Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Dumisani UJah!”

“Dumisani UJah!”

“Dumisani UJah!”

“Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.”—IHUBO 150:6.

1, 2. (a) Bachuma kangakanani ubuKristu beqiniso ekhulwini lokuqala? (b) Yisiphi isixwayiso abaphostoli ababesinikeze kusengaphambili? (c) Ukuhlubuka kwaba khona kanjani?

 UJESU wahlela abafundi bakhe baba ibandla lobuKristu, elachuma ekhulwini lokuqala. Naphezu kokuphikisa kwenkolo okunzima, ‘izindaba ezinhle zashunyayelwa kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kolose 1:23) Kodwa ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu Kristu, uSathane ngobuqili wabangela ukuhlubuka.

2 Abaphostoli babexwayise kusengaphambili ngalokhu. Ngokwesibonelo, uPawulu watshela abadala base-Efesu: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe siqu. Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngesisa umhlambi, futhi phakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda futhi akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:28-30; bheka neyesi-2 Petru 2:1-3; 1 Johane 2:18, 19.) Ngakho, ekhulwini lesine, ubuKristu bezihlubuki baqala ukuhlangana noMbuso WamaRoma. Emakhulwini athile eminyaka kamuva uMbuso WamaRoma Ongcwele, ubambisene nopapa waseRoma, wabusa phezu kwengxenye enkulu yesintu. Ngokuhamba kwesikhathi, iNhlangano Yezinguquko YamaProthestani yavukela ukweqisa okubi kweSonto LamaKatolika, kodwa yahluleka ukubuyisela ubuKristu beqiniso.

3. (a) Izindaba ezinhle zashunyayelwa nini kuyo yonke indalo, futhi kanjani? (b) Yimaphi amathemba asekelwe eBhayibhelini agcwaliseka ngo-1914?

3 Nokho, njengoba ukuphela kwekhulu le-19 kusondela, iqembu eliqotho labafundi beBhayibheli lalimatasa lishumayela futhi liyisa ‘ithemba lezindaba ezinhle kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ Ngesisekelo sokutadisha kwalo isiprofetho seBhayibheli, leli qembu lakhomba phambili eminyakeni engaphezu kuka-30 onyakeni ka-1914 njengowawuyophawula ukuphela ‘kwezikhathi ezimisiwe zezizwe,’ inkathi ‘eyizikhathi eziyisikhombisa,’ noma iminyaka engu-2 520, eyaqala ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. (Luka 21:24; Daniyeli 4:16) Njengoba kwakulindelwe, u-1914 waletha izinguquko ezindabeni zomuntu emhlabeni. Kwenzeka izenzakalo ezaqopha umlando nasezulwini. Yileso sikhathi iNkosi yaphakade eyabeka ngaso iNkosi ebusa nayo, uJesu Kristu, esihlalweni sobukhosi sasezulwini, ilungiselela ukususa bonke ububi kulomhlaba nokubuyisela iPharadesi.—IHubo 2:6, 8, 9; 110:1, 2, 5.

Bhekani INkosi YobuMesiya!

4. UJesu waphila kanjani ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe elithi Mikayeli?

4 Ngo-1914 leNkosi yobuMesiya, uJesu, yaqala ukuthatha isinyathelo. EBhayibhelini ibuye ibizwe ngokuthi uMikayeli, okusho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?,” ngoba ihlose ukulwela ubukhosi bukaJehova. Njengoba kulotshwe kusAmbulo 12:7-12, umphostoli uJohane wachaza embonweni lokho okwakuyokwenzeka: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, futhi ababange besatholelwa ndawo ezulwini. Ngakho wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye.” Ukuwa okukhulu ngempela!

5, 6. (a) Ngemva kuka-1914, yisiphi isimemezelo esivusa amadlingozi esenziwa ezulwini? (b) UMathewu 24:3-13 uhlobene kanjani nalokhu?

5 Izwi elikhulu ezulwini labe selimemezela: “Manje seyenzekile insindiso namandla nombuso kaNkulunkulu wethu negunya likaKristu wakhe, ngoba obeka abafowethu icala ujikijelwe phansi, lowo obabeka icala imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu! Futhi bamnqoba [amaKristu athembekile] ngenxa yegazi leWundlu [uKristu Jesu] nangenxa yezwi lokufakaza kwabo, futhi abazange bayithande imiphefumulo yabo ngisho nalapho bebhekene nokufa.” Lokhu kusho ukukhululwa kwabagcini bobuqotho, abaye babonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo oyigugu.—IzAga 10:2; 2 Petru 2:9.

