Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bayajabula Abathobekile

Bayajabula Abathobekile

Bayajabula Abathobekile

“UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”—1 PETRU 5:5.

1, 2. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni uJesu wayihlobanisa kanjani indaba yokujabula nokuba othobekile?

INGABE ukujabula nokuthobeka kuhlobene? Entshumayelweni edume kunazo zonke, uJesu Kristu, umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, uchaza izinjabulo eziyisishiyagalolunye. (Mathewu 5:1-12, NW) Ingabe uJesu wahlobanisa ukujabula nokuthobeka? Yebo, wakuhlobanisa, ngoba ukuthobeka kuhilelekile ezinjabulweni eziningi azisho. Ngokwesibonelo, umuntu kudingeka athobeke ukuze aqaphele isidingo sakhe esingokomoya. Abathobekile kuphela abalambele nabomele ukulunga. Futhi abazidlayo abanabo ubumnene nesihe, futhi ababona abenzi bokuthula.

2 Abathobekile bayajabula ngoba kulungile futhi kufanelekile ukuba othobekile. Ngaphezu kwalokho, abathobekile bayajabula ngoba kuwukuhlakanipha ukuba othobekile; kusenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu namaKristu esikanye nawo. Ngaphandle kwalokho, abantu abathobekile bayajabula ngoba ukuthobeka kuwukubonisa uthando ngabo.

3. Kungani ukuthembeka kusibopha ukuba sithobeke?

3 Kungani ukuthembeka kudinga ukuba sithobeke? Phakathi kokunye, kungoba sonke sizuza ukungapheleli njengefa futhi siqhubeka senza amaphutha. Umphostoli uPawulu wathi ngaye: “Ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho.” (Roma 7:18) Yebo, sonke sonile futhi siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu. (Roma 3:23) Ubuqotho buyosivimbela ekuzidleni. Ukuvuma iphutha kudinga ukuthobeka, futhi ukuthembeka kuyosisiza ukuba samukele ukusolwa lapho senza iphutha. Njengoba sihlala sisilela kulokho esilwela ukukwenza, sinesizathu esizwakalayo sokuthobeka.

4. Yisiphi isizathu esinamandla esinikezwe kweyoku-1 Korinte 4:7 sokuba kwethu abathobekile?

4 Umphostoli uPawulu usinikeza esinye isizathu sokuthi kungani ukuthembeka kufanele kusenze sithobeke. Uthi: “Ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?” (1 Korinte 4:7) Akungabazeki, ukuletha udumo kithi ngokwethu, ukuzidla ngenxa yempahla yethu, amakhono, noma impumelelo, akunakuba ukuthembeka. Ukuthembeka kusenza sibe nonembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu, ukuze ‘sihambe [ngokwethembeka, NW] ezintweni zonke.’—Heberu 13:18.

5. Ukuthembeka kuyosisiza kanjani futhi lapho senze iphutha?

5 Ukuthembeka kusisiza ukuba sithobeke lapho senza iphutha. Kuyosenza ukuba sikulungele kakhudlwana ukwamukela ukusolwa, kunokuba sizame ukuzithethelela noma sidlulisele ukusolwa kothile. Ngakho, nakuba u-Adamu asola u-Eva, uDavide akazange asole uBati-Sheba ethi, ‘Kwakungafanele ukuba agezele ophahleni lwendlu. Bengingenakukugwema ukulingeka.’ (Genesise 3:12; 2 Samuweli 11:2-4) Ngempela, kungase kushiwo ukuthi ngakolunye uhlangothi, ukuthembeka kusisiza ukuba sithobeke; kanti ngakolunye, ukuthobeka kusisiza ukuba sithembeke.

Ukholo KuJehova Lusisiza Ukuba Sithobeke

6, 7. Ukuba nokholo kuNkulunkulu kusisiza kanjani ukuba sithobeke?

