Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushumayela Emizini Ngemizana ESpain

Ukushumayela Emizini Ngemizana ESpain

Ukushumayela Emizini Ngemizana ESpain

UJESU KRISTU wahamba “imizi ngemizi nemizana ngemizana‚ efundisa‚ eqondé eJerusalema.” (Luka 13:22) Ukuze bafeze lenkonzo, uJesu nabafundi bakhe abashumayelanga ‘emizini ngemizi’ kuphela kodwa ‘nasemizaneni ngemizana.’ Nakuba kwakungase kube lula kakhulu ukugxila emizini emikhulu, abazange bayishiye imizana eminingi yasemaphandleni. *

OFakazi BakaJehova eSpain bebebhekene nenselele enjengaleyo uJesu abhekana nayo. Muva nje ngawo-1970, kwakunezindawo ezinkulu zensimu yasemaphandleni ebezingakathintwa ebezilungele ukuvuna. (Mathewu 9:37, 38) Imizana eminingi ezintabeni zemvula zasenyakatho, emathafeni omile amaphakathi nezwe, nangasogwini yayingakaze ifinyelelwe ngesigijimi soMbuso.

OFakazi BakaJehova baseSpain babezimisele ukwenza konke abangakwenza ukuze bayise izindaba ezinhle kulezizindawo. Kodwa kungani kuye kwadingeka ukuba abantu kulezizindawo balinde isikhathi eside kangaka ukuze bezwe isigijimi soMbuso? Futhi basabela kanjani?

Ukuqashelwa Ngokomthetho Kushukumisela Ekufakazeni Emaphandleni

Umsebenzi woFakazi BakaJehova eSpain ubulokhu uvinjelwe kusukela ekupheleni kwempi yombango ngo-1939. Phakathi nawo-1950 nawo-1960, oFakazi abashisekayo babeshumayela ngokuqapha emadolobheni, lapho ukuba-khona kwabo kwakungaphawuleki khona. Lapho umsebenzi wabo ekugcineni uqashelwa ngokomthetho ngo-1970, kwakunabamemezeli boMbuso abangaba ngu-10 000 eSpain. Cishe bonke babehlala emadolobheni amancane namakhulu, kodwa imizana yaseSpain nayo yayidinga ukuzwa isigijimi soMbuso. Obani ababezohlangabezana nalenselele?

Ngawo-1970 kwaqaliswa umkhankaso wokufinyelela zonke izindawo ezisenhlonhlweni ngezindaba ezinhle. Cishe nyanga zonke kusukela ngo-1973 kuya ku-1979, izaziso ezikhethekile ezazichaza ngendingeko ezifundazweni ezihlukene zalelizwe zazikhishwa ku-Nkonzo Yethu YoMbuso, ipheshana lenkonzo lanyanga zonke lamabandla oFakazi BakaJehova. Imikhaya eminingi ezimisele nesabela ngokushesha yasabela kulolubizo futhi yakhonza ngokuzithandela lapho indingeko yayinkulu khona.

Isibonelo esihle esikaRosendo nomkakhe, uLuci. Bathunyelwa njengamaphayona akhethekile (abashumayeli boMbuso besikhathi esigcwele) emzaneni wokudoba enyakatho-ntshonalanga yeSpain base benquma ukuhlala kulendawo lapho beba abazali. “Kumelwe ngivume ukuthi sabhekana nezikhathi ezinzima,” kuvuma uRosendo. “Kwakunzima ukuthola umsebenzi wokuziphilisa, kodwa sathembela osizweni lukaJehova futhi asizange silambe noma siswele indawo yokufihla ikhanda. Kwakuwufanele ngempela umzamo.” Phakathi neminyaka edlule, baye bakwazi ukusiza ekwakhiweni kwamabandla amane kulendawo yaseSpain.