6 Izwi elikhulu ezulwini laqhubeka limemezela: “Ngenxa yalokhu thokozani, nina mazulu nani enihlala kuwo! Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” ‘Umaye’ okwaprofethwa ukuthi uyoba khona kulomhlaba uye wabonakala ezimpini zezwe, indlala, izifo eziwumshayabhuqe, ukuzamazama komhlaba, nokungabi namthetho okuye kwahlupha umhlaba kuleli khulu leminyaka. Njengoba uMathewu 24:3-13 elandisa, uJesu wabikezela ukuthi lezi zinto zaziyoba ingxenye ‘yesibonakaliso sesiphelo sesimiso sezinto.’ Njengoba isiprofetho sasishilo, kusukela ngo-1914 isintu emhlabeni siye sabhekana nomaye ongenakuqhathaniswa kuwo wonke umlando wesintu wangaphambili.

7. Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela ngomuzwa wokuphuthuma?

7 Kulenkathi kamaye wobusathane, ingabe isintu singalithola ithemba ngesikhathi esizayo? Yebo, ngoba uMathewu 12:21 uthi ngoJesu: “Ngempela, izizwe ziyothembela egameni lakhe”! Izimo ezibuhlungu phakathi kwezizwe aziphawuli kuphela ‘isibonakaliso sesiphelo sesimiso sezinto’ kodwa futhi ‘isibonakaliso sokuba khona kukaJesu’ njengeNkosi yasezulwini yoMbuso wobuMesiya. Mayelana nalowo Mbuso, uJesu uyaqhuba: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Yibaphi abantu emhlabeni namuhla abashumayela ngethemba elihle lokubusa koMbuso kaNkulunkulu? OFakazi BakaJehova! Benomuzwa wokuphuthuma, bamemezela obala nasendlini ngendlu ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wokulunga nokuthula usuzothatha izintambo emhlabeni. Uyahlanganyela kulenkonzo? Alikho ilungelo elidlula leli ongase ube nalo!—2 Thimothewu 4:2, 5.

“Ukuphela” Kufika Kanjani?

8, 9. (a) Ukwahlulela kwaqala kanjani “ngendlu kaNkulunkulu”? (b) ELobukholwa liye laleqa kanjani iZwi likaNkulunkulu?

8 Isintu siye sangena enkathini yokwahlulela. Kweyoku-1 Petru 4:17 saziswa ukuthi ukwahlulela kwaqala “ngendlu kaNkulunkulu”—ukwahlulelwa kwezinhlangano ezazithi zingezobuKristu obekulokhu kubonakala kusukela ‘izinsuku zokugcina’ zaqala ngokuceka kweMpi Yezwe I phakathi kuka-1914-18. Siye saba yini isimo seLobukholwa kulokhu kwahlulelwa? Cabangela ukuma kwamasonto ekusekeleni izimpi kusukela ngo-1914. Ingabe abefundisi abangcolisiwe “igazi labampofu abangenacala” abashunyayezwa ukuba baye empini?—Jeremiya 2:34.

9 NgokukaMathewu 26:52, uJesu wathi: “Bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” Yeka indlela lokhu okuye kwaba yiqiniso ngayo ezimpini zaleli khulu leminyaka! Abefundisi baye bakhuthaza izinsizwa ukuba zibhuqabhuqe ezinye izinsizwa, ngisho nalezo ezisenkolweni yazo—umKatolika ebulala umKatolika umProthestani ebulala umProthestani. Ubuzwe buye baphakanyiswa ngaphezu kukaNkulunkulu noKristu. Muva nje, kwamanye amazwe ase-Afrika, izibopho zobuhlanga ziye zeza kuqala kunezimiso zeBhayibheli. ERwanda, lapho iningi labantu lingamaKatolika khona, okungenani ingxenye yesigidi yabulawa odlameni lobuhlanga. Upapa wavuma ephephandabeni laseVatican i-L’Osservatore Romano: “Lokhu ukuqothulwa kohlanga ngokuphelele, lokho ngeshwa ngisho namaKatolika anecala kukho.”—Qhathanisa no-Isaya 59:2, 3; Mika 4:3, 5.

