Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amalungu Amasha ENdikimba Ebusayo

Amalungu Amasha ENdikimba Ebusayo

Amalungu Amasha ENdikimba Ebusayo

NGOMGQIBELO ka-October 2, 1999, uMhlangano Waminyaka Yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania waphethwa ngesimemezelo esasingalindelwe. Abangu-10 594 ababekhona noma ababexhunywe ngezingcingo bakujabulela ukuzwa ukuthi kunezelwe amalungu amane amasha eNdikimbeni Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Amalungu amasha, wonke angamaKristu agcotshiwe, nguSamuel F. Herd; uM. Stephen Lett; uGuy H. Pierce; noDavid H. Splane.

• USamuel Herd waqala ukuphayona ngo-1958, futhi kusukela ngo-1965 kuya ku-1997, wayesemsebenzini wesifunda nowesigodi. Ngemva kwalokho, yena nomkakhe, uGloria, bebelokhu beyingxenye yomkhaya waseBethel wase-United States, lapho uMfoweth’ uHerd abesebenza khona eMnyangweni Wenkonzo. Ubekhonza nanjengomsizi weKomiti Yenkonzo.

• UStephen Lett waqala ukuphayona ngo-December 1966, futhi kusukela ngo-1967 kuya ku-1971, wakhonza eBethel e-United States. Ngo-October 1971, washada noSusan, babe sebengenela inkonzo yamaphayona akhethekile. Kusukela ngo-1979 kuya ku-1998, wayekhonza njengombonisi ojikelezayo. Kusukela ngo-April 1998, yena noSusan baye baba ingxenye yomkhaya waseBethel wase-United States. Lapho, uye wasebenza eMnyangweni Wenkonzo futhi engumsizi weKomiti Yokufundisa.

• UGuy Pierce wakhulisa umkhaya, kwabe sekuthi ngo-April 1982 yena nomkakhe baqala ukuphayona. Wakhonza njengombonisi wesifunda kusukela ngo-1986 kwaze kwaba ngu-1997, lapho yena nomkakhe, uPenny, baba ingxenye yomkhaya waseBethel waseBrooklyn. UMfoweth’ uPierce ubekhonza njengomsizi weKomiti Yezisebenzi.

• UDavid Splane waqala ukuphayona ngo-September 1963. Njengoba athweswa iziqu ekilasini lama-42 laseGileyadi, wakhonza njengesithunywa sevangeli eSenegal, e-Afrika, wabe esekhonza iminyaka engu-19 emsebenzini wesifunda eCanada. Yena nomkakhe, uLinda bebelokhu beseBethel yase-United States kusukela ngo-1990, lapho uMfoweth’ uSplane aye wasebenza khona eMnyangweni Wenkonzo naseMnyangweni Wokubhala. Kusukela ngo-1998, ubelokhu engumsizi weKomiti Yokubhala.

Ngaphezu kwala malungu amasha amane, iNdikimba Ebusayo manje isihlanganisa uC. W. Barber, uJ. E. Barr, uM. G. Henschel, uG. Lösch, uT. Jaracz, uK. F. Klein, u-A. D. Schroeder, uL. A. Swingle noD. Sydlik. Sonke sithandazela ukuba uJehova aqhubeke eyibusisa futhi eyiqinisa iNdikimba Ebusayo esiyandisiwe, njengoba iqhubeka yengamela imisebenzi yabantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke futhi ikhonza izithakazelo zabo ezingokomoya.