Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukholo Lungakushintsha Ukuphila Kwakho

Ukholo Lungakushintsha Ukuphila Kwakho

Ukholo Lungakushintsha Ukuphila Kwakho

“KUNGENZEKA ngokuqinisekile ukuba ube nezindinganiso ezinhle ngaphandle kukaNkulunkulu.” Lawa kwakungamazwi ashiwo ngokuqiniseka umuntu othi uNkulunkulu akaziwa. Uthi wakhulisa izingane zakhe ngezindinganiso zokuziphatha eziphakeme, futhi nazo zakhulisa ezazo izingane ngezindinganiso eziphakeme ezifanayo—ngaphandle kokuba nokholo kuNkulunkulu.

Ingabe lokho kusho ukuthi asikho isidingo sokuba nokholo kuNkulunkulu? Kusobala ukuthi lo muntu wayecabanga kanjalo. Futhi kuyiqiniso ukuthi akukhona ukuthi wonke umuntu ongakholelwa kuNkulunkulu ungumuntu omubi. Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngabantu bezizwe’ abangamazi uNkulunkulu kodwa “[abenza] ngokwemvelo izinto zomthetho.” (Roma 2:14) Sonke—kuhlanganise nalabo abathi uNkulunkulu akaziwa—sazalwa sinonembeza. Abaningi bazama ukulandela lokho abakutshelwa onembeza babo nakuba bengakholelwa kuNkulunkulu obanika lowo muzwa wokuhle nokubi abazalwa nawo.

Nokho, ukholo oluqinile kuNkulunkulu—lolo olusekelwe eBhayibhelini—lungamandla amakhulu ashukumisela kokuhle kunesiqondiso sikanembeza nje sisodwa. Ukholo olusekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, lufundisa unembeza, luwenze ube bukhali kakhudlwana ekuqondeni okulungile nokungalungile. (Heberu 5:14) Ngaphezu kwalokho, ukholo luqinisa abantu ukuba balondoloze izindinganiso eziphakeme lapho bengaphansi kokucindezeleka okukhulu kakhulu. Ngokwesibonelo, phakathi nekhulu lama-20, amazwe amaningi aba ngaphansi kohulumeni bezombangazwe abonakele, ababephoqelela abantu ababebonakala behloniphekile ukuba benze izenzo zonya ezesabekayo. Nokho, labo abanokholo lwangempela kuNkulunkulu benqaba ukulahla izimiso zabo, ngisho nalapho besengozini yokufa. Ngaphezu kwalokho, ukholo olusekelwe eBhayibhelini lungabashintsha abantu. Lungasindisa ukuphila okubonakala konakele ngokuphelele futhi lusize abantu ukuba bagweme amaphutha amakhulu. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

Ukholo Lungashintsha Ukuphila Komkhaya

“Ngokholo lwenu niye nafinyelela into engenakufinyelelwa.” Lasho kanjalo ijaji eliyiNgisi lapho likhipha isinqumo salo ngokuphathelene nokugcinwa kwezingane zikaJohn noTania. Lapho iziphathimandla ziqala ukwazi ngoJohn noTania, babengashadile futhi ukuphila kwabo komkhaya kukubi kakhulu. UJohn, owayenenkinga yokusebenzisa kabi izidakamizwa futhi enomkhuba wokugembula, wayesephendukele ebugebengwini ukuze athole imali yokwenza izinto ezimbi ayezenza. Washiya izingane nonina wazo dengwane. Khona-ke, yisiphi “isimangaliso” esenzeka?

Ngolunye usuku, uJohn wezwa indodana encane yomfowabo ikhuluma ngePharadesi. Enesithakazelo, wabuza abazali balo mfana ngalo. Abazali balo mfana bangoFakazi BakaJehova, futhi basiza uJohn ukuba afunde ngalo eBhayibhelini. Kancane, kancane, uJohn noTania baba nokholo olusekelwe eBhayibhelini olwashintsha ukuphila kwabo. Bashada ngokomthetho futhi banqoba izinto ezimbi ababezenza. Iziphathimandla ezazihlola umuzi wabo zathola okuthile okwakubonakala kungenakwenzeka ngaphambidlana—umkhaya ojabulayo osendlini ehlanzekile, eyindawo eyamukelekayo yokukhulisela izingane. Ijaji laliqinisile lapho lithi lesi “simangaliso” sasibangelwe ukholo uJohn noTania ababesanda kuluthola.