6 Ukholo kuJehova luyosisiza futhi ukuba sithobeke. Ukwazisa indlela uMdali, uMbusi Wendawo Yonke, amkhulu ngayo ngempela, kuyosivimbela ekuzicabangeleni ngokweqile. Yeka indlela umprofethi u-Isaya asikhumbuza kahle ngayo lokhu! Ku-Isaya 40:15, 22, siyafunda: “Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; . . . Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba—abakhile kuwo banjengezintethe.”

7 Ukholo kuJehova luyosisiza futhi lapho sinomuzwa wokuthi siye saphathwa ngokungabi nabulungisa. Kunokuba sikhathazeke ngendaba ethile, siyolindela uJehova ngokuthobeka, njengoba umhubi esikhumbuza kumaHubo 37:1-3, 8, 9. Umphostoli uPawulu uveza iphuzu elifanayo: “Ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.”—Roma 12:19.

UkuthobekaInkambo Yokuhlakanipha

8. Kungani ukuthobeka kusenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova?

8 Kunezizathu eziningi zokuthi kungani ukuthobeka kuyinkambo yokuhlakanipha. Njengoba sekubonisiwe kakade, esinye siwukuthi kwenza ukuba sibe nobuhlobo obuhle noMenzi wethu. IZwi likaNkulunkulu lisho ngokucacile kuzAga 16:5: “Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova.” KuzAga 16:18 sifunda futhi ukuthi: “Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.” Ngokuhamba kwesikhathi ukuzidla kuletha usizi. Kumelwe kube njalo ngempela ngenxa yalokho esikufunda kweyoku-1 Petru 5:5: “Nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.” Uzothola iphuzu elifanayo emfanekisweni owanikezwa uJesu womFarisi nomthelisi ngamunye wabo owayethandaza. Umthelisi othobekile wabonakaliswa elungile.—Luka 18:9-14.

9. Ukuthobeka kunaluphi usizo ngezikhathi ezinzima?

9 Ukuthobeka kuyinkambo yokuhlakanipha ngoba ukuthobeka kwenza kube lula ngathi ukulalela iseluleko esitholakala kuJakobe 4:7: “Ngakho thobelani uNkulunkulu.” Uma sithobekile, asinakuvukela lapho uJehova evumela ukuba sibhekane nokuhlupheka. Ukuthobeka kuyosenza saneliswe izimo zethu futhi sikhuthazele. Umuntu ozidlayo akaneliswa, ufuna okwengeziwe ngaso sonke isikhathi, futhi uyavukela ezimweni ezinzima. Ngakolunye uhlangothi, umuntu othobekile ukhuthazelela ubunzima nokuvivinywa, njengoba kwenza uJobe. UJobe wabhekana nokulahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe futhi washaywa ngesifo esibuhlungu, kanti nomkakhe waze ngisho wamluleka ukuba athathe inkambo yokuzidla, ethi: “Thuka uNkulunkulu, ufe.” Wasabela kanjani? Ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: “Wathi kuye: Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.” (Jobe 2:9, 10) Ngenxa yokuthi uJobe wayethobekile, akazange avukele, kodwa ngokuhlakanipha wazithoba kunoma yikuphi uJehova akuvumela ukuba kumehlele. Futhi ekugcineni wamukela umvuzo ocebile.—Jobe 42:10-16; Jakobe 5:11.

Ukuthobeka Kusenza Sibe Nobuhlobo Obuhle Nabanye

10. Ukuthobeka kubuthuthukisa kanjani ubuhlobo bethu namaKristu esikanye nawo?

10 Ukuthobeka kuyinkambo yokuhlakanipha ngoba kusenza sibe nobuhlobo obuhle namaKristu esikanye nawo. Umphostoli uPawulu useluleka ngokufanele: “Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.” (Filipi 2:3, 4) Ngokuhlakanipha ukuthobeka kuyosenza ukuba sigweme ukuncintisana noma ukuzama ukuhlula abanye. Isimo sengqondo esinjalo sibangela thina namaKristu esikanye nawo izinkinga.

