Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uzibheka Kanjani?

Uzibheka Kanjani?

Uzibheka Kanjani?

WAYEYINDODA ezikhukhumezayo. Njengoba ayekhushulelwe esikhundleni esiphezulu sikahulumeni, wajatshuliswa indlela ayedunyiswa futhi aziswa ngayo. Kodwa wacasuka wafa lapho esinye isisebenzi sikahulumeni senqaba ukumdumisa ngaleyo ndlela. Siphindisela, lesi sikhulu esiqhoshayo sakha uzungu lokuchitha bonke abantu abakulowo mbuso ababengabohlanga lwaleso sisebenzi esimcasulile. Yeka isimo esiphambene sokuzazisa!

Umakhi wozungu kwakunguHamani, isikhulu sesigodlo seNkosi yasePheresiya u-Ahashiveroshi. Ubani lowo ayemakhela uzungu? UmJuda ogama lakhe linguMoridekayi. Nakuba indlela uHamani asabela ngayo yokufuna ukuqothula uhlanga yayeqisa, ibonisa ingozi nemiphumela emibi kakhulu yokuziqhenya. Umoya wakhe wokuzidla awugcinanga ngokudalela abanye izinkathazo kodwa futhi waholela ekuhlazekeni kwakhe obala nasekufeni ekugcineni.—Esteri 3:1-9; 5:8-14; 6:4-10; 7:1-10.

Abakhulekeli Beqiniso Abakugonyelwe Ukuqhosha

UJehova ufuna ukuba ‘sihambe noNkulunkulu wethu ngokuthobeka.’ (Mika 6:8) IBhayibheli linokulandisa okuhlukahlukene kwabantu abangazange balondoloze umbono wokuthobeka. Lokhu kwabalethela izinkinga nosizi. Ukucabangela ezinye zalezi zibonelo kungasisiza sibone ubuwula nengozi yokucabanga okungenakho ukulinganisela.

Ukucabanga komprofethi kaNkulunkulu uJona kwantula ukulinganisela kangangokuthi wazama ukubaleka lapho ethunywa ngokwaphezulu ukuba ayoxwayisa abantu ababi baseNineve ngesahlulelo uJehova ayezosikhipha kubo. (Jona 1:1-3) Kamuva, lapho umsebenzi wakhe wokushumayela uphumelela ekwenzeni abantu baseNineve baphenduke, uJona wathukuthela. Wayekhathalela idumela lakhe njengomprofethi kangangokuthi wayengacabangi kangako noma wayengenandaba nokuphila kwezinkulungwane zabantu baseNineve. (Jona 4:1-3) Uma sizibheka njengababaluleke kakhulu ngendlela engabonisi ukuthobeka, singase sikuthole kunzima ukulondoloza umbono ofanele nonembile ngabantu kanye nezimo ezisizungezile.

Cabangela no-Uziya, owayebe yinkosi enhle yakwaJuda. Lapho ecabanga ngendlela engenakho ukulinganisela, wazama ngokuqhosha ukuthatha imisebenzi ethile yobupristi. Ngenxa yezenzo zakhe zokuntula ukuthobeka kanye nokugabadela okukhulu, wakhokha ngempilo yakhe futhi akabange esamukeleka ngokwaphezulu.—2 IziKronike 26:3, 16-21.

Ukucabanga ngendlela entula ukulinganisela kwacishe kwaba ugibe kubaphostoli bakaJesu. Bakhathalela kakhulu udumo lwabo nokuba namandla. Lapho kufika isikhathi sovivinyo olukhulu, bashiya uJesu babaleka. (Mathewu 18:1; 20:20-28; 26:56; Marku 9:33, 34; Luka 22:24) Ukuntula kwabo ukuthobeka kanye nokuzibheka kwabo njengababalulekile kwacishe kwabangela ukuba balahlekelwe umbono wenjongo kaJehova nendima yabo ngokuqondene nentando yakhe.

Imiphumela Elimazayo Yokuzibheka Njengobalulekile

Umbono ongenakho ukulinganisela ngathi ngokwethu ungabangela ubuhlungu futhi ulimaze ubuhlobo bethu nabanye. Ngokwesibonelo, singase sibe segunjini elithile bese siqaphela umbhangqwana othile ohlebelana okuthile maqede uhleke. Uma sizazisa, singase sithathe ngokungeyikho ngokuthi uhlekisa ngathi njengoba ukhulumela phansi. Ingqondo yethu ingase isenze singacabangi ngokunye okungaba isizathu saleso senzo sawo. Kakade, ubani omunye abangase bakhulume ngaye? Singase sithukuthele futhi sinqume ukungaphinde siwukhulumise lowo mbhangqwana. Ngaleyo ndlela umbono wokuzibheka njengababalulekile ngendlela engenakho ukulinganisela ungaholela ekubeni kube nokungezwani futhi wonakalise ubuhlobo bethu nabangane, amalungu omkhaya nabanye.

