Ukugcina Iso Lethu ‘Lilihle’ Emsebenzini WoMbuso
Ukugcina Iso Lethu ‘Lilihle’ Emsebenzini WoMbuso
IGERMAN Democratic Republic (G.D.R.), noma lokho okwakwaziwa ngokuthi iMpumalanga Jalimane, icishé yangafinyelela enkathini yeminyaka engamashumi amane nangaphezulu. Iminyaka engamashumi amane nanye yokuba khona kwayo yaphela ngo-October 3, 1990, lapho lendawo, cishe elingana neLiberia noma izwe laseTennessee e-United States, ihlanganiswa neFederal Republic of Germany, ebibizwa ngokuthi iNtshonalanga Jalimane.
Ukuhlanganiswa kabusha kwalamazwe amabili aseJalimane kuye kwasho izinguquko ezinkulu. Lokho okwakuhlukanise lamazwe amabili kwakungewona nje umngcele ongokoqobo, kodwa ukwehlukana ngemiqondo. Ingabe konke lokhu kwasho ukuthini ngabantu lapho, futhi ukuphila kuye kwashintsha kanjani koFakazi BakaJehova?
I-Wende, ukuvukela okwenzeka ngo-November 1989 okwenza ukuba kube nalokhu kuhlanganiswa * Lapho kufika inkululeko eG.D.R., zonke izakhamuzi zathokoza kakhulu. Kodwa lapho ukuthokoza kunyamalala, abaningi badideka, badumala, baze ngisho basanguluka. Umsebenzi wokuhlanganisa lamazwe amabili aseJalimane abe yinto eyodwa ngokwenhlalo, ngokombangazwe, nangokomnotho kunzima kakhulu.
kabusha kwalamazwe, kwenzeka emva nje kwamashumi amane eminyaka esimiso esinzima sokusebenzela uhulumeni. Phakathi naleyonkathi, imisebenzi yoFakazi BakaJehova yayivinjelwe, futhi ngezinye izikhathi babeshushiswa kanzima.Ngokombiko okhethekile othi “162 Tage Deutsche Geschichte” (Izinsuku Ezingu-162 Zomlando WaseJalimane) okuyi-Der Spiegel, ngemva kwalokhu kuhlanganiswa kabusha kwakunokwesaba okusakazekile kokungawutholi umsebenzi, ukwehla kwamandla emali, nezintela ezikhuphukayo. “Ingabe ngiyoba nayo impesheni eyanele?” kubuza abaningi endaweni eyayiyiG.D.R. ngaphambili. Kuthiwani ngendawo yokuhlala? “Kulo lonke elaseG.D.R., izakhiwo ezindala ziyawohloka, imigwaqo iyonke ayisenakuhlalwa muntu.” Ukungcola kufinyelela amazinga asabekayo.
Bebhekene nesiyaluyalu esinjalo esingokwenhlalo nesingokomnotho, oFakazi BakaJehova baye baphumelela kanjani kulendawo eyayiyiG.D.R. ngaphambili?
Ukugcina Iso Ligxiliswé Ngokufanele
OFakazi BakaJehova abanakho ukwehlukana ngokwemiqondo. Ukholo lwabo olusekelwe eBhayibhelini luyafana, kungakhathaliseki ukuthi kuseMpumalanga noma kuseNtshonalanga. Njengoba isimo esizungezile esingokwenhlalo abakusona siguquka, iningi loFakazi lilondoloza ukulinganisela okungokomoya ngokugcina amehlo alo egxiliswe emgomweni oyinhloko wokukhonza uJehova. Kungani lokhu kudingekile?
Ngoba “isimo salelizwe siyadlula.” (1 Korinte 7:31) Omunye umdala ongumKristu uphawula ukuthi ukushumayela ngaphansi kokuvinjelwa ngaphambi kokuba kube ne-Wende kwakudinga isibindi; kwafundisa oFakazi ukuthembela kuJehova futhi kwabaqeqesha ekusebenziseni iBhayibheli. Nokho, manje “kudingeka siqaphelisise ukuba singaphambukiswa ukuthanda izinto ezibonakalayo neminako yokuphila.”