11. Kungani ukuthobeka kungasisiza ukuba sigweme ukwenza amaphutha?

11 Ezikhathini eziningi ukuthobeka kuyosisiza ukuba sigweme ukwenza amaphutha. Kanjani? Ngoba ukuthobeka kuyosenza ukuba singabi nokuzethemba ngokweqile. Kunalokho, siyosazisa iseluleko sikaPawulu esikweyoku-1 Korinte 10:12: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.” Umuntu ozidlayo uzethemba ngokweqile, ngakho uthambekele ekwenzeni amaphutha ngenxa yamathonya angaphandle noma ubuthakathaka bakhe siqu.

12. Ukuthobeka kuyosishukumisela ekubeni sihlangabezane naziphi izibopho ezingokomBhalo?

12 Ukuthobeka kuyosisiza ukuba sihlangabezane nemfuneko yokuzithoba egunyeni. Kweyabase-Efesu 5:21, siyelulekwa: “Nithobelane ngokumesaba uKristu.” Eqinisweni, akudingekile yini ukuba sonke sizithobe? Izingane kudingeka zithobele abazali bazo, abafazi bathobele amadoda abo, namadoda athobele uKristu. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:22; 6:1) Khona-ke, kunoma yiliphi ibandla lobuKristu, sonke, kuhlanganise nezinceku ezikhonzayo, kufanele sibonise ukuthobela abadala. Akulona yini iqiniso futhi ukuthi abadala bayazithoba esigabeni senceku ethembekile, ikakhulukazi njengoba simelelwe umbonisi ojikelezayo? Khona-ke futhi, umbonisi ojikelezayo kudingeka azithobe kumbonisi wesigodi, nombonisi wesigodi azithobe eKomitini Yegatsha yezwe akhonza kulo. Kuthiwani ngamalungu eKomiti Yegatsha? Kumelwe ‘athobelane’ futhi athobele neNdikimba Ebusayo, emelela isigaba ‘senceku ethembekileyo neqondayo’ nayo enokulandisa kuJesu, iNkosi ebekwe esihlalweni sobukhosi. (Mathewu 24:45-47) Njengakunoma iyiphi indikimba yabadala, amalungu eNdikimba Ebusayo kufanele ahloniphe imibono yabanye. Ngokwesibonelo, omunye angase acabange ukuthi unombono omuhle. Kodwa uma inani elanele lamanye amalungu lingavumelani nokusikisela kwakhe, kufanele nje angazihluphi ngaleyondaba. Ngempela, sonke sidinga ukuthobeka, ngoba sonke singaphansi kokuthobela othile.

13, 14. (a) Ukuthobeka kuyosisiza kusiphi isimo ngokukhethekile? (b) Yisiphi isibonelo esabekwa uPetru ngokuphathelene nokwamukela iseluleko?

13 Ukuthobeka kubonakala kuyinkambo yokuhlakanipha ikakhulukazi ngoba kwenza kube lula ngathi ukwamukela iseluleko nesiyalo. Ngamunye wethu uyasidinga iseluleko ngezikhathi ezithile, futhi senza kahle ngokulalela iseluleko esikuzAga 19:20: “Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.” Njengoba kuye kwashiwo kahle, ukuthobeka kukwenza ungakhathazeki lapho usolwa noma uyalwa. Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu, kumaHeberu 12:4-11, useluleka ngokuhlakanipha kokwamukela isiyalo ngokuthobeka. Kungalendlela kuphela singaba nethemba lokuqondisa inkambo yethu yesikhathi esizayo ngokuhlakanipha futhi ekugcineni sithole umklomelo wokuphila okuphakade. Yeka ukuthi lokho kuyoba umphumela ojabulisa kanjani!

14 Kulokhu singase sibhekisele esibonelweni sikamphostoli uPetru. Wathola iseluleko esinzima kumphostoli uPawulu, njengoba sifunda ekulandiseni okukweyabaseGalathiya 2:14: “Kuthé sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase [uPetru] phambi kwabo bonke: Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?” Ingabe umphostoli uPetru wazizwa ecasukile? Hhayi phakade, uma kuwukuthi wacasuka, njengoba kungase kubonakale ekubhekiseleni kwakhe kwakamuva ‘kumzalwane wethu othandekayo uPawulu’ kweyesi-2 Petru 3:15, 16.

