Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Impumelelo Oyithola Ngokuphikelela

Impumelelo Oyithola Ngokuphikelela

Impumelelo Oyithola Ngokuphikelela

UKUPHIKELELA kuye kwaba yinto eyivela kancane ezikhathini zanamuhla. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi impumelelo ixhomeke kakhulu ekubeni sendaweni efanele nangesikhathi esifanele kunasekuphikeleleni. Ubani ongabasola? Imithombo yabezindaba igcwele iziqubulo zezikhangiso ezidlulisela ngendlela enganakekile umqondo wokuthi cishe noma yini oyifunayo ungayithola ngomzamo omncane nje nangemali ethé xaxa kancane. Amaphephandaba ahlale ekhipha izindaba eziningi ezimayelana nempumelelo etholwa ngokuphazima kweso kanye nezingane ezingosomabhizinisi abachuma ngokushesha, ezenza izigidi zisanda kuphothula nje esikoleni.

Umhleli wengosi yephephandaba uLeonard Pitts uyakhala: “Emphakathini ogcwele imibono ehlukahlukene, kubonakala kulula kakhulu. . . . Kubonakala kuyinto engenziwa yinoma ubani uma nje eqonda imfihlo yayo, enekhono, noma ethole ukukhanya okuvela kuNkulunkulu.”

Kuyini Ukuphikelela?

Ukuphikelela kusho ‘ukubambelela ngokuqinile nangokuqhubekayo enjongweni ethile, esimweni noma entweni oyenzayo naphezu kwezithiyo noma iziphazamiso.’ Kusho ukuqhubeka ngokuzimisela okukhulu lapho ubhekene nokuhlupheka, ukunamathela, ukungayeki. IBhayibheli liqokomisa ukubaluleka kwale mfanelo. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu liyasiyala: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso,” “qhubekani ningqongqoza, futhi niyovulelwa,” “phikelelani emthandazweni,” “bambelelani niqinise kokuhle.”—Mathewu 6:33; Luka 11:9; Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:21.

Ingxenye ebalulekile yokuphikelela iwukubhekana ngokuphumelelayo nokuphazamiseka okungenakugwenywa. IzAga 24:16 zithi: “Olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke.” ‘Kunokuyeka’ lapho ebhekana nobunzima noma ukuhluleka, umuntu ophikelelayo ‘uyavuka,’ ‘uyaqhubeka,’ aphinde azame.

Nokho, abaningi abakulungele ukubhekana nobunzima noma ukuhluleka okungase kubehlele. Njengoba bengazange bahlakulele isifiso sokuphikelela, bayeka kalula nje. “Abantu abaningi kakhulu basabela ngendlela ebalimazayo lapho behluleka,” kuphawula umlobi uMorley Callaghan. “Bagxila ekuzihawukeleni, basole wonke umuntu, bathukuthele . . . bayeke.”

Kuyadabukisa lokhu. UPitts uthi: “Siyakhohlwa ukuthi sikhona isizathu sokubhekana novivinyo, ikhona inzuzo etholakala ekuhluphekeni.” Iyini leyo nzuzo? Uyaphetha: “[Umuntu] ufunda ukuthi ukuhluleka akubulali, futhi ukuhlulwa akukhona okwaphakade. Umuntu uzuza ukuqonda. Uba omi ngomumo.” IBhayibheli likubeka kalula, lithi: “Wonke umshikashika unenzuzo.”—IzAga 14:23.

Yiqiniso, akulula ngaso sonke isikhathi ukuphinde uqhubeke ngemva kokuphazamiseka. Ngezinye izikhathi sibhekana nezinselele ezibonakala zimelana nayo yonke imizamo yokuzinqoba. Kunokuba sisondele kuyo, imigomo yethu ingase ibonakale iqhubeka ishabalala. Singase sizizwe sikhungathekile, siphelelwe amandla, futhi singase sidumale, size sicindezeleke. (IzAga 24:10) Noma kunjalo, iBhayibheli liyasikhuthaza: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:9.

Yini Engasisiza Siphikelele?

Isinyathelo sokuqala sokuphikelela enkambweni esiyikhethile ukuzibekela imigomo efanelekayo nefinyelelekayo. Umphostoli uPawulu wayekuqonda kahle lokhu. Watshela abaseKorinte: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya.” UPawulu wayazi ukuthi uma efuna ukuba imizamo yakhe iphumelele, kwakuyodingeka abe nemigomo ecacile, njengomgijimi ogxilisa ingqondo yakhe ekufikeni entanjeni emncintiswaneni. Wabanxusa: “Anazi yini ukuthi emncintiswaneni abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo? Gijimani ngendlela yokuba niwufinyelele.” (1 Korinte 9:24, 26) Singakwenza kanjani lokhu?

IzAga 14:15 zithi: “Oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” Kuwukuhlakanipha ukuhlaziya kabusha izindlela esizisebenzisayo ekuphileni njalo ngemva kwesikhathi esithile, sizibuze ukuthi siyaphi ngempela nokuthi ingabe kunoshintsho okudingeka lwenziwe. Kubalulekile ukuba nombono ocacile engqondweni wokuthi yini esifuna ukuyifeza nokuthi ngani. Ngeke sithambekele kakhulu ekuyekeni uma sigcina umgomo wethu ugxilile engqondweni. “Amehlo akho mawabheke phambili,” kunxusa isaga esiphefumulelwe, ukuze “ziqine zonke izindlela zakho.”—IzAga 4:25, 26.

