Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Okunxanelekayo” Kugcwalisa Indlu KaJehova

“Okunxanelekayo” Kugcwalisa Indlu KaJehova

“Okunxanelekayo” Kugcwalisa Indlu KaJehova

“[Mina Jehova] ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo.”—HAGAYI 2:7.

1. Ezimweni eziphuthumayo, kungani sicabanga ngabathandekayo bethu kuqala?

YIZIPHI izinto ezinxanelekayo ezigcwalise indlu yakho? Ingabe unempahla kanokusho endlini, i-computer ephambili, imoto entsha egalaji? Ngisho noma ngabe unazo zonke lezi zinto, awuvumi yini ukuthi izinto eziyigugu kunazo zonke emzini wakho abantu—amalungu omkhaya wakho? Zicabange uvuswa yiphunga lentuthu ebusuku. Umuzi wakho uyasha, unemizuzu embalwa kuphela yokuba uphume! Yini oyikhathalela kuqala? Impahla yakho? I-computer yakho? Imoto yakho? Kunalezi zinto, ngeke yini ucabange ngabathandekayo bakho? Yebo ubuyocabanga ngabo, ngoba abantu bayigugu ngaphezu kwezinto.

2. Yiziphi izinto uJehova azidala, futhi iyiphi kuzo uJesu ayeyithanda kunazo zonke?

2 Manje cabanga ngoJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu. UJehova “[nguye] owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho.” (IzEnzo 4:24) INdodana yakhe, “ingcweti yomsebenzi,” yaba yithuluzi uJehova alisebenzisela ukwenza zonke ezinye izinto. (IzAga 8:30, 31; Johane 1:3; Kolose 1:15-17) Ngokuqinisekile, uJehova noJesu bayakwazisa konke okwadalwa. (Qhathanisa noGenesise 1:31.) Kodwa yisiphi isici sendalo ocabanga ukuthi sibaluleke kunazo zonke kubo—izinto noma abantu? Ekhuluma ewukuhlakanipha okwenziwe samuntu, uJesu uthi: “Intokozo yami [yayikanye] namadodana abantu,” noma njengoba kusho inguqulo kaWilliam F. Beck, uJesu ‘wayebathokozela abantu.’

3. Yisiphi isiprofetho uJehova asisho ngoHagayi?

3 Akungabazeki ukuthi uJehova ubheka abantu njengababalulekile. Enye inkomba yalokhu itholakala emazwini ayisiprofetho awasho ngonyaka ka-520 B.C.E. ngomprofethi wakhe uHagayi. UJehova wathi: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo. . . . Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala.”—Hagayi 2:7, 9.

4, 5. (a) Kungani kungaba okungenangqondo ukuphetha ngokuthi elithi “okunxanelekayo” libhekisela ebukhazikhazini bezinto ezibonakalayo? (b) Ungathi kuyini “okunxanelekayo,” futhi ngani?

4 Yikuphi lokhu “okunxanelekayo” okwakuyogcwalisa indlu kaJehova futhi kuyikhazimulise kakhulu kunanini ngaphambili? Ingabe ifenisha kanokusho nemihlobiso ephambili? Igolide, isiliva namatshe ayigugu? Akunakuba nengqondo lokhu. Khumbula, ithempeli lokuqala, elalinikezelwe eminyakeni engaba amakhulu amahlanu ngaphambili, laliyisakhiwo sezigidigidi zamaRandi! * Ngokuqinisekile, uJehova wayengeke alindele ukuba ithempeli elalakhiwe yileli qembu elincane lamaJuda aphuma ekudingisweni lidlule ithempeli likaSolomoni ngobucwebecwebe bezinto ezibonakalayo!

5 Pho kuyini “okunxanelekayo” okwakuyogcwalisa indlu kaJehova? Kusobala ukuthi kumelwe ukuba kungabantu. Kakade, akulona isiliva negolide elenza inhliziyo kaJehova ijabule, kodwa abantu abamkhonza beshukunyiswa uthando. (IzAga 27:11; 1 Korinte 10:26) Yebo, uJehova uyabazisa bonke abesilisa, abesifazane nezingane abamkhulekela ngokwamukelekayo. (Johane 4:23, 24) Laba ‘bangokunxanelekayo,’ futhi bayigugu kakhulu kuJehova kunabo bonke ubucwebecwebe obabuhlobise ethempelini likaSolomoni.

