Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singakanani Isikhathi Esisalele Ababi?

Singakanani Isikhathi Esisalele Ababi?

Singakanani Isikhathi Esisalele Ababi?

“Uthulelani [Jehova] lapho omubi egwinya olungileyo kunaye.”—HABAKUKI 1:13.

1. Luzogcwala nini ngokuphelele emhlabeni ulwazi lwenkazimulo kaJehova?

INGABE uNkulunkulu uyoke ababhubhise ababi? Uma kunjalo, kusamelwe silinde isikhathi esingakanani? Emhlabeni wonke abantu babuza leyo mibuzo. Singazitholaphi izimpendulo? Singazithola emazwini angokwesiprofetho aphefumulelwe ngokwaphezulu aphathelene nesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe. Ayasiqinisekisa ukuthi ngokushesha uJehova uzokhipha isahlulelo phezu kwabo bonke ababi. Yileso sikhathi kuphela lapho umhlaba ‘uyogcwala ngokuphelele ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.’ Leso yisithembiso esingokwesiprofetho esitholakala eZwini likaNkulunkulu Elingcwele kuHabakuki 2:14.

2. Yiziphi izahlulelo zaphezulu zokufa ezintathu ezitholakala encwadini kaHabakuki?

2 Njengoba yalotshwa cishe ngo-628 B.C.E., incwadi kaHabakuki inochungechunge lwezahlulelo zokufa ezintathu zikaJehova uNkulunkulu. Ezimbili zalezo zahlulelo sezifezekile kakade. Esokuqala kwakuyisahlulelo sikaJehova phezu kwesizwe esinhlanhlathayo sakwaJuda wasendulo. Kuthiwani ngesesibili? Kwakuyisahlulelo sikaNkulunkulu phezu kweBabiloni elicindezelayo. Khona-ke, ngokuqinisekile, sinezizathu zokuqiniseka ukuthi esesithathu salezi zahlulelo zaphezulu siyofezeka. Eqinisweni, singalindela ukuba sigcwaliseke maduze nje impela. UNkulunkulu uzoletha imbubhiso phezu kwabo bonke abantu ababi ngenxa yabaqotho kulezi zinsuku zokugcina. Owokugcina kubo uyolibuka aligcine “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” esondela ngokushesha okukhulu.—IsAmbulo 16:14, 16.

3. Yini ezokwehlela ababi nakanjani esikhathini sethu?

3 Impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu ilokhu isondela. Futhi ukukhishwa kwesahlulelo saphezulu kwababi esikhathini sethu kuqiniseke njengokugcwaliseka kwezahlulelo zikaJehova kuJuda neBabiloni. Nokho, njengamanje, kungani singazithathi ngamehlo engqondo sizibeke kwaJuda osukwini lukaHabakuki? Kwenzekani kulelo zwe?

Izwe Elineziyaluyalu

4. Yiziphi izindaba ezishaqisayo uHabakuki azizwayo?

4 Mbone ngeso lengqondo umprofethi kaJehova uHabakuki ehlezi phezu kophahla oluyisicaba lwendlu yakhe, ejabulela umoya opholile wakusihlwa. Eceleni kwakhe kunogubhu. (Habakuki 1:1; 3:19, umbhalo ongezansi) Kodwa uHabakuki uzwa izindaba ezishaqisayo. Inkosi yakwaJuda uJehoyakimi ibulale u-Uriya yayisithatha isidumbu salo mprofethi yayosilahla emangcwabeni abantukazana. (Jeremiya 26:23) Yiqiniso, u-Uriya akazange ahlale ethembele kuJehova, ngoba wesaba wayesebalekela eGibithe. Kodwa uHabakuki uyazi ukuthi lobu budlova bukaJehoyakimi abushukunyiswanga yisifiso sokudumisa uJehova. Lokhu kubonakala ngokuthi le nkosi ayiwushayi mkhuba umthetho waphezulu futhi iyamzonda umprofethi uJeremiya nabanye abakhonza uJehova.

