Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Ngeke Ephuze

UJehova Ngeke Ephuze

UJehova Ngeke Ephuze

“Noma [umbono] ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.”—HABAKUKI 2:3.

1. Yikuphi ukuzimisela okuye kwaboniswa abantu bakaJehova, futhi lokhu kuye kwabashukumisela ukuba benzeni?

“NGIYAKUMA endaweni yami yokulinda.” Leso kwakuyisinqumo somprofethi kaNkulunkulu uHabakuki. (Habakuki 2:1) Abantu bakaJehova baleli khulu lama-20 baye babonisa lokho kuzimisela okufanayo. Ngakho-ke, baye basabela ngentshiseko kulolu bizo olwakhishwa emhlanganweni oyingqopha-mlando owawungo-September 1922: “Lolu usuku oluzedlula zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Nina ningamanxusa ayo ayimemezelayo. Ngakho-ke, memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo.”

2. Lapho esebuyiselwe esimweni sokusebenza ngentshiseko ngemva kweMpi Yezwe I, yini amaKristu agcotshiwe ayesengayimemezela?

2 Ngemva kweMpi Yezwe I, uJehova wabuyisela insali egcotshiwe ethembekile esimweni sokusebenza ngentshiseko. NjengoHabakuki, ngamunye kuyo wayesengamemezela athi: ‘Ngizogcula enqabeni [“ngizoqapha,” NW] ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi.’ Amagama esiHeberu, asho ukuthi “qapha” nokuthi “linda” aphindaphindiwe eziprofethweni eziningi.

“Awuyikwephuza”

3. Kungani kumelwe sihlale silindile?

3 Njengoba oFakazi BakaJehova bekhipha isixwayiso sikaNkulunkulu namuhla, kumelwe bahlale bekuphaphamele ukulalela amazwi aphethayo esiprofetho sikaJesu esikhulu: “Hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ekukhaleni kwezinkukhu noma ekuseni kakhulu; ukuze kuthi lapho ifika kungazelelwe, inganitholi nilele. Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke, Hlalani nilindile.” (Marku 13:35-37) NjengoHabakuki, nangokuvumelana namazwi kaJesu, kumelwe sihlale silindile!

4. Isimo sethu sifana kanjani nesikaHabakuki cishe ngo-628 B.C.E.?

4 Kungenzeka ukuthi uHabakuki waqeda ukuloba incwadi yakhe cishe ngo-628 B.C.E., ngisho nangaphambi kokuba iBabiloni libe umbuso wezwe olawulayo. Kwase kuyiminyaka eminingi isahlulelo sikaJehova phezu kweJerusalema elihlubukayo simenyezelwe. Nokho, akukho lutho olwalubonisa ngokucacile ukuthi leso sahlulelo sasiyokhishwa nini. Ubani owayengakholelwa ukuthi kwase kusele iminyaka engu-21 nje kuphela nokuthi iBabiloni laliyoba umkhiphi wesahlulelo kaJehova? Ngokufanayo nanamuhla, asilwazi ‘usuku nehora’ olubekelwe ukuphela kwalesi simiso, kodwa uJesu usixwayise kusengaphambili: “Zibonakaliseni nikulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi iyoza ngalo.”—Mathewu 24:36, 44.

5. Yini ekhuthaza ngokukhethekile emazwini kaNkulunkulu akuHabakuki 2:2, 3?

5 Ngesizathu esihle, uJehova wanika uHabakuki lo msebenzi oshukumisayo: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:2, 3) Namuhla, emhlabeni wonke ububi nobudlova budlangile, okubonisa ukuthi simi khona kanye onqenqemeni ‘losuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.’ (Joweli 2:31) Ngempela, ayakhuthaza amazwi kaJehova uqobo esiqinisekiso: “Awuyikwephuza”!