Ngokuvamile inkululeko nentuthuko kulinganiswa ngezinto ezibonakalayo. Abantu abaningi kulendawo banomuzwa wokuthi kunesidingo sokukhokha isikhathi esabalahlekela noma mhlawumbe izinjabulo abangakwazanga ukuzijabulela. Lokhu kubonakala lapho umuntu ehamba ngemoto emigwaqweni egandaywe ngamatshana amancane emadolobheni nasemadolobhaneni aseThuringia naseSaxony eningizimu. Kungenzeka ukuthi imigwaqo idinga ukulungiswa, izindlu zisezingeni eliphansi, kodwa yeka ukuthi ziningi kanjani izinsiba zethelevishini eziyizindishi ezithola izinhlelo ezisakazwa ngesiphuphutheki! Kulula ukuba umuntu akhohliseke ngokucabanga ukuthi ukulondeka nenjabulo kutholakala ngokuba nayo yonke into iso eliyibonayo. Yeka ukuthi lokho kuwugibe oluyingozi kangakanani!
ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu wakhuluma ngezingozi zokugxila ngokungadingekile ezintweni ezibonakalayo naseminakweni yokuphila. “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni‚” exwayisa. Wanezela: “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle‚ uzakukhanya umzimba wakho wonke.” (Mathewu 6:19‚ 22) Wayesho ukuthini? Iso elihle yilelo eligxiliswe ngokufanele futhi elidlulisela imifanekiso ecacile engqondweni. Iso elihle elingokomoya lenza ukuba umfanekiso woMbuso kaNkulunkulu uhlale ucacile. Ngakho ukuzimisela komKristu ukugcina iso lakhe lilihle, ligxiliswe ngokucacile eMbusweni kaNkulunkulu, futhi eyibuyisela ngemuva iminako kusiza ekumgcineni elinganisela ngokomoya.
Lokhu kungaboniswa ngokuhlangenwe nakho kombhangqwana waseZwickau, eSaxony, owabonisa isithakazelo eBhayibhelini ngesikhathi se-Wende. Ibhizinisi lawo lalidla isikhathi esiningi, nokho wabeka izithakazelo ezingokomoya kuqala, uba khona kuyo yonke imihlangano yobuKristu. “Ngokwebhizinisi lethu, sasingenakuba naso isikhathi,” uvuma, “kodwa ngokomoya siyasidinga.” Yeka isinqumo esihlakaniphile!
Futhi, cabanga ngomkhaya othile wasePlauen, nayo eseSaxony. Indoda yayingumenzi wamawashi, ingcweti yangempela enebhizinisi layo. Ngemva kwe-Wende, intela yokukhokhela izakhiwo zebhizinisi layo yenyuka kakhulu. Yini okwakufanele iyenze? “Kuyobiza imali eningi kakhulu, futhi mina ngifundé ukuba iqiniso libe yiyona-nto ebalulekile ekuphileni kwami.” Ngakho yathuthela ezakhiweni ezazisendaweni engeyinhle kangako kodwa ezazinentela ephansi. Yebo, lomenzi wamawashi wafunda ngokushesha ukugcina iso lakhe lilihle.
Nokho, abanye baye bafunda sekwephuze kakhulu. Omunye umdala ongumKristu, ecabanga ukuthi umnotho wokuhweba ngokukhululekile owawusanda kuvunyelwa wawuthembisa, wangenela ibhizinisi. Umbonisi ojikelezayo wamnxusa ngomusa ukuba angavumeli ukuhileleka ebhizinisini kuminyanise ingokomoya. Nokho, ngokudabukisayo, yilokho okwenzeka. Ezinyangeni ezithile kamuva lomzalwane wahoxa ekubeni umdala. Kamuva wabhala: “Ngokusekelwe kokuhlangenwe nakho kwami, ngingaluleka noma yimuphi umzalwane olwela ukufinyelela amalungelo enkonzo ukuba angalenzi ibhizinisi lokuzisebenza.” Lokhu akusho ukuthi ukuzisebenza akulungile kumKristu. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sinamabhizinisi ethu siqu noma cha, ukunikela ukunakekela okukhulu eminakweni engokomnotho kungasenza izigqila zengcebo Mathewu 6:24) Imbongi engumJalimane uGoethe yathi: “Abekho abasebugqilini ngendlela engenathemba ukudlula labo ngokuyiphutha abakholelwa ukuthi bakhululekile.”
ngokungenhloso. UJesu wabonisa umphumela: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye‚ athande enye‚ noma abambelele kwenye‚ adelele enye.” (Ukuficwa isiphepho esingokoqobo kungase kudinge ukuba sivale amehlo kancane noma simboze amehlo ethu ngezandla ukuze senze umgomo wethu uhlale ubonakala. Lapho sizungezwe iziphithiphithi zezombangazwe, zezomnotho, nezenhlalo, kudingeka ukuqapha ukuze sihlale sicabanga ngomgomo wethu ongokomoya. Yini amanye amaKristu ayenzayo ukuze enze iso lawo lihlale lilihle emsebenzini woMbuso?
Umsebenzi Owandisiwe WoMbuso
Kuyo yonke indawo eyayiyiG.D.R. ngaphambili, oFakazi banikela isikhathi esengeziwe ekushumayeleni kunanini ngaphambili. Eminyakeni emibili edlule, isikhathi abasisebenzisa enkonzweni yasensimini ngokwesilinganiso senyuka ngamaphesenti angu-21. Umphumela uwukwanda okumangalisayo ngamaphesenti angu-34 ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya. Ngaphezu kwalokho, inani lamaphayona avamile njengamanje liphindwe izikhathi ezine kunalokho elaliyikho eminyakeni emibili nje edlule! Lapho abanye bekhathazeka futhi bekhononda, amaKristu angaphezu kuka-23 000 endaweni eyayiyiG.D.R. ngaphambili kuze kube yilesosikhathi abhekana ngokuphumelelayo nesimo ngokugcina iso lawo lilihle. Lokhu kuye kwaba nengxenye ekwandeni okumangalisayo komsebenzi woMbuso.—Qhathanisa noJoshuwa 6:15.
Umsebenzi owandisiwe usho ukuthi insimu inakekelwa kahle eningizimu, lapho kuhlala khona iningi loFakazi. Amaningi emagameni ezindawo anokubaluleka okungokomlando. Uma uthanda izitsha ezinhle zobumba, uyoliqaphela idolobha laseMeissen, eduze naseDresden, njengoba liyisizinda sezinye zezitsha zobumba ezinhle kakhulu emhlabeni wonke. IMeissen manje iyikhaya labamemezeli boMbuso abangaba ngu-130. Noma cabanga ngeWeimar, “inhloko-dolobha yaseJalimane yasendulo.” ISikhumbuzo Sika-Goethe NoSchiller esisenkabeni yedolobha sifakazela ukuhlobana okuhle kweWeimar nalabobabhali ababili futhi sibangela ukuba abaningi lapho baziqhenye. Namuhla iWeimar ingaziqhenya ngabamemezeli bayo bezindaba ezinhle abangaphezu kuka-150.
Nokho, enyakatho izimo zihluke kakhulu, njengoba kunabamemezeli abambalwa futhi amabandla eqhelelene. Ikakhulukazi imisebenzi iyindlala. Abaningi abasebenzayo bacindezeleka ukuba basebenze isikhathi esengeziwe ukuze bangalahlekelwa imisebenzi yabo. Omunye umzalwane okhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele enyakatho uyachaza: “Lapho kusenokuvinjelwa umzalwane ngamunye wayedinga isivikelo sikaJehova enkonzweni yasensimini, kodwa ukuthola umsebenzi kwakungenzima. Manje izinto sezishintshile. Sinenkululeko yokushumayela, kodwa sidinga isiqondiso sakhe ngokuphathelene nomsebenzi. Ushintsho olunjalo ludinga ukuba abanye balujwayele.”
Ingabe abamemezeli bayakujabulela ukukwazi ukushumayela njalo? Umbono kaWolfgang uthi: “Kungcono kakhulu ukuba ummemezeli asebenze insimu eyodwa ngokuphindaphindiwe. Abantu baya bemethemba futhi bakhululeka ngokwengeziwe.” Ngaphezu kwalokho, abaninikhaya “abasenamahloni okukhuluma ngenkolo eminyango, ngisho nalapho abadlulayo bengase bakuzwe okuxoxwayo. Inkolo akuseyona into enqatshelwe.” URalf noMartina bayavuma. “Siyakujabulela ukusebenza insimu yethu njalo. Singafinyelela ekwazini abantu ngokomuntu siqu futhi nabo bayazijabulela izinhlobonhlobo eziningi zezincwadi ezitholakalayo.”
Ukwazisa Ngezincwadi Zethu
URalf noMartina bayazisa ngokukhethekile incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Kwabaningi ababebambelele enkolelweni yokungakholelwa kuNkulunkulu endaweni eyayiyiG.D.R. ngaphambili, lencwadi ibonakala iyinsiza-kufundisa yeBhayibheli emangalisayo. Futhi babefisa ukuthola incwadi efushanisiwe equkethe ukwaziswa okufanayo. “Yeka ukuthi sajabula kanjani lapho kukhululwa incwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ ka-1992 eDresden. Yayiwukuphendulwa kwemithandazo yethu.”Abantu abaningi abangebona oFakazi baye baba nokwazisa ngezincwadi ze-Watch Tower. Ngo-July 1992 uthisha wemfundo ephakeme emfundweni yezenhlalakahle wabhala ukuze azwakalise ‘inhlonipho yakhe enkulu nokubonga okufudumele’ ngenxa yezincwadi, azisebenzisa ekulungiseleleni izifundo azozifundisa. Ngo-January 1992 intokazi ethile yaseRostock yamukela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni koFakazi ababili abafika emzini wayo. Yabhalela ihhovisi legatsha laseJalimane: “Ngiyilungu leSonto laseLuthela. Ngiyazisa kakhulu imisebenzi yenhlangano yoFakazi BakaJehova. Basho ngokuqondile ukuthi umuntu akanakuqhubeka ephila ngaphandle kwesiqondiso sikaNkulunkulu.”
