Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thembela KuJehova!

Thembela KuJehova!

Thembela KuJehova!

“Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.”—IZAGA 3:5.

1. Enye insizwa yahlatshwa kanjani umxhwele yizAga 3:5, futhi kwaba namuphi umphumela ohlala njalo?

ISITHUNYWA sevangeli esesinesikhathi eside siyabhala: “‘THEMBELA ENKOSINI NGENHLIZIYO YAKHO YONKE; FUTHI UNGENCIKI EKUQONDENI KWAKHO.’ Lawomazwi avela eBhayibhelini, ayefakwe efulemini elenga odongeni ekhaya engangilivakashele, angikhanga. Phakathi nalo lonke lolosuku ngazindla ngawo. Ngazibuza, ingabe ngingamethemba uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yami?” Ngalesosikhathi lomuntu wayeneminyaka engu-21. Njengoba eneminyaka engu-90 ubudala futhi esakhonza ngokwethembeka njengomdala ePerth, e-Australia, angabheka emuva ekuphileni okucetshiswe ngezithelo zokuthembela kuJehova ngenhliziyo yonke, kuhlanganise neminyaka engu-26 eyinselele yokuphayona emasimini amasha ezithunywa zevangeli eCeylon (manje osekuyiSri Lanka), eBurma (manje osekuyiMyanmar), eMalaya, eThailand, eNdiya, nasePakistan. *

2. IzAga 3:5 kufanele zakhe liphi ithemba kithi?

2 “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho”—lamazwi ezAga 3:5, njengoba ehunyushwa kanjalo i-New World Translation, kufanele sonke asishukumisele ukuba siqhubeke sinikela ukuphila kwethu kuJehova ngenhliziyo ephelele, siqiniseka ngokuthi angaluqinisa ukholo lwethu, kuze kube ngisho nasezingeni lokunqoba izithiyo ezinjengentaba. (Mathewu 17:20) Manje ake sihlole umongo wezAga 3:5.

Isiyalo Sobuzali

3. (a) Yisiphi isikhuthazo esitholakala ezahlukweni zokuqala eziyisishiyagalolunye zezAga? (b) Kungani kufanele siqaphelisise izAga 3:1, 2?

3 Izahluko zokuqala eziyisishiyagalolunye zencwadi yeBhayibheli yezAga zigcwele isiyalo sobuzali, iseluleko esihlakaniphile esivela kuJehova kubo bonke ababheke phambili ekujabuleleni ukuba amadodana emazulwini noma ‘ukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu,’ emhlabeni oyipharadesi. (Roma 8:18-21, 23) Lesi iseluleko esihlakaniphile esingase sisetshenziswe abazali ekukhuliseni amadodana namadodakazi. Iseluleko sezAga isahluko 3 singesivelele, esiqalisa ngalesixwayiso: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.” Njengoba izinsuku zokugcina zezwe likaSathane elibi zisondela ngasekupheleni kwazo, kwangathi singaziqaphelisisa njalo izikhumbuzo zikaJehova. Kungenzeka kubonakalé kwephuza, kodwa isithembiso kubo bonke abakhuthazelayo siwukuthi “iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula”—ukuphila okuphakade esimisweni esisha sikaJehova.—IzAga 3:1, 2.

4, 5. (a) Yibuphi ubuhlobo obujabulisayo obuchazwa kuJohane 5:19, 20? (b) Iseluleko esikuDuteronomi 11:18-21 sisebenza kanjani nasosukwini lwethu?

4 Ubuhlobo obujabulisayo phakathi kukababa nendodana bungaba yigugu kakhulu. UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, wahlela ukuba kube ngaleyondlela. Ngokuphathelene nobuhlobo bakhe obuseduze kakhulu noJehova uKristu Jesu wathi: “INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena.” (Johane 5:19, 20) UJehova wayejonge ukuba ubuhlobo obufanayo obuseduze bube khona phakathi kwakhe nawo wonke umkhaya wakhe wasemhlabeni, naphakathi kobaba abangabantu nezingane zabo.

5 Ubuhlobo bomkhaya obunokwethenjelwa babukhuthazwa kwa-Israyeli wasendulo. UJehova waluleka obaba lapho: “Niyakuwabeka lawamazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe-luphawu esandleni senu, abe-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.” (Duteronomi 11:18-21) Ngempela, iZwi eliphefumlelwe loMfundisi wethu Omuhle, uJehova uNkulunkulu, lingamhlanganisa ngokuseduze nabazali nezingane zabo, kanye nabo bonke abanye abamkhonzayo ebandleni lobuKristu.—Isaya 30:20, 21.