15. Kuhlobene kanjani ukuba kwethu abathobekile nokuba kwethu abajabulayo?

15 Kukhona futhi nendaba yokwaneliswa, ukwaneliseka. Asinakuba ngabajabulayo uma singaneliswa izimo zethu, amalungelo, nezibusiso zethu. UmKristu othobekile uthatha lesisimo sengqondo: “Uma uNkulunkulu ekuvumela, kulungile,” okuyilokho ngempela umphostoli uPawulu akushoyo, njengoba sifunda kweyoku-1 Korinte 10:13: “Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” Ngakho nalapha sibona indlela ukuthobeka okuyinkambo yokuhlakanipha ngayo, ngoba kusisiza ukuba sijabule kungakhathaliseki ukuthi zingase zibe yini izimo zethu.

Uthando Luyosisiza Ukuba Sithobeke

16, 17. (a) Yisiphi isibonelo esingokomBhalo esiqokomisa imfanelo enkulu kunazo zonke yokusisiza ukuba sithobeke? (b) Yisiphi isibonelo esingesona esingokomBhalo naso esibonisa leliphuzu?

16 Ngaphezu kwakho konke, uthando olungenabugovu, i-a·gaʹpe, luyosisiza ukuba sithobeke. Kungani uJesu akwazi ukukhuthazelela ngokuthobeka okuhlangenwe nakho kwakhe kokubethelwa esigxotsheni sokuhlushwa uPawulu akuchazela abaseFilipi? (Filipi 2:5-8) Kungani engazange azicabangele njengolingana noNkulunkulu? Kungoba, njengoba yena ngokwakhe asho: “Ngiyamthanda uBaba.” (Johane 14:31) Yingakho ngaso sonke isikhathi ayisa inkazimulo nodumo kuJehova, uYise wasezulwini. Ngakho, ngesinye isikhathi wagcizelela ukuthi uYise wasezulwini kuphela owayemuhle.—Luka 18:18, 19.

17 Okubonisa leliphuzu isenzakalo esithile esenzeka ekuphileni kwenye yezimbongi zokuqala zaseMelika, uJohn Greenleaf Whittier. Lendoda yayinesithandwa sayo lapho isencane, futhi ngesinye isikhathi lapho besemncintiswaneni wokubizwa kwamagama, isithandwa sayo salibiza kahle igama, kuyilapho yona yalibiza kabi. Isithandwa sayo saphatheka kabi ngalokho. Kungani? Njengoba lembongi ikhumbula, sathi: “Ngiyaxolisa ngokuthi leligama ngilibize kahle. Ngiyakuzonda ukuba mkhulu kunawe . . . ngoba, ngiyakuthanda.” Yebo, uma sithanda othile, sizofuna ukuba lowomuntu abe ngaphezu kwethu, hhayi ngaphansi, ngoba uthando luthobekile.

18. Yisiphi iseluleko esingokomBhalo ukuthobeka okuyosisiza ukuba sisilalele?

18 Lesi isifundo esihle kuwo wonke amaKristu, ikakhulukazi kubazalwane. Lapho kucatshangelwa ilungelo lenkonzo elikhethekile, ingabe siyojabula yini ngokuthi lamukelwe umzalwane wethu kunokuba lamukelwe yithi, noma ingabe siyozizwa sinomona noma umhawu? Uma simthanda ngempela umzalwane wethu, siyojabula ngokuthi uthole lesosabelo esikhethekile noma ukuqashelwa noma ilungelo lenkonzo. Yebo, ukuthobeka kuyokwenza kube lula ukulalela lesiseluleko: “Ekwazisaneni nandulelane.” (Roma 12:10) Enye inguqulo ifundeka kanje: “Yazisani omunye nomunye ngaphezu kwenu.” (New International Version) Khona-ke umphostoli uPawulu uyaphinda futhi aluleke: “Khonzanani ngothando.” (Galathiya 5:13) Yebo, uma sinothando, siyokujabulela ukukhonza abazalwane bethu, ukugqilazeka ngenxa yabo, ukubeka izithakazelo nenhlala-kahle yabo ngaphambi kweyethu, okudinga ukuthobeka. Ukuthobeka kuyosivikela futhi ekuqhosheni ngaleyondlela sigweme ukuvusela abanye umoya wokufela umona noma umhawu. UPawulu wabhala ukuthi uthando “aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” Kungani lungenjalo? Ngoba isisusa sokuzigabisa nokuzikhukhumeza sinobugovu, ukuzazisa, kuyilapho uthando luyikho kanye ukungabi nabugovu.—1 Korinte 13:4.

