Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ingabe UNkulunkulu Unecala?
Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ingabe UNkulunkulu Unecala?
“NKULUNKULU, yini lé osehlisele yona?”
Leyo indlela okubikwa ukuthi wasabela ngayo umuntu othile owasinda owahlola umonakalo obhubhisayo owabangelwa ukuqhuma kwe-Nevado del Ruiz eyayimbozwe yiqhwa eColombia ngo-November 13, 1985. Ukudilika komhlaba okwaba umphumela kwangcwaba lonke idolobha lase-Armero futhi kwabulala abantu abangaphezu kuka-20 000 ngobusuku obubodwa.
Kuyaqondakala ukuthi umuntu osindile angasabela ngaleyondlela. Njengoba babengenandlela yokuthola usizo lapho bebhekene namandla
emvelo, abantu kusukela endulo babethi uNkulunkulu obangela izenzakalo ezinjalo eziyinhlekelele. Abantu bakuqala babenza imihlatshelo, ngisho nemihlatshelo yabantu, ukuze bashweleze konkulunkulu babo bolwandle, isibhakabhaka, umhlaba, intaba, intaba-mlilo, neminye imithombo yengozi. Ngisho nanamuhla, abanye bamane bamukele imiphumela yezenzakalo eziyizinhlekelele ezingokwemvelo njengokudalelwa noma isenzo sikaNkulunkulu.Ingabe ngempela uNkulunkulu unecala ngezinhlekelele ezibangela ukuhlupheka nokulahlekelwa okukhulu kangaka kwabantu ezweni lonke? Ingabe kufanele asolwe? Ukuze sithole izimpendulo, kudingeka sibhekisise lokho okuhilelekile ezinhlekeleleni ezinjalo. Eqinisweni, kudingeka siphinde sihlole amaqiniso athile aziwayo.
Iyini “Inhlekelele Engokwemvelo”?
Lapho ukuzamazama komhlaba kuhlasela eTangshan, eChina, futhi ngokusho kwemibiko enokwethenjelwa yaseChina kwabulala abantu abangu-242 000, nalapho iSiphepho u-Andrew sigadla eNingizimu Florida naseLouisiana, e-United States futhi sibangela umonakalo oyizigidigidi zamaRandi, izinhlekelele ezinjalo ezingokwemvelo zaba undaba mlonyeni kwabezezindaba emhlabeni wonke. Nokho, kwakuyokwenzekani ukuba lokho kuzamazama komhlaba kwakugadle oGwadule lwaseGobi okungahlali muntu kulo, olungamakhilomitha angu-1 100 kuya enyakatho-ntshonalanga yeTangshan, noma kwakuyokwenzekani ukuba iSiphepho u-Andrew sachezuka futhi sagadla olwandle, sangalithinta nakancane izwe? Ngabe azisakhunjulwa.
Khona-ke, kuyakhanya ukuthi lapho sikhuluma ngezinhlekelele ezingokwemvelo, asikhulumi nje ngokubonakaliswa okuphawulekayo kwamandla angokwemvelo. Minyaka yonke kuba nezinkulungwane zokuzamazama komhlaba, okukhulu nokuncane, nezikhukhula eziningi, izishingishane, iziphepho, ukuqhuma kwezintaba-mlilo, nezinye izenzakalo eziphawulekayo zobudlova ezimane zibe imibhalo egcinwe ezincwadini ezithile. Nokho, lapho izenzakalo ezinjalo zibangela umonakalo omkhulu ekuphileni nasempahleni futhi zonakalisa indlela evamile yokuphila, ziba izinhlekelele.
Kufanele kuqashelwe ukuthi umonakalo nokulahlekelwa okuba umphumela akukhona ukuthi ngaso sonke isikhathi kuya ngamandla angokwemvelo ahilelekile. Inhlekelele enkulu kunazo zonke ayibangelwa ukubonakaliswa okunamandla kakhulu kwamandla emvelo. Ngokwesibonelo, ngo-1971 ukuzamazama komhlaba okulinganiselwa ku-6,6 esikalini sikaRichter kwahlasela iSan Fernando, eCalifornia, e-United States, futhi kwabulala abantu abangu-65. Esikhathini esingangonyaka kamuva ukuzamazama okungu-6,2 eManagua, eNicaragua, kwabulala abantu abangu-5 000!
Ngakho, lapho kuziwa ekwandeni kokubhubhisa kwezinhlekelele ezingokwemvelo, kumelwe sibuze, Ingabe izici ezingokwemvelo ziye zaba nobudlova ngokwengeziwe? Noma ingabe izici ezibangelwa umuntu ziye zaba nengxenye kulenkinga?
Ubani Onecala?
IBhayibheli lichaza uJehova uNkulunkulu njengoMdali oMuhle wazo zonke izinto, kuhlanganise namandla emvelo alomhlaba. (Genesise 1:1; Nehemiya 9:6; Heberu 3:4; IsAmbulo 4:11) Lokhu akusho ukuthi ubangela konke ukunyakaza komoya noma ukuna kwemvula. Kunalokho, uye wenza ukuba imithetho ethile ebusa umhlaba nendawo yawo ezungezile isebenze. Ngokwesibonelo, encwadini yomShumayeli 1:5-7, sifunda ngezinqubo ezintathu eziyisisekelo ezenza ukuphila emhlabeni kube ngokoqobo—ukuphuma nokushona kwelanga nsuku zonke, inqubo engashintshi yemimoya, nomjikelezo wamanzi. Kungakhathaliseki ukuthi isintu siyaziqaphela noma cha, ezinkulungwaneni zeminyaka lezizimiso ezingokwemvelo, nezinye ezifana nazo, ezihlanganisa isimo sezulu, isayensi yokuma komhlaba, nesayensi yokuhlobana kwezinto eziphilayo nendawo ezungezile bezisebenza. Eqinisweni, umlobi wencwadi yomShumayeli wagxilisa ukunakekela emehlukweni omkhulu phakathi kwezindlela zendalo ezingashintshi nezingapheli nesimo esidlulayo nesesikhashana sokuphila komuntu.
Eksodusi 14:21-28; Joshuwa 10:12, 13) UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu noMesiya othenjisiwe, naye wabonakalisa amandla akhe ngaphezu kwamandla angokwemvelo, ngokwesibonelo, njengalapho ethulisa isivunguvungu oLwandle LwaseGalile. (Marku 4:37-39) Ukulandisa okunjengalokhu akushiyi kungabaza ngokuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bangakulawula ngokugcwele konke okuthinta ukuphila lapha emhlabeni.—2 IziKronike 20:6; Jeremiya 32:17; Mathewu 19:26.
UJehova akayena nje uMdali wamandla angokwemvelo kodwa futhi unamandla okuwalawula. Kulo lonke iBhayibheli sithola ukulandisa okuhlobene nokulawula noma ukusebenzisa kukaJehova amandla anjalo ukuze afeze injongo yakhe. Lezi zihlanganisa ukuhlukaniswa koLwandle Olubomvu osukwini lukaMose nokumiswa kwelanga nenyanga emizileni yakho emazulwini esikhathini sikaJoshuwa. (Ngenxa yalokhu, ingabe singasola uNkulunkulu ngokwanda komonakalo nencithakalo okuye kwaba umphumela wezinhlekelele ezingokwemvelo ezikhathini zamuva? Ukuze siphendule lombuzo, kumelwe siqale sicabangele ukuthi bukhona yini ubufakazi bokuthi amandla emvelo aye aba nobudlova ngokwengeziwe muva nje, mhlawumbe aze ngisho angalawuleka.
Ngokuphathelene nalokhu, phawula lokho incwadi ethi Natural Disasters—Acts of God or Acts of Man? ekushoyo: “Akukho bufakazi obubonisa ukuthi siyashintsha isimiso sesimo sezulu esihlobene nesomiso, izikhukhula nezishingishane. Futhi akukho sazi sesayensi yokwakheka komhlaba esithi ukuhamba komhlaba okuhlobene nokuzamazama komhlaba, izintaba-mlilo ne-tsunami (amagagasi okuzamazama komhlaba) kuba nobudlova ngokwengeziwe.” Ngokufanayo, incwadi ethi Earthshock iyaphawula: “Amadwala awo wonke amazwekazi aqukethe umbhalo wezenzakalo ezingenakubalwa ezinkulu nezincane zesayensi yokwakheka komhlaba, ngasinye esasiyoba inhlekelele enkulu ukuba besingenzeka namuhla—futhi kungokuqinisekiswe ngokwesayensi ukuthi izenzakalo ezinjalo ziyophinde zenzeke nakanjani esikhathini esizayo.” Ngamanye amazwi, umhlaba namandla awo amakhulu ngandlela-thile akuzange kushintshe eminyakeni eminingi. Nokho, ngisho nakuba izibalo zingabonisa noma zingakubonisi ukwanda kwezinhlobo ezithile zomsebenzi wesayensi yokwakheka komhlaba noma eminye imisebenzi, umhlaba awukakabi nobudlova ngokungalawuleki ezikhathini zamuva.
Khona-ke, yini ebangela ukwanda kwezikhathi okwenzeka ngazo izinhlekelele zemvelo nokubhubhisa kwalezozinhlekelele esifunda ngazo? Uma amandla emvelo engenakusolwa, kungasolwa abantu. Futhi, empeleni, iziphathimandla zikuqaphelile ukuthi imisebenzi yomuntu yenze indawo yethu ezungezile yathambekela ngokwengeziwe ezinhlekeleleni ezingokwemvelo futhi yangavikeleka ngokwengeziwe kuzo. Emazweni asathuthuka, isidingo esikhulayo sokudla siphoqelela abalimi ukuba balime ngokweqile noma yimaphi amasimu abanawo noma bathole amanye amasimu ngokugawula amahlathi akhona. Lokhu kuholela ekugugulekeni komhlabathi okungathi sína. Inani elikhulayo labantu nalo lisheshisa ukwanda kwezindawo ezihlala abantu abampofu nemijondolo eyakhiwe ngokungahlelekile ezindaweni ezingalondekile. Ngisho nasemazweni athuthuke kakhudlwana, abantu, njengezigidi ezihlala eduze neSan Andreas Fault eCalifornia, baye bazifaka engozini naphezu kwezixwayiso ezicacile. Ezimweni ezinjalo, lapho kuba nezenzakalo ezingavamile—isivunguvungu, isikhukhula, noma ukuzamazama komhlaba—ingabe umphumela oyinhlekelele ungabizwa ngempela ngokuthi “ongokwemvelo”?
Isibonelo esihle salokhu isomiso saseSahel yase-Afrika. Ngokuvamile sicabanga ngesomiso njengesiwukuntuleka kwemvula noma amanzi, okuholela endlaleni, nasekufeni. Kodwa ingabe ukubulawa yindlala kuleyondawo kumane nje kungenxa yokuntuleka kwamanzi? Incwadi ethi Nature on the Rampage ithi: “Ubufakazi obuqoqwe izinhlangano zesayensi nezinikeza usizo bubonisa ukuthi indlala namuhla ayiphikeleli ngenxa yesomiso esiphikelelayo kodwa ibangelwa ukusetshenziswa kabi kwezwe nemithombo yamanzi. . . . Ukuqhubeka kweSahel yenziwa ugwadule kuyisenzakalo esikhulu esibangelwa
umuntu.” Iphephandaba laseNingizimu Afrika, i-Natal Witness, liyaphawula: “Indlala ayiphathelene nokuntuleka kokudla; iphathelene nokungabikho kwendlela yokuthola ukudla. Ngamanye amazwi, iphathelene nobumpofu.”Kungashiwo okufanayo ngomonakalo omkhulu obangelwa ezinye izinhlekelele. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi izizwe ezimpofu kakhudlwana zibhekana namazinga aphakeme ngokungenakulinganiswa okufa okubangelwa izinhlekelele ezingokwemvelo kunemiphakathi yezwe ecebe kakhudlwana. Ngokwesibonelo, ngo-1960 kuya ku-1981, ngokusho kokunye ukuhlola, iJapane yaba nokuzamazama komhlaba izikhathi ezingu-43 nezinye izinhlekelele futhi kwafa abantu abangu-2 700, okuyisilinganiso sokufa kwabangu-63 enhlekeleleni ngayinye. Ngayo leyonkathi efanayo, iPeru yaba nezinhlekelele ezingu-31 nokufa kwabantu abangu-91 000, noma abangu-2 900 enhlekeleleni ngayinye. Kungani kunalomehluko? Kungenzeka ukuthi amandla angokwemvelo aye abangela inhlekelele engokwemvelo, kodwa umsebenzi womuntu—wezenhlalo, ezomnotho, nezombangazwe—okumelwe usolwe ngalomehluko omkhulu wokufa nokucekelwa phansi kwempahla okuye kwaba umphumela.
Ayini Amakhambi?
Izazi zesayensi nochwepheshe baye bazama iminyaka eminingi ukusungula izindlela zokubhekana nezinhlekelele ezingokwemvelo. Bangena ekujuleni komhlaba befuna ulwazi ngokuqondene nendlela ukuzamazama komhlaba nokuqhuma kwezintaba-mlilo okwenzeka ngazo. Ngama-satellite asemkhathini bahlola isimo sezulu ukuze bathole umkhondo wezishingishane neziphepho noma babikezele izikhukhula nesomiso. Konke lokhu kucwaninga kubanikeze ukwaziswa abanethemba lokuthi kuyobenza banciphise ithonya lalamandla angokwemvelo.
Ingabe imizamo enjalo iye yaba nemiphumela emihle? Ngokuqondene naloluhlobo lwendlela ebizayo, ewubuchwepheshe bezinga eliphezulu, enye inhlangano enakekela indawo ezungezile engokwemvelo iyaphawula: “Lezizindlela zibalulekile ngandlela-thile. Kodwa uma zidla imali namandla amaningi ngokungenakulinganiswa—uma ziyizaba zokungazinaki izingozi ezisezindaweni izisulu ezihlala kuzo ezenza ukuba izinhlekelele zibe zimbi kakhulu—khona-ke mkhulu umonakalo ezisazowenza kunobuhle.” Ngokwesibonelo, nakuba kunenzuzo ukwazi ukuthi ixhaphozi elingasogwini lwaseBangladesh liyaqhubeka lisongelwa izikhukhula namagagasi, lololwazi aluzivikeli izigidi zabantu baseBangladesh ekuphoqelekeni ukuba zihlale lapho. Umphumela uba izinhlekelele eziphindaphindiwe nenani eliphakeme labafayo elilinganiselwa emakhulwini ezinkulungwane.
Ngokuqinisekile, ukwaziswa okuphathelene nemininingwane ehilelekile kuzuzisa ngezinga elilinganiselwe kakhulu. Okunye okudingekayo amandla okuqeda ukucindezela okwenza abantu baphoqeleke ukuba bahlale ezindaweni ngokuyinhloko ezichayeke ezingozini noma ukuba baphile ngezindlela ezicekela phansi indawo ezungezile. Ngamanye amazwi, ukuze kuncishiswe umonakalo obangelwa amandla emvelo, kuyodingeka kumiswe kabusha isimiso sezenhlalo, sezomnotho, nesezombangazwe esiphila ngaphansi kwaso. Ubani ongafeza lowomsebenzi? YiLowo kuphela ongaqondisa ngisho namandla abangela izinhlekelele ezingokwemvelo.
Izenzo ZikaNkulunkulu Ezingaphambili
UJehova uNkulunkulu ngeke nje alwe nezimpawu kodwa uyobhekana nembangela eyinhloko yosizi lwabantu. Uyoqeda izimiso ezinobugovu nezicindezelayo zezombangazwe, ezentengiselwano, nezezenkolo eziye ‘zabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Noma ubani ojwayelene neBhayibheli ngeke ahluleke ukuphawula ukuthi kuwo wonke amakhasi alo kuneziprofetho eziningi ezibhekisela esikhathini lapho uNkulunkulu eyothatha isinyathelo sokuqeda ububi nokuhlupheka emhlabeni futhi abuyisele ipharadesi lasemhlabeni lokuthula nokulunga.—IHubo 37:9-11, 29; Isaya 13:9; 65:17, 20-25; Jeremiya 25:31-33; 2 Petru 3:7; IsAmbulo 11:18.
Eqinisweni, yilokho uJesu Kristu afundisa bonke abalandeli bakhe ukuba bakuthandazele, okungukuthi, “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe Mathewu 6:10) UMbuso wobuMesiya uyosusa futhi ukuthathele isikhundla konke ukubusa okungaphelele kwabantu, njengoba umprofethi uDaniyeli abikezela: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Yini eyofezwa uMbuso kaNkulunkulu engenakufezwa yizizwe namuhla? IBhayibheli linikeza ukukhanyiselwa kusengaphambili kwalokho okuzayo. Kunokuba kube nezimo eziboniswe kulamakhasi ezinjengendlala nobumpofu, “kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba,” futhi “umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo.” (IHubo 72:16; Hezekeli 34:27) Ngokuqondene nendawo ezungezile engokwemvelo, iBhayibheli liyasitshela: “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. . . . Ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi. Isihlabathi esibengezelayo siyakuba-yichibi, isigagadu sibe-yimithombo yamanzi.” (Isaya 35:1, 6, 7) Futhi izimpi ziyophela.—IHubo 46:9.
Ukuthi uJehova uNkulunkulu uyokufeza kanjani konke lokho, nokuthi uyobhekana kanjani nawo wonke amandla emvelo ukuze angaphinde abe yimbangela yanoma iyiphi ingozi, iBhayibheli alisho. Nokho, okuqinisekile ukuthi bonke abaphila ngaphansi kwalowohulumeni wokulunga “abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba-nabo.”—Isaya 65:23.
Emakhasini alomagazini, kanye nakwezinye izincwadi ze-Watch Tower Society, oFakazi BakaJehova baye bakuveza ngokuphindaphindiwe ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ezulwini ngonyaka ka-1914. Ngaphansi kokuqondisa kwalowoMbuso, kuye kwanikezwa ubufakazi 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:4.
embulungeni yonke eminyakeni ecishe ibe ngu-80, futhi namuhla sisemngceleni ‘wamazulu amasha nomhlaba omusha’ okuthenjisiwe. Isintu asinakukhululwa emonakalweni wezinhlekelele ezingokwemvelo nje kuphela kodwa nakubo bonke ubuhlungu nokuhlupheka obekukhathaza isintu eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha edlule. Ngokuqondene nalesosikhathi kungashiwo ngokuqinisekile ukuthi, “okokuqala kudlulile.”—Nokho, kuthiwani ngesikhathi samanje? Ingabe uNkulunkulu ubebasekela labo abacindezelekile ngenxa yezimo ezingokwemvelo noma okunye? Ngokuqinisekile kunjalo kodwa empeleni hhayi ngendlela abantu abaningi ababengalindela ukuba enze ngayo.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Imisebenzi yabantu yenze indawo yethu ezungezile yathambekela ngokwengeziwe ezinhlekeleleni ezingokwemvelo
[Imithombo]
Laif/Sipa Press
Chamussy/Sipa Press
Wesley Bocxe/Sipa Press
Jose Nicolas/Sipa Press