Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusiza Abantu Bazo Zonke Izinhlobo ENetherlands

Ukusiza Abantu Bazo Zonke Izinhlobo ENetherlands

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukusiza Abantu Bazo Zonke Izinhlobo ENetherlands

U-ABRAHAMA wayeyindoda enokholo olungavamile. Umphostoli uPawulu uthi u-Abrahama walilalela izwi likaNkulunkulu “lapho ebizwa . . . waphuma, nakuba ayengazi ukuthi uyaphi.” Ngemva kokuthutha wonke umkhaya wakhe, u-Abrahama “wahlala njengomfokazi ezweni lesithembiso” iminyaka eyikhulu esele yokuphila kwakhe.—Heberu 11:8, 9.

Ngokufanayo nanamuhla, oFakazi BakaJehova abaningi baye bamukela inselele yokuthuthela kwelinye izwe ukuze bakhonze lapho indingeko inkulu khona. Abanye baye bafunda ulimi oluhlukile ukuze bashumayele kubantu bakwamanye amazwe abathuthele ezweni labo. Njengoba izibonelo ezilandelayo zibonisa, lo moya omuhle uye wavula “umnyango omkhulu oholela emsebenzini” eNetherlands, lapho isigidi esisodwa ezigidini ezingu-15 zabantu balapho sivela kwamanye amazwe.—1 Korinte 16:9.

□ UBahram, owayengumfundisi we-Kung Fu, wayevela ezweni laseMpumalanga Ephakathi. Wathola iBhayibheli nezincwadi ezithile ze-Watch Tower Society. Kungakapheli nenyanga, uBahram waqaphela ukuthi wayethole iqiniso. Kwaqalwa isifundo naye nomkakhe, kodwa kwakunenkinga—owayebafundisa iBhayibheli wayengalwazi ulimi lwabo. Bakhumbula ukuthi babekhuluma ngokushukumisa umzimba, besebenzisa “izandla nezinyawo.” Ngokuhamba kwesikhathi, uBahram nomkakhe bakwazi ukuthola ibandla okwakukhulunywa kulo ulimi lwabo lomdabu, futhi ngemva kwalokho bathuthuka ngokushesha. Manje uBahram unguFakazi obhapathiziwe.

□ Umbhangqwana othile okhuluma isiDashi waya kowesilisa othile wase-Indonesia owayemi phambi kwesitolo esikhulu. Lona wesilisa wamangala futhi wajabula lapho ezwa lo mbhangqwana umkhulumisa ngolimi lwakhe. Kwabe sekwenziwa amalungiselelo okuba ahanjelwe ekhaya. Kwatholakala ukuthi wayehlale eRussia iminyaka engaphezu kwengu-20, futhi phakathi naleso sikhathi waba udokotela wezifo zabesifazane. Wathi ungumuntu obuphikayo ubukhona bukaNkulunkulu, kodwa wavuma ukuthi isikhathi ngasinye lapho ebelethisa, wayevele amangale nje, “Yeka indlela umzimba womuntu owenziwe kahle ngayo! Yeka isimangaliso!” Wavuma ukutadisha iBhayibheli futhi ngokushesha waqala ukukholelwa ukuthi ukhona uMdali osikhathalelayo isintu. (1 Petru 5:6, 7) Manje ungumzalwane obhapathiziwe futhi ukhonza ebandleni elikhuluma ulimi lwase-Indonesia elise-Amsterdam.

□ ERotterdam, kwelinye lamachweba amakhulu kunawo wonke emhlabeni, iqembu lamaphayona liye lachwephesha ekushumayeleni kubantu abakhuluma izilimi ezihlukahlukene abeza kuleli chweba nsuku zonke. Ngenxa yomsebenzi waleli qembu elishisekayo labashumayeli, amatilosi amaningana, ahlanganisa ukaputeni, isikhulu somkhumbi nalowo owayesigada, aye amukela iqiniso. Manje nabo bayasiza ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 24:14.

Njengakwezinye izingxenye zomhlaba, oFakazi BakaJehova eNetherlands bazimisele ukufeza ingxenye yabo ekumemezeleni izindaba ezinhle ezimi phakade kuzo zonke izizwe, izizwana, izilimi nabantu.—IsAmbulo 14:6.