Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Dumisa INkosi Yaphakade!

Dumisa INkosi Yaphakade!

Dumisa INkosi Yaphakade!

“UJehova uyinkosi kuze kube-phakade naphakade.”—IHUBO 10:16.

1. Yimiphi imibuzo ephakamayo mayelana nobuphakade?

 UBUPHAKADE—wena ungathi buyini? Ucabanga ukuthi isikhathi singaqhubeka ngempela phakade? Akungabazeki ukuthi isikhathi sihlehlela emuva phakade. Ngakho kungani singenakuqhubekela phambili phakade? Ngempela, INguqulo Yezwe Elisha yeBhayibheli yesiNgisi ibhekisela kuNkulunkulu njengodunyiswa “kusukela esikhathini esingenamkhawulo kuze kube sesikhathini esingenamkhawulo.” (IHubo 41:13) Isho ukuthini lenkulumo? Singase sisizwe ukuba siyiqonde uma sibhekisela entweni ehlobene nayo—umkhathi.

2, 3. (a) Yiziphi izinto ngomkhathi, ezisisiza siqonde ubuphakade? (b) Kungani kufanele sifune ukukhulekela iNkosi yaphakade?

2 Mkhulu kangakanani umkhathi? Ingabe unomngcele? Kuze kwaba seminyakeni engu-400 edlule kucatshangwa ukuthi umhlaba wethu umaphakathi nendawo yonke. UGalileo wabe esesungula isibonakude, esanikeza umbono othé xaxa wamazulu. Manje uGalileo wayengabona izinkanyezi eziningi ezengeziwe futhi wakwazi ukubonisa ukuthi umhlaba namanye amaplanethi azungeza ilanga. IMilky Way yayingasabonakali iwubisi. Yabonakala iwumthala wezinkanyezi, ezingaba izigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu. Asinakuzibala izinkanyezi eziningi kangako, ngisho nasekuphileni kwethu konke. Kamuva, izazi zesayensi yezinkanyezi zaqhubeka zithola izigidi zezinkulungwane zemithala. Zifinyelela ngalé komkhathi, kude nalapho izibonakude ezinamandla zingafinyelela khona. Kubonakala sengathi umkhathi awunamingcele. Kunjalo nangobuphakade—abunamingcele.

3 Umqondo wobuphakade ubonakala ungenakuqondwa ubuchopho bethu babantu obulinganiselwe. Nokho, kunoMuntu obuqonda ngokugcwele. Yebo, angabala futhi azethe amagama izinkulungwane zezigidi eziyizinkulungwane zezinkanyezi ezinkulungwaneni zezigidi zemithala yazo! LoMuntu uthi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa. Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.” (Isaya 40:26, 28) Yeka uNkulunkulu omangalisayo! Ngokuqinisekile, unguNkulunkulu okufanele sifune ukumkhulekela!

“Inkosi Kuze Kube-Phakade”

4. (a) UDavide wakuzwakalisa kanjani ukwazisa ngeNkosi yaphakade? (b) Yini esinye sezazi zesayensi ezaziwayo emlandweni esaphetha ngayo ngemvelaphi yendawo yonke?

4 KumaHubo 10:16, uDavide uthi ngoMdali, uNkulunkulu: “UJehova uyinkosi kuze kube-phakade naphakade.” Futhi kumaHubo 29:10, uyaphinda: “UJehova uhlezi eyinkosi kuze kube-phakade.” Yebo, uJehova uyiNkosi yaphakade! Ngaphezu kwalokho, uDavide ufakazela ukuthi leNkosi ephakeme iwuMklami noMenzi wakho konke esikubona emkhathini, uthi kumaHubo 19:1: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” Eminyakeni engaba ngu-2 700 kamuva, isazi sesayensi esidumile uSir Isaac Newton sazwakalisa ukuvumelana noDavide, sibhala: “Lesi simiso esihle kakhulu samalanga, amaplanethi nezinkanyezi ezinomsila singaba khona ngenjongo ethile kuphela nangenxa yobukhosi bomuntu okhanyiselwe nonamandla.”