6. Ithempeli likaNkulunkulu lasendulo lafeza yiphi injongo?

6 Naphezu kokuphikiswa okungapheli, ithempeli laphothulwa ngo-515 B.C.E. Ithempeli laseJerusalema lalilokhu liyisikhungo sokukhulekela okumsulwa kwabaningi ‘ababengokunxanelekayo,’ ababengamaJuda emvelo namaproselithe angabeZizwe, kwaze kwaba yisikhathi somhlatshelo onguJesu. Kodwa leli thempeli lalimelela okuthile okukhulu nakakhulu, njengoba sizobona.

Ukugcwaliseka Kwangekhulu Lokuqala

7. (a) Ithempeli likaNkulunkulu lasendulo eJerusalema lalifanekiselani? (b) Chaza izenzo zompristi ophakeme ngoSuku Lokubuyisana.

7 Ithempeli laseJerusalema laliwumfuziselo welungiselelo elikhulu lokukhulekela. Liyithempeli likaNkulunkulu elingokomoya, uJehova alimisa ngo-29 C.E. laba noJesu njengomPristi Ophakeme. (Heberu 5:4-10; 9:11, 12) Cabanga ngokufana okukhona phakathi kwemisebenzi yompristi ophakeme wakwa-Israyeli nezenzo zikaJesu. Unyaka ngamunye ngoSuku Lokubuyisana, umpristi ophakeme wayeya e-altare egcekeni lethempeli afike anikele inkunzi yokuhlawulela izono zabapristi. Kamuva, wayengena ethempelini negazi laleyo nkunzi, adlule ezicabheni ezazihlukanisa igceke neNgcwele, abese edlula esihenqweni esasihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele. Lapho esengaphakathi kweNgcwelengcwele, umpristi ophakeme wayefafaza igazi phambi komphongolo wesivumelwano. Ngemva kwalokho, wayenza okufanayo lapho esenikela imbuzi yokuhlawulela izizwana zakwa-Israyeli ezingu-12 ezingezona ezabapristi. (Levitikusi 16:5-15) Lo mkhosi uhlobana kanjani nethempeli likaNkulunkulu elingokomoya?

8. (a) Kungamuphi umqondo uJesu anikelwa kusukela ngo-29 C.E.? (b) Yibuphi ubuhlobo obukhethekile uJesu ayebujabulela noJehova phakathi nayo yonke inkonzo yakhe emhlabeni?

8 Empeleni, uJesu wanikelwa e-altare eliyintando kaNkulunkulu lapho ebhapathizwa futhi egcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu ngo-29 C.E. (Luka 3:21, 22) Ngempela, lesi senzakalo saphawula ukuqala kwenkambo kaJesu yokuphila kokuzidela eyathatha iminyaka emithathu nengxenye. (Heberu 10:5-10) Phakathi naleyo nkathi, uJesu wayejabulela ubuhlobo bokuba ozelwe nguNkulunkulu ngomoya. Lesi simo esingavamile uJesu ayekuso noYise wasezulwini sasingenakuqondwa ngokugcwele abanye abantu. Kwakunjengokungathi kunesihenqo esivale amehlo abo okuqonda, njengoba nje isihenqo sasivala neNgcwele ukuze bangayiboni labo ababesegcekeni letabernakele.—Eksodusi 40:28.

9. Kungani uJesu ayengenakungena ezulwini njengomuntu, futhi sasingathwa kanjani lesi simo?

9 Nakuba ayeyiNdodana kaNkulunkulu egcotshwe ngomoya, umuntu onguJesu wayengenakukufinyelela ukuphila kwasezulwini. Ngani? Ngoba igazi nenyama akunakuwudla njengefa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (1 Korinte 15:44, 50) Njengoba inyama kaJesu lapho engumuntu yayiyisithiyo, yayifanekiselwa kahle yisihenqo esasihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele ethempelini likaNkulunkulu lasendulo. (Heberu 10:20) Kodwa ezinsukwini ezintathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa nguNkulunkulu ewumoya. (1 Petru 3:18) Manje wayesengangena eNgcwelengcwele yethempeli likaNkulunkulu elingokomoya—izulu uqobo. Futhi yilokho kanye okwenzeka. UPawulu uyabhala: “UKristu akangenanga endaweni engcwele [ngokusobala ebhekisela eNgcwelengcwele] eyenziwe ngezandla, eyisiboniselo sokungokoqobo, kodwa wangena ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kobuso bukaNkulunkulu ngenxa yethu.”—Heberu 9:24.

