Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Unomqondo KaKristu’?

Ingabe ‘Unomqondo KaKristu’?

Ingabe ‘Unomqondo KaKristu’?

“Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba . . . nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.”—ROMA 15:5.

1. Emidwebweni eminingi yeLobukholwa, uJesu uvezwa enjani, futhi kungani lokhu kungewona umbono othembekile ngoJesu?

“AKAKAZE nakanye abonakale ehleka.” Yileyo indlela uJesu achazwa ngayo encwadini esho ngokungamanga ukuthi ibhalwe isikhulu sasendulo saseRoma. Le ncwadi, eyaziwa njengoba injalo manje kusukela ngekhulu le-11, kuthiwa yathonya abadwebi abaningi. * Emidwebweni eminingi, uJesu ungumuntu obonakala esosizini owayengavamile ukumamatheka, uma wayeke amamatheke. Kodwa lowo akuwona umbono othembekile ngoJesu, ovezwa amaVangeli njengomuntu onemfudumalo, onomusa nonemizwa ejulile.

2. Singasihlakulela kanjani ‘isimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso,’ futhi lokhu kuzosihlomisela ukuba senzeni?

2 Kusobala ukuthi ukuze simazi uJesu wangempela, kumelwe sigcwalise izingqondo nezinhliziyo zethu ngokuqonda okunembile kohlobo lomuntu uJesu ayeyilo ngempela lapho elapha emhlabeni. Ngakho-ke ake sihlole okunye kokulandisa kwamaVangeli okusenza siqonde “umqondo kaKristu”—okungukuthi, imizwa yakhe, imibono yakhe, imicabango yakhe nendlela yakhe yokucabanga. (1 Korinte 2:16) Njengoba senza lokhu, masicabangele ukuthi singasihlakulela kanjani ‘isimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.’ (Roma 15:5) Ngakho, singase sikuhlomele kangcono ukuba ekuphileni kwethu nasekusebenzelaneni kwethu nabanye silandele isibonelo asibekela sona.—Johane 13:15.

Wayengeneka Kalula

3, 4. (a) Kwakwenzekeni ngaphambi kwesenzakalo esikuMarku 10:13-16? (b) UJesu wasabela kanjani lapho abafundi bakhe bezama ukuvimba izingane zingezi kuye?

3 Abantu babezizwa bekhangwa uJesu. Ngezikhathi ezihlukahlukene, abantu bobudala nezizinda ezingafani babeza kuye ngokukhululeka. Cabanga ngesenzakalo esishiwo kuMarku 10:13-16. Senzeka ngasekupheleni kwenkonzo yakhe lapho ayelibangise eJerusalema okokugcina, eyobhekana nokufa okubuhlungu.—Marku 10:32-34.

4 Kubone ngeso lengqondo okwakwenzeka. Abantu baqala ukuletha izingane, kanye nezinsana, ukuze zizobusiswa uJesu. * Kodwa abafundi bazama ukuzivimba lezi zingane zingezi kuJesu. Mhlawumbe abafundi banomuzwa wokuthi kumelwe ukuba uJesu akafune kuhlushwa yizingane phakathi nala masonto abucayi. Kodwa banephutha. Lapho uJesu ekubona okwenziwa abafundi, akathokozi. UJesu ubizela izingane kuye, ethi: “Bayekeni abantwana abancane beze kimi; ningazami ukubavimba.” (Marku 10:14) Ube esenza okuthile okuveza isimo sokuba nesisa nothando ngempela. Ukulandisa kuthi: “Wabasingatha abantwana waqala ukubabusisa, ebeka izandla phezu kwabo.” (Marku 10:16) Ngokusobala lezi zingane zikhululekile njengoba uJesu ezigona ngesisa.

5. Indaba ekuMarku 10:13-16 isitshelani ngohlobo lomuntu uJesu ayeyilo?

5 Lokhu kulandisa okufushane kusitshela lukhulu ngohlobo lomuntu uJesu ayeyilo. Phawula ukuthi wayengeneka. Nakuba ayekade esesikhundleni esiphakeme emazulwini, wayengabesabisi futhi engabenzi bazizwe bengezinto zalutho abantu abangaphelele. (Johane 17:5) Akuyona yini into ephawulekayo futhi ukuthi ngisho nezingane zazizizwa zikhululekile lapho zinaye? Ngokuