Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umuphi ‘Wezipho Zonke Ezinhle’

Umuphi ‘Wezipho Zonke Ezinhle’

Umuphi ‘Wezipho Zonke Ezinhle’

“Ngake ngabizwa umfundisi wase-Reformed church. Wayefuna ukwazi ukuthi ngangiliphatha kanjani isonto lami. Ngathi kuye: . . . ‘Asiholi; ayikho into ebangela ukuba abantu baxabane. Ayikho inkongozelo.’ ‘Niyithola kanjani imali?’ ebuza. Ngaphendula, ‘Manje, Dkt.——, uma ngikutshela iqiniso elimsulwa awunakulikholelwa neze. Lapho abantu beba nesithakazelo kulendlela, akukho zitsha zenkongozelo ezibekwa emakhaleni abo. Kodwa bayabona ukuthi zikhona izindleko. Bazitshela ukuthi, “Lelihholo libiza okuthile. . . . Nginganikela kanjani imadlana ethile ngokwalenjongo?”’ Wangibheka njengokungathi wayecabanga, ‘Ucabanga ukuthi ngiyini—ngiyimpatha?’ Ngathi, ‘Manje, Dkt.——, ngikutshela iqiniso langempela. . . . Lapho umuntu ethola isibusiso futhi enanoma iyiphi ingcebo yezinto ezibonakalayo, ufuna ukuyisebenzisela iNkosi. Uma engenayo ingcebo, kungani kufanele simsole ngenxa yalokho?’”—UCharles T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, “The Watch Tower” ka-July 15, 1915.

SIYAPHA ngoba uJehova uNkulunkulu owapha kuqala. Ukupha kwakhe kwaqala eminyakeni eminingi engenakubalwa lapho edala—yona kanye indalo yakhe yokuqala, ‘iNdodana yakhe ezelwe yodwa.’ (Johane 3:16) Eshukunyiswa uthando, wanika abanye isipho sokuphila.

INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, iyisipho sikaJehova esikhulu kunazo zonke asinike sona. Kodwa iNdodana kaNkulunkulu, yona ngokwayo, ayisona ukuphela kwesipho esivela kuNkulunkulu. ‘Umusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu’ uyilokho uPawulu akubiza ngokuthi ‘isipho [esingachazeki, NW]’ sikaJehova. (2 Korinte 9:14, 15) Lesisipho ngokusobala sihlanganisa bonke ubuhle nomusa wothando uNkulunkulu akubonisa abantu bakhe ngoJesu. Lomusa esingawufanelekeli umangalisa kangangokuthi ungaphezu kwamandla omuntu okuchaza noma ukusho ngamazwi. Nokho, kusenokwengeziwe ekupheni kukaNkulunkulu.

Esikhathini eside ngaphambili, inkosi ethile yavuma ngokuhlakanipha nangokuthobeka ukuthi noma yiziphi izipho ezinhle eyayiphana ngazo empeleni zazingezikaJehova. Yathi: “Ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. . . . Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe-namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikuniké wena.”—1 IziKronike 29:11-14.

Isibonelo SikaNkulunkulu

UJakobe, umfundi kaJesu Kristu, wayazi ukuthi uJehova uNkulunkulu ungumthombo wakho konke okuhle ngokuphelele kuzo zonke izici. Yizipho ezipheleleyo kuphela ezivela kuye. UJakobe wabhala: “Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.”—Jakobe 1:17.

Ngisho nasendabeni yokupha izipho, uJakobe wabona indlela uNkulunkulu ahluke ngayo kubantu. Abantu bangapha ngezipho ezinhle kodwa abenzi kanjalo ngaso sonke isikhathi. Lezizipho zingashukunyiswa izisusa zobugovu, noma zingasetshenziselwa ukulingela umuntu ukuba enze okuthile okubi. UJehova akaguquguquki; akashintshi. Ngakho, nohlobo lwezipho zakhe alushintshi. Zimsulwa ngaso sonke isikhathi. Ngaso sonke isikhathi zithuthukisa inhlala-kahle nenjabulo yesintu. Ngaso sonke isikhathi zingezomusa futhi ziwusizo, azilokothi zibhubhise.