10. Yisiphi isahlulelo uJehova ayosikhipha phezu kwenkolo yamanga?

10 INkosi yaphakade izibheka kanjani izinkolo ezikhuthaza abantu ukuba babulalane noma ezima zibukele lapho amalungu omhlambi wazo ebulala amanye amalungu? Ngokuqondene neBabiloni Elikhulu, isimiso somhlaba wonke senkolo yamanga, isAmbulo 18:21, 24 siyasitshela: “Ingelosi enamandla yaqukula itshe elinjengetshe lokugaya elikhulu yalijikijela olwandle, ithi: ‘Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyojikijelwa phansi ngomjikijelo osheshayo, futhi alisoze laphinde litholakale. Yebo, kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.’”

11. Yiziphi izinto ezesabekayo ebezilokhu zenzeka kweLobukholwa?

11 Bekulokhu kwenzeka izinto ezesabekayo kweLobukholwa, kugcwaliseka isiprofetho seBhayibheli. (Qhathanisa noJeremiya 5:30, 31; 23:14.) Ikakhulukazi ngenxa yesimo sengqondo sokuyekelela sabefundisi, imihlambi yabo igcwele ukuziphatha okubi. E-United States, izwe elithathwa njengelobuKristu, cishe ingxenye yayo yonke imishado iphela ngesahlukaniso. Ukukhulelwa kwentsha nobungqingili kuthé bhe phakathi kwamalungu esonto. Abapristi bahlukumeza izingane ezincane ngokobulili—futhi hhayi nje izikhathi ezimbalwa. Kuye kwathiwa izinxephezelo ezinqunywa inkantolo ezihilela lamacala zingadla iSonto lamaKatolika e-United States ama-dollar ayizigidi eziyinkulungwane (amaRandi ayizigidi ezingu-3 600) phakathi neshumi leminyaka. ELobukholwa liye lasishaya indiva isixwayiso somphostoli uPawulu esitholakala kweyoku-1 Korinte 6:9, 10: “Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.”

12. (a) INkosi yaphakade iyosithatha kanjani isinyathelo ngokumelene neBabiloni Elikhulu? (b) Ngokungafani neLobukholwa, kungani abantu bakaNkulunkulu beyohlabelela amahubo athi “Haleluya”?

12 Maduze nje, iNkosi yaphakade, uJehova, isebenzisa iNduna yayo yeMpi yasezulwini, uKristu Jesu, izodedela usizi olukhulu. Okokuqala, eLobukholwa nayo yonke imixhantela yeBabiloni Elikhulu liyobhekana nokukhishwa kwesahlulelo sikaJehova. (IsAmbulo 17:16, 17) Liye lazibonakalisa lingayifanelekele insindiso uJehova ayilungiselele ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu. Liye ladelela igama likaNkulunkulu elingcwele. (Qhathanisa noHezekeli 39:7.) Yeka ukuthi kuwukubhuqa okunjani ukuba lihlabelele amahubo athi “Haleluya” ezakhiweni zalo zenkolo eziwubukhazikhazi! Lisusa igama likaJehova elingcwele ezinguqulweni zalo zamaBhayibheli kodwa libonakala lingalazi iqiniso lokuthi ukuthi “Haleluya” kusho ukuthi “Dumisani uJah”—elithi “Jah” libe liwukufushaniswa kwelithi “Jehova.” Ngokufanelekile, isAmbulo 19:1-6 sinamahubo athi “Haleluya” azohlatshelelwa maduze nje kuhalaliselwa ukukhipha kukaNkulunkulu isahlulelo phezu kweBabiloni Elikhulu.

13, 14. (a) Yiziphi izenzakalo ezinkulu ezenzekayo ngokulandelayo? (b) Uyini umphumela ojabulisayo kubantu abesaba uNkulunkulu?

13 Ngemva kwalokho kulandela ‘ukufika’ kukaJesu ezomemezela futhi ezokhipha isahlulelo ezizweni nabantu. Yena ngokwakhe waprofetha: “Lapho iNdodana yomuntu [uKristu Jesu] ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo esikhazimulayo [sokwahlulela]. Futhi zonke izizwe [emhlabeni] ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. Futhi iyobeka izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo. Khona-ke inkosi iyothi kulabo abangakwesokunene sayo, ‘Wozani, nina enibusiswe nguBaba, zuzani njengefa umbuso enawulungiselelwa kusukela ekusekelweni kwezwe.’” (Mathewu 25:31-34) Ivesi 46 liyaqhubeka lilandisa ukuthi isigaba sezimbuzi ‘siyoya ekunqunyweni okumi phakade, kodwa abalungileyo bayoya ekuphileni okumi phakade.’