Ebangeni elingamakhilomitha ayizinkulungwane ukusuka eNgilandi, umakoti othile waseMpumalanga Eseduze wayesezoba phakathi kwenani elidabukisa kakhulu. Wayehlela ukuba ngomunye wezigidi ezimshado wazo uphela ngesehlukaniso unyaka ngamunye. Wayenengane, kodwa umyeni wakhe wayemdala kakhulu kunaye. Ngenxa yaleso sizathu, izihlobo zakhe zazimncenga ukuba ahlukanise, futhi empeleni wayeseqalile ukwenza amalungiselelo okwenza kanjalo. Nokho, wayetadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. Lapho lo Fakazi ezwa ngaleso simo, wachaza lokho iBhayibheli elikushoyo ngomshado—ngokwesibonelo, ukuthi umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu futhi awuyona into engalahlwa kalula nje. (Mathewu 19:4-6, 9) Lona wesifazane wathi enhliziyweni yakhe, ‘Kuyamangaza ukuthi lona wesifazane engingamazi uzama ukusindisa umkhaya wethu kuyilapho labo abasondelene kakhulu nami befuna ukuwuchitha.’ Ukholo ayesanda kuluthola lwamsiza ukuba alondoloze umshado wakhe.

Inani elidabukisayo elithinta ukuphila komkhaya yilelo eliphathelene nokukhishwa kwezisu. Umbiko weZizwe Ezihlangene wathi unyaka ngamunye kunabantwana abangakazalwa abalinganiselwa cishe ezigidini ezingu-45 ababulawa ngenhloso. Isenzakalo ngasinye esinjalo sibanga usizi. Ulwazi lweBhayibheli lwasiza owesifazane wasePhilippines ukuba agweme ukwandisa lelo nani.

Lona wesifazane wavakashelwa oFakazi BakaJehova, futhi wamukela incwajana yesifundo seBhayibheli ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, * futhi waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngemva kwezinyanga, wachaza ukuthi kungani enza kanjalo. Lapho oFakazi bemvakashela okokuqala, lona wesifazane wayekhulelwe kodwa yena nomyeni wakhe babenqume ukuba asikhiphe isisu. Nokho, isithombe somntwana ongakazalwa esisekhasini 24 lale ncwajana sathinta inhliziyo yalona wesifazane. Incazelo esekelwe eBhayibhelini ehambisana naso ethi ukuphila kungcwele ngoba ‘ukuNkulunkulu umthombo wokuphila’ yamenza wanquma ukungayibulali ingane yakhe. (IHubo 36:9) Manje ungumama wosana oluhle nolunempilo.

Ukholo Lusiza Labo Ababukelwa Phansi

E-Ethiopia, abesilisa ababili ababenikizela bafika emhlanganweni wokukhulekela owawuqhutshwa oFakazi BakaJehova. Ekupheleni komhlangano, uFakazi othile wazazisa kubo ngendlela enobungane. Labo besilisa bacela imali. Lo Fakazi akazange abanike imali, kodwa wabanika okuthile okungcono. Wabakhuthaza ukuba bakhe ukholo kuNkulunkulu, ‘olunenani elikhulu kakhulu kunegolide.’ (1 Petru 1:7) Omunye wabo wasabela kulokho futhi waqala ukutadisha iBhayibheli. Lokhu kwashintsha ukuphila kwakhe. Lapho ukholo lwakhe lwanda, wayeka ukubhema, ukuphuza ngokweqile, ukuziphatha okubi kanye nokusebenzisa i-khat (isidakamizwa esiluthayo). Wafunda indlela yokuzondla kunokunxiba futhi manje uphila ukuphila okuhlanzekile nokuvuzayo.

E-Italy indoda eneminyaka engu-47 ubudala yayigwetshwe iminyaka eyishumi ejele futhi yagcinwa esibhedlela sikahulumeni sabagula ngengqondo. Omunye woFakazi BakaJehova ogunyazwe ukungena emajele ayosiza ngokomoya watadisha nayo iBhayibheli. Le ndoda yathuthuka ngokushesha. Ukholo lwashintsha ukuphila kwayo kangangokuthi ezinye iziboshwa seziya kuyo uma zidinga iseluleko sokusingatha izinkinga zazo. Ukholo lwayo olusekelwe eBhayibhelini luye lwenza iziphathimandla zasejele zayihlonipha, zayazisa futhi zayethemba.

Eminyakeni yamuva nje, amaphephandaba aye abika ngezimpi zombango e-Afrika. Izindaba ezishaqisa ngokukhethekile yilezo zabafanyana abaqeqeshelwa ukuba amasosha. Lezi zingane ziluthwa ngezidakamizwa, ziphathwe ngonya futhi ziphoqelelwe ukuba zenze izenzo zonya ezihlotsheni zazo ukuze kuqinisekwe ukuthi zithembeké eqenjini ezililwelayo kuphela. Ingabe ukholo olusekelwe eBhayibhelini lunamandla ngokwanele ukuba lungashintsha ukuphila kwentsha enjalo? Lwaba njalo okungenani ezimweni ezimbili.

