Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Omncane” Useye Waba “Yinkulungwane”

“Omncane” Useye Waba “Yinkulungwane”

“Omncane” Useye Waba “Yinkulungwane”

“Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla.”—ISAYA 60:22.

1, 2. (a) Kungani ubumnyama busibekela umhlaba namuhla? (b) Ukukhanya kukaJehova kuye kwakhanya kanjani ngokuqhubekayo kubantu bakhe?

“UBUMNYAMA buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.” (Isaya 60:2) La mazwi asichaza kahle isimo lapha emhlabeni kusukela ngo-1919. ELobukholwa liye lasenqaba isibonakaliso sokuba khona ebukhosini kukaJesu Kristu, “ukukhanya kwezwe.” (Johane 8:12; Mathewu 24:3) Ngenxa ‘yentukuthelo enkulu’ kaSathane, oyinhloko ‘kubabusi bezwe balobubumnyama,’ ikhulu lama-20 laba yisikhathi esinonya nokucekela phansi kunazo zonke emlandweni wesintu. (IsAmbulo 12:12; Efesu 6:12) Iningi labantu liphila ebumnyameni obungokomoya.

2 Noma kunjalo, kukhona ukukhanya namuhla. UJehova ‘ukhanya phezu’ kwezinceku zakhe, insali egcotshiwe, engabameleli basemhlabeni ‘bowesifazane’ wakhe wasezulwini. (Isaya 60:1) Ikakhulukazi kusukela bakhululwa ngo-1919 ekuthunjweni yiBabiloni, baye babonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu futhi benza ‘ukukhanya kwabo kwakhanya phambi kwabantu.’ (Mathewu 5:16) Kusukela ngo-1919 kuya ku-1931, ukukhanya koMbuso kwaya kugqama njengoba babelahla amaketanga ayesasele okucabanga kweBabiloni. Banda ngesibalo bafinyelela amashumi ezinkulungwane njengoba uJehova ayefeza isithembiso sakhe: “Ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.” (Mika 2:12) Ngo-1931, inkazimulo kaJehova phezu kwabantu bakhe yagqama nakakhulu lapho bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova.—Isaya 43:10, 12.

3. Kwaba sobala kanjani ukuthi ukukhanya kukaJehova kwakuyokhanya nakwabanye ngaphandle kwabagcotshiwe?

3 Ingabe uJehova wayezokhanya kwabaseleyo ‘bomhlambi omncane’ kuphela? (Luka 12:32) Cha. INqabayokulinda ka-September 1, 1931 (yesiNgisi) yaveza elinye iqembu. Encazelweni enhle kaHezekeli 9:1-11, yabonisa ukuthi indoda ephethe uphondo lukayinki womlobi okukhulunywa ngayo kulawo mavesi imelela insali egcotshiwe. Obani ababekwa uphawu ebunzini yileyo “ndoda”? “Ezinye izimvu,” abantu abanethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 10:16; IHubo 37:29) Ngo-1935 kwaqondwa ukuthi leli qembu ‘lezinye izimvu’ ‘liyisixuku esikhulu esiphuma kuzo zonke izizwe’ esabonwa umphostoli uJohane embonweni. (IsAmbulo 7:9-14) Kusukela ngo-1935 kuze kube manje, kuye kwagxilwa kakhulu ekubutheni abesixuku esikhulu.

4. Angobani “amakhosi” “nezizwe” okukhulunywa ngazo ku-Isaya 60:3?

4 Lo msebenzi wokubuthwa uthintwa sakugigiyela esiprofethweni sika-Isaya lapho sithi: “Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.” (Isaya 60:3) Angobani la “makhosi” okukhulunywa ngawo lapha? Angabaseleyo babangu-144 000, abayizindlalifa kanye noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini futhi abaye bahola emsebenzini wokufakaza. (Roma 8:17; IsAmbulo 12:17; 14:1) Namuhla, izinkulungwane ezimbalwa ezisasele zabagcotshiwe ziyisibalo esincane kakhulu ‘kunezizwe,’ labo abanethemba lasemhlabeni abeza kuJehova ukuze bafundiswe futhi bameme abanye ukuba benze okufanayo.—Isaya 2:3.