5. Sinjani isimo esingokomoya kwaJuda, futhi uHabakuki usabela kanjani kuso?

5 UHabakuki ubona umusi wempepho ukhuphuka uvela ophahleni lwezindlu zomakhelwane. Laba bantu abashunqisi le mpepho ngoba bengabakhulekeli bakaJehova. Bahileleké ezenzweni zokukhulekela kwamanga ezikhuthazwa yinkosi embi yakwaJuda uJehoyakimi. Yeka ichilo! Amehlo kaHabakuki agcwala izinyembezi, futhi uyanxusa: “Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na? Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka. Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.”—Habakuki 1:2-4.

6. Kwenzekeni emthethweni nasebulungiseni kwaJuda?

6 Yebo, ukuphanga nobudlova kudlangile. Nomaphi lapho uHabakuki ebheka khona, ubona inkathazo, ingxabano, umbango. ‘Umthetho usube buthakathaka,’ uphelelwe amandla. Kuthiwani ngokwahlulela ngokulunga? Phela, “akuphumi” nanini kunqoba! Akuphumeleli. Kunalokho, ‘ababi bahaqa abalungileyo,’ bephendukezela izinyathelo ezingokomthetho ezihloselwe ukuvikela abangenacala. Ngempela, “ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.” Kuphendukezelwe. Yeka isimo esidabukisayo!

7. Yini uHabakuki azimisele ukuyenza?

7 UHabakuki uhlaba ikhefu abese ecabanga ngalesi simo. Ingabe uzogeza izandla? Phinde! Ngemva kokuhlaziya konke ukushushiswa kwezinceku zikaNkulunkulu ezikholekile, le ndoda ethembekile ivuselela ukuzimisela kwayo ukuhlala iqinile, ingenakunyakaziswa njengomprofethi kaJehova. UHabakuki uzoqhubeka ememezela isigijimi sikaNkulunkulu—ngisho noma ukwenza kanjalo kusho ukufa.

UJehova Wenza “Isenzo” Esingakholakali

8, 9. Yisiphi “isenzo” esingakholeki uJehova asenzayo?

8 Embonweni, uHabakuki ubona abashisekeli benkolo yamanga, abahlaza uNkulunkulu. Lalela lokho uJehova abatshela kona: “Bonani phakathi kwabezizwe, nibheke, nimangale nokumangala.” Cishe uHabakuki uyazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekhuluma nalabo bantu ababi ngale ndlela. Khona-ke uzwa uJehova ebatshela: “Nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa.” (Habakuki 1:5) Empeleni, nguJehova ngokwakhe owenza lesi senzo abangeke basikholwe. Kodwa siyini?

9 UHabakuki uwalalela ngokucophelela amazwi kaNkulunkulu alandelayo, akuHabakuki 1:6-11. Yilesi isigijimi sikaJehova—futhi akukho nkulunkulu wamanga noma isithombe esingaphili esingavimbela ukugcwaliseka kwaso: “Bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso. Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwahlulela kwaso nesithunzi saso. Amahhashi aso anejubane kunezingwe, anonya kunezimpisi zakusihlwa; [“izinjomane zaso ziqebekule inhlabathi, futhi izinjomane zaso zivela kude. Zindiza njengokhozi luphuthuma ukuyodla okuthile,” NW]. Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili; zibutha abathunjwa njengesihlabathi. Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso; sihleka zonke izinqaba, sinqwabela uthuli, sizithathe. Bese sikhukhula njengomoya, sidlule, sizitholele icala, sona esimandla aso angunkulunkulu waso.”

10. UJehova uvusa obani?

10 Yeka isixwayiso esiyisiprofetho esivela koPhezukonke! UJehova uvusa amaKaledi, isizwe esinonya saseBabiloni. Ekumasheni kwaso sidabula “ebubanzini bomhlaba,” siyonqoba izindawo zokuhlala eziningi kakhulu. Yeka ukuthi kwethusa kanjani! Lesi sixuku samaKaledi “siyethusa, siyesabeka,” sishayanisa amadolo futhi sivusa ingebhe. Sibeka imithetho yaso engaguquki. “Kuphuma kuso ukwahlulela kwaso.”

