Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Siyini Isihluthulelo Sempumelelo?

Siyini Isihluthulelo Sempumelelo?

Siyini Isihluthulelo Sempumelelo?

AMABHUNGU amabili athanda ukuzama izinto ayelungisa umshini obukeka uxakile ukuze kwenziwe ukuhlola okubalulekile. Kungazelelwe, isivunguvungu esinamandla sathatha lo mshini ophuka kalula sawuphephulela phezulu, waya wayosakazeka phansi futhi kwaba nomsindo omkhulu. Edangele, la mabhungu ama ethule. Umsebenzi wawo wokuzikhandla nowenziwe ngokucophelela wawusuyinqwatshana yesixakaxaka samapulangwe nezinsimbi.

Ku-Orville noWilbur Wright, lokho okwenzeka ngalolo suku lwango-October ngo-1900 kwakungekhona ukubhuntsha kokuqala okukhungathekisayo komzamo wabo wokwakha indiza esinda ukudlula umoya. Base bechithe iminyaka nemali eningi bezama.

Nokho, ekugcineni ukuphikelela kwabo kwavuzwa. Ngo-December 17, 1903, eKitty Hawk, eNyakatho Carolina, e-U.S.A., lezi zelamani zakwaWright zakwazi ukukhipha isampula lomshini ohamba ngenjini owandiza imizuzwana engu-12—isikhathi esifushane uma kuqhathaniswa nezindiza zamanje, kodwa eside ngokwanele ukuba sishintshe umhlaba phakade!

Impumelelo emizamweni eminingi ixhomeke kakhulu ekuphikeleleni ngesineke. Kungakhathaliseki ukuthi ukufunda ulimi olusha, ukufunda ikhono, noma ngisho nokuthuthukisa ubuhlobo, izinto eziningi eziyigugu zifinyelelwa ngomzamo ophikelelayo kuphela. Umlobi uCharles Templeton uthi: “Izikhathi eziyisishiyagalolunye kweziyishumi, impumelelo iwumphumela oqondile wento eyodwa: ukusebenza kanzima.” Umhleli wengosi ethile yephephandaba uLeonard Pitts, Jr., uyaphawula: “Sikhuluma ngetalenta, sivume ukuthi inhlanhla ikhona, kodwa ngokuvamile sishalazelela izinto ezibaluleke kunazo zonke. Ukuzikhandla nokuhluleka kaningi. Ukufika ekuseni kakhulu nokuhamba sekwephuze kakhulu.”

Lokhu kufakazela lokho iBhayibheli elakusho kudala: “Isandla sabakhutheleyo siyakubusa.” (IzAga 12:24) Inkuthalo isho ukuphikelela emizamweni yethu. Lokhu kuyadingeka uma sifuna ukufinyelela imigomo esizibekele yona. Kuyini ukuphikelela? Singaphikelela kanjani ekufinyeleleni imigomo yethu, futhi yikuphi okufanele siphikelele kukho? Le mibuzo izophendulwa esihlokweni esilandelayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

U.S. National Archives photo