“Cingani Ofaneleyo”

UJesu watshela abafundi bakhe ukuba ‘bacinge’ abafaneleyo emzini noma emzaneni ngamunye. (Mathewu 10:11) Ezindaweni ezisemaphandleni zaseSpain, ukucinga kudinga inkuthalo nokuthatha isinyathelo kuqala, njengoba u-Ángel, umzalwane wase-Alcoy (e-Alicante) akuthola kunjalo. Wayesanda kuqeda ukuhambela imizi ethile emzaneni waseMasías lapho ezwa umsindo wokukhala kweqhude. Wacabanga, “Uma kuneqhude, kumelwe ukuba kunomuzi endaweni ethile—kunomuzi esingawubonanga.” Ngemva kokucingacinga, u-Ángel wabona indledlana eyayiholela endaweni ewummango ekugcineni emzini ongawodwa.

Kulelipulazi kwakuhlala uJosé noDolores, bandawonye, abase beneminyaka engaphezu kuka-60 ubudala. Balalela ngokucophelela futhi ngokushesha bavuma ukuba nesifundo seBhayibheli. Nokho, kwakungelula ukufunda nalabantu abathobekile, njengoba babengakwazi ukuzifundela noma ukubhala, futhi yonke into kwakudingeka ihunyushwe isuselwa olimini lwesiPanishi iyiswe olimini lwaseValencia, okuwukuphela kolimi ababeluzwa. Ngaphezu kwalokho, babhekana nokuphikiswa okukhulu okuvela komakhelwane babo. Naphezu kwalezizithiyo, uJosé noDolores bathuthuka eqinisweni, ngisho nakuba ukuba-khona emihlanganweni kwakusho uhambo olude benqamula ezintabeni. Ekugcineni, bafanelekela ubhapathizo, futhi bayaqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka.

URosendo noLuci, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bakhumbula indlela umuntu othile okhubazekile alamukela ngayo iqiniso, emzini ongawodwa ngaseMoaña, enyakatho-ntshonalanga yeSpain. Igama lakhe kwakunguMaría. Lapho eqala ukukhuluma noFakazi, wayengakwazi ukuzifundela nokubhala futhi eselale embhedeni iminyaka eminingi ngenxa yokuhlaselwa uvendle lapho eseyingane. Umuzi wakhe wawuqhele ngamakhilomitha acishe abe mabili ukusuka emgwaqweni oseduze. Nokho, wayemagange ngokutadisha iBhayibheli, futhi ukuzimisela kwakhe ukukhonza uJehova kwabonakala ngokushesha. UMaría wafunda ukuzifundela nokubhala futhi waqala ukuba khona emihlanganweni, ngosizo lwemizamo yokuzinikela yebandla. Abazalwane babemthwala bahambe naye amamitha angu-200 ukusuka kwakhe ukuya emgwaqweni ongahlelenjiwe lapho babengamkhwelisa khona ngokucophelela emotweni. Naphezu kokuphikiswa umkhaya wakubo ekuqaleni, wathuthuka waze wafinyelela eqophelweni lokubhapathizwa. Ngenxa yokuqiniseka akunikwa intuthuko yakhe engokomoya, manje useye wafunda ukushayela imoto eklanywe ngokukhethekile futhi useqede izifundo zemfundo eyisisekelo. “Ukukwazi ukusiza abantu abanjengoMaría kwenza noma yikuphi ukuzidela kuwufanele umzamo,” kuchaza uRosendo.

Abafundi BeBhayibheli Basabela Ngokuzimisela

Ngawo-1970 iBhayibheli latholakala ngokokuqala ngqá emphakathini waseSpain. Abantu abaningi baseSpain bazithengela ikhophi yalo, futhi abanye baqala ukufunda imiBhalo. UPilar, waseMedina del Campo (eValladolid), wayeselifunda kakade iBhayibheli lapho oFakazi BakaJehova beqala ukuhambela idolobha lakubo ngo-1973. Njengoba ayengumKatolika, wayeqaphile ukuba angazamukeli izincwadi koFakazi, kodwa wayefuna ukuliqonda iBhayibheli. Ngakho, wavuma ukuba nezingxoxo zamasonto onke ukuze kuphendulwe imibuzo yakhe ephathelene neBhayibheli.

Esebenzisa ngokugcwele izincwadi ezinyatheliswa yi-Watch Tower Society, udade othile oyiphayona owayevakashela uPilar wakwazi ukuphendula imibuzo yakhe eminingi. Ehlatshwé umxhwele yilokho ayekufunda, uPilar ngemva kwamasonto ambalwa wavuma ukutadisha iBhayibheli esebenzisa incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade. Engakaqedi nokufunda incwadi ethi IQiniso, wayeselifunde lonke iBhayibheli futhi wayeqiniseka ukuthi wayethole iqiniso. Waba uFakazi wokuqala eMedina del Campo, manje esineHholo LoMbuso elihle nebandla elinabamemezeli abangu-63.

OFakazi baseSpain basabathola abantu “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” futhi abalifunda njalo iBhayibheli bezama ukuqonda intando kaNkulunkulu. (Mathewu 5:3, NW) UPepi, owayengumKatolika owake wafundisa ikhathekizimu esifundeni saseZumaia (enyakatho yeSpain), wayeshumayela emzaneni oseduze lapho ehlangana nompristi wesifunda.

“Pepi, uzichithela isikhathi,” kusho lompristi kuye. “Kulomuzana wase-Itziar, kunabantu ababili kuphela—umbhangqwana oshadile—abathambekele ezintweni ezingokomoya. Bonke abanye baya esontweni ngoba sekuwumkhuba.”

“Nokho,” kuphendula uPepi, “uma bebabili abantu abathambekele ezintweni ezingokomoya, bazoba oFakazi BakaJehova.”

UPepi waqhubeka nomsebenzi wakhe wokushumayela endlini ngendlu kanye nabanye oFakazi baze bawuhlanganisa lomuzana. Njengoba ungase ulindele, emzini othile ongawodwa, abazalwane bafica wona kanye lombhangqwana umpristi ayekhulume ngawo. Wawufunda iBhayibheli kodwa ungaliqondi. Wasamukela ngentshiseko isifundo seBhayibheli, wathuthuka ngokushesha, futhi wabhapathizwa ngo-April 1991.

Abanye abantu abanhliziyo ziqotho baye bafunda iqiniso ngokumane bazifundele ezincwadini zabo ezisekelwe eBhayibhelini ezinyatheliswa yi-Watch Tower Society. Ngokwesibonelo, oFakazi base-Almadén (eCiudad Real) babeshumayela edolobhaneni laseCiruelas (eBadajoz) lapho bethola intokazi eyalalela isigijimi sabo ngokucophelela. Bebona isithakazelo sayo esisobala, bacela ukuyiqhubela isifundo seBhayibheli. Nokho, yenqaba ithi umnumzane othile osekhulile kakade wayeyifundisa iBhayibheli. Abanye abantu abaningana kulendawo nabo basho lokho. Benelukuluku lokwazi, abazalwane babuza ngalomnumzane osekhulile. Bathola ikheli lakhe base beyomvakashela.

Okwabamangalisa ukuthi bathola ukuthi lendoda, ethiwa uFelipe, lapho iseMadrid yathola incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngemva kokuyifunda yonke, yaqonda ukuthi kwakuwumthwalo wayo wemfanelo ukuhlanganyela izindaba ezinhle nomakhelwane bayo. Ngakho, yayisebenzisa lencwadi ukuze ibafundise. Abazalwane benza amalungiselelo okufunda nayo. Lentokazi eyayifunda nayo iBhayibheli nayo yasemukela isifundo. Nakuba eneminyaka engu-80 ubudala futhi engenampilo kahle, uFelipe uthuthuka kahle eqinisweni.