Singakanani isiqondiso esingokomoya amasonto eLobukholwa aye asinikeza amalungu awo? Ngo-December 1991 iphephandaba elihlonishwayo i-Zeit laphawula ukuthi nakuba iSonto laseLuthela ‘lathola udumo isikhathi esifushane lokuba umsunguli wokuvukela okunokuthula, ukuthandwa kwalo umphakathi kubonakala sengathi kuncipha ngokushesha.’ Empeleni, ummeleli weSonto laseLuthela wazwakalisa ukukhathazeka: “Abantu badidanisa ukuphila ngesimiso sokuhweba ngokukhululekile nepharadesi.” Ilungu lesonto eMagdeburg labhala licela ukwaziswa. Ngani? “Ngemva kweminyaka eminingi ngihleka ngenxa yokungakholwa,” kubhala lomnumzane, “manje ngiqiniseka kakhulu ukuthi lelizwe lifinyelele ekupheleni kwalo nokuthi sizobhekana nezinkathazo ezinkulu esikhathini esizayo esiseduze.”—2 Thimothewu 3:1-5.
Ukwakhela Ukwanda
Ngaphambi kwe-Wende, amaHholo OMbuso ayengavunyelwe eG.D.R. Manje adingeka ngokuphuthumayo; ukuwakha kunikezwa indawo yokuqala. Lokhu kungesinye isici sokukhulekela kweqiniso esiye sashintsha ngendlela ephawulekayo. Okuhlangenwe nakho komunye umzalwane kubonisa indlela lolushintsho oluye lwashesha ngayo.
Ngo-March 1990, ngemva nje kwamahora ambalwa oFakazi BakaJehova bethole ukuqashelwa okungokomthetho eG.D.R., umzalwane othile wamenywa ukuba ayonikeza inkulumo eqenjini loFakazi, esebenzisa umbhobho ngokokuqala ngqá ekuphileni kwakhe. Eminyakeni emibili nengxenye kamuva, ibandla ahlanganyela kulo lanikezela iHholo LoMbuso elisha shá. Ekupheleni kuka-1992, kwase kwakhiwe amaHholo OMbuso ayisikhombisa ayezosetshenziswa amabandla angu-16. Amanye angaphezu kuka-30, kanye neHholo elihle loMhlangano, asahlelwa.
Ukugxilisa Iso EMbusweni KaNkulunkulu
“Ngokushesha nje ngemva kwe-Wende,” kuphawula umdala ongumKristu, “abantu abaningi balenqaba iBhayibheli. Babebeke ithemba labo kuhulumeni omusha, owawuthembisa izimo ezingcono ekugcineni.” Ingabe ithemba labo lagcwaliseka? “Phakathi neminyaka emibili bashintsha izingqondo zabo. Manje abantu bayavumelana nathi ukuthi ohulumeni babantu abasoze bakuletha ukuthula nokulunga.”
Izixuku zajabula lapho kudlula isimiso esiqinile sokusebenzela uhulumeni eG.D.R., zimemezela lokho ezazikubheka njengenkathi yokuchuma yomqondo waseNtshonalanga. Kodwa zaphoxeka. Kungakhathaliseki ukuthi yimuphi uhulumeni obusayo, oFakazi BakaJehova bagcina iso labo lilihle futhi ligxiliswe eMbusweni kaNkulunkulu, okhazimula njengenkanyezi emazulwini. Ithemba elinjalo alisoze liholele ekudumazekeni.—Roma 5:5.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 4 Bheka isihloko esithi “UJehova Wasinakekela Ngaphansi Kokuvinjelwa,” iziNgxenye 1-3, ku-Nqabayokulinda ka-April 15, May 1, neka-May 15, 1992.
[Izithombe ekhasini 26]
OFakazi eJalimane basebenzisa inkululeko yabo ekwenzeni abaningi ngokwengeziwe bahileleke emsebenzini woMbuso