Izisusa Zokupha Izipho

Ezinsukwini zikaJakobe, abaholi benkolo ababethandwa babenomkhuba wokupha izipho ngokuyinhloko ukuze babonwe ngabantu. Babepha ngesisusa esibi. Beshisekela ukuhalaliselwa abantu, balahla izindinganiso zabo zokulunga. Nokho, amaKristu kwakumelwe ehluke. UJesu waweluleka: “Nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe-sekusithekeni; noyihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”—Mathewu 6:2-4.

Isizathu somKristu sokupha isipho siwukusiza abanye ukuba bagcwalise isidingo noma ukubenza bajabule noma ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. Asikhona ukuzidumisa ngokwawo. Kakade, amehlo kaJehova angafinyelela ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Angabona isisusa esijulile esishukumisa izipho zethu zesihe.

OFakazi BakaJehova bayazimisela ukulandela isibonelo sikaJehova neseNdodana yakhe ekupheni izipho. Bapha ngokwalokho abanakho. Banezindaba ezinhle zoMbuso, futhi baphana ngazo ukuze abanye babusiswe. Bayazi ukuthi izAga 3:9 zithi: “Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.” Ngenxa yokuthi ihhovisi legatsha ngalinye, ibandla, nabantu ngabanye ngobuqotho bafuna ukunikelela inhlala-kahle yabo bonke abantu, ubuzalwane bomhlaba wonke buyaqiniswa futhi benziwe buchume ngokomoya. Ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo akuholeli ekuchumeni okungokomoya, kodwa ukuchuma okungokomoya kuyakuletha ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo okwanele ukufeza izidingo zomsebenzi kaJehova.

Izindlela Zokuhlanganyela

Kunezindlela eziningi bonke abanganikela ngazo ngokomuntu siqu ukuze basekele izindaba ezinhle. Enye indlela ingephathelene namaHholo OMbuso. Wonke amalungu ebandla ayalisebenzisa iHholo LoMbuso. Othile uye wakhipha imali yokulakha noma ukukhokhela intela yalo, ukukhanyisa, ukuqondisa isimiso sezinga lokushisa, nokuligcina lisesimweni esihle. Njengoba ukusekela kwabo bonke ebandleni kudingeka, kubekwa amabhokisi eminikelo eHholo LoMbuso, futhi iminikelo yokuzithandela etholiwe isetshenziselwa ukukhokha izindleko zebandla. Emalini esele, kungase kuthunyelwe iminikelo egatsheni le-Watch Tower lendawo, ngokuvumelana nesinqumo sebandla.

Iminikelo ingathunyelwa egatsheni leNhlangano ngokuqondile ukuze kuqeqeshwe futhi kusekelwe izithunywa zevangeli namaphayona akhethekile ezingxenyeni zezwe lapho izindaba ezinhle zingakafinyeleli khona kubo bonke abantu. Ezinye izindleko zokusakazwa kwezindaba ezinhle ziphathelene nomsebenzi wababonisi abajikelezayo. Umphostoli uPawulu, owabeka isibonelo emsebenzini wokujikeleza ekhulwini lokuqala, watusa ibandla laseFilipi: “Nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami.” (Filipi 4:14-16) Ngaphandle kwezindleko zalezizici zenkonzo zesikhathi esigcwele, wonke amagatsha anazo, kunesici sokunakekelwa kwekhaya ngalinye laseBethel nalabo abasebenza khona. Ukubhalwa nokunyatheliswa kwezincwadi eziqukethe isigijimi esihle sezindaba ezinhle ngempela kungamalungelo avela kuNkulunkulu, kodwa ukusakazwa kwalezincwadi nakho kuyadingeka, futhi kuyizindleko. Khona-ke kunezindleko zemihlangano yesifunda neyesigodi, ingasaphathwa eyamacala asezinkantolo aye alwiwa ukuze ‘kuvikelwe futhi kuthuthukiswe ngokomthetho izindaba ezinhle.’—Filipi 1:7.

Isikhathi esisetshenziswa inceku kaJehova ngayinye ekushumayeleni izindaba ezinhle singesokuzithandela, kungokufanayo nangokupha kwayo ngemali engokoqobo. UPawulu weluleka ukuba njalo kubekelwe eceleni imali ukuze isetshenziselwe ukusekela ukwanda kokukhulekela kweqiniso: “Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, . . . Ngosuku lokuqala lweviki akube-yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe.”—1 Korinte 16:1, 2.

Lapho umuntu enikela, akayazi ngaso sonke isikhathi indlela lowomnikelo oyosetshenziswa ngayo ngempela, kodwa imiphumela uyibona ekwandeni kokushumayela ngoMbuso. Imibiko eku-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1993 ibonisa ukuthi izikhonzi ezingamaKristu ezingaphezu kuka-4 500 000 zishumayela izindaba ezinhle zoMbuso emazweni naseziqhingini zolwandle ezingaphezu kuka-200. Lemibiko iyajabulisa. Khona-ke, noma isiphi isipho, kungakhathaliseki ubukhulu baso, sineqhaza ekusakazweni kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke.

Lomsebenzi usekelwa ngokwezimali ngokupha kwabo bonke. Abanye bayakwazi ukupha kakhulu, okusiza umsebenzi wokushumayela ngezinga elikhudlwana. Abanye bapha kancane. Kodwa akudingekile ukuba labo abenza iminikelo emincane bazizwe benamahloni noma babe nomuzwa wokuthi iminikelo yabo ayibalulekile. Ngokuqinisekile uJehova akazizwa ngaleyondlela. UJesu wakwenza kwacaca lokhu lapho ebonisa indlela uJehova alwazisa ngayo uhlamvu lwemali lomfelokazi. “Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi amabili; wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Lomfelokazi ompofu ubeké okuningi kunabo bonke. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeké konke abephila ngakho.”—Luka 21:2-4.

Kungakhathaliseki ukuthi isimo sethu sezomnotho singaba yini, singapha ngezindlela ezithokozisa uJehova. Umhubi uyibeka kahle ngamafuphi indlela esinganikeza ngayo iNkosi yethu noMahluleli inkazimulo. Uthi: “Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.” (IHubo 96:8) Ngakho-ke, kwangathi singalingisa isibonelo sothando sikaBaba wethu wasezulwini ngokupha kwethu ngenjabulo ngoba yena wasipha kuqala.

[Ibhokisi ekhasini 30]

INDLELA ABANYE ABENZA NGAYO IMINIKELO EMSEBENZINI WOKUSHUMAYELA NGOMBUSO

IZIPHO: Iminikelo yokuzithandela yemali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201, noma ehhovisi legatsha leNhlangano elisendaweni yakini. Amatshe ayigugu noma ezinye izinto eziyigugu nakho kunganikelwa. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane naleminikelo.

ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA: Imali ingase inikwe i-Watch Tower Society ngendlela yokuyigcina kuze kufe umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo.

UMSHWALENSE: I-Watch Tower Society ingabhaliswa njengendlalifa yomshwalense kungaba owokuphila noma owomhlala-phansi/wokuguga. INhlangano kumelwe yaziswe nganoma yimaphi amalungiselelo anjalo.

AMASHEYA NEZIBAMBISO: Amasheya nezibambiso kunganikelwa e-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.

IZINDLU NEZINDAWO: Izindlu nezindawo ezisesimweni esifanelekile zinganikelwa e-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.

IZINCWADI ZEFA: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho. Ikhophi yencwadi yefa kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nezindaba ezinjalo, bhalela i-Treasurer’s Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ubhalele ihhovisi legatsha lendawo leNhlangano eliseduze.

[Izithombe ekhasini 31]

Indlela iminikelo yenu esetshenziswa ngayo:

1. Izisebenzi zokuzithandela zaseBethel

2. Ukwakhiwa kwehhovisi legatsha

3. Ukunikeza usizo ngesikhathi senhlekelele

4. AmaHholo OMbuso

5. Izithunywa zevangeli