Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Gubha ISikhumbuzo Ngendlela Efanele

Gubha ISikhumbuzo Ngendlela Efanele

Gubha ISikhumbuzo Ngendlela Efanele

KWAKUKUSIHLWA ngo-Nisan 14, 33 C.E. lapho uJesu emisa iSikhumbuzo. * Wayesanda kuqeda ukugubha umkhosi wePhasika nabaphostoli bakhe abangu-12, ngakho singaqiniseka ngosuku. Ngemva kokuxosha imbuka, uJuda, uJesu “wathatha isinkwa, washo isibusiso, wasihlephula wabanika sona, wathi: ‘Sithatheni, lokhu kusho umzimba wami.’ Futhi ethatha indebe, wabonga wabanika yona, futhi bonke baphuza kuyo. Futhi wathi kubo: ‘Lokhu kusho “igazi” lami “lesivumelwano,” elizothululwa ngenxa yabaningi.’”—Marku 14:22-24.

UJesu wayala abafundi bakhe ukuba bagubhe isikhumbuzo sokufa kwakhe ngenxa yokubaluleka kwako. (Luka 22:19; 1 Korinte 11:23-26) Umhlatshelo wakhe kwakuwukuphela kwawo owawungahlenga isintu esiqalekisweni sesono nokufa okuzuzwe njengefa. (Roma 5:12; 6:23) Isinkwa newayini akusebenzisa kwakufanekisela umzimba wakhe ophelele negazi lakhe. Njengoba silwazi lolu suku, singakwazi ukugubha lomkhosi ngosuku oluhambisana nalo unyaka ngamunye, njengoba nje kwakwenziwa ngePhasika lamaJuda. Kodwa lokhu kumelwe sikwenze ngendlela efanele. Ngani?

Umphostoli uPawulu wathi labo abahlanganyela ezifanekiselweni zesinkwa newayini ‘babeyoqhubeka bememezela ukufa kweNkosi, ize ifike.’ (1 Korinte 11:26) Ngakho lomkhosi wawuyogxila ekufeni kukaJesu nakulokho okukushoyo ngesintu. Lesi kwakuyoba isenzakalo esingathi sína, isikhathi sokucabanga ngobuhle bukaNkulunkulu nangokwazisa okufanele sibe nakho ngoJehova neNdodana yakhe. (Roma 5:8; Thithu 2:14; 1 Johane 4:9, 10) Ngakho-ke, uPawulu waxwayisa: “Ngenxa yalokho noma ubani odla isinkwa noma aphuze indebe yeNkosi ngokungafanele uyoba necala ngokuqondene nomzimba negazi leNkosi.”—1 Korinte 11:27.

Ngendlela Efanele—Kanjani?

Ngokusobala, uNkulunkulu ubengeke ajabule uma singcolisa lomkhosi ngokwenza imikhuba engabazekayo noma ngokwamukela amasiko obuqaba. (Jakobe 1:27; 4:3, 4) Lokhu bekuyokwenza izenzakalo ezithandwayo zesikhathi sama-Easter kungadingeki zibe khona. Uma silandela umyalo kaJesu ‘wokuqhubeka sikwenza lokhu simkhumbula,’ siyofuna ukugcina iSikhumbuzo njengoba nje asimisa. (Luka 22:19; 1 Korinte 11:24, 25) Lokhu kuyovimbela imihlobiso eye yanezelwa amasonto eLobukholwa kulomkhosi. I-New Catholic Encyclopedia iyavuma ukuthi “iMisa lanamuhla lihluke kakhulu emkhosini owawungenamicikilisho owenziwa uKristu nabaPhostoli baKhe.” Futhi ngokugubha iMisa njalo, ngisho nansuku zonke, eLobukholwa liye lachezuka kulokho uJesu ayekuhlosile futhi lalenza laba isenzakalo esiwubala nje.

UPawulu wabhalela amaKristu aseKorinte ngokudla ngokungafanele ngenxa yokuthi kwase kuphakame inkinga ebandleni ngokuphathelene neSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Abanye babengakuhloniphi ukuba ngcwele kwaso. Babefika nokudla kwabo kwakusihlwa bese bekudla ngaphambi kwalomhlangano noma phakathi nawo. Ngokuvamile babedla futhi baphuze ngokweqile. Lokhu kwakubenza bozele futhi kuthuntubeze izinzwa zabo. Ngenxa yokungabi abaphapheme engqondweni nangokomoya, ‘babengawuqondi umzimba’ ngakho baba “necala ngokuqondene nomzimba negazi leNkosi.” Ngesikhathi esifanayo, labo ababengakudli ukudla kwakusihlwa babelamba bese nabo bephazamiseka. Cishe akekho kubo owayesesimweni sokuhlanganyela ezifanekiselweni ngokwazisa futhi ekuqaphela ngokugcwele ukungathi sína kwalesi senzakalo—ukuthi ngalomkhosi kwakukhunjulwa ukufa kweNkosi. Lokhu kwabangela ukuba bahlulelwe kabi, ngoba babebonisa ukungasihloniphi, ngisho nokusedelela.—1 Korinte 11:27-34.