14 Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ichaza indlela “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,” iNkosi yethu yasezulwini, uJesu Kristu, ngaleso sikhathi eyogabavula ngayo iya empini e-Armagedoni, ibhubhisa abezombangazwe nabezentengiselwano besimiso sikaSathane. Ngakho uKristu uyobe ethulule ‘intukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ phezu kwawo wonke umbuso kaSathane emhlabeni. Njengoba ‘lezi zinto zangaphambili zidlula,’ abantu abesaba uNkulunkulu bayongeniswa ezweni elisha elikhazimulayo lapho uNkulunkulu ‘eyosula khona zonke izinyembezi emehlweni abo.’—IsAmbulo 19:11-16; 21:3-5.

Isikhathi Sokudumisa UJah

15, 16. (a) Kungani kubalulekile ukuba silalele izwi likaJehova lesiprofetho? (b) Yini abaprofethi nabaphostoli ababonisa ukuthi kumelwe siyenze ukuze sisinde, futhi lokhu kungasho ukuthini ngabaningi namuhla?

15 Lolo suku lokukhishwa kwesahlulelo lusemnyango! Ngakho, siyobe senza kahle ngokulalela izwi lesiprofetho leNkosi yaphakade. Kulabo abasabanjwe izimfundiso namasiko enkolo yamanga, izwi lasezulwini lithi: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” Kodwa abaphunyukile kumelwe bayephi? Iqiniso lingaba linye kuphela, ngakho nenkolo yeqiniso yinye. (IsAmbulo 18:4; Johane 8:31, 32; 14:6; 17:3) Ukuzuza kwethu ukuphila okuphakade kuxhomeke ekutholeni leyo nkolo nasekulaleleni uNkulunkulu wayo. IBhayibheli lisiqondisa kuye kumaHubo 83:18, afundeka kanje: “Wena, okunguwe wedwa ogama lakho linguJEHOVA, ungophezukonke emhlabeni wonke.”—King James Version.

16 Nokho, kudingeka senze okungaphezu nje kokwazi igama leNkosi yaphakade. Kudingeka sitadishe iBhayibheli futhi sifunde ngezimfanelo zakhe ezinhle nezinjongo zakhe. Ngemva kwalokho kudingeka senze intando yakhe yamanje, njengoba iboniswe kweyabaseRoma 10:9-13. Umphostoli uPawulu wacaphuna abaprofethi abaphefumulelwe wayesephetha: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (Joweli 2:32; Zefaniya 3:9) Asindiswe? Yebo, ngoba abaningi namuhla ababonisa ukholo elungiselelweni likaJehova lesihlengo ngoKristu bayosindiswa osizini olukhulu oluzayo, lapho kukhishwa isahlulelo phezu kwezwe likaSathane elonakele.—IsAmbulo 7:9, 10, 14.

17. Yiliphi ithemba elihle kakhulu okufanele lisishukumisele ekubeni sihlanganyele manje ekuhlabeleleni ingoma kaMose neyeWundlu?

17 Iyini intando kaNkulunkulu ngalabo abanethemba lokusinda? Iwukuba sihlanganyele ngisho kwamanje ekuhlabeleleni ingoma kaMose neyeWundlu, sidumise iNkosi yaphakade sinombono wokunqoba kwayo. Lokhu sikwenza ngokutshela abanye ngezinjongo zayo ezikhazimulayo. Njengoba sithuthuka ekuqondeni iBhayibheli, sinikezela ukuphila kwethu eNkosini yaphakade. Lokho kuyoholela ekubeni siphile phakade ngaphansi kwelungiselelo leNkosi enamandla elichaza kanje, njengoba kutholakala ku-Isaya 65:17, 18: “Bheka, ngiyadala izulu elisha [uMbuso kaJesu wobuMesiya] nomhlaba omusha [umphakathi wesintu omusha olungileyo]; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.”

18, 19. (a) Amazwi kaDavide kumaHubo 145 kufanele asishukumisele ukuba senzeni? (b) Yini esingayilindela ngokuqiniseka kuJehova?

18 Umhubi uDavide wachaza iNkosi yaphakade ngalamazwi: “Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.” (IHubo 145:3) Ubukhulu bakhe abuphenyeki njengemingcele yomkhathi nobuphakade! (Roma 11:33) Njengoba siqhubeka singenisa ulwazi ngoMdali wethu nangelungiselelo lakhe lesihlengo ngeNdodana yakhe, uKristu Jesu, siyofuna ukudumisa iNkosi yethu yaphakade ngokwengeziwe. Siyofuna ukwenza njengoba iHubo 145:11-13 libonisa: “Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube-phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.”