Labo abazibheka njengababaluleke kakhulu bangase bazikhukhumeze, bahlale begabisa ngamathalenta amakhulu abacabanga ukuthi banawo, baqhoshe ngezenzo ezithile noma ngempahla. Noma bangase babe ngongqó-shishilizi ezingxoxweni, ngaso sonke isikhathi bahlale bekhuluma ngabo ngokwabo. Ingxoxo enjalo ibonisa ukuntula uthando lwangempela futhi ingacasula. Ngakho, abantu abaqhoshayo bavame ukuzihlukanisa nabanye.—1 Korinte 13:4.

Njengoba singoFakazi BakaJehova, singase sibhekane nokuhlekwa usulu noma ukubandlululwa enkonzweni yethu yasobala. Kudingeka sikhumbule ukuthi empeleni akuphikiswa thina ngokuqondile kodwa kuphikiswa uJehova, uMthombo wesigijimi sethu. Nokho, umbono ophambene wokuzibheka njengababalulekile ungaholela emiphumeleni emibi kakhulu. Eminyakeni ethile edlule, umzalwane othile wacabanga ukuthi umninikhaya uhlasela yena ngamazwi, naye waphindisela ngokumchapha ngamazwi. (Efesu 4:29) Ngemva kwalokho, lo mzalwane akaphindanga wahlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Yebo, ukuzikhukhumeza kungase kusenze sithukuthele lapho sishumayela. Masilwele ukungalokothi sikuvumele lokho ukuba kwenzeke. Kunalokho, masifune ngokuthobeka usizo lukaJehova lokulondoloza umbono ofanele wokwazisa ilungelo lokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu.—2 Korinte 4:1, 7; 10:4, 5.

Ukuba nesimo sengqondo sokuzibheka njengababalulekile kungasivimbela nasekwamukeleni iseluleko esisidinga kakhulu. Eminyakeni ethile edlule eMelika Ephakathi, ibhungu elithile labeka inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ebandleni lobuKristu. Lapho umbonisi wesikole enikeza iseluleko esingagwegwesi, lona osemusha wajikijela iBhayibheli lakhe phansi waphuma eHholo LoMbuso enenhloso yokungaphinde abuye. Kodwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa, walahla ukuqhosha, wabuyisana nombonisi wesikole, futhi wasamukela ngokuthobeka iseluleko. Ngokuhamba kwesikhathi, leli bhungu lakhulela ekuvuthweni kobuKristu.

Ukuntula ukuthobeka nokuzithatha njengababaluleke kakhulu kungaholela ekonakaleni kobuhlobo bethu noNkulunkulu. IzAga 16:5 ziyaxwayisa: “Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova.”

Umbono Olinganiselayo Ngathi Ngokwethu

Ngokusobala, akufanele sizibheke njengababaluleke kakhulu. Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi akufanele sikuthathe ngokungathi sína esikwenzayo nesikushoyo. IBhayibheli libonisa ukuthi ababonisi, izinceku ezikhonzayo—eqinisweni, bonke ebandleni—kufanele bathathe izinto ngokungathi sína. (1 Thimothewu 3:4, 8, 11; Thithu 2:2) Ngakho-ke, amaKristu angawakha futhi awulondoloze kanjani umbono wokuzibheka ngendlela ebonisa ukuthobeka, ukulinganisela nokuthatha izinto ngokungathi sína?

IBhayibheli linikeza izibonelo eziningi ezikhuthazayo zabantu abalondoloza umbono olinganiselayo ngabo ngokwabo. Esivelele yisibonelo sikaJesu Kristu sokuthobeka. Ukuze yenze intando kaYise futhi ilethele isintu insindiso, iNdodana kaNkulunkulu yasishiya ngokuzithandela isikhundla sayo esikhazimulayo sasezulwini futhi yaba umuntu ophansi emhlabeni. Naphezu kokuthukwa, ukuphathwa kabi nokufa okuyihlazo, yalondoloza ukuzithiba nesizotha. (Mathewu 20:28; Filipi 2:5-8; 1 Petru 2:23, 24) UJesu wakwazi kanjani ukwenza lokhu? Wancika ngokuphelele kuJehova futhi wayezimisele ukwenza intando yaphezulu. UJesu walifunda ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu, wathandaza ngentshiseko futhi wazikhandla ngamandla enkonzweni. (Mathewu 4:1-10; 26:36-44; Luka 8:1; Johane 4:34; 8:28; Heberu 5:7) Ukulandela isibonelo sikaJesu kungasisiza ukuba sibe nombono olinganiselayo ngathi ngokwethu futhi siwulondoloze.—1 Petru 2:21.