6. Singasinda kanjani osukwini oluzayo lwesahlulelo sokufa?

6 Khona-ke, singasinda kanjani osukwini oluzayo lwesahlulelo sokufa? UJehova uphendula ngokuveza umehluko phakathi kolungileyo nongalungile: “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.” (Habakuki 2:4) Ababusi nabantu abaqhoshayo nabahahayo bangcolisé amakhasi omlando wanamuhla ngegazi lezigidi zezisulu ezingenacala, ngokuphawulekayo, ezimpini ezimbili zezwe nasekucekaneni kobuhlanga. Ngokuphambene, izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe ezithanda ukuthula ziye zakhuthazela ngokwethembeka. ‘Ziyisizwe esilungileyo esigcina iqiniso.’ Lesi sizwe, kanye nabangane baso, “ezinye izimvu,” sigcina lesi siyalo: “Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.”—Isaya 26:2-4; Johane 10:16.

7. Ngokuvumelana nokusebenzisa kukaPawulu uHabakuki 2:4, yini okumelwe siyenze?

7 Ebhalela amaKristu angamaHeberu, umphostoli uPawulu wacaphuna uHabakuki 2:4 lapho etshela abantu bakaJehova: “Ninesidingo sokukhuthazela, ukuze kuthi, ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele ukugcwaliswa kwesithembiso. Ngoba kusele ‘isikhathi esincane kakhulu,’ futhi ‘lowo ozayo uzofika futhi ngeke alibale.’ ‘Kodwa olungileyo wami uyophila ngenxa yokholo,’ futhi uma ‘ehlehlela emuva, umphefumulo wami awujabuli ngaye.’” (Heberu 10:36-38) Lesi akusona isikhathi sokuyekethisa noma sokubanjwa ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo nezinjabulo zobuhlanya zezwe likaSathane. Yini okumelwe siyenze kuze kube yilapho lesi “sikhathi esincane kakhulu” siphela? NjengoPawulu, thina besizwe sikaJehova esingcwele, kumelwe ‘selulekele phambili ezintweni ezingaphambili, siphishekele umgomo’ wokuphila okuphakade. (Filipi 3:13, 14) Futhi njengoJesu, kumelwe ‘sikhuthazele ngenxa yenjabulo ebekwe phambi kwethu.’—Heberu 12:2.

8. Ngubani “umuntu” okuHabakuki 2:5, futhi kungani engeke aphumelele?

8 Ngokungafani nezinceku zikaJehova, uHabakuki 2:5 uchaza “umuntu” ohlulekayo ukufinyelela umgomo wakhe, ngisho nalapho ‘andisé ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo.’ Ubani lo muntu ‘ongasuthi’? Eshwabadela njengeBabiloni lesikhathi sikaHabakuki, lo “muntu” oyinhlanganisela, owakhiwe yimibuso yezombangazwe—kungakhathaliseki ukuthi eyobuFascist, ubuNazi, ubuKhomanisi noma leyo ebizwa ngokuthi eyentando yeningi—ulwa izimpi ukuze anwebe amazwe akhe. Futhi ugcwalisa indawo yabafileyo, ithuna, ngemiphefumulo engenacala. Kodwa lo “muntu” oyinhlanganisela oyiqili wezwe likaSathane, edakwe ukuzazisa, akaphumeleli ekuzameni ‘ukuzibuthela zonke izizwe nokuqoqa bonke abantu.’ NguJehova uNkulunkulu kuphela ongahlanganisa sonke isintu, futhi lokhu uyokufeza ngoMbuso kaMesiya.—Mathewu 6:9, 10.

Umaye Wokuqala Kwabayisihlanu Abesabekayo

9, 10. (a) Yini uJehova ayimemezelayo ngoHabakuki? (b) Ngokuphathelene nenzuzo engalungile, siyini isimo namuhla?

9 Ngomprofethi wakhe uHabakuki, uJehova uyaqhubeka ememezela uchungechunge lomaye abahlanu, izahlulelo okumelwe zikhishwe ekulungiseleleni ukuba umhlaba uhlalwe abakhulekeli bakaNkulunkulu abathembekile. Abanjalo abanhliziyo ziqotho ‘baphakamisa isaga’ uJehova asinikezayo. Siyafunda kuHabakuki 2:6: “Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na?—nozisindisa ngezibambiso!”