6. Singawuthola kanjani umusa kuNkulunkulu nakubantu?

6 Iseluleko esihlakaniphile sobuzali sabantu bakaNkulunkulu, abadala nabasha, siyaqhubeka emavesini 3 no-4 ezAga isahluko 3: “Isihe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.” UJehova uNkulunkulu ngokwakhe uvelele ekuboniseni umusa wothando neqiniso. Njengoba iHubo 25:10 lisho, “zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso.” Silingisa uJehova, kufanele sibheke lezizimfanelo namandla azo avikelayo njengeziyigugu, sizazise njengoba besiyokwenza kanjalo ngomgexo oyigugu futhi sizilobe ngokungacimeki enhliziyweni yethu. Khona-ke, singathandaza ngentshiseko: “Jehova . . . umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.”—IHubo 40:11.

Ithemba Elingapheliyo

7. Kungaziphi izindlela uJehova aye wabonisa ngazo ukuthembeka kwakhe?

7 I-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary ichaza ithemba ngokuthi “ukuthembela ngokuqinisekile ebuntwini, ikhono, amandla, noma iqiniso lothile noma into ethile.” Ubuntu bukaJehova busekelwe ngokuqinile emuseni wakhe wothando. Futhi singathembela ngokuphelele ekhonweni lakhe lokwenza lokho akuthembisile, ngoba lona kanye igama lakhe elithi Jehova, limchaza njengoMsunguli wezinjongo omkhulu. (Eksodusi 3:14; 6:2-8) NjengoMdali, uwuMthombo wamandla nezikhwepha. (Isaya 40:26, 29) Uwukwenziwa samuntu kweqiniso, ngokuba “uNkulunkulu angeqambe amanga.” (Heberu 6:18) Ngakho, sikhuthazwa ukuba sithembele ngokuphelele kuJehova, uNkulunkulu wethu, uMthombo omkhulu walo lonke iqiniso, onamandla onke okuvikela abamethembayo nokuphumelelisa ngokukhazimulayo zonke izinjongo zakhe ezinhle.—IHubo 91:1, 2; Isaya 55:8-11.

8, 9. Kungani ukuthemba kuntuleka ngokudabukisayo ezweni, futhi abantu bakaJehova bahluke kanjani?

8 Ezweni eliwohlokile elisizungezile, ukuthemba kuntuleka ngokudabukisayo. Kunalokho, sithola ukuhaha nokonakala kuyo yonke indawo. Ikhasi elisekuqaleni lesihloko sikamagazini i-World Press Review ka-May 1993 lalibhalwe lesigijimi: “UKUDLANGA KOKONAKALA—Imali Engcolile Ohlelweni Lwezwe Elisha. Imboni yokonakala isukela eBrazil kuya eJalimane, e-United States kuya e-Argentina, eSpain kuya ePeru, e-Italy kuya eMexico, eVatican kuya eRussia.” Njengoba kusekelwe enzondweni, ukuhaha, nokungethembi, okuthiwa uhlelo olusha lomuntu kuvuna usizi lwesintu oludlangayo kuphela.

9 Ngokuphambene nezizwe zezombangazwe, oFakazi BakaJehova bayajabula ngokuba “isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova.” Yibona kuphela abangase bathi ngokuthembeka, “Sithembela kuNkulunkulu.” Ngamunye wabo angamemeza ngenjabulo: “KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; . . . Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba.”—IHubo 33:12; 56:4, 11.

10. Yini eye yaqinisa amaKristu amaningi asemasha ukuba agcine ubuqotho?

10 Ezweni elithile lase-Asia lapho izinkulungwane zoFakazi abasebasha ziye zabhekana khona nokushaywa kanzima nokuboshwa, ukuthembela kuJehova kuye kwabangela iningi lazo ukuba likhuthazele. Ngobunye ubusuku ejele, uFakazi osemusha owayebhekane nokuhlukunyezwa okusabekayo waba nomuzwa wokuthi wayengasenakukwazi ukukhuthazela. Kodwa omunye osemusha wasondela kuye ngokunyenya ekusithekeni. Wanyenyeza: “Ungayeki; ngahlehla futhi kusukela ngalesosikhathi angizange ngibe nokuthula kwengqondo.” Osemusha wokuqala wavuselela kabusha isinqumo sakhe sokuma eqinile. Singathembela ngokuphelele kuJehova ukuthi uyosisiza ukuba sinqobe noma yimiphi futhi yonke imizamo kaSathane yokwephula ubuqotho bethu.—Jeremiya 7:3-7; 17:1-8; 38:6-13, 15-17.

11. Sishukunyiselwa kanjani ukuba sithembele kuJehova?

11 Umyalo wokuqala ngokwengxenye ufundeka kanje: “Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho.” (Marku 12:30) Njengoba sizindla ngeZwi likaNkulunkulu, amaqiniso amahle esiwafundayo angena ngokujulile enhliziyweni yethu ngaleyondlela sishukunyiselwa ukuba sizinikele ngokuphelele enkonzweni kaNkulunkulu wethu omangalisayo, iNkosi ewuMbusi uJehova. Kungenhliziyo echichima ukwazisa ngaye—ngakho konke aye wasifundisa kona, asenzele kona, nasazosenzela kona—sishukunyiselwa ukuba sethembele ngokugcwele ekusindiseni kwakhe.—Isaya 12:2.

12. Eminyakeni eminingi edlule, amaKristu amaningi aye akubonisa kanjani ukuthembela kwawo kuJehova?

12 Lokhu kuthemba kungahlakulelwa iminyaka eminingi. UFakazi kaJehova othobekile oye wakhonza ngokwethembeka iminyaka engaphezu kwengu-50 endlunkulu ye-Watch Tower Society eBrooklyn, kusukela ngo-April 1927, wabhala: “Ekupheleni kwaleyonyanga ngathola imali eyimbuyiselo engu-$5.00 [R16] eyayifakwe emvilophini kanye nekhadi elihle elaliqokomisa umbhalo weBhayibheli wezAga 3:5, 6 . . . Sasinazo zonke izizathu zokuthembela kuJehova, ngoba ngaqala ukuqonda ngokushesha endlunkulu ukuthi uJehova ‘unenceku ethembekileyo neqondayo’ eyayinakekela ngokuthembeka zonke izithakazelo zoMbuso lapha emhlabeni.—Mathewu 24:45-47.” * Inhliziyo yalomKristu yayingagxilanga othandweni lwemali, kodwa ekuzuzeni “ingcebo engapheliyo ezulwini.” Nanamuhla ngokufanayo, izinkulungwane ezikhonza emakhaya aseBethel e-Watch Tower Society emhlabeni wonke zenza kanjalo ngaphansi kohlobo oluthile lwesifungo sobumpofu esingokomthetho. Zithembela kuJehova ukuba alungiselele izidingo zazo zansuku zonke.—Luka 12:29-31, 33, 34.

Yencika KuJehova

13, 14. (a) Kukuphi lapho iseluleko esivuthiwe singatholakala khona kuphela? (b) Yini okumelwe igwenywe ukuze sisinde ekushushisweni?

13 UBaba wethu wasezulwini uyasiyala: “Ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IzAga 3:5) Abeluleki nezazi zokusebenza kwengqondo zezwe azinakulokotha zibe nethemba lokufinyelela ukuhlakanipha nokuqonda uJehova akubonisayo. “Ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.” (IHubo 147:5) Kunokuba sincike ekuhlakanipheni kwabantu bezwe abavelele noma emizwelweni yethu entula ukwazi, masibheke kuJehova, iZwi lakhe, nakubadala ebandleni lobuKristu ukuze sithole iseluleko esivuthiwe.—IHubo 55:22; 1 Korinte 2:5.

14 Ukuhlakanipha komuntu noma isikhundla esivelele akunakusifikisa ndawo osukwini olusondela ngokushesha lokuvivinywa okukhulu. (Isaya 29:14; 1 Korinte 2:14) EJapane phakathi neMpi Yezwe II, umelusi onekhono kodwa ozidlayo wabantu bakaNkulunkulu wakhetha ukuncika ekuqondeni kwakhe. Ngaphansi kokucindezela waphenduka isihlubuki, futhi iningi lomhlambi layeka umsebenzi ngaphansi kokushushiswa. Udade othembekile waseJapane, ngesibindi owasinda ekuphathweni kabi okusabekayo emajele angcolile, wathi: “Labo abahlala bethembekile babengenawo amakhono akhethekile futhi bengavelele. Ngokuqinisekile sonke kumelwe sithembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu.” *

15. Iyiphi imfanelo yokwesaba uNkulunkulu ebalulekile ukuze sijabulise uJehova?

15 Ukuthembela kuJehova, kunasekuqondeni kwethu, kuhilela ukuthobeka. Yeka ukuthi lemfanelo ibaluleke kanjani kubo bonke abafuna ukujabulisa uJehova! Ingani, ngisho noNkulunkulu wethu, nakuba eyiNkosi ewuMbusi wendawo yonke, ubonisa ukuthobeka ekusebenzelaneni kwakhe nendalo yakhe ehlakaniphile. Singabonga ngalokho. “[Uya]zithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni . . . uyavusa odingayo othulini.” (IHubo 113:6, 7) Ngesihe sakhe esikhulu, usithethelela iziphambeko zethu ngesisekelo sesipho sakhe esikhulu kakhulu sesintu, umhlatshelo wesihlengo oyigugu weNdodana yakhe ethandekayo, uKristu Jesu. Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngalomusa ongasifanele!

16. Abazalwane bangakulwela kanjani ukufanelekela amalungelo ebandleni?

16 UJesu ngokwakhe uyasikhumbuza: “Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.” (Mathewu 23:12) Ngokuthobeka, abazalwane ababhapathiziwe kufanele balwele ukufanelekela imithwalo yemfanelo ebandleni lobuKristu. Nokho, ababonisi akufanele babheke ukumiswa kwabo njengesikhundla sokuvelela, kodwa njengethuba lokwenza umsebenzi, ngokuthobeka, ngokwazisa, ngenkuthalo, njengoba kwenza uJesu, owathi: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.”—Johane 5:17; 1 Petru 5:2, 3.

17. Yini sonke okufanele siyiqonde, okuyosiholela kusiphi isenzo?

17 Kwangathi ngaso sonke isikhathi ngokuthobeka nangomthandazo singakuqonda ukuthi siluthuli nje emehlweni kaJehova. Khona-ke, yeka indlela esingajabula ngayo ngokuthi “umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube-phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana”! (IHubo 103:14, 17) Ngakho-ke sonke kufanele sibe abafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu. Isikhathi esisetshenziswa esifundweni somuntu siqu nesomkhaya, nasemihlanganweni yebandla, kufanele sibe phakathi kwamahora ethu ayigugu kakhulu isonto ngalinye. Ngalendlela sakha ‘ukumazi oNgcwele.’ Lokhu “kungukuqonda.”—IzAga 9:10.

“Ezindleleni Zakho Zonke . . .”

18, 19. Singazisebenzisa kanjani izAga 3:6 ekuphileni kwethu, kube namuphi umphumela?

18 Zisiqondisa kuJehova, uMthombo waphezulu wokuqonda, izAga 3:6 ngokulandelayo zithi: “Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Ukwazisa uJehova kuhilela ukuhlala usondelene naye ngomkhuleko. Kungakhathaliseki ukuthi singase sibe kuphi nokuthi isiphi isimo esingase siphakame, singakwazi ukuya kuye ngokushesha ngomkhuleko. Njengoba senza imisebenzi yethu yansuku zonke, njengoba silungiselela inkonzo yasensimini, njengoba siya endlini ngendlu simemezela uMbuso wakhe, umkhuleko wethu wasikhathi sonke ungaphumela ekutheni uyowubusisa umsebenzi wethu. Ngakho, singaba nelungelo nenjabulo ‘yokuhamba noNkulunkulu’ engenakuqhathaniswa, siqiniseka ngokuthi ‘uyakuqondisa imikhondo yethu,’ njengoba enza ku-Enoke, uNowa abesaba uNkulunkulu, nama-Israyeli athembekile, njengoJoshuwa noDaniyeli.—Genesise 5:22; 6:9; Duteronomi 8:6; Joshuwa 22:5; Daniyeli 6:23; bheka noJakobe 4:8, 10.

19 Lapho senza ukuba izicelo zethu zaziwe nguJehova, singaqiniseka ngokuthi ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zethu nemicabango yethu kuKristu Jesu.’ (Filipi 4:7) Lokhu kuthula kukaNkulunkulu, okuboniswa ngobuso obunenjabulo, kungatusa isigijimi sethu kubaninikhaya esihlangana nabo emsebenzini wethu wokushumayela. (Kolose 4:5, 6) Kungase futhi kukhuthaze labo okungenzeka bahlushwa ukucindezela noma ukungabi nabulungisa okuvame kakhulu ezweni lanamuhla, njengoba ukulandisa okulandelayo kubonisa. *

20, 21. (a) Phakathi nonya lwamaNazi, ubuqotho boFakazi BakaJehova babakhuthaza kanjani abanye? (b) Izwi likaJehova kufanele lisenze ukuba senze siphi isinqumo?

20 UMax Liebster, umJuda ongokwemvelo owasinda ngendlela ebonakala imangalisa ekuQothulweni Kwesizwe, wachaza uhambo lwakhe lokuya ekamu lokubulala lamaNazi ngalamazwi: “Sasivalelwe ezinqoleni zokuthutha zakwaloliwe ezazenziwe izitokisi eziningi ezincane ezihlala abantu ababili. Ngikhahlelelwe kwesinye sazo, ngabhekana nesiboshwa esimehlo aso ayebonisa ukuthula. Sasilapho ngenxa yenhlonipho yaso ngomthetho kaNkulunkulu, sikhetha ukuboshwa nokufa okwakungenzeka kunokuba sichithe igazi labanye abantu. Sasingomunye woFakazi BakaJehova. Sasiphucwe izingane zaso, futhi umkaso wayebulewe. Sasilindele ukuhlanganyela usizi lomkaso. Loluhambo lwezinsuku ezingu-14 lwaletha impendulo emikhulekweni yami, ngoba kwakungalo kanye loluhambo lokuya ekufeni lapho ngathola khona ithemba lokuphila okuphakade.”

21 Ngemva kokuba ‘semphandwini wezingonyama’ wase-Auschwitz, njengoba lelikamu ayelibiza kanjalo, futhi ebhapathiziwe, lomzalwane washada nomunye woFakazi BakaJehova naye ngokwakhe owayekade eboshiwe futhi uyise owayehluphekile ekamu lokuhlushwa laseDachau. Ngesikhathi uyise elapho, wezwa ukuthi umkakhe nendodakazi encane nabo babeboshiwe. Wachaza ukusabela kwakhe: “Ngangikhathazeke ngokujulile. Khona-ke ngolunye usuku lapho ngimi emgqeni wabayogeza, ngezwa izwi licaphuna izAga 3:5, 6 . . . Lasho njengezwi elalehla livela ezulwini. Kwakuyikho kanye engangikudinga ukuze ngivuselele amandla ami.” Eqinisweni, lelizwi kwakungelesinye isiboshwa esasicaphuna lombhalo, kodwa lesisenzakalo sigcizelela amandla iZwi likaNkulunkulu elingaba nawo kithi. (Heberu 4:12) Kwangathi izwi likaJehova lingakhuluma ngamandla kithi namuhla ngamazwi etekisi lethu lonyaka lika-1994: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho”!

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Bheka isihloko esithi “Ukuthemba UJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yami,” njengoba silandiswa uClaude S. Goodman, INqabayokulinda (yesiNgisi), ka-December 15, 1973, amakhasi 760-5.

^ par. 12 Bheka isihloko esithi “Ukuzimisela Ukukhonza uJehova,” njengoba silandiswa uHarry Peterson, INqabayokulinda ka-February 1, 1969 amakhasi 69-72.

^ par. 14 Bheka isihloko esithi “UJehova Akazishiyi Izinceku Zakhe,” njengoba silandiswa uMatsue Ishii, INqabayokulinda, ka-May 1, 1988, amakhasi 21-5.

^ par. 19 Bheka futhi isihloko esithi “Ukukhululwa! Ukuzibonakalisa Sinokubonga,” njengoba silandiswa uMax Liebster, ku-Phaphama! ka-March 22, 1979, amakhasi 18-22.

Ngamafuphi

□ Hlobo luni lweseluleko esinikezwa kuzAga?

□ Ukuthembela kuJehova kusizuzisa kanjani?

□ Yini ehilelekile ekuncikeni kuJehova?

□ Kungani kufanele sazise uJehova ezindleleni zethu zonke?

□ UJehova uyiqondisa kanjani imikhondo yethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 15]

Isigijimi soMbuso esijabulisayo siyakhanga kubantu abanhliziyo ziqotho