha” eminyakeni engu-360 edlule ngokujezisa uGalileo ngokugomela ukuthi umhlaba awuyiyo into ephakathi nendawo yendawo yonke. Nokho, ukuhlehlisa ukuxolisa isikhathi eside kangaka kuvame ukukululaza ukubaluleka kwakho.

Lokhu kuyiqiniso nasebuhlotsheni bomuntu siqu nabanye. Ukushesha uxolise kungapholisa izilonda ezibangelwa izwi noma isenzo sonya. UJesu wasikhuthaza ukuba singephuzi ukwakha ukuthula, ethi: “Nxa uletha umnikelo wakho ealtare‚ ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe‚ shiya lapho umnikelo wakho phambi kwealtare‚ uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu‚ andukuba uze unikele umnikelo wakho.” (Mathewu 5:23, 24) Ngokuvamile, ukubuyisela ubuhlobo obunokuthula kumane nje kudinga ukuvuma ukuthi izindaba sizisingathe ngendlela engafanele bese sicela ukuxolelwa. Uma silinda isikhathi eside, kuba nzima ngokwengeziwe.

Kuyajabulisa Ukuvuma Amaphutha

Njengoba izibonelo zikaSawule noDavide zibonisa, indlela esisingatha ngayo amaphutha ethu ingakuthinta ukuphila kwethu. USawule wasenqaba ngenkani iseluleko, futhi amaphutha akhe anda ngokuphindaphindiwe, ekugcineni umphumela waba ukufa engenawo umusa kaNkulunkulu. Nokho, naphezu kwamaphutha kanye nezono zikaDavide, ngokuphenduka wakwamukela ukulungiswa futhi wahlala ethembekile kuJehova. (Qhathanisa neHubo 32:3-5.) Ingabe leso akusona isifiso sethu?

Umvuzo omkhulu kunayo yonke wokuvuma nokulungisa iphutha noma ukuphenduka esonweni ukwazi ukuthi uNkulunkulu usithethelele. UDavide wathi: “Ubusisiwe . . . osono sakhe sisibekelwe. Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko.” (IHubo 32:1, 2) Khona-ke, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukuvuma iphutha!

[Isithombe ekhasini 29]

Ingabe ingane ingakufunda ukuhamba ngaphandle kokukhubeka?