Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi

Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi

Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi

NAMUHLA abaningi bazizwa becindezelwe imithwalo. Ubunzima obungokwezomnotho, izinkinga zomkhaya ezicindezelayo, izinkinga zempilo, ubuhlungu nokuhlupheka ngenxa yokucindezelwa nonya, kanye nezinye izinhlupheko eziningi zinjengamatshe amakhulu alenga ezintanyeni zabo. Ngaphandle kwalokhu kucindezela okuvela ngaphandle, abanye bazizwa becindezelwe nawukuzizwa bengelutho futhi beyizehluleki ngenxa yokungapheleli kwabo siqu. Abaningi bezwa kuthi mabavele bahlanze ngedela. Unganqoba kanjani lapho imithwalo ibonakala ingabekezeleleki?

Ngesinye isikhathi iNkosi uDavide yakwa-Israyeli yaba nomuzwa wokuthi ukucindezela kwakucishe kungabekezeleleki. NgokweHubo 55, yayiphazanyiswe kakhulu ukukhathazeka ngenxa yokucindezela nenzondo yezitha zayo. Yayilusizi kakhulu futhi yesaba. Yabubula kakhulu ngenxa yosizi lwayo. (IHubo 55:2, 5, 17) Nokho, naphezu kwakho konke ukucindezeleka kwayo, yathola indlela yokubhekana nesimo. Kanjani? Yathembela kuNkulunkulu wayo ukuba ayisekele. Iseluleko sayo kwabanye abangase bazizwe ngendlela eyazizwa ngayo sasithi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho.”—IHubo 55:22.

Yayisho ukuthini uma ithi “phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho”? Ingabe kumane nje kuyindaba yokuya kuJehova ngomthandazo sisho okusikhathazayo? Noma kukhona yini thina ngokwethu esingakwenza ukuze senze isimo sibe ngcono? Kuthiwani uma sizizwa singakufanelekele neze ukusondela kuJehova? Singakuthola lokho uDavide ayekusho ngokuhlola okunye kokuhlangenwe nakho ayengakukhumbula kahle lapho ebhala lawo mazwi.

Yenza Izinto Ngamandla KaJehova

Uyayikhumbula yini indlela uGoliyati afaka ngayo itwetwe ezinhliziyweni zamadoda empi akwa-Israyeli? Lomdondoshiya wendoda, owawungamamitha angaphezu kuka-2,7 ubude, wawashayisa ngovalo. (1 Samuweli 17:4-11, 24) Kodwa uDavide akazange esabe. Ngani? Ngoba akazange azame ukubhekana noGoliyati ngamandla akhe siqu. Kusukela ngesikhathi agcotshwa ngaso njengenkosi ka-Israyeli yesikhathi esizayo, wayevumele umoya kaNkulunkulu ukuba umqondise futhi umqinise kukho konke ayekwenza. (1 Samuweli 16:13) Ngakho wathi kuGoliyati: “Mina ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli oyeyisile. Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami.” (1 Samuweli 17:45, 46) UDavide wayenekhono lokujikijela ngendwayimane, kodwa singaqiniseka ukuthi umoya ongcwele kaJehova waqondisa itshe aliphonsa kuGoliyati futhi waqinisekisa ukuthi liyambulala.—1 Samuweli 17:48-51.

UDavide wabhekana nalenselele enkulu futhi wanqoba ngokuba nethemba lokuthi uNkulunkulu uzomsekela futhi amqinise. Wayakhe ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, obunokumethemba. Akungabazeki ukuthi baqiniswa indlela uJehova ayemkhulule ngayo ngaphambili. (1 Samuweli 17:34-37) NjengoDavide, ungalondoloza ubuhlobo bomuntu siqu obuqinile noJehova futhi ube nethemba eligcwele lokuthi angakwazi futhi uzimisele ukukuqinisa nokukusekela kuzo zonke izimo.—IHubo 34:7, 8.