11. Ungakuchaza kanjani ukufikela kwamabutho aseBabiloni uJuda?

11 Amahhashi aseBabiloni ashesha ukudlula izingwe ezinejubane. Izinkweli zamahhashi alo zinonya kunezimpisi ezilambile ezizingela ebusuku. Zishabashekela ukuhamba, ‘izinjomane zalo ziqebekula inhlabathi’ zingenasineke. Amabombo ziwabhekisé kwaJuda zisuka eBabiloni elikude. Endiza njengokhozi olugijimela esidlweni esimnandi, ngokushesha amaKaledi azobhozomela inyamazane yawo. Kodwa ingabe lokhu kuzomane nje kube ukuhlasela kokuphanga, umbhudukezo nje wamasosha ambalwa? Phinde! “Zonke zifikela indluzula,” njengebutho elikhulu kakhulu elithelekela ukwenza umonakalo. Ubuso bawo bugcwele ukuzimisela, agibele elibangisé entshonalanga kwaJuda naseJerusalema, ekhwishizela njengomoya wasempumalanga. Amabutho aseBabiloni akhukhula iziboshwa eziningi kakhulu kangangokuba ‘abutha abathunjwa njengesihlabathi.’

12. Siyini isimo sengqondo sabaseBabiloni, futhi lesi sitha esesabekayo ‘sizitholela icala’ lani?

12 Ibutho lamaKaledi liyawabhinqa amakhosi futhi lizihleka usulu izikhulu, zonke ezingenamandla okuvimbela ukuhlasela kwalo okuphikelelayo. ‘Lihleka zonke izinqaba,’ ngoba noma iyiphi inqaba iyawa lapho abaseBabiloni ‘benqwabelanisa uthuli’ ngokwakha indunduma yomhlabathi abazohlasela bekuyo. Ngesikhathi sikaJehova esimisiwe, lesi sitha esinamandla esabekayo ngokuqinisekile ‘sizokhukhula njengomoya.’ Ngokuhlasela uJuda neJerusalema, empeleni ‘siyozitholela icala’ ngokulimaza abantu bakaNkulunkulu. Ngemva kokunqoba okuyisikhwishikhwishi, umlawuli wamaKaledi uzozigabisa athi: ‘La mandla angenxa kankulunkulu wethu.’ Kodwa yeka ukuthi empeleni untula ulwazi kangakanani!

Isisekelo Esiqinile Sokuba Nethemba

13. Kungani uHabakuki egcwele ithemba nokuqiniseka?

13 Ngokuqonda injongo kaJehova okwandisiwe, ithemba liyakhula enhliziyweni kaHabakuki. Eqiniseka ngokuphelele, ukhuluma ngendlela yokudumisa uJehova. Njengoba kuphawulwé kuHabakuki 1:12, lo mprofethi uthi: “Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? [“Awufi,” NW].” Ngempela, uJehova unguNkulunkulu “kusukela phakade kuze kube phakade”—isikhathi esingenasiphelo.—IHubo 90:1, 2.

14. Iyiphi inkambo eye yathathwa yizihlubuki zakwaJuda?

14 Ecabanga ngombono awuboniswé nguNkulunkulu futhi ejabula ngokuqonda lo mbono okunikezayo, lo mprofethi uyaqhubeka: “Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa.” UNkulunkulu uzahlulele ngesahlulelo esibi izihlubuki zakwaJuda, futhi zilindele ukusolwa, ukujeziswa kanzima nguJehova. Bekufanele zibheke kuye njengeDwala lazo, ukuphela kwenqaba yangempela, isiphephelo, noMthombo wensindiso. (IHubo 62:7; 94:22; 95:1) Nokho, abaholi bakwaJuda abayizihlubuki abasondeli kuNkulunkulu, futhi bayaqhubeka becindezela abakhulekeli bakaJehova abangeyona ingozi.

15. Kungamuphi umqondo ‘amehlo kaJehova ehlambulukile ukuba angaboni okubi’?

15 Lesi simo simcindezela kakhulu umprofethi kaJehova. Ngakho uthi: “Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela.” (Habakuki 1:13) Yebo, ‘amehlo [kaJehova] ahlambulukile ukuba angaboni okubi,’ okungukuthi, ukuba abekezelele ukona.

16. Ungakufingqa kanjani okulotshwe kuHabakuki 1:13-17?

16 Ngakho-ke uHabakuki unemibuzo eshukumisa ingqondo. Uyabuza: “Ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye, wenze abantu babe njengezinhlanzi zaselwandle, njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo na? Uyabakhipha bonke ngodobo, abadonse ngenetha, ababuthe ngenetha lakhe elihudulwayo; ngalokho uyathokoza, uyajabula. Ngalokho uyahlabela inetha lakhe, ashisele inetha lakhe elihudulwayo impepho, ngokuba isabelo sakhe siyanona ngakho, kube mnandi ukudla kwakhe. Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, abulale njalo izizwe ngokunganqamukiyo, na?”—Habakuki 1:13-17.

17. (a) AbaseBabiloni bayifeza kanjani injongo kaNkulunkulu lapho behlasela uJuda neJerusalema? (b) Yini uJehova azoyambulela uHabakuki?

17 Ngokuhlasela uJuda nenhloko-dolobha yalo, iJerusalema, abaseBabiloni bayokwenza ngokwezifiso zabo. Ngeke bazi ukuthi bayindlela kaNkulunkulu yokukhipha isahlulelo sakhe esilungileyo esizweni esingathembekile. Kulula ukubona ukuthi kungani uHabakuki ayekuthola kunzima ukuqonda ukuthi uNkulunkulu wayeyosebenzisa abaseBabiloni ababi ukukhipha isahlulelo saKhe. Lawo maKaledi anonya awabona abakhulekeli bakaJehova. Abheka abantu ‘njengezinhlanzi nje nezilwanyana ezinwabuzelayo’ okumelwe zibanjwe futhi zinqotshwe. Kodwa uHabakuki ngeke adideke isikhathi eside. Ngokushesha uJehova uzokwambulela lo mprofethi wakhe ukuthi abaseBabiloni ngeke bahlale bangajeziswa ngokuphanga kwabo kobugovu nangokuba kwabo necala legazi abangaligqizi qakala.—Habakuki 2:8.

Ulungele Ukuzwa Amanye Amazwi KaJehova

18. Singafundani esimweni sengqondo sikaHabakuki, njengoba siboniswe kuHabakuki 2:1?

18 Nokho, njengamanje uHabakuki ulindele ukuzwa amanye amazwi uJehova azomtshela wona. Lo mprofethi usho ngokuqiniseka: “Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.” (Habakuki 2:1) UHabakuki unesithakazelo esikhulu kulokho uNkulunkulu asazokukhuluma ngaye njengomprofethi. Ukholo analo ekutheni uJehova unguNkulunkulu ongabubekezeleli ububi lumenza azibuze ukuthi kungani ububi bunqoba, kodwa uzimisele ukuvumela ukuba ukucabanga kwakhe kulungiswe. Kuthiwani-ke ngathi? Lapho sizibuza ukuthi kungani ububi obuthile bubekezelelwa, ukuqiniseka kwethu ngokulunga kukaJehova uNkulunkulu kufanele kusisize ukuba sihlale sinokulinganisela futhi silindele yena.—IHubo 42:5, 11.

19. Ngokuvumelana nalokho uNkulunkulu akusho kuHabakuki, kwenzekani kumaJuda ahlubukayo?

19 Ngokuvumelana nalokho akusho kuHabakuki, uNkulunkulu wasikhipha isahlulelo phezu kwesizwe samaJuda esasinhlanhlatha ngokuvumela abaseBabiloni ukuba bahlasele uJuda. Ngo-607 B.C.E., balibhubhisa iJerusalema nethempeli, babulala abadala nabancane ngokufanayo, futhi bathumba izithunjwa eziningi. (2 IziKronike 36:17-20) Ngemva kokudingiswa isikhathi eside eBabiloni, insali ethembekile yamaJuda yabuyela ezweni lakubo futhi ekugcineni yalakha kabusha ithempeli. Nokho, ngemva kwalokho, amaJuda aphinde azibonakalisa engakholekile kuJehova—ikakhulu lapho enqaba uJesu njengoMesiya.