10 Lapha, kugcizelelwa inzuzo engalungile. Ezweni elisizungezile, abacebile baceba kakhulu, nabampofu baba mpofu kakhulu. Abashushumbisi bezidakamizwa nabakhohlisi banqwabelanisa umnotho omningi, kuyilapho abantu abaningi abavamile belamba. Ingxenye eyodwa kwezine yomphakathi womhlaba kuthiwa iphila ngaphansi kwesilinganiso salokho okubhekwa njengezinga lobuphofu. Izimo zokuphila ziyashaqisa emazweni amaningi. Labo abalangazelela ukulunga emhlabeni bayabalisa: “Koze kube nini” lokhu kungabi nabulungisa okungaka kulokhu kwanda! Nokho, ukuphela sekuseduze! “Awuyikwephuza” ngempela umbono.

11. UHabakuki uthini ngokuchithwa kwegazi labantu, futhi kungani singathi kunecala elikhulu legazi emhlabeni namuhla?

11 Umprofethi utshela omubi: “Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.” (Habakuki 2:8) Yeka icala legazi esilitholayo emhlabeni namuhla! UJesu washo ngokucacile: “Bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Nokho, kuleli khulu lama-20 kuphela, izizwe nezinhlanga ezinecala legazi ziye zabulala abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu. Maye kulabo abahlanganyela kulokhu kuceka okungaka!

Umaye Wesibili

12. Uthini umaye wesibili olotshwe kuHabakuki, futhi singaqiniseka kanjani ukuthi ingcebo yokungathembeki ngeke isize ngalutho?

12 Umaye wesibili olotshwe kuHabakuki 2:9-11, uwela “kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!” Inzuzo yokungathembeki ngeke isize ngalutho, njengoba nomhubi ekwenza kucace: “Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.” (IHubo 49:16, 17) Khona-ke, siyaphawuleka iseluleko esihlakaniphile sikaPawulu: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu osinikeza zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.”—1 Thimothewu 6:17.

13. Kungani kufanele siqhubeke simemezela isixwayiso sikaNkulunkulu?

13 Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba izigijimi zesahlulelo sikaNkulunkulu zimenyezelwe namuhla! Lapho abaFarisi benqabela izixuku ukuba zimemezele ukuthi uJesu ‘yiLowo oza njengeNkosi egameni likaJehova,’ uJesu wathi: “Ngiyanitshela, Uma laba bebengahlala bethule, amatshe abeyokhamuluka.” (Luka 19:38-40) Ngokufanayo, uma abantu bakaNkulunkulu namuhla bebengabudaluli ububi ezweni, ‘amatshe abeyakukhala esodongeni.’ (Habakuki 2:11) Ngakho masiqhubekeni ngesibindi simemezela isixwayiso sikaNkulunkulu!

Umaye Wesithathu Nendaba Yecala Legazi

14. Izinkolo zezwe ziye zaba naliphi icala legazi?

14 Umaye wesithathu, oshiwo ngoHabakuki, ukhuluma ngendaba yecala legazi. UHabakuki 2:12 uthi: “Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi!” Kulesi simiso sezinto, ukungalungi nokuchithwa kwegazi ngokuvamile kuyahambisana. Ngokuphawulekayo, izinkolo zezwe ziye zaba yimbangela yokuchithwa kwegazi okunyantisa ukukwedlula konke emlandweni. Singabala nje kuphela iziMpi Zenkolo, ezaqhatha amaKristu okuzisholo namaSulumane; iNkantolo Yamacala Ezihlubuki eSpain naseLatin America; iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu YaseYurophu, phakathi kwamaProthestani namaKatolika; kanye nezachitha igazi ukuzedlula zonke, izimpi zezwe ezimbili zekhulu lethu leminyaka, zombili ezaqala kweLobukholwa.