Yenza Ongakwenza Ukuze Uxazulule Inkinga

Nokho, lokhu akusho ukuthi ngeke zibe khona izikhathi zobuhlungu obukhulu, ukukhathazeka, ngisho nokwesaba, njengoba iHubo 55 libonisa ngokucacile. Ngokwesibonelo, eminyakeni ethile ngemva kokukubonisa ngokungesabi ukuthembela kuJehova, uDavide waba novalo olukhulu lapho ebhekene nezitha zakhe. Waba nesigcwagcwa eNkosini uSawule futhi kwadingeka abaleke ukuze aphephe. Zama ukucabanga ngokukhathazeka lokhu okumelwe ukuba kwakubangela kuDavide, imibuzo okumelwe ukuba kwayiphakamisa engqondweni yakhe ngokuqondene nokufezeka kwezinjongo zikaJehova. Wayegcotshwe njengenkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo, kodwa manje kwase kudingeka aphile njengombaleki ehlane, ezingelwa njengesilwane sasendle. Lapho ezama ukuthola isiphephelo emzini waseGati, indawo uGoliyati azalelwa kuyo, waqashelwa. Kwaba namuphi umphumela? Ukulandisa kuthi “wesaba kakhulu.”—1 Samuweli 21:10-12.

Kodwa akazange avumele ukwesaba kwakhe nokukhathazeka okujulile kumvimbele ekubeni nethemba lokuthi uJehova uzomsiza. NgokweHubo 34 (elabhalwa ngenxa yalokhu okuhlangenwe nakho), uDavide wathi: “Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.”—IHubo 34:4, 6.

Yebo, uJehova wamsekela. Nokho qaphela ukuthi uDavide akazange amane nje asonge izandla alindele ukuba uJehova amophule. Wasiqaphela isidingo sokuba enze konke ayengakwenza ngaphansi kwalezo zimo ukuze aphume esimweni esinzima. Wasiqaphela isandla sikaJehova ekumkhululeni, kodwa naye ngokwakhe wathatha isinyathelo, wazenza uhlanya ukuze inkosi yaseGati ingambulali. (1 Samuweli 21:14–22:1) Nathi kudingeka senze konke esingakwenza ukuze sikwazi ukuthwala imithwalo, kunokuba simane nje sisonge izandla silindele uJehova ukuba asophule.—Jakobe 1:5, 6; 2:26.

Unganezeli Emithwalweni Yakho

Kamuva ekuphileni kwakhe, uDavide wafunda esinye isifundo, esibuhlungu. Siphi? Sokuthi ngezinye izikhathi siyanezela emithwalweni yethu. Ngemva kokunqoba amaFilisti, izinto zamhambela kabi uDavide lapho enquma ukuyisa umphongolo wesivumelwano eJerusalema. Ukulandisa okungokomlando kuyasitshela: “UDavide wahamba nabo bonke abantu ababenaye, besuka eBali-Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu . . . Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane [inqola] entsha, . . . oUza noAhiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyongqukumbane entsha.”—2 Samuweli 6:2, 3.

Ukuthwala uMphongolo ngenqola kwaphula zonke iziyalezo uJehova ayezinikezile ngokuqondene nawo. Kwakushiwo ngokucacile ukuthi abathwali boMphongolo abagunyaziwe kuphela, amaLevi angamaKohati, okwakufanele bawubeke emahlombe abo uMphongolo, besebenzisa izingodo ezifakwe emasongweni ayenzelwe loMphongolo ngokukhethekile. (Eksodusi 25:13, 14; Numeri 4:15, 19; 7:7-9) Ukuzishaya indiva lezi ziyalezo kwaletha inhlekelele. Lapho izinkabi ezidonsa inqola zicishe ziwuketula, u-Uza, cishe owayengumLevi kodwa engeyena neze umpristi, welula isandla ukuze abambe uMphongolo, uJehova wabe esemshaya ngenxa yokungahloniphi kwakhe.—2 Samuweli 6:6, 7.