Izinceku ZikaJehova Ezishisekayo

5. (a) Yimaphi amaqiniso abonisa ukuthi intshiseko yabantu bakaJehova ayizange inciphe? (b) Yimaphi amazwe abe nokwanda okuphawulekayo ngo-1999? (Bheka ishadi elisemakhasini 17 kuya ku-20.)

5 Yeka intshiseko oFakazi BakaJehova banamuhla abaye bayibonisa kulo lonke ikhulu lama-20! Futhi naphezu kwezingcindezi ezandayo, intshiseko yabo ayizange inciphe lapho kusondela unyaka ka-2000. Babesawulalela ngobuqotho umyalo kaJesu othi: “Niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19, 20) Inani labamemezeli bezindaba ezinhle ngonyaka wenkonzo wokugcina ekhulwini lama-20 lafinyelela inani elisha eliphakeme elingu-5 912 492. Basebenza amahora amangalisayo ayingqikithi engu-1 144 566 849 bekhuluma nabanye ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe. Benza izimpindelo ezingu-420 047 796 kubantu abathakazelayo futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala ezingu-4 433 884. Yeka umlando omuhle wokukhonza ngentshiseko!

6. Yiliphi ilungiselelo elisha elenzelwa amaphayona, futhi kwaba nakuphi ukusabela?

6 Ngo-January odlule, iNdikimba Ebusayo yamemezela ushintsho enanini lamahora afuneka kumaphayona. Abaningi bakusebenzisa lokhu ukuze bangenele ubuphayona obuvamile nobusizayo. Ngokwesibonelo, phakathi nezinyanga ezine zokuqala zonyaka ka-1999, ihhovisi legatsha laseNetherlands lathola izicelo zamaphayona avamile eziphindwe kane kunangesikhathi esifanayo ngonyaka owandulele. IGhana iyabika: “Selokhu kube nomgomo omusha wamaphayona, inani lamaphayona ethu avamile lilokhu likhuphuka.” Ngonyaka wenkonzo ka-1999, inani lamaphayona emhlabeni wonke lafinyelela ku-738 343—okuwukubonakaliswa okuhle ‘kwentshiseko yemisebenzi emihle.’—Thithu 2:14.

7. UJehova uye wawubusisa kanjani umsebenzi wentshiseko wezinceku zakhe?

7 Ingabe uJehova uye wawubusisa lo msebenzi wentshiseko? Yebo. Ngo-Isaya uthi: “Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone; babuthana bonke, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.” (Isaya 60:4) “Amadodana” kanye “namadodakazi” agcotshiwe abuthiwe asamkhonza ngentshiseko uNkulunkulu. Futhi manje, ezinye izimvu zikaJesu zibuthelwa ohlangothini ‘lwamadodana namadodakazi’ kaJehova agcotshiwe emazweni neziqhingi ezingu-234.

“Yonke Imisebenzi Emihle”

8. Yimiphi “imisebenzi emihle” oFakazi BakaJehova abamatasa kuyo?

8 AmaKristu anomthwalo wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokusiza abanesithakazelo ukuba babe abafundi. Kodwa ahlonyiselwe “yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:17) Ngakho, ayinakekela ngothando imikhaya yawo, abonisa umoya wokwamukela izihambi, futhi avakashela abagulayo. (1 Thimothewu 5:8; Heberu 13:16) Futhi izisebenzi zokuzithandela zenza imisebenzi enjengokwakha amaHholo OMbuso—okungomunye futhi umsebenzi onikeza ubufakazi. ETogo, ngemva kokwakhiwa kwelinye ihholo, abaholi belinye isonto lendawo elelaphayo bafuna ukwazi ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bekwazi ukuzakhela izakhiwo zabo kanti isonto labo kwakudingeka liqashe abantu! ITogo ibika ukuthi ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso asezingeni elihle kuye kwaba nomphumela omuhle emphakathini kangangokuthi abanye abantu bazama ukuqasha noma ukwakha izindlu ezindaweni okuzokwakhiwa kuzo amahholo.