15. (a) Izizwe ziqhubeka zenzani njengoba zisekelwa noma zivunyelwa yisonto? (b) IZizwe Ezihlangene zingakuqeda yini ukuhlonyiswa ngezikhali kwaleli zwe?

15 Esinye sezici zempi yezwe yesibili esibi ukuzedlula zonke kwakuwukuQothulwa Kwesizwe okwenziwa amaNazi, okwashwabadela izigidi zamaJuda nabanye ababengenacala eYurophu. Isigaba esibusayo sabefundisi bamaRoma Katolika eFrance sisanda kuvuma nje ukuthi sahluleka ukuphikisa ukuthunyelwa kwamakhulu ezinkulungwane zezisulu emagumbini okufa amaNazi. Nokho, izizwe ziyaqhubeka zilungiselela ukuchitha igazi, zisekelwa noma zivunyelwa yisonto. Ukhuluma ngeSonto lobu-Orthodox laseRussia, umagazini i-Time (uhlelo olusakazwa emhlabeni wonke) usanda kuphawula: “Isonto elivuselelwe nalo lisebenzisa ithonya elibucayi esimweni esingakaze sicatshangwe nanini: umbayimbayi waseRussia. . . . Ukubusiswa kwezindiza zokulwa namakamu ezempi cishe sekube yinqubo evamile. Ngo-November, eKhaya Lezindela laseMoscow iDanilovsky, ikomkhulu leSigungu Esibusayo Sabefundisi SaseRussia, isonto laze lafinyelela eqophelweni lokubiza indawo yaseRussia yokugcinwa kwezikhali zenuzi njengengcwele.” Ingabe IZizwe Ezihlangene zingakuvimbela ukuhlonyiswa kabusha kwaleli zwe ngezikhali zempi zobudemoni? Lingawa licoshwe yizinkukhu! Ngokwephephandaba laseLondon, eNgilandi, i-Guardian, owawina uMklomelo Wokuthula KaNobel waphawula: “Okukhathaza ngempela ukuthi amazwe amahlanu angamalungu angenakukhishwa oMkhandlu Wezokulondeka WeZizwe Ezihlangene angabathengisi bezikhali abahlanu abaqavile emhlabeni.”

16. Yini uJehova azoyenza ezizweni ezingabaphehli bempi?

16 Ingabe uJehova uyosikhipha isahlulelo ezizweni ezingabaphehli bempi? UHabakuki 2:13 uthi: “Bheka, akuveli kuJehova [“wamabutho,” NW] ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?” “UJehova wamabutho”! Yebo, uJehova unamabutho asezulwini ayizingelosi, ayowasebenzisa ekwenzeni abantu abathanda impi nezizwe kube yize!

17. Ulwazi ngoJehova luyogcwala kangakanani emhlabeni ngemva kokukhishwa kwesahlulelo sakhe emaqenjini ezizwe anobudlova?

17 Yini eyolandela ukukhipha kukaJehova isahlulelo kulawo maqembu ezizwe anobudlova? UHabakuki 2:14 uyaphendula: “Umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.” Yeka ithemba elihle! E-Armagedoni, ubukhosi bukaJehova buyolwelwa phakade. (IsAmbulo 16:16) UJehova uyasiqinisekisa ukuthi ‘uyokhazimulisa indawo yezinyawo zakhe,’ lo mhlaba esihlala kuwo. (Isaya 60:13) Sonke isintu siyofundiswa ngendlela kaNkulunkulu yokuphila, kangangokuthi ulwazi lwaso lwezinjongo zikaJehova ezikhazimulayo luyoba njengezilwandle ezigcwalisa izilwandlekazi.