Ukunqoba Ubandlululo

Amasimu asemaphandleni anezinkinga ezithile ezingavamile. Amasiko enkolo nokukholelwa ezeni ngokuvamile kungene kwagxila ezindaweni ezinjalo, futhi abantu abaningi abahlala emaphandleni banokuyisola okujulile “inkolo entsha.” Abanye abantu abahlala kulemizana bakukhathalela ngokukhethekile lokho omakhelwane noma izihlobo eziyokucabanga uma beshintsha inkolo yabo. Kodwa amandla eZwi likaNkulunkulu angazinqoba izinkinga ezinjalo futhi ashintshe ukuphila komuntu. Yilokhu okwenzeka kulomuzana wokudoba wase Cangas de Morrazo enyakatho-ntshonalanga yeSpain.

URoberto, ongowokuzalwa kulomuzana, wahamba wayosebenza emikhunjini eneminyaka engu-14 ngoba wayelangazelela ukuzibusa. Ukuphila kwakhe njengetilosi emkhunjini wokuhweba kwamenza waba umngane wamanye amatilosi asemasha ayephuza ngokweqile futhi esebenzisa izidakamizwa ukuze angasizwa isizungu sesikhathi asichitha esolwandle. Ngokushesha, noRoberto waba isidakwa nomlutha futhi waba umlutha wezidakamizwa.

Ngokuhamba kwesikhathi uRoberto wabuyela ekhaya kodwa wayengasakwazi futhi engazimisele ukuyeka imikhuba yakhe emibi. Ukuze athole imali yokusekela umkhuba wakhe wokuluthwa izidakamizwa, waba isela futhi waboshwa izikhathi eziyisithupha ezihlukene. Lapho eneminyaka engu-18, waphuza inhlanganisela eyacishe yambulala yewayini namaphilisi okudambisa izinhlungu. Odokotela bakusindisa ukuphila kwakhe, kodwa akabange esakwazi ukusebenzisa izingalo nemilenze yakhe. Waphuma esibhedlela efe izinhlangothi zombili. Ngisho nokuhlala esihlalweni sabakhubazekile akuzange kumyekise umkhuba wezidakamizwa. Inkolo yayingamkhangi, futhi izidakamizwa zabonakala ziyikho konke angakwenza ukuze enze ukuphila kube nenjongo—kwaze kwaba seminyakeni emithathu kamuva lapho evakashelwa oFakazi BakaJehova.

Ukufunda ngeziprofetho ezigcwalisekile zeBhayibheli kwamsiza uRoberto ukuba anqobe isimo sakhe sengqondo sokungabaza. Ukwamukelwa ngokufudumele akuthola eHholo LoMbuso kwamqinisekisa ukuthi inkolo yeqiniso yenza ukuphila kwabantu kube nenjongo. Ezinyangeni eziyisishiyagalolunye, uRoberto wayesekunqobile ukuluthwa kwakhe izidakamizwa wayesebhapathizwa. Naphezu kokukhubazeka kwakhe okukhulu emzimbeni, ubelokhu ekhonza njengephayona iminyaka eyisishiyagalombili. Futhi ubelokhu engumdala ebandleni iminyaka emibili edlule. UFrancisco, owayengomunye wabangane bakhe, wahlatshwa umxhwele kakhulu izinguquko ezazenzeke ekuphileni kukaRoberto kangangokuba naye waba uFakazi futhi manje uyinceku ekhonzayo. Lolushintsho oluphawulekayo kulomlutha okwakucatshangwa ukuthi ngeke ulapheke lwasiza abantu kuleyondawo ukuba baluqaphele kangcono uhlobo lomsebenzi esiwenzayo. Owesifazane othile waze waletha indodana yakhe esencane eyayiwumlutha wezidakamizwa eHholo LoMbuso ukuze abone ukuthi oFakazi babengayelapha yini.