9. OFakazi BakaJehova baye basabela kanjani lapho kuba nezinhlekelele?

9 Ngezinye izikhathi, kudingeka olunye uhlobo lomsebenzi omuhle. Amazwe amaningi ngonyaka wenkonzo odlule ahlaselwa yizinhlekelele, futhi kaningi oFakazi BakaJehova babeba ngabokuqala ukufika bezonikeza usizo. Ngokwesibonelo, indawo enkulu yeHonduras yonakaliswa yisiPhepho uMitch. Ngokushesha, igatsha lamisa amakomiti ezimo eziphuthumayo ukuze enze imizamo yokusiza. OFakazi baseHonduras nabakwamanye amazwe amaningi banikela ngezingubo, ukudla, imithi nezinye izinto eziyisisekelo. AmaKomiti Okwakha Ezifunda asebenzisa amakhono awo ukuze akhe kabusha izindlu. Ngokushesha, abafowethu ababeyizisulu zale nhlekelele basizwa bakwazi ukuphinde benze imisebenzi yabo evamile. E-Ecuador, oFakazi BakaJehova basiza abafowabo lapho izikhukhula ezinzima zonakalisa eminye imizi. Ngemva kokubukela indlela ephumelelayo ababesisingathe ngayo lesi simo, esinye isikhulu sikahulumeni sathi: “Ukube leli qembu bekungelami, bengiyogila izimanga! Abantu abanjengani kufanele babe khona kuwo wonke umhlaba.” Umsebenzi omuhle njengalona uyisa udumo kuJehova uNkulunkulu futhi uwubufakazi ‘bokuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu okunenzuzo ezintweni zonke.’—1 Thimothewu 4:8.

“Bandiza Njengefu”

10. Naphezu kwenani elinciphayo labagcotshiwe, kungani igama likaJehova limenyezelwa kakhulu kunanini ngaphambili?

10 Manje uJehova uyabuza: “Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na? Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude . . . Abezizwe bayakuzakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze.” (Isaya 60:8-10) Abokuqala abasabela ‘ekukhanyeni’ kukaJehova ‘kwakungamadodana’ akhe, amaKristu agcotshiwe. Kwabe sekuba “abezizwe,” isixuku esikhulu, esikhonza abafowabo abagcotshiwe ngokwethembeka, sibalandela njengoba behola ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ngakho, nakuba inani labagcotshiwe lincipha, igama likaJehova liyamenyezelwa emhlabeni wonke kunanini ngaphambili.

11. (a) Yini esaqhubeka futhi kube namuphi umphumela ngo-1999? (b) Yimaphi amazwe aba namanani aphawulekayo ababhapathizwa ngo-1999? (Bheka ishadi elisemakhasini 17 kuya ku-20.)

11 Ngenxa yalokho, izigidi zithutheleka “njengamajuba eya ezidlekeni zawo,” ziyokhosela ebandleni lobuKristu. Unyaka ngamunye kunezelwa amakhulu ezinkulungwane, futhi indlela isabavulekele nabanye abengeziwe. U-Isaya uthi: “Amasango akho ayakuvuleka njalo, awayikuvalwa imini nobusuku, ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe.” (Isaya 60:11) Ngonyaka odlule kwabhapathizwa abangu-323 439 bebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova, futhi akakawavali amasango. “Okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe,” amalungu esixuku esikhulu, kusangena ngobuningi. (Hagayi 2:7) Akukho muntu ofuna ukuphuma ebumnyameni oxoshwayo kula masango. (Johane 12:46) Kwangathi bonke abanjalo bangelokothe bayeke ukwazisa ukukhanya!

Banesibindi Lapho Bephikiswa

12. Laba abathanda ubumnyama baye bazama kanjani ukucima ukukhanya?

12 Labo abathanda ubumnyama bayakuzonda ukukhanya kukaJehova. (Johane 3:19) Abanye baze bazame nokukucima lokho kukhanya. Akuyona into engalindelekile lena. Ngisho noJesu, “ukukhanya kweqiniso okunika ukukhanya kuzo zonke izinhlobo zabantu,” wahlekwa usulu, waphikiswa futhi ekugcineni wabulawa abantu bezwe lakubo. (Johane 1:9) Kulo lonke ikhulu lama-20, oFakazi BakaJehova nabo baye bahlekwa usulu, baboshwa, bavinjelwa futhi babulawa nokubulawa njengoba bebonisa ngokwethembeka ukukhanya kukaJehova. Eminyakeni yamuva, abaphikisi baphendukela ekusakazeni amanga emithonjeni yezindaba mayelana nalabo ababonisa ukukhanya kukaNkulunkulu. Abanye bafuna ukwenza abantu bakholelwe ukuthi oFakazi BakaJehova bayingozi futhi kufanele babekelwe imingcele noma bavinjelwe. Ingabe abaphikisi abanjalo baye baphumelela?