Umaye Wesine Nowesihlanu

18. Uthini umaye wesine omenyezelwa ngoHabakuki, futhi ubonakala kanjani esimweni sokuziphatha sezwe namuhla?

18 Umaye wesine uchazwe kuHabakuki 2:15 ngala mazwi: “Wo komphuzisa umngane wakhe, axube nokufutheka, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!” Lokhu kubonisa isimo esingenakuzithiba, esingalawuleki sezwe lanamuhla. Ukuziphatha kwalo okubi, okusekelwa ngisho nayizinhlangano zenkolo eziyekelelayo, kwehlé kwaze kwafinyelela ezingeni eliphansi ngendlela eshaqisayo. Ubhadane, olunjengengculaza nezinye izifo ezidluliselwa ngobulili, luyadlondlobala emhlabeni wonke. Esikhundleni sokubonakalisa “inkazimulo kaJehova,” isizukulwane sanamuhla esizazisayo siyaqhubeka sicwila ekonakaleni futhi sibhekene nokukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu. Njengoba ‘lisuthiswe ngehlazo esikhundleni senkazimulo,’ leli zwe eliyisephulamthetho selizophuza esitsheni sentukuthelo kaJehova, esimelela intando yakhe ngokuqondene nalo. ‘Kuyoba yihlazo phezu kodumo lwalo.’—Habakuki 2:16.

19. Sihlobene nani isandulela sikamaye wesihlanu omenyezelwa ngoHabakuki, futhi kungani amazwi anjalo ebalulekile ezweni lanamuhla?

19 Amazwi ayisingeniso kamaye wesihlanu axwayisa ngokunamandla ngokukhulekela izithombe ezibaziweyo. UJehova wenza ukuba umprofethi amemezele la mazwi anamandla: “Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.” (Habakuki 2:19) Kuze kube namuhla, kokubili eLobukholwa nalokho okubizwa ngokuthi ubuhedeni kukhulekela iziphambano zako, oMadonna, izithombe zabantu ababhekwa njengabangcwele neminye imifanekiso yomuntu nesilwane. Akukho kulokhu okungavuka ukuze kusindise abakhulekeli bako lapho uJehova efika ezokhipha isahlulelo. Igolide nesiliva okupendwe ngalo liyafiphala libe uthuthu uma kuqhathaniswa nobukhazikhazi bukaNkulunkulu ongunaphakade, uJehova, nenkazimulo yendalo yakhe ephilayo. Kwangathi singalibabaza kuze kube phakade igama lakhe elingenakuqhathaniswa!

20. Yiliphi ilungiselelo lethempeli esinelungelo lokukhonza kulo ngenjabulo?

20 Yebo, uNkulunkulu wethu, uJehova, uyalufanelekela lonke udumo. Ngomuzwa wenhlonipho ejulile ngaye, masisilalele lesi sixwayiso esinamandla ngokumelene nokukhulekela izithombe. Kodwa lalela! UJehova usakhuluma: “UJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.” (Habakuki 2:20) Ngokungangabazeki umprofethi wayecabanga ngethempeli laseJerusalema. Nokho, thina namuhla sinelungelo lokukhulekela elungiselelweni lethempeli elingokomoya elikhulu kakhulu kunalelo, lapho iNkosi yethu uJesu Kristu imiswe khona njengomPristi oMkhulu. Lapha, emagcekeni asemhlabeni alelo thempeli, siyahlangana, sikhulekele, sithandaze, sinikela kuJehova udumo olufanela igama lakhe elikhazimulayo. Futhi yeka injabulo esinayo ngokumkhulekela ngokusuka enhliziyweni uBaba wethu wasezulwini onothando!

Uyakhumbula?

• Uwabheka kanjani amazwi kaJehova athi: “Awuyikwephuza”?

• Basho ukuthini namuhla omaye abamenyezelwa ngoHabakuki?

• Kungani kufanele siqhubeke simemezela isixwayiso sikaJehova?

• Yigceke laliphi ithempeli esinelungelo lokukhonza kulo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 15]

NjengoHabakuki, izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla ziyazi ukuthi uJehova ngeke ephuze

[Izithombe ekhasini 18]

Ingabe uyalazisa ilungelo lokukhulekela uJehova egcekeni lethempeli lakhe elingokomoya?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]

U.S. Army photo