ELiberia, u-Alex wayeyisikhonzi se-altare eSontweni LamaKatolika. Kodwa lapho eneminyaka engu-13 ubudala, wajoyina iqembu elilwayo futhi waba isosha eliyingane elidume ngobubi. Ukuze abe nesibindi empini, wasebenzisa ubuthakathi. U-Alex wabona abangane bakhe abaningi bebulawa, kodwa yena wasinda. Ngo-1997 wahlangana noFakazi BakaJehova futhi wathola ukuthi babengambukeli phansi. Kunalokho, bamsiza ukuba afunde lokho iBhayibheli elikushoyo ngobudlova. U-Alex walishiya ibutho lezempi. Lapho ukholo lwakhe luqala ukukhula, walandela umyalo weBhayibheli othi: “Makafulathele okubi futhi enze okuhle; makafune ukuthula futhi akuphishekele.”—1 Petru 3:11.

Phakathi naleso sikhathi, elinye isosha eliyingane okuthiwa uSamson ladlula edolobheni u-Alex ayesehlala kulo. Lalikade liseqenjini labahlabeleli kodwa ngo-1993 laba isosha futhi lahileleka ekusebenziseni kabi izidakamizwa, ekusebenzelaneni nemimoya nasekuziphatheni okubi. Ngo-1997 ladedelwa empini. USamson wayelibangise eMonrovia ukuyojoyina iqembu elikhethekile labagcina ukulondeka lapho umngane wakhe emnxusa ukuba atadishe iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi ngenxa yalokho, waba nokholo olusekelwe eBhayibhelini. Lokhu kwamnika isibindi sokulahla izindlela zakhe ezithambekele empini. Bobabili u-Alex noSamson manje baphila ukuphila okunokuthula futhi banokuziphatha okuhle. Ingabe ikhona enye into ngaphandle kokholo olusekelwe eBhayibhelini engenza ushintsho ekuphileni okwakonakaliswe ngonya ngaleyo ndlela?

Uhlobo Olufanele Lokholo

Lezi kumane kuyizibonelo ezimbalwa kweziningi kakhulu ezingashiwo ukuze kuboniswe amandla okholo lwangempela olusekelwe eBhayibhelini. Yiqiniso, akuwona wonke umuntu othi uyakholelwa kuNkulunkulu ophila ngezindinganiso eziphakeme zeBhayibheli. Ngempela, abanye abantu abaphika ubukhona bukaNkulunkulu bangase baphile ukuphila okungcono kunokwabathile abathi bangamaKristu. Lokho kungenxa yokuthi ukholo olusekelwe eBhayibhelini luhilela okungaphezu kokumane usho nje ukuthi ukholelwa kuNkulunkulu.

Umphostoli uPawulu wabiza ukholo ngokuthi “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” (Heberu 11:1) Ngakho, ukholo luhlanganisa ukukholelwa ngokuqinile ezintweni ezingabonwa, kusekelwe ebufakazini obungenakuphikiswa. Luhlanganisa ngokukhethekile ukungabi nanokuncane ukungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona, ukuthi unesithakazelo kithi nokuthi uyobabusisa labo abenza intando yakhe. Lo mphostoli wabuye wathi: “Lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Heberu 11:6.

Kwakuyilolu hlobo lokholo olwashintsha ukuphila kukaJohn, uTania nokwabanye okukhulunywe ngabo kulesi sihloko. Lwabaholela ukuba bathembele ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze bathole isiqondiso sokwenza izinqumo. Lwabasiza ukuba bazidele okwesikhashana ukuze bangathathi inkambo elula kodwa engafanele. Kungakhathaliseki ukuthi isenzakalo ngasinye sihluke kanjani, zonke zaqala ngendlela efanayo. Omunye woFakazi BakaJehova watadisha iBhayibheli nalaba, futhi bakubona ukuba yiqiniso kwamazwi eBhayibheli athi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) Amandla eZwi likaNkulunkulu asiza ngamunye ukuba akhe ukholo oluqinile, olwashintsha ukuphila kwakhe kwaba ngcono.

OFakazi BakaJehova basebenza eziqhingini zolwandle nasemazweni angaphezu kuka-230. Bayakumema ukuba utadishe iBhayibheli. Ngani? Ngoba bayaqiniseka ukuthi ukholo olusekelwe eBhayibhelini lungakuthuthukisa kakhulu nokwakho ukuphila.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 Inyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Izithombe ekhasini 3]

Ukholo olusekelwe eBhayibhelini lushintsha ukuphila kube ngcono

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Title card of Biblia nieświeska by Szymon Budny, 1572