10. Wenzani uJesu lapho ephindela ezulwini?

10 Ezulwini, uJesu ‘wafafaza igazi’ lomhlatshelo wakhe ngokuletha inani elihlengayo eliyigazi lakhe kuJehova. Nokho, uJesu wenza okwengeziwe. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wayetshele abalandeli bakhe: “Ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. Futhi, uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.” (Johane 14:2, 3) Ngakho ngokungena eNgcwelengcwele, noma ezulwini, uJesu wavulela abanye indlela yokuba bamlandele. (Heberu 6:19, 20) Laba, abayoba ngu-144 000, bayoba ngabapristi abangaphansi kwakhe elungiselelweni eliyithempeli likaNkulunkulu elingokomoya. (IsAmbulo 7:4; 14:1; 20:6) Njengoba nje umpristi ophakeme wakwa-Israyeli ayeqale ayise igazi lenkunzi eNgcwelengcwele ukuze kuhlawulelwe izono zabapristi, inani legazi likaJesu elachithwa lasetshenziswa kuqala kulaba bapristi abangaphansi kwakhe abangu-144 000. *

“Okunxanelekayo” Kwanamuhla

11. Umpristi ophakeme wakwa-Israyeli wayeyinikelela bani imbuzi, futhi lokhu kwakufanekiselani?

11 Kubonakala sengathi ngo-1935, ukubuthwa kweningi labagcotshiwe kwase kuphelile. * Kodwa uJehova wayengakaqedi ukukhazimulisa indlu yakhe. Cha, “okunxanelekayo” kwakusazongena kuyo. Khumbula ukuthi kwa-Israyeli umpristi ophakeme wayenikela ngezilwane ezimbili—inkunzi yezono zabapristi nembuzi yezono zezizwana ezingezona ezabapristi. Njengoba abapristi babefanekisela abagcotshiwe abayoba noJesu eMbusweni wasezulwini, obani-ke ababemelelwa yizizwana ezingezona ezabapristi? Impendulo itholakala emazwini kaJesu akuJohane 10:16: “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesisibaya; nazo kumelwe ngizilethe, futhi ziyolalela izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, namalusi munye.” Ngakho-ke, igazi likaJesu elachithwa lizuzisa amaqembu amabili abantu—elokuqala, amaKristu anethemba lokubusa noJesu ezulwini futhi elesibili, yilabo ababheke phambili ekuphileni okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. Ngokusobala, yileli qembu lesibili elifanekiselwa “okunxanelekayo” kwesiprofetho sikaHagayi.—Mika 4:1, 2; 1 Johane 2:1, 2.

12. “Okunxanelekayo” okuningi kudonselwa kanjani endlini kaNkulunkulu namuhla?

12 Lokhu “okunxanelekayo” kusayigcwalisa indlu kaJehova. Eminyakeni yamuva, umsebenzi uye wavunyelwa eMpumalanga Yurophu, ezingxenyeni ze-Afrika nakwamanye amazwe, kwavumela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe ukuba zichume emasimini abengakathintwa. Njengoba abanxanelekayo bengena elungiselelweni likaNkulunkulu lethempeli, nabo bazama ukwenza abanye abafundi, balalela umyalo kaJesu. (Mathewu 28:19, 20) Njengoba benza kanjalo, bahlangana nabantu abaningi, abadala nabancane, abangase babe “okunxanelekayo” okuyokhazimulisa indlu kaJehova. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa nje ezibonisa indlela okwenzeka ngayo lokhu.

13. Intombazanyana yaseBolivia iye yayibonisa kanjani intshiseko yayo yokusakaza isigijimi soMbuso?

13 EBolivia, intombazanyana eneminyaka emihlanu ubudala enabazali abangoFakazi yacela kuthisha wayo ukuba ingabi khona esikoleni ngeviki lokuhambela kombonisi wesifunda. Ngani? Yayifuna ukuhlanganyela enkonzweni kulo lonke lelo viki elikhethekile. Lokhu kwabamangaza abazali bayo, kodwa bajabula ngokuthi yayinesimo sengqondo esihle ngale ndlela. Le ntombazanyana manje iqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezinhlanu, futhi abanye babantu efunda nabo bayaya emihlanganweni yobuKristu. Yake yeza nanothisha wayo eHholo LoMbuso. Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi, abanye babantu efunda nabo iBhayibheli bayozibonakalisa ‘bengokunxanelekayo’ okuyokhazimulisa indlu kaJehova.

14. EKorea, kwavuzwa kanjani ukuphikelela kukadade kumuntu owayebonakala engenaso isithakazelo?

14 Esalindile esiteshini sesitimela, owesifazane ongumKristu eKorea waya kumfundi wesikole owayelalele umculo ngama-headphone. Lo dade wabuza: “Unayo inkolo?” “Anginasithakazelo kunoma iyiphi inkolo,” kuphendula umfundi. Lo dade akayekanga. Waqhubeka wathi: “Ngokuhamba kwesikhathi, umuntu angase afune ukukhetha inkolo ethile. Kodwa uma engazi lutho ngenkolo, angase akhethe engafanele.” Lo mfundi washintsha, wayeseqala ukumlalela ngesithakazelo udadewethu. Wambonisa incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? futhi wathi le ncwadi iyoba usizo kakhulu lapho kufika isikhathi sokuba lo mfundi akhethe inkolo. Wayamukela ngokushesha incwadi. Ngesonto elilandelayo, umfundi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi manje uba khona kuyo yonke imihlangano yebandla.

15. Enye intombazanyana yaseJapane iziqala kanjani izifundo zeBhayibheli, futhi imizamo yayo iye yavuzwa kanjani?

15 EJapane, uMegumi oneminyaka engu-12 ubudala ubheka isikole akuso njengensimu evundile yokushumayela nokufundisa. Useye wakwazi nokuqala izifundo eziningi zeBhayibheli. Ukwenza kanjani uMegumi? Njengoba ngesikhathi sekhefu eye afunde iBhayibheli noma alungiselele imihlangano, afunda nabo ekilasini bavame ukumbuza ukuthi wenzani. Abanye bambuza ukuthi kungani engazenzi izinto ezithile ezenziwa esikoleni. UMegumi uyayiphendula imibuzo yabo futhi abatshele ukuthi uNkulunkulu unegama. Ngokuvamile lokhu kuvusa isithakazelo sabamlalele. Ube esecela ukufunda nabo iBhayibheli. Manje uMegumi uqhuba izifundo ezingu-20—ezingu-18 zazo zingabafundi basekilasini lakhe.

16. Umzalwane waseCameroon wakwazi kanjani ukuqala izifundo zeBhayibheli nabathile eqenjini labahleki bosulu?

16 ECameroon, iqembu lamadoda angu-8 elalakha, lamemeza umzalwane owayehambisa izincwadi zeBhayibheli kubantu abadlulayo. Njengoba la madoda ayefuna ukuhlekisa ngaye, ambuza ukuthi kungani engakholelwa kuZiqu-zintathu, esihogweni nasekungafini komphefumulo. Esebenzisa iBhayibheli, umfowethu wayiphendula imibuzo yabo. Ngenxa yalokho, amathathu kula madoda amukela izifundo zeBhayibheli. Enye yawo, uDaniel, yaqala ukuba khona emihlanganweni futhi yashisa zonke izinto zayo eziphathelene nokusebenzelana nemimoya. (IsAmbulo 21:8) Ungakapheli unyaka yabhapathizwa.

17. Abazalwane abathile e-El Salvador bakusebenzisa kanjani ukuhlakanipha ukuze bashumayeze indoda eyayingafuni ekuqaleni ukuzwa isigijimi soMbuso?

17 E-El Salvador, omunye umlisa wayebophela inja yakhe enolaka phambi komnyango njalo lapho ebona oFakazi BakaJehova eduze. Lo mlisa wayelinda baze badlule oFakazi, abese eyibuyisela endlini inja. Abazalwane babengakaze bakwazi ukukhuluma naye. Ngakho ngolunye usuku banquma ukuzama indlela ehlukile. Njengoba babazi ukuthi le ndoda iyabezwa, banquma ukushumayeza inja. Beza kule ndlu, bafike babingelela inja, bayitshela ukuthi abeve bejabula ngokuthola ithuba lokuxoxa nayo. Bakhuluma ngesikhathi lapho kuyoba khona ipharadesi emhlabeni, lapho kungeke kusaba khona muntu onolaka—yebo, ngisho nezilwane ziyobe zinokuthula. Base bevalelisa ngesizotha kule nja, baphenduka sebehamba. Bamangala kakhulu lapho lo mlisa ephuma endlini futhi exolisa ngokuthi wayengakaze anike oFakazi ithuba lokuba baxoxe naye. Wathatha omagazini, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Lo mlisa usengumfowethu—okunye ‘kokunxanelekayo’!