Kudingeka Ukuqonda

Abanye baye bahlanganyela ezifanekiselweni zeSikhumbuzo nakuba kamuva, beye baqaphela ukuthi bekungafanele benze kanjalo. Labo abahlanganyela ezifanekiselweni zeSikhumbuzo ngokufanele baye bakhethwa uNkulunkulu futhi bafakazelwa umoya wakhe kulokhu. (Roma 8:15-17; 2 Korinte 1:21, 22) Akusona isinqumo sabo noma ukuzimisela kwabo siqu okubenza bafaneleke. UNkulunkulu uye walinganisela inani lalabo abayobusa noKristu emazulwini laba ngu-144 000, inani elincane uma liqhathaniswa nelabo bonke labo abazuzayo esihlengweni sikaKristu. (IsAmbulo 14:1, 3) Ukukhethwa kwabo kwaqala osukwini lukaJesu, ngakho namuhla bambalwa kakhulu abahlanganyelayo. Futhi njengoba abanye beficwa ukufa, lelo nani kufanele linciphe.

Kungani othile engase adle izifanekiselo kungafanele? Kungase kubangelwe imibono engokwenkolo yesikhathi esidlule—yokuthi bonke abakholekile baya ezulwini. Noma kungase kube isifiso sokuzibeka phambili noma ubugovu—umuzwa wokuthi umuntu ufanelwe okukhulu kunabanye—nesifiso sokuvelela. Mhlawumbe kwenziwa umzwelo onamandla obangelwa izinkinga ezinzima noma inhlekelele eyenza umuntu alahlekelwe isithakazelo ekuphileni kwasemhlabeni. Kungase futhi kubangelwe ukuba nobungane obuseduze nothile onobizo lwasezulwini. Sonke kudingeka sikhumbule ukuthi isinqumo ngesikaNkulunkulu kuphela, akusona esethu. (Roma 9:16) Ngakho uma “ngemva kokuhlolisisa,” umuntu ethola ukuthi bekungafanele ngempela ahlanganyele ezifanekiselweni, kufanele ayeke manje.—1 Korinte 11:28.

Ithemba uNkulunkulu alinikeza iningi lesintu ngelokuphila okungunaphakade emhlabeni oyipharadesi. Leso isibusiso esikhulu esingabheka phambili kuso, futhi esingashesha ukusamukela. (Genesise 1:28; IHubo 37:9, 11) Kusemhlabeni lapho abakholekile beyophinda bahlangane khona nabathandekayo babo abavusiwe futhi bahlangane nabalungile basendulo, njengo-Abrahama, uSara, uMose, uRahabi, uDavide, noJohane uMbhapathizi—bonke abafa ngaphambi kokuba uJesu avule indlela yokuphila kwasezulwini.—Mathewu 11:11; qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:20-23.

Labo abanamathemba asemhlabeni bagubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngendlela efanele ngokuba khona nokunaka kwabo ngenhlonipho, ngisho noma bengahlanganyeli ekudleni isinkwa nasekuphuzeni iwayini. Nabo bayazuza ngomhlatshelo kaKristu, obenza bakwazi ukuba nokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu. (IsAmbulo 7:14, 15) Njengoba belalela inkulumo enikezwayo, ukwazisa kwabo ngezinto ezingcwele kuyaqiniswa, futhi isifiso sabo sokuhlala benobunye nabantu bakaNkulunkulu endaweni yonke siyakhula.

Kulonyaka, ngemva kokushona kwelanga ngoLwesibili, ngo-April 2, kuzogujwa iSikhumbuzo kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-78 000 emhlabeni wonke. Ingabe uyoba khona?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Usuku lwamaJuda lwaluqala lapho kuhlwa. Ngokwekhalenda lethu, lowo Nisan 14 waqala lapho kuqala ukuhlwa ngoLwesine, ngo-March 31, waphela ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu, ngo-April 1. ISikhumbuzo samiswa ngoLwesine kusihlwa, futhi ukufa kukaJesu kwenzeka ngoLwesihlanu ntambama okwakusewusuku olufanayo ngokwamaJuda. Wavuswa ngosuku lwesithathu, ekuseni ngeSonto.

[Isithombe ekhasini 8]

OFakazi BakaJehova bagubha iSikhumbuzo kanye unyaka ngamunye