UDavide njengenkosi kwakudingeka athwale icala elithile ngenxa yalokhu. Indlela asabela ngayo ibonisa ukuthi ngisho nalabo abanobuhlobo obuhle noJehova ngezinye izikhathi bangasabela kabi ezimweni ezivivinyayo. Okokuqala uDavide wathukuthela. Ngemva kwalokho wesaba. (2 Samuweli 6:8, 9, qhathanisa ne-NW.) Ubuhlobo bakhe noJehova, obunokumethemba bavivinywa kanzima. Yilesi sikhathi okubonakala sengathi wahluleka ngaso ukuphonsa umthwalo wakhe phezu kukaJehova, lapho engayilaleli imiyalo yakhe. Kungenzeka yini ukuthi nathi siba naleso simo ngezinye izikhathi? Sike simsole yini uJehova ngezinkinga ezibangelwa ukunganaki kwethu iziyalezo zakhe?—IzAga 19:3.

Ukubhekana Nomthwalo Wecala

Kamuva, uDavide wazibangela umthwalo omkhulu wecala ngokwenza isono esingathi sína ngokwephula izindinganiso zikaJehova zokuziphatha. Kulesi sikhathi uDavide wayeyekile ukuhola abantu bakhe empini. Wasala eJerusalema lapho besayokulwa. Lokhu kwaholela enkingeni engathi sína.—2 Samuweli 11:1.

INkosi uDavide yabona uBati-Sheba omuhle egeza. Yahileleka ekuziphatheni okubi naye, futhi wakhulelwa. (2 Samuweli 11:2-5) Ukuze igqibe lokhu kuziphatha okubi, yahlela ukuba umyeni wakhe, u-Uriya, asuke enkundleni yempi abuyele eJerusalema. U-Uriya wenqaba ukulala nomkakhe ngesikhathi u-Israyeli esempini. (2 Samuweli 11:6-11) Manje uDavide waphendukela ezindleleni ezimbi nezobuqili ukuze agqibe isono sakhe. Wahlela ukuba amabutho ayekanye no-Uriya amshiye endaweni eyingozi empini ukuze abulawe. Isono esisabekayo, esingathi sína!—2 Samuweli 11:12-17.

Yebo, uDavide akakwazanga ukusifihla kwaze kwaba sekugcineni isono sakhe, futhi wadalulwa. (2 Samuweli 12:7-12) Zama ukucabanga umuzwa wosizi necala okumelwe ukuba uDavide waba nawo lapho eqaphela ukuthi wayenze into enkulu kangakanani ngenxa yenkanuko yakhe. Kungenzeka wanqotshwa umuzwa wokuthi uyisehluleki, ikakhulukazi njengoba cishe ayengumuntu osheshe athinteke ngokomzwelo. Kungenzeka ukuthi wazizwa engento yalutho ngokuphelele!

Nokho, uDavide wabuvuma ngokushesha ububi bakhe, evuma kumprofethi uNathani: “Ngonile kuJehova.” (2 Samuweli 12:13) IHubo 51 lisitshela indlela azizwa ngayo futhi wanxusa ngayo uJehova uNkulunkulu ukuba amhlanze futhi amthethelele. Wathandaza: “Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.” (IHubo 51:2, 3) Ngenxa yokuthi wayephenduke ngempela, wakwazi ukuphinde akhe ubuhlobo obuqinile, nobuseduze noJehova. UDavide akazange agxile emizweni yokuzisola neyokuthi akalutho. Waphonsa umthwalo wakhe kuJehova ngokuvuma icala lakhe ngokuthobeka, wabonisa ukuphenduka okuqotho, futhi wathandaza enxusa intethelelo kaJehova. Waphinde wathola umusa kaNkulunkulu.—IHubo 51:7-12, 15-19.

Ukubhekana Nokuphendukelwa

Lokhu kusiletha esenzakalweni esashukumisela uDavide ukuba alobe iHubo 55. Wayengaphansi kokucindezeleka okukhulu ngokomzwelo. “Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami,” ebhala, “amavuso okufa angehlele.” (IHubo 55:4) Yini eyabangela lobu buhlungu? U-Abisalomu, indodana kaDavide, wayecebe ukweba ubukhosi bukaDavide. (2 Samuweli 15:1-6) Lokhu kuphendukelwa indodana yakhe siqu kwakunzima ukuba akubekezelele, kodwa okwenza izinto zaba zimbi kakhulu ukuthi umeluleki kaDavide amethemba kakhulu, indoda okuthiwa u-Ahithofeli, wahlanganyela ozungwini olwalwakhelwe uDavide. Ngu-Ahithofeli ochazwa uDavide kumaHubo 55:12-14. Ngenxa yalolu zungu nalokhu kuphendukelwa, uDavide kwadingeka abalekele eJerusalema. (2 Samuweli 15:13, 14) Yeka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu obungakanani!