20. UPawulu wamsebenzisa kanjani uHabakuki 1:5 ngokuphathelene nokwenqatshwa kukaJesu?

20 NgokwezEnzo 13:38-41, umphostoli uPawulu wabonisa amaJuda ase-Antiyokiya ukuthi kwakuyosho ukuthini ukwenqaba uJesu, ngaleyo ndlela eya umhlatshelo wakhe wesihlengo. Ecaphuna uHabakuki 1:5 enguqulweni yesiGreki i-Septuagint, uPawulu waxwayisa: “Qaphelani ukuba lokho okushiwo kubaProfethi kunganehleli, ‘Kubhekeni, nina baklolodi, futhi nimangale ngakho, nishabalale, ngoba ngisebenza umsebenzi ezinsukwini zenu, umsebenzi eningasoze nawukholelwa ngisho noma umuntu enilandisa wona ngokuningiliziwe.’” Ngokuvumelana nengcaphuno kaPawulu, ukugcwaliseka kwesibili kukaHabakuki 1:5 kwenzeka lapho amabutho amaRoma ebhubhisa iJerusalema nethempeli lalo ngo-70 C.E.

21. AmaJuda osuku lukaHabakuki awubheka kanjani “umsebenzi” wokuba abaseBabiloni babhubhise iJerusalema?

21 KumaJuda osuku lukaHabakuki, “umsebenzi” kaNkulunkulu wokuthi abaseBabiloni babhubhise iJerusalema wawungacatshangwa ngoba lowo muzi wawuyikomkhulu lokukhulekela kukaJehova nendawo lapho inkosi yakhe egcotshiwe yabekwa khona esihlalweni sobukhosi. (IHubo 132:11-18) IJerusalema lalingakaze nanini libhujiswe. Ithempeli lalo lalingakaze lishiswe. Indlu yasebukhosini kaDavide yayingakaze nanini igumbuqelwe. Kwakungakholeki ukuthi uJehova wayengavumela izinto ezinjalo ukuba zenzeke. Kodwa ngoHabakuki, uNkulunkulu wanikeza isixwayiso esanele sokuthi lezi zenzakalo ezishaqisayo zaziyokwenzeka. Futhi umlando ubonisa ukuthi zenzeka njengoba kwakubikezelwe.

“Umsebenzi” KaNkulunkulu Ongakholeki Osukwini Lwethu

22. “Umsebenzi” kaJehova ongakholeki uzohilelani osukwini lwethu?

22 Ingabe uJehova uzowenza “umsebenzi” ongakholeki osukwini lwethu? Qiniseka ukuthi uzowenza, ngisho noma lokho kubonakala kungakholeki kwabangabazayo. Kulokhu, umsebenzi kaJehova ongakholeki uyoba ukubhujiswa kweLobukholwa. NjengoJuda wasendulo, lithi likhulekela uNkulunkulu, kodwa selibe elonakele ngokuphelele. UJehova uyoqikelela ukuthi yonke iminonjana yesimiso esingokwenkolo seLobukholwa ngokushesha iqothwa ngokuphelele, njengoba kuyoba njalo ngalo lonke “iBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga.—IsAmbulo 18:1-24.

23. Umoya kaNkulunkulu washukumisela uHabakuki ukuba enzeni ngokulandelayo?

23 UJehova wayenomsebenzi owengeziwe ayewugcinele uHabakuki ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E. Yini uNkulunkulu ayesazoyitshela lo mprofethi wakhe? Phela, uHabakuki wayezozwa izinto ezaziyomshukumisela ukuba athathe ugubhu lwakhe ahlabelelele uJehova izililo zokuthandaza. Nokho, okokuqala umoya kaNkulunkulu wawuzoshukumisa lo mprofethi ukuba amemezele omaye abesabisayo. Ngokuqinisekile siyokwazisa ukuqonda incazelo ejulile yamazwi anjalo angokwesiprofetho esikhathi esimisiwe sikaNkulunkulu. Ngakho-ke ake siqhubeke sihlola isiprofetho sikaHabakuki.

Uyakhumbula?

• Kwakunaziphi izimo kwaJuda osukwini lukaHabakuki?

• Yisiphi “isenzo” esingakholeki uJehova asenza esikhathini sikaHabakuki?

• UHabakuki wayenasiphi isisekelo sethemba?

• Yimuphi “umsebenzi” ongakholeki uNkulunkulu azowenza osukwini lwethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

UHabakuki wayezibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ayevumela ububi bunqobe. Ingabe wena uyazibuza?

[Isithombe ekhasini 10]

UHabakuki wabikezela inhlekelele eyayizolethwa abaseBabiloni ezweni lakwaJuda

[Isithombe ekhasini 10]

Amanxiwa avubukuliwe eJerusalema, elabhujiswa ngo-607 B.C.E.