“Ningesabi”

18. Yiziphi izinselele amaKristu amaningi abhekana nazo, kodwa uJehova ubabheka kanjani abakhulekeli bakhe?

18 Ingabe uyahlanganyela emsebenzini obalulekile wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi? Uma kunjalo, unelungelo ngempela. UJehova udonsela “okunxanelekayo” endlini yakhe ngawo kanye lo msebenzi. (Johane 6:44) Yiqiniso, ungase ukhathale noma udangale ngezinye izikhathi. Ngezinye izikhathi, abanye—ngisho naphakathi kwezinceku zikaJehova ezithembekile—bahlushwa yimizwa yokuzizwa bengento yalutho. Kodwa yima isibindi! UJehova ubheka ngamunye wabakhulekeli bakhe njengonxanelekayo, futhi ufuna ngobuqotho ukuba usindiswe.—2 Petru 3:9.

19. Yisiphi isikhuthazo uJehova asinikeza ngoHagayi, futhi la mazwi angasiqinisa kanjani thina?

19 Lapho sizizwa sidangele, kungaba ngenxa yokuphikiswa noma ezinye izimo ezingemnandi, amazwi uJehova awasho kumaJuda ayebuya ekudingisweni angasiqinisa. KuHagayi 2:4-6, siyafunda: “‘Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti. ‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’ Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo.’” Phawula ukuthi uJehova akagcini ngokusikhuthaza ukuba siqine kodwa futhi usinika nendlela yokuthola amandla. Kanjani? Phawula la mazwi aqinisekisayo: “Nginani.” Yeka ukuthi kuqinisa ukholo kangakanani ukuqaphela ukuthi noma ngabe sibhekene naziphi izithiyo, uJehova unathi!—Roma 8:31.

20. Kungayiphi indlela indlu kaJehova igcwala inkazimulo enkulu kunayo yonke manje?

20 Ngokuqinisekile uJehova uye wakubonisa ukuthi unabo abantu bakhe. Ngempela, kunjengoba nje asho ngomprofethi uHagayi: “Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala . . . Nginike ukuthula kule ndawo.” (Hagayi 2:9) Ngempela, inkazimulo enkulu kunayo yonke namuhla itholakala ethempelini likaJehova elingokomoya. Ingani unyaka ngamunye abantu abangamakhulu ezinkulungwane bathuthelekela ekukhulekeleni kweqiniso. Bondliwa kahle ngokomoya, ngisho nakuleli zwe elineziyaluyalu, futhi bajabulela ukuthula okuyodlulwa kuphela okwasezweni elisha likaNkulunkulu.—Isaya 9:6, 7; Luka 12:42.

21. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

21 Ukuzamazamisa kukaJehova izizwe e-Armagedoni kuseduze kakhulu. (IsAmbulo 16:14, 16) Ngakho-ke masisebenzise isikhathi esisele ukuze sisindise ukuphila okwengeziwe. Kwangathi singaqina futhi sithembele ngokuphelele kuJehova. Masizimisele ukuqhubeka sikhulekela ethempelini lakhe elikhulu elingokomoya, siligcwalise ‘ngokunxanelekayo’ okwengeziwe kuze kube yilapho uJehova ethi umsebenzi wethu usuphelile.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Inani elanikelelwa ukwakhiwa kwethempeli likaSolomoni lingalingana nezigidi eziyizinkulungwane ezingu-242 zamaRandi ngokwamanani anamuhla. Noma iyiphi ingcebo engasetshenziselwanga ukwakha yafakwa engcebweni yethempeli.—1 AmaKhosi 7:51.

^ par. 10 Ngokungafani nompristi ophakeme wakwa-Israyeli, uJesu wayengenazono okwakudingeka zihlawulelwe. Nokho, abapristi abakanye naye babenazo izono ngoba bathengwa phakathi kwesintu esinesono.—IsAmbulo 5:9, 10.

^ par. 11 Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1998, amakhasi 17-22.

Uyakhumbula?

Yini eyigugu kakhulu kuJehova kunezinto ezibonakalayo?

Igazi likaJesu elachitheka lizuzisa maphi amaqembu amabili abantu?

Obani ‘abangokunxanelekayo’ okuyogcwalisa indlu kaJehova ngenkazimulo?

Sinabuphi ubufakazi bokuthi isiprofetho sikaHagayi siyagcwaliseka namuhla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Umdwebo ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ingabe uyazi ukuthi lifanekiselani ithempeli likaJehova lasendulo?

INgcwelengcwele

Isihenqo

INgcwele

Umpheme

I-altare

Igceke

[Isithombe ekhasini 17]

Umpristi ophakeme wayenikela ngenkunzi ngenxa yezono zabapristi nangembuzi ngenxa yezono zezizwana zakwa-Israyeli ezingezona ezabapristi

[Isithombe ekhasini 18]

Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke udonsela izixuku endlini kaJehova