13. Uye waba yini umphumela wokunikeza abezindaba amaqiniso ngokuhlakanipha mayelana nomsebenzi wethu?

13 Cha. Lapho kufaneleka, oFakazi BakaJehova baye baya kwabezindaba ukuze bayochaza amaqiniso. Ngenxa yalokho, igama likaJehova liye lanyatheliswa kabanzi emaphephandabeni nakomagazini futhi lavela emisakazweni nakumathelevishini. Lokhu kuye kwaba nemiphumela emihle emsebenzini wokushumayela. Ngokwesibonelo, eDenmark, kwaba nohlelo lwe-TV olwalukhuluma ngesihloko esithi “Okwenza ukholo lwabantu baseDenmark lunciphe.” Kwaxoxwa noFakazi BakaJehova, kanye nabanye. Kamuva, owesifazane owayelubonile lolu hlelo wathi: “Bekusobala ukuthi obani abanomoya kaNkulunkulu.” Kwaqalwa isifundo naye.

14. Yini ezojabhisa abaphikisi ngokushesha lapho beyiqaphela?

14 OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi abaningi kuleli zwe bayaphikisana nabo. (Johane 17:14) Noma kunjalo, isiprofetho sika-Isaya siyabaqinisa: “Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.” (Isaya 60:14) Ngokushesha abaphikisi bazojabha lapho kudingeka baqaphele ukuthi empeleni bebelwa noNkulunkulu uqobo. Ubani onganqoba empini enjalo?

15. OFakazi BakaJehova ‘baluncela’ kanjani “ubisi lwezizwe,” futhi lokhu kuye kwabonakala kanjani emsebenzini wokufundisa nokushumayela?

15 UJehova uyaqhubeka ethembisa: “Ngiyakwenza isivunulo esiphakade . . . Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele namabele amakhosi; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho.” (Isaya 60:15, 16) Yebo, uJehova unguMsindisi wabantu bakhe. Uma bencika kuye, bayophila “phakade.” Futhi ‘bayoncela ubisi lwezizwe’ ngokusebenzisa izinto ezithile ezitholakalayo ukuze bathuthukise ukukhulekela kweqiniso. Ngokwesibonelo, ukuwasebenzisa ngokuhlakanipha ama-computer nezokuxhumana kusiza ukuba INqabayokulinda inyatheliswe ngezilimi ezingu-121 ngesikhathi esisodwa, kanye ne-Phaphama! ngezingu-62 kanyekanye. Kuye kwakhiwa isimiso se-computer sokusiza ekuhumusheleni INguqulo Yezwe Elisha ezilimini ezintsha, futhi lokhu kuletha injabulo enkulu. Lapho kukhululwa inguqulo yesiCroatia yemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngo-1999, abaningi bagcwala izinyembezi zenjabulo. Omunye umzalwane osekhulile wathi: “Kudala ngalilinda leli Bhayibheli. Manje sengingafa ngokuthula!” Sekuye kwasakazwa amakhophi angaphezu kwezigidi eziyikhulu e-Nguqulo Yezwe Elisha, iphelele noma izingxenye zayo, ngezilimi ezingu-34.

Izindinganiso Zokuziphatha Eziphakeme

16, 17. (a) Nakuba kunzima, kungani kubalulekile ukulondoloza izindinganiso zikaJehova eziphakeme? (b) Yisiphi isenzakalo esibonisa ukuthi intsha ingakugwema ukungcoliswa yizwe?