Ukuhlola IBhayibheli Ngenjongo Yokuthola Iqiniso

Ngokuvamile, abantu basemaphandleni banokwazisa okunjalo ngeqiniso kangangokuba ngokuvamile kuhlazisa abahlakaniphileyo kwezezwe. (1 Korinte 1:26, 27) U-Adelina, owesifazane onamahloni oneminyaka engaphezu kwengu-40, ungomunye walabantu abanokwazisa. Wayeyithatha ngokungathi sína inkolo yakhe yobuKatolika. Njalo ekuseni wayeguqa athandaze, asho oBaba Wethu no-Hail Marys abaningana. Wayeqondisa imithandazo yakhe ‘kosanta’ abahlukene usuku ngalunye ngesonto—ukuze aqiniseke ukuthi ukhona ozwiwe.

Lapho u-Adelina eqala ukutadisha iBhayibheli, waba nentshiseko efanayo engokwenkolo ngokholo lwakhe ayesanda kuluthola. Ngisho namahloni akhe awazange abe isithiyo, nakuba ekuqaleni lapho yena nomyeni wakhe beya eHholo LoMbuso, kwabathatha imizuzu eyishumi ukuqunga isibindi sokungena. Nokho, lapho sebengaphakathi, walalelisisa. Ngesinye isikhathi, wezwa ngokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Lendaba yamhlaba umxhwele, futhi lapho ephindela ekhaya, wayefuna ukufunda okwengeziwe ngayo eBhayibhelini lakhe. Kodwa akekho phakathi kwakhe nomyeni wakhe owayazi ukuthi lokho kwaziswa kwakutholakalaphi, nakuba babecabanga ukuthi kwakuthiwe kundawana-thize encwadini yesAmbulo. Ngakho u-Adelina waqala ukufunda isAmbulo ngalobobusuku futhi waqhubeka efunda waze wafika esahlukweni 20 entathakusa.

Kwesinye isenzakalo, u-Adelina wathola ukuthi kwakufanelekile ukuba indoda imelele umkayo emthandazweni. Nakuba ayezimisele ukuthandaza, umyeni wakhe wayengazi ukuthi uzothini emthandazweni. Ngabo kanye lobobusuku, u-Adelina wanquma ukufuna iziyalezo eBhayibhelini. Ngehora lesibili ekuseni, wavusa umyeni wakhe emtshela ukuthi wayethole uMathewu isahluko 6, esikhuluma ngendaba yomthandazo ngokuningiliziwe. Ngemva kokufunda iziyalezo zikaJesu, umyeni wakhe ekugcineni wabathandazela bobabili. Manje u-Adelina nomyeni wakhe bangoFakazi BakaJehova.

Isivuno Esihle

Ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-25 yokufakaza emaphandleni kwezinceku ezishisekayo zikaJehova, zonke izingxenye zeSpain ziye zezwa izindaba ezinhle. Njengoba kwakunjalo e-Asia Minor ekhulwini lokuqala, ‘izwi leNkosi lihanjiswa kulo lonke izwe.’ (IzEnzo 13:49) Ngakho, izinkulungwane zabantu abahlala emizaneni ziye zasabela kahle.

ESpain nakwezinye izindawo, ukushumayela ngokungashwampuluzi ezindaweni ezisemaphandleni kudinga isineke nokuzidela. Kodwa njengoba intando kaJehova iwukuba ‘abantu bonke basindiswe,’ oFakazi BakaJehova bayakujabulela ukucinga abanokwazisa. (1 Thimothewu 2:4) Futhi njengoba okuhlangenwe nakho okwandulele kubonisa, uJehova uye wayivuza ngokucebile imizamo eyenziwayo yokushumayela emizaneni ngemizana eSpain.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 UJosephus wanikeza ingqikithi ‘yemizi nemizana’ engu-204 eGalile, futhi wachaza ukuthi lesisifunda ‘sasinemizana eminingi kakhulu.’

[Amabalazwe ekhasini 23]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

FRANCE

PORTUGAL

SPAIN

BALEARIC ISLANDS

CANARY ISLANDS

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Vilac, Lérida

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Puebla de Sanabria, Zamora

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Casarabonela, Málaga

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Sinués, Huesca

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Lekeitio, Vizcaya