Cabangela nesibonelo esihle sendodana yeNkosi uSawule, uJonathani. Ngenxa yokungalaleli kukayise, uJonathani walahlekelwa ithuba lokuba yinkosi ngemva kukaSawule. (1 Samuweli 15:10-29) Ingabe uJonathani wayethukuthele ngenxa yalokho kulahlekelwa? Ingabe waba nomhawu ngoDavide, insizwa eyayizobusa esikhundleni sakhe? Nakuba uJonathani ayemdala kakhulu futhi enolwazi ngokwengeziwe kunoDavide, wenza ngokuvumelana nelungiselelo likaJehova ngokuthobeka futhi wamsekela ngokwethembeka uDavide. (1 Samuweli 23:16-18) Ukuba nombono ocacile wentando kaNkulunkulu nokuzimisela ukuyithobela kuyosisiza ‘singazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba sikucabange.’—Roma 12:3.

UJesu wafundisa ngenzuzo yokubonisa umoya wokuthobeka. Wachaza lokhu ngokuthi uma abafundi bakhe besedilini lomshado, akufanele bathathe ‘indawo evelele kunazo zonke’ ngoba kungase kufike omkhulu kunabo bese behlazeka lapho sekudingeka baye endaweni ephansi kunazo zonke. Ekwenza kucace lokho ayekufundisa, uJesu wanezela: “Ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa nalowo ozithobayo uyophakanyiswa.” (Luka 14:7-11) Sizobe senza ngokuhlakanipha uma silalela lesi seluleko sikaJesu futhi ‘sigqoke ukuthobeka kwengqondo.’—Kolose 3:12; 1 Korinte 1:31.

Izibusiso Zokuba Nombono Olinganiselayo

Ukuba nomoya wokuthobeka kwenza izinceku zikaJehova zithole injabulo yangempela enkonzweni yazo. Abadala baba abangeneka kakhudlwana uma ngokuthobeka ‘bewuphatha ngesisa umhlambi.’ (IzEnzo 20:28, 29) Khona-ke bonke ebandleni bazizwa bekhululeke ngokwengeziwe ukukhuluma nabo nokucela usizo lwabo. Ngaleyo ndlela ibandla lingase lisondelane ngokwengeziwe linomoya wothando, imfudumalo nokwethembana.

Ukungazibheki njengababaluleke kakhulu kuyokwenza sibe nabangane abahle. Ukuthobeka kuyosenza singabi nomoya wokuncintisana, sizama ukudlula abanye ngezenzo ezithile noma ngezinto ezibonakalayo. Le mfanelo yokwesaba uNkulunkulu iyosisiza sibe abacabangela ngokwengeziwe, kanjalo sibe sesimweni esingcono sokududuza nokusekela labo abakudingayo. (Filipi 2:3, 4) Lapho abantu bephathwa ngothando nangomusa, ngokuvamile basabela kahle. Futhi ubuhlobo obunjalo obungenabugovu abubi yini isisekelo okwakhelwa kuso ubungane obuqinile? Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ukungazibheki njengababaluleke ngokweqile!—Roma 12:10.

Umbono olinganiselayo ngathi ngokwethu wenza nokuba kube lula ukuvuma amaphutha ethu lapho siye saphatha kabi abanye. (Mathewu 5:23, 24) Lokhu kuphumela ebuhlotsheni obungcono, okwenza kube lula ukubuyisana nokuhloniphana. Uma labo abasezikhundleni zobubonisi, njengabadala abangamaKristu, bethobekile, baba nethuba lokwenzela abanye okuningi. (IzAga 3:27; Mathewu 11:29) Umuntu othobekile uyokuthola kulula nokuthethelela abanye abamonayo. (Mathewu 6:12-15) Ngeke asabele ngokweqisayo ekoniweni okucatshangelwayo futhi uyothembela kuJehova ukuba alungise izinto ezingenakulungiseka nganoma iyiphi enye indlela.—IHubo 37:5; IzAga 3:5, 6.

Isibusiso esikhulu kunazo zonke esitholakala ngokuba nombono wokuzibheka ngendlela ebonisa ukuthobeka yileso sokujabulela umusa kaJehova nokwamukeleka kuye. “UNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Kwangathi singelokothe siwele ogibeni lokucabanga ukuthi singcono kunalokho esiyikho ngempela. Kunalokho, masiyiqaphele ngokuthobeka indawo yethu elungiselelweni likaJehova lezinto. Kunezibusiso ezinkulu ezilindele bonke abahlangabezana nemfuneko yakhe ‘yokuhamba noNkulunkulu ngokuthobeka.’

[Isithombe ekhasini 22]

UJonathani wamsekela ngokuthobeka uDavide