Lapho usuyibekile imigomo yakho, isinyathelo esilandelayo siwukuhlaziya indlela oyoyifinyelela ngayo. UJesu wabuza: “Ubani kini ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko?” (Luka 14:28) Ngokuvumelana nalesi simiso, isazi sempilo yengqondo saphawula: “Enye yezinto engiye ngaziphawula ngabantu abaphumelelayo ukuthi bakuqonda ngokucacile ukuhlobana kwembangela nomphumela ekuphileni kwabo. Abantu abaphumelelayo bayaqonda ukuthi uma befuna okuthile, kumelwe benze konke okudingekayo ukuze bakuthole.” Ukuqonda ngokucacile zonke izinyathelo okudingeka sizithathe ukuze sifinyelele lokho esikufunayo kuyosisiza ukuba sihlale sigxilile. Futhi kuyokwenza kube lula ukuba sibuye sizihlele kabusha uma siphazamiseka. Ukuhlaziya okunjalo kwakuyisici esiyinhloko sempumelelo ka-Orville noWilbur Wright.

Ngakho, lapho uphazamiseka, yenza okusemandleni akho ukukubheka ngombono omuhle nanjengesenzakalo esifundisayo. Hlaziya isimo, qonda ukuthi uphambukephi, bese ulungisa iphutha noma welaphe lobo buthakathaka. Kuyasiza ukukhuluma nabanye, njengoba ‘amacebo onke eqiniswa ngokululekana.’ (IzAga 20:18) Ngokuvamile, ngomzamo ngamunye, uba nobungcweti nekhono elengeziwe, ekugcineni elisizayo ekubeni nempumelelo.

Isici sesithathu esibalulekile sokuphikelela umzamo ongaguquguquki. Umphostoli uPawulu uyasinxusa: “Ngezinga esesenze ngalo intuthuko, masiqhubekeni sihamba ngokuhlelekile ngalomkhondo ofanayo.” (Filipi 3:16) Kunjengoba uthisha othile akubeka, “ukulinganisela nokungaguquguquki phakathi nesikhathi esithile kwenza kube nemiphumela ephawulekayo.” Lokhu kuboniswa kahle enganekwaneni eyaziwa kakhulu ka-Aesop ekhuluma ngofudu nonogwaja. Ufudu lwaphumelela emncintiswaneni, ngisho noma lwaluhamba kancane kakhulu kunonogwaja. Ngani? Ngoba ufudu lwaluhamba ngendlela engaguquguquki nehlelekile. Aluzange luyeke kodwa lwakhetha isivinini olungakwazi ukuhamba ngaso, lwabe selubambelela kuso kwaze kwaba yilapho lufinyelela entanjeni. Njengoba umuntu ohlelekile, noqhubekayo enza into ayenzayo eqhubeka ethuthuka, uhlala ekhuthazekile futhi ngaleyo ndlela cishe ngeke ayeke noma akhishwe emncintiswaneni. Yebo, “gijimani ngendlela” yokuba niwufinyelele umgomo wenu.

Ukukhetha Imigomo Efanelekayo

Yiqiniso, ukuze ukuphikelela kube nenzuzo, kudingeka sibe nemigomo efanelekayo. Abantu abaningi baphishekela izinto ezingayilethi injabulo. Kodwa iBhayibheli lithi: “Lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo . . . uyojabula ekuwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:25) Yebo, ukutadisha ukuze uqonde umthetho kaNkulunkulu oseBhayibhelini ngumgomo ofaneleka kakhulu. Ngani? Ngokuyinhloko, ngoba umthetho kaNkulunkulu usekelwe ezindinganisweni zakhe eziphelele nezilungile. Njengoba enguMdali wethu, uyakwazi okungcono kakhulu ezidalweni zakhe. Ngakho uma siphikelela ekufundeni imiyalo kaNkulunkulu bese siyisebenzisa ekuphileni kwethu, ngokuqinisekile ukuphikelela okunjalo kuyosilethela injabulo. IzAga 3:5, 6 ziyathembisa: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, . . . Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”

Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu nangaye “kusho ukuphila okumi phakade.” (Johane 17:3) Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ zalesi simiso. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-13) Ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe wokulunga, uyoqinisekisa ukubusa kwawo ezakhamuzini zasemhlabeni. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10) Lo hulumeni uyoqalisa inkathi yokuthula, yokuchuma neyenhlalakahle engakaze ibe khona kuso sonke isintu esilalelayo. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:4) IzEnzo 10:34 zithi: “UNkulunkulu akakhethi.” Yebo, kumenywa wonke umuntu ukuba azojabulela lezo zinzuzo!

IBhayibheli liyincwadi yasendulo egcwele ukuhlakanipha nenjongo. Kudingeka isikhathi nomzamo ukuze uliqonde. Kodwa ngosizo lukaNkulunkulu—futhi uma siphikelela ukufuna ulwazi olukulo—singaliqonda. (IzAga 2:4, 5; Jakobe 1:5) Kuyavunywa, ukusebenzisa lokho esikufundayo kungase kube yinselele. Kungase kudingeke senze izinguquko endleleni esicabanga ngayo nasemikhubeni yethu. Abangane noma amalungu omkhaya anezisusa ezinhle angase aphikisane ngisho nanokutadisha kwethu iBhayibheli. Ngakho kubalulekile ukuphikelela. Umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi ukuphila okumi phakade uNkulunkulu uyokunika labo ababonisa ‘ukukhuthazela emsebenzini omuhle.’ (Roma 2:7) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba ufinyelele lowo mgomo.

Qiniseka ukuthi uzophumelela uma uphikelela ekufundeni ngoNkulunkulu nangentando yakhe futhi uphikelela ekusebenziseni lokho okufundayo.—IHubo 1:1-3.

[Isithombe ekhasini 6]

Uzophumelela uma uphikelela ekufundeni ngoNkulunkulu nangentando yakhe

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Culver Pictures