5. Yini u-Isaya noPawulu abayibhala ngoMthombo wokuhlakanipha?

5 Yeka ukuthi kufanele kusenze sithobeke kanjani ukwazi ukuthi iNkosi Yendawo Yonke uJehova, leyo ngisho ‘nezulu kanye nezulu lamazulu’ elikhulu ‘elingenakuyenela,’ iphila phakade! (1 AmaKhosi 8:27) UJehova, ochazwe ku-Isaya 45:18 ngokuthi ‘uMdali wezulu, uMbumbi womhlaba, noMenzi wawo,’ unguMthombo wokuhlakanipha okujule kakhulu ukuba ubuchopho bomuntu ofayo bungakuqonda. UJehova wathi, njengoba kuvezwe kweyoku-1 Korinte 1:19: “Ngizokwenza ukuhlakanipha kwabantu abahlakaniphile kubhubhe, nenkalipho yabantu abanengqondo ngizoyisunduzela eceleni.” Umphostoli uPawulu wanezela kulokhu evesini 20: “Uphi umuntu ohlakaniphileyo? Uphi umbhali? Uphi umphikisi wakulesisimiso sezinto? UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe?” Yebo, njengoba uPawulu aqhuba, esahlukweni 3, ivesi 19, “ukuhlakanipha kwalelizwe kuwubuwula kuNkulunkulu.”

6. Yini umShumayeli 3:11 ayibonisayo ‘ngesikhathi esingenamkhawulo’?

6 Izindikimba zasezulwini ziyingxenye yendalo iNkosi uSolomoni eyayikhuluma ngayo: “[UNkulunkulu] wenzile konke kube-kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade [“nesikhathi esingenamkhawulo,” NW] ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube-sekupheleni.” (UmShumayeli 3:11) Yiqiniso, kufakwe enhliziyweni yomuntu ukuzama ukuthola okushiwo ‘isikhathi esingenamkhawulo,’ okungukuthi, ubuphakade. Kodwa ingabe uyoke aluthole ulwazi olunjalo?

Ithemba Elimangalisayo Lokuphila

7, 8. (a) Yiliphi ithemba elihle kakhulu lokuphila elingaphambi kwesintu, futhi lingatholakala kanjani? (b) Kungani kufanele sithokoze ngokuthi imfundo yaphezulu iyoqhubeka kuze kube phakade?

7 UJesu Kristu wathi kuJehova emthandazweni: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Singaluthola kanjani ulwazi olunjalo? Kudingeka sitadishe iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele. Ngaleyo ndlela singazuza ulwazi olunembile ngezinjongo zikaNkulunkulu ezinhle, kuhlanganise nelungiselelo alenze ngeNdodana yakhe lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. Lokho kuyoba “ukuphila kwangempela” okukhulunywe ngakho kweyoku-1 Thimothewu 6:19. Kuyovumelana nalokho eyabase-Efesu 3:11 ekuchaza ngokuthi ‘injongo engunaphakade [uNkulunkulu] ayakha mayelana noKristu, uJesu iNkosi yethu.’

8 Yebo, thina bantu abanesono singafinyelela ukuphila okumi phakade ngemfundo engokwaphezulu nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo. Iyoqhubeka isikhathi eside kangakanani lemfundo? Iyoqhubeka kuze kube phakade njengoba isintu sifundiswa ngokuqhubekayo ngokuhlakanipha koMdali wethu. Ukuhlakanipha kukaJehova akunamingcele. Eqaphela lokhu, umphostoli uPawulu wababaza: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Kuyafaneleka ngempela ukuthi eyoku-1 Thimothewu 1:17 ibiza uJehova ngokuthi ‘iNkosi engunaphakade’!

Ukuhlakanipha KukaJehova Kokudala

9, 10. (a) Yimiphi imisebenzi emikhulu uJehova ayifeza ngokulungiselela umhlaba ukuba ube isipho sakhe esintwini? (b) Ukuhlakanipha kukaJehova okuvelele kubonakala kanjani ezintweni azidalile? (Bheka ibhokisi.)

9 Cabangela ifa elimangalisayo iNkosi yaphakade elilungiselele thina bantu. IHubo 115:16 liyasitshela: “Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.” Awucabangi yini ukuthi leyo yinto enhle kakhulu esiyiphathisiwe? Ngokuqinisekile! Futhi yeka indlela esikwazisa ngayo ukubona kusengaphambili okuvelele koMdali wethu ekulungiseleleni umhlaba ukuba ube ikhaya lethu!—IHubo 107:8.