Nakuba kunjalo, akazange avumele ukucindezeleka ngokomzwelo nosizi lwakhe ukuba kwenze buthakathaka ukuthembela kwakhe kuJehova. Wathandaza kuJehova ukuba abhuntshise amacebo alabo ababakhe uzungu. (2 Samuweli 15:30, 31) Siyaphinda futhi siyabona ukuthi uDavide akazange amane asonge izandla alindele ukuba uJehova enze wonke umsebenzi. Ngokushesha nje lapho ithuba livela, wenza lokho ayengakwenza ukuze amelane nozungu ayakhelwe lona. Wathuma omunye wabeluleki bakhe, uHushayi, ukuba aphindele eJerusalema enze sengathi uhlanganyela ozungwini, nakuba empeleni, ayezoluchitha. (2 Samuweli 15:32-34) Ngokusekela kukaJehova, leli cebo lasebenza. UHushayi wenza ukuba uDavide abe nesikhathi esanele sokuphinde ahlanganise iqembu lakhe futhi ahlele ukuzivikela.—2 Samuweli 17:14.

Yeka indlela uDavide kukho konke ukuphila kwakhe okumelwe ukuba wasazisa ngayo isivikelo sikaJehova kanye nesineke sakhe nokuzimisela kwakhe ukuthethelela! (IHubo 34:18, 19; 51:17) Yilokhu okubangela ukuba uDavide asikhuthaze ngokuqiniseka kulezi zikhathi zethu zokucindezeleka ukuba sicele usizo lukaJehova, ‘siphonse umthwalo wethu kuJehova.’—Qhathanisa neyoku-1 Petru 5:6, 7.

Yakha Futhi Ulondoloze Ubuhlobo Obuqinile, Obunokwethemba UJehova

Kungenzeka kanjani ukuba sibe nobuhlobo obufana nalobo uDavide ayenabo noJehova, ubuhlobo obamsekela ngezikhathi zovivinyo nosizi olukhulu? Ubuhlobo obunjalo singabakha ngokuba abafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Siyamvumela ukuba asifundise ngemithetho yakhe, izimiso, nobuntu. (IHubo 19:7-11) Njengoba sizindla ngeZwi likaNkulunkulu, sisondela kuye nakakhulu futhi sifunda ukumethemba ngokuphelele. (IHubo 143:1-5) Siyabujulisa futhi sibuqinise lobo buhlobo uma sihlanganyela nabakhulekeli esinabo ukuze sifundiswe uJehova ngokuqhubekayo. (IHubo 122:1-4) Ngomthandazo osuka enhliziyweni sijulisa ubuhlobo bethu noJehova.—IHubo 55:1.

Yiqiniso, uDavide, njengathi, wayecindezeleka lapho ubuhlobo bakhe noJehova babungaqinile ngendlela okwakufanele buqine ngayo. Ukucindezelwa ‘kungasihlanyisa.’ (UmShumayeli 7:7) Kodwa uJehova uyakubona okwenzekayo, futhi uyakwazi okusenhliziyweni yethu. (UmShumayeli 4:1; 5:8) Kudingeka sizikhandle ukuze sigcine ubuhlobo bethu noJehova buqinile. Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi yibuphi ubunzima okudingeka sibuthwale, singathembela kuJehova ukuba enze singacindezeleki kakhulu noma asinikeze amandla okubhekana nesimo sethu. (Filipi 4:6, 7, 13) Kumelwe nje sihlale siseduze noJehova. Lapho uDavide enza lokhu, wayelondeka ngokuphelele.

Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho zinjani, uDavide uthi, phonsa umthwalo wakho kuJehova ngaso sonke isikhathi. Khona-ke siyokubona ukuba yiqiniso kwalesi sithembiso: “Uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.