16 UJesu wathi: “Lowo ozenza umkhuba izinto ezimbi uyakuzonda ukukhanya.” (Johane 3:20) Ngakolunye uhlangothi, labo abahlala besekukhanyeni bayazithanda izindinganiso zikaJehova eziphakeme. Ngo-Isaya, uJehova uthi: “Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke.” (Isaya 60:21a) Kungaba yinselele ukulondoloza izindinganiso zokulunga ezweni eligcwele ukuziphatha okubi ngokobulili, ukuqamba amanga, ukuhaha nokuqhosha. Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe, ezomnotho ziyachuma futhi kulula ukuphazamiseka uzinikele ekuphishekeleni ingcebo. Nokho, uPawulu waxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni.” (1 Thimothewu 6:9) Yeka indlela okudabukisa ngayo lapho othile engena shí kwezamabhizinisi aze adebeselele izinto ezibaluleke ngempela, njengobudlelwane namaKristu, inkonzo engcwele, izindinganiso zokuziphatha nemithwalo yomkhaya!

17 Ukulondoloza izindinganiso zokulunga kungaba nzima ngokukhethekile kwabasha, njengoba abaningi bontanga yabo behileleka ekusebenziseni kabi izidakamizwa nasekuziphatheni okubi. ESuriname, intombazane eneminyaka engu-14 ubudala yacelwa umfana obukekayo esikoleni ukuba ibe nobuhlobo bobulili naye. Yenqaba, yachaza ukuthi iBhayibheli liyakwenqabela ukwenza izinto ezinjalo ningashadile. Amanye amantombazane esikoleni ayihleka usulu futhi azama ukuyicindezela ukuba ishintshe umqondo, ethi wonke umuntu wayefuna ukulala nalowo mfana. Noma kunjalo, le ntombazanyana yashaya phansi ngonyawo. Ngemva kwamasonto ambalwa, kwatholakala ukuthi lo mfana unegciwane le-HIV futhi wagula kakhulu. Le ntombazane yajabula ngokuthi yayilalele umyalo kaJehova ‘wokudeda ebufebeni.’ (IzEnzo 15:28, 29) OFakazi BakaJehova baziqhenya kakhulu ngentsha yabo ekumelela ngokuqinile okulungile. Ukholo lwayo, nolwabazali bayo, ‘ludumisa’ igama likaJehova uNkulunkulu.—Isaya 60:21b.

UJehova Uye Wabangela Ukwanda

18. (a) Iyiphi into enkulu uJehova aye wayenzela abantu bakhe? (b) Kunabuphi ubufakazi bokuthi ukwanda kusazoqhubeka, futhi yimaphi amathemba amahle alindele labo abahlala ekukhanyeni?

18 Yebo, uJehova unikeza abantu bakhe ukukhanya, ababusise, abaqondise futhi abaqinise. Phakathi nekhulu lama-20, babona ukugcwaliseka kwamazwi ka-Isaya athi: “Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” (Isaya 60:22) Kusukela kwabambalwa emuva ngo-1919, “omncane” useye waba ngaphezu ‘kwenkulungwane.’ Futhi lokho kwanda akukapheli! Ngonyaka odlule kwaba khona abangu-14 088 751 emkhosini weSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Abaningi balaba babengebona oFakazi abashumayelayo. Siyajabula ngokuthi baba khona kulowo mkhosi obalulekile, futhi sibamema ukuba baqhubeke besondela ekukhanyeni. UJehova usakhanya ngokugqamile phezu kwabantu bakhe. Umnyango wokungena enhlanganweni yakhe usavulekile. Khona-ke, bonke mabazimisele ukuhlala ekukhanyeni kukaJehova. Yeka izibusiso lokho okusilethela zona manje! Futhi yeka injabulo okuyoyiletha esikhathini esizayo lapho yonke indalo iyodumisa uJehova futhi yethabe enkazimulweni yakhe!—IsAmbulo 5:13, 14.

Ungachaza?

Obani abaye babonakalisa inkazimulo kaJehova kulezi zinsuku zokugcina?

Yini ebonisa ukuthi intshiseko yabantu bakaJehova ayizange inciphe?

Yimiphi eminye yemisebenzi emihle oFakazi BakaJehova abamatasa kuyo?

Naphezu kokuphikiswa okunonya, yini esiqiniseka ngayo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 17-20]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1999 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(See bound volume)

[Izithombe ekhasini 15]

Abantu basathuthelekela enhlanganweni kaJehova

[Isithombe ekhasini 16]

Siyajabula ngokuthi uJehova uye wawuvula gengelezi umnyango ukuze kungene labo abathanda ukukhanya