Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imizimba Emincane, Izinhliziyo Eziphayo

Imizimba Emincane, Izinhliziyo Eziphayo

Imizimba Emincane, Izinhliziyo Eziphayo

BEKUNGABA njani ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu nabantu ongabazi ukube ubungamasentimitha angu-76 kuphela ubude? ULaura angakutshela. Lobo ubude bakhe, amasentimitha angu-76 kuphela, njengoba eneminyaka engu-33 ubudala. Yena nodadewabo, uMaría, oneminyaka engu-24 ubudala nonobude obungamasentimitha angu-86, bahlala eQuito, e-Ecuador. Ake bachaze izithiyo ababhekana nazo enkonzweni yobuKristu.

“Ukuze sifike ensimini esishumayela kuyo nasemihlanganweni yobuKristu, sihamba cishe ingxenye yekhilomitha siyogibela ibhasi. Kusukela lapho elisehlisa khona, sihamba enye ingxenye yekhilomitha siya ebhasini lesibili. Ngeshwa, kulo mgwaqo kunezinja ezinhlanu ezilumayo. Izinja ziyesabeka kakhulu kithi ngoba zingase zibonakale zizinkulu ngangamahhashi. Ukuze sizixoshe uma kudingeka, siphatha induku esiyifihla ndawana-thile ngaphambi kokugibela ibhasi ukuze siyisebenzise ohambweni lwethu lokuya ekhaya.

“Ukugibela ebhasini kuyisinyathelo esikhulu ngokoqobo kithi. Sima phezu kwendunduma yenhlabathi esitobhini sebhasi ukuze sigibele kalula. Abanye abashayeli bayasondela kule ndunduma, kodwa abanye abasondeli. Uma bengasondeli, omude kithi sobabili usiza omfushane ukuba agibele. Ukuze sigibele ibhasi lesibili kudingeka seqe umgwaqo omkhulu ophithizelayo—umzamo omkhulu njengoba sinemilenze emifushane. Ngenxa yobufushane bethu, isikhwama sezincwadi esisindayo sibangela enye inselele. Ukuze senze isikhwama singasindi, sisebenzisa iBhayibheli elincane bese silinganisela izincwadi esiziphathayo.

“Sobabili singabantu abathulayo kusukela sibancane. Omakhelwane bethu bayazi ukuthi selokhu kwathi nhló ukukhuluma nomuntu esingamazi kuyisehlakalo esesabekayo kithi. Ngakho-ke bayamangala futhi bahlabeke umxhwele lapho besibona sibahambela emizini yabo, futhi ngokuvamile bayasilalela. Kodwa lapho singaziwa khona kakhulu, abantu bavame ukubuka nje ukuthi sibafushane ngokungavamile; ngaleyo ndlela bangasinaki ngendlela efanele isigijimi sethu. Noma kunjalo, ukuzwa uthando lukaJehova kusinika isibindi sokuqhubeka emsebenzini wokushumayela ivangeli. Ukuzindla ngezAga 3:5, 6 nakho kusinika isibindi.”

Njengoba kubonisa uLaura noMaría, ukuphikelela naphezu kwezithiyo ezingokomzimba kungadumisa uNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wathandazela ukuba kususwe “iva enyameni” yakhe, okungenzeka kwakuwubuhlungu obusemzimbeni. Kodwa uNkulunkulu wamtshela: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Yebo, akudingekile ukuba kuze kususwe ukukhubazeka okungokomzimba ukuze sikwazi ukukhonza uNkulunkulu. Ukuncika ngokuphelele kuNkulunkulu kungasisiza ukuba sizisebenzise kahle kakhulu izimo zethu. Ngenxa yokuthi uPawulu wayelibheka ngaleyo ndlela “iva enyameni” yakhe, wayengathi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:7, 9, 10) Eminyakeni ethile kamuva uPawulu wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.”—Filipi 4:13.

Namuhla, uNkulunkulu ufeza umsebenzi omkhulu ngabesilisa, abesifazane nezingane ezizinikele kuye ngokuphelele. Abathile babo bakhubazekile ngandlela-thile. Nakuba bonke benethemba lokwelashwa ngokwaphezulu ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, abalindi kuze kube yilapho uNkulunkulu ebakhulula ezinkingeni zabo ngaphambi kokuba bazame ukwenza okuthile enkonzweni yakhe.

Ingabe unobuthakathaka obuthile emzimbeni? Yima isibindi! Ngokholo lwakho ungaba phakathi kwalabo abanjengoPawulu, uLaura noMaría. Ngabo kungashiwo njengoba kwashiwo ngabesilisa nabesifazane bokholo basendulo: “Besesimweni esibuthakathaka benziwa baba namandla.”—Heberu 11:34.

[Isithombe ekhasini 8]

UMaría

ULaura

[Isithombe ekhasini 9]

UMaría usiza uLaura ukuba agibele ebhasini

[Izithombe ekhasini 9]

“Izinja ziyesabeka kakhulu kithi ngoba zingase zibonakale zizinkulu ngangamahhashi”

Ngezansi: ULaura noMaría nalabo ababefunda nabo iBhayibheli