10 Kwenzeka izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni phakathi ‘nezinsuku’ eziyisithupha zokudala zikaGenesise isahluko 1, usuku ngalunye luthatha izinkulungwane zeminyaka. Lemisebenzi kaNkulunkulu yokudala ekugcineni yayiyomboza wonke umhlaba ngokhaphethi owutshani obuluhlaza, amahlathi amakhulu nezimbali ezimibalabala. Wawuyobe ugcwele izidalwa zasolwandle eziningi eziyingqayizivele, izinyoni eziningi ezinamaphiko amahle, nezinhlobonhlobo zezilwane ezifuywayo nezasendle, ngalunye luveza ezinye “ngezinhlobo zazo.” Ngemva kokuchaza ngokudalwa kowesilisa nowesifazane, uGenesise 1:31 uyalandisa: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” Yeka indawo ejabulisayo eyayizungeze labo bantu bokuqala! Ingabe kuyo yonke lendalo asikuboni ukuhlakanipha, ukukhalipha, nokunakekela koMdali onothando?—Isaya 45:11, 12, 18.

11. USolomoni wakukhulisa kanjani ukuhlakanipha kukaJehova kokudala?

11 Umuntu owamangaliswa ukuhlakanipha kweNkosi yaphakade kwaba uSolomoni. Ngokuphindaphindiwe wadonsela ukunakekela ekuhlakanipheni koMdali. (IzAga 1:1, 2; 2:1, 6; 3:13-18) USolomoni uyasiqinisekisa ukuthi “umhlaba umi phakade.” Waqaphela izimangaliso eziningi zendalo, kuhlanganise nengxenye amafu emvula anayo ekuvuseleleni umhlaba wethu. Ngakho, wabhala: “Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.” (UmShumayeli 1:4, 7) Kuyiqiniso ukuthi ngemva kokuba izimvula nemifula kuvuselele umhlaba, amanzi ako ayajikeleza esuka olwandle aphindele emafwini. Wawuyoba njani umhlaba, futhi ngabe sikuphi ukuba bekungengenxa yalokhu kuhlanza nokujikeleza kwamanzi?

12, 13. Singakubonisa kanjani ukwazisa ngendalo kaNkulunkulu?

12 Ukwazisa kwethu ukulinganisela okusendalweni kufanele kusekelwe isenzo, njengoba iNkosi uSolomoni yaphawula emazwini ayo okuphetha kumShumayeli: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke. Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.” (UmShumayeli 12:13, 14) Kufanele sesabe ukwenza noma yini engamjabulisi uNkulunkulu. Kunalokho, kufanele sifune ukumlalela ngokwesaba okunenhlonipho.

13 Ngokuqinisekile, kufanele sifune ukudumisa iNkosi yaphakade ngenxa yemisebenzi yayo ekhazimulayo yendalo! IHubo 104:24 lithi: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.” Ngenjabulo, masivumelane nevesi lokugcina laleli hubo ngokuba sithi kithi nakwabanye: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!”

Indalo Yasemhlabeni Eletha Udumo

14. Yiziphi izindlela indalo kaNkulunkulu engabantu ephakeme ngazo kunezilwane?

14 Yonke indalo kaJehova iwubuciko. Kodwa indalo yasemhlabeni ephawuleka kakhulu yithi—isintu. U-Adamu no-Eva badalwa baba umvuthwandaba wosuku lwesithupha lukaJehova lokudala—indalo ephakeme kakhulu kunezinhlanzi, izinyoni, nezilwane! Nakuba eziningi zalezi zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo, isintu sinikezwe amandla okucabanga, unembeza ongahlukanisa okulungile kokungalungile, ikhono lokuhlelela ikusasa, nesifiso esingaphakathi sokukhulekela. Konke lokhu kwaba khona kanjani? Kunokuba azivelele esuka ezilwaneni ezingacabangi, umuntu wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngokuvumelana nalokho, umuntu kuphela ongabonakalisa izimfanelo ezinjengezoMdali wethu, owazichaza ngokuthi ‘UnguJehova! uJehova! UNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.’—Eksodusi 34:6.

15. Kungani kufanele sidumise uJehova ngokuzithoba?

15 Masidumise futhi sibonge uJehova ngokuklanywa okungavamile kwemizimba yethu. Umgudu wethu wegazi, obalulekile ekuphileni, ujikeleza emzimbeni njalo emizuzwini engu-60. Njengoba uDuteronomi 12:23 esho, “igazi lingumphefumulo”—ukuphila kwethu—liyigugu emehlweni kaNkulunkulu. Amathambo aqinile, imisipha efinyelayo ibuye yeluleke, nesimiso semizwa esisabela ngokushesha kupheleliswa ubuchopho obubudlula kude lé ubuchopho banoma yisiphi isilwane futhi obungenza izinto i-computer elingana nesakhiwo eside kakhulu engenakukwazi ukuzenza. Ingabe lokhu akukwenzi uzizwe uthobekile? Kufanele. (IzAga 22:4) Futhi cabangela nalokhu: Amaphaphu ethu, amalaka, ulimi, amazinyo, nomlomo kusebenza ngokudedelana ukuze kwenze abantu bakhulume nganoma yiluphi ulimi kweziyizinkulungwane. UDavide wahubela uJehova ngokufanelekile, ethi: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (IHubo 139:14) Masihlanganyele noDavide ekudumiseni uJehova ngokubonga, uMklami wethu noNkulunkulu wethu omuhle kakhulu!