19 Ngokuqiniseka singalindela ukuthi uNkulunkulu wethu uyobambelela kulamazwi: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” INkosi yaphakade iyosihola ngothando kuze kube sekupheleni kwalezi zinsuku zokugcina, ngoba uDavide wasiqinisekisa: “UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.”—IHubo 145:16, 20.

20. Usabela kanjani esimemweni seNkosi yaphakade, njengoba sikhishwe emahutsheni amahlanu okugcina?

20 Ihubo ngalinye kwamahlanu okugcina eBhayibhelini liqala futhi liphethe ngesimemo esithi “Haleluya.” Ngakho, iHubo 146 liyasimema: “Haleluya [“Dumisani uJah,” NW]! Dumisa uJehova, mphefumulo wami. Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.” Ingabe uyosabela kulolo bizo? Ngokuqinisekile kufanele ufune ukumdumisa! Kwangathi ungaba phakathi kwalabo abachazwe kumaHubo 148:12, 13: “Nani-zinsizwa nezintombi, nani-maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.” Kwangathi singasabela ngenhliziyo yonke kulesi simemo: “Dumisani uJah!” Ngobunye, masidumise iNkosi yaphakade!

Ungathini?

◻ Yini abaphostoli bakaJesu ababexwayise ngayo?

◻ Kusukela ngo-1914, yiziphi izinyathelo eziwujuqu eziye zathathwa?

◻ Yiziphi izahlulelo uJehova asezozikhipha?

◻ Kungani lesi sikhathi sibaluleke kakhulu ekudumiseni iNkosi yaphakade?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 19]

Lenkathi Yenhlekelele Enezinxushunxushu

Ukuthi inkathi yezinxushunxushu yaqala ekuqaleni kwekhulu lama-20 kuye kwavunywa abaningi. Ngokwesibonelo, esanduleleni sencwadi ethi Pandaemonium, kaSigele Daniel Patrick Moynihan wase-United States, eyakhishwa ngo-1993, okuphawuliwe ‘ngenhlekelele ka-1914’ kufundeka kanje: “Kwafika impi izwe lashintsha—ngokuphelele. Namuhla ayisishiyagalombili kuphela emhlabeni amazwe ayekhona ngo-1914 futhi angazange ashintshe uhlobo lwawo lukahulumeni ngenxa yobudlova kusukela ngaleso sikhathi. . . . Emazweni asele acishe abe ngu-170, amanye awakabhekani neziyaluyalu zamuva ngoba asanda kumiswa.” Ngempela, inkathi eyaqala ngo-1914 iye yaba nezinhlekelele phezu kwezinhlekelele!

Incwadi ethi Out of Control—Global Turmoil on the Eve of the Twenty-First Century nayo yakhishwa ngo-1993. Umlobi wayo nguZbigniew Brzezinski, owayeyinhloko ye-U.S. National Security Council. Uyabhala: “Ukuqala kwekhulu lamashumi amabili kwahalaliselwa ekukhulumeleni okuningi njengokuwukuqala kwangempela kweNkathi Yokusetshenziswa Kwengqondo. . . . Ngokuphambene nalokho elalithembisa ukuba yikho, ikhulu lamashumi amabili laba ikhulu leminyaka lesintu elinokuchitheka kwegazi nenzondo enkulu, ikhulu leminyaka lezombangazwe ezinemibono eyiphutha nokubulala okukhulu. Unya lwahlelwa ngezinga elalingakaze libonwe, ukubulala kwahlelwa ukuba kwenziwe ngamazinga amakhulu. Umehluko phakathi kwethuba lokuba isayensi yenze okuhle nobubi bezombangazwe obenziwa ngempela uyashaqisa. Akukaze nanini emlandweni ukubulala kusabalale kangaka embulungeni yonke, akukaze nanini kucekele phansi ukuphila kwabaningi kangaka, akukaze nanini ukuqothulwa kwabantu kuphishekelwe ngomzamo oqhubekayo osekelwe emigomweni yokuqhosha engenangqondo kanjalo.” Yeka ukuthi lokho kuyiqiniso kanjani!

[Isithombe ekhasini 17]

UMikayeli wajikijela uSathane namabutho akhe emhlabeni ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914