19. Yiziphi izibonelo ezingokweBhayibheli ezibonisa ukuthi ukuthobeka nothando kuhlobene, njengoba kunjalo nangokuzidla nobugovu?

19 Ubuhlobo bukaDavide neNkosi uSawule nendodana yakhe uJonathani buyisibonelo esiphawulekayo sendlela uthando nokuthobeka okuhlobene ngayo eduze nendlela ukuzidla nobugovu okuhlobene ngayo ngokufanayo. Ngenxa yokuphumelela kukaDavide empini, abesifazane bakwa-Israyeli bahlabelela: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” (1 Samuweli 18:7) Engathobekile neze, kunalokho, egcwele ukuzidla, kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke uSawulu wafukamela inzondo ebulalayo ngoDavide. Yeka ukuthi lokhu kwakuhluke kanjani emoyeni wendodana yakhe uJonathani! Sifunda ukuthi uJonathani wathanda uDavide njengomphefumulo wakhe. (1 Samuweli 18:1) Ngakho wasabela kanjani uJonathani lapho, njengoba izenzakalo ziqhubeka, kuba sobala ukuthi uJehova wayebusisa uDavide nokuthi yena, hhayi uJonathani, wayezolandela uSawule njengenkosi yakwa-Israyeli? Ingabe uJonathani wazizwa enomona noma enomhawu? Lutho neze! Ngenxa yothando lwakhe olukhulu ngoDavide, wayengathi, njengoba sifunda kweyoku-1 Samuweli 23:17: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba-yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Uthando lukaJonathani olukhulu ngoDavide lwambangela ukuba ngokuthobeka amukele lokho ayecabanga ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ngokuphathelene nokuthi ubani owayezolandela uyise njengenkosi yakwa-Israyeli.

20. UJesu wakubonisa kanjani ukuhlobana okuseduze phakathi kothando nokuthobeka?

20 Okugcizelela ngokwengeziwe ukuhlobana phakathi kothando nokuthobeka yilokho okwenzeka ngobusuku bokugcina uJesu Kristu enabaphostoli bakhe ngaphambi kokuba afe. KuJohane 13:1, sifunda ukuthi uJesu, “ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba-sekupheleni.” Ngemva kwalokho, sifunda ukuthi uJesu wageza izinyawo zabaphostoli bakhe, enza njengenceku ephansi. Yeka isifundo esinamandla sokuthobeka!—Johane 13:1-11.

21. Kafushane, kungani kufanele sithobeke?

21 Ngempela, kunezizathu eziningi zokuthobeka. Ukuthobeka kuyinto elungile, efanele. Kuyinkambo yokholo. Kusenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu kanye nesikholwa nabo. Kuyinkambo yokuhlakanipha. Ngaphezu kwakho konke, kuyinkambo yothando futhi kuletha injabulo yeqiniso.

Ubungaphendula Kanjani?

□ Kungaziphi izindlela ukuthembeka kuwusizo ekuthobekeni?

□ Kungani ukuba nokholo kuJehova kungasisiza ukuba sithobeke?

□ Yini ebonisa ukuthi ukuthobeka kuyinkambo yokuhlakanipha?

□ Kungani uthando luwusizo ngokukhethekile ekubeni sibe abathobekile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

UJobe wazithoba kuJehova. Akazange ‘athuke uNkulunkulu afe’

[Isithombe ekhasini 23]

UPetru wazithoba lapho uPawulu emluleka obala