16. Yiliphi ihubo umculi odumile aliqamba lokudumisa uJehova, futhi yisiphi isimemo esishukumisayo esingasabela kuso?

16 Ikhophi yomculo wokholo wekhulu le-18 kaJoseph Haydn ithi ngokudumisa uJehova: “Mbongeni, nonke nina misebenzi yaKhe emangalisayo! Hlabelelani ngodumo lwaKhe, hlabelelani ngenkazimulo yaKhe, dumisani futhi nikhulise iGama laKhe! Udumo lukaJehova luyohlala kuze kube phakade naphakade, Amen, Amen!” Amazwi amahle nakakhulu avame ukuphindwaphindwa yilawo akumaHubo, njengesimemo esidluliselwa izikhathi ezine eHutsheni le-107: “Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.” Ingabe uyahlanganyela kulokho kudumisa? Kufanele, ngoba konke okuthandeka ngempela kuvela kuJehova, iNkosi yaphakade.

Imisebenzi Enamandla Nakakhulu

17. ‘Ingoma kaMose neyeWundlu’ imphakamisa kanjani uJehova?

17 Phakathi neminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha edlule, iNkosi yaphakade iye yenza imisebenzi enamandla nakakhulu. Encwadini yokugcina yeBhayibheli, kusAmbulo 15:3, 4, sifunda lokhu ngalabo abasezulwini abaye banqoba izitha ezingamademoni: “Bahlabelela ingoma kaMose isigqila sikaNkulunkulu nengoma yeWundlu, bathi: ‘Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile? Ngoba zonke izizwe zizokuza futhi zikhulekele phambi kwakho, ngoba izinqumo zakho ezilungileyo ziye zabonakaliswa.’” Kungani ibizwa ngokuthi ‘ingoma kaMose neyeWundlu’? Ake sibone.

18. Yimuphi umsebenzi wamandla okhunjulwa ngengoma eku-Eksodusi isahluko 15?

18 Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, lapho ibutho likaFaro elinamandla libhubha oLwandle Olubomvu, ama-Israyeli adumisa uJehova ngengoma ebonga. Ku-Eksodusi 15:1, 18, siyafunda: “Base behlabelela uMose nabantwana bakwaIsrayeli leligama, bekhuluma bethi: Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihashi nenkweli yalo ukuphonsé elwandle. UJehova uyakubusa kuze kube-phakade.” Imithetho yokulunga yaleNkosi yaphakade yabonakaliswa lapho yahlulela futhi ibulala izitha ezazidelele ubukhosi bayo.

19, 20. (a) Kungani uJehova akha isizwe sakwa-Israyeli? (b) IWundlu nabanye baye basabela kanjani enseleleni kaSathane?

19 Kungani lokhu kuye kwadingeka? Kwakusensimini yase-Edene lapho iNyoka enobuqili yaholela khona abazali bethu bokuqala esonweni. Lokhu kwaphumela ekubeni ukungapheleli kwesono kudluliselwe kuso sonke isintu. Nokho, iNkosi yaphakade ngokushesha yathatha izinyathelo, ngokuvumelana nenjongo yayo yokuqala, ezaziyoholela ekususweni kwazo zonke izitha zayo endaweni eyibusayo emhlabeni futhi ibuyisele izimo zepharadesi. INkosi yaphakade yakha isizwe sakwa-Israyeli futhi yalungiselela uMthetho wayo ukuze ifanekisele indlela eyayiyokufeza ngayo lokhu.—Galathiya 3:24.

20 Nokho, ngokuhamba kwesikhathi u-Israyeli ngokwakhe wangena shí ekungathembekini, futhi lesi simo esidabukisayo safinyelela umvuthwandaba lapho abaholi bakhe benikela ngeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa kumaRoma ukuze ishushiswe ngonya futhi ibulawe. (IzEnzo 10:39; Filipi 2:8) Nokho, ukuba qotho kukaJesu kuze kube sekufeni, ‘njengeWundlu likaNkulunkulu’ lomhlatshelo, kwayiphendula ngendlela evelele inselele eyabekwa iSitha sikaNkulunkulu samandulo, uSathane—yokuthi akekho umuntu emhlabeni ongaqhubeka ethembekile kuNkulunkulu ngaphansi kovivinyo olunzima. (Johane 1:29, 36; Jobe 1:9-12; 27:5) Nakuba zazuza ukungapheleli njengefa ku-Adamu, izigidi zabanye abantu abesaba uNkulunkulu ziye zalandela ezinyathelweni zikaJesu ngokugcina ubuqotho lapho zibhekene nokuhlasela kobusathane.—1 Petru 1:18, 19; 2:19, 21.

21. Ngokuvumelana nezEnzo 17:29-31, yini okuzoxoxwa ngayo ngokulandelayo?

21 Manje sesifikile isikhathi sokuba uJehova avuze labo abathembekile futhi ahlulele zonke izitha zeqiniso nokulunga. (IzEnzo 17:29-31) Lokhu kuyokwenzeka kanjani? Isihloko sethu esilandelayo sizositshela.

Ibhokisi Lokubukeza

◻ Kungani uJehova ebizwa kufanele ngokuthi ‘iNkosi yaphakade’?

◻ Ukuhlakanipha kukaJehova kubonakala kanjani ezintweni azidalile?

◻ Kukanjani isintu siwubuciko bendalo?

◻ Yimiphi imisebenzi eholela ‘engomeni kaMose neyeWundlu’?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 12]

Ukuhlakanipha KukaJehova Okuvelele

Ukuhlakanipha kweNkosi yaphakade kuboniswe ngezindlela eziningi endalweni esemhlabeni. Phawula amazwi ka-Aguri: “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye.” (IzAga 30:5) U-Aguri ube esebhekisela kweziningi zezidalwa zikaNkulunkulu eziphilayo, ezinkulu nezincane. Ngokwesibonelo, emavesini 24 kuya ku-28, uchaza ‘izinto ezine ezincane emhlabeni, kepha ezihlakaniphe kakhulu [ngokomzwelo wemvelo, NW].’ Lezi zinto intuthwane, imbila, izinkumbi, nesibankwa.

‘Zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo’—yebo, izilwane zenziwe kanjalo. Azicabangi ngezinto njengabantu, kodwa zithembele ekuhlakanipheni ezizalwa nakho. Ingabe kwake kwakumangaza lokhu? Yeka ukuthi ziyindalo ehleleke kanjani! Ngokwesibonelo, izintuthwane zihlelwe ngamakoloni, anendlovukazi, izisebenzi, nabesilisa. Kwezinye izinhlobo zazo, izintuthwane eziyizisebenzi zelusa ngisho nezintwala zemithi ziziyise emapulazini abiyelwe eziwakhile. Lapho, zisenga lezi zintwala kuyilapho izintuthwane ezingamasosha zixosha noma yiziphi izitha ezihlaselayo. KuzAga 6:6 kunikezwa isiyalo: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.” Ingabe izibonelo ezinjalo akufanele zishukumisele thina bantu ukuba sibe ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’?—1 Korinte 15:58.

Umuntu uye wakha izindiza ezinkulu. Kodwa yeka indlela izinyoni ezivumelana nezimo ngayo, kuhlanganise ne-hummingbird, enesisindo esingaphansi kwamagremu angu-30! IBoeing 747 kumelwe ibe namalitha angu-180 000 amafutha, futhi iqondiswe iqembu eliqeqeshiwe, futhi isebenzisa izimiso eziyinkimbinkimbi zokushayela izindiza ukuze inqamule ulwandle. Kanti, i-hummingbird encane ithembela kuyigremu elilodwa lamafutha ukuze isuke eNyakatho Melika, inqamule iGulf of Mexico, iye eNingizimu Melika. Ayidingi mafutha amaninginingi, ukuqeqeshelwa ukushayela, amashadi ayinkimbinkimbi noma ama-computer! Ingabe leli khono laba khona ngengozi enqubweni yokuziphendukela kwemvelo? Lutho neze! Lenyoni encane ihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo, njengoba yenziwe yaba njalo uMdali wayo, uJehova uNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 10]

Izinto ezidaliwe ezihlukahlukene ‘zeNkosi yaphakade’ ziphakamisa inkazimulo yayo

[Isithombe ekhasini 15]

Njengoba uMose nawo wonke u-Israyeli bagubha ukunqoba kukaJehova oLwandle Olubomvu, kuyoba nokuthokoza okukhulu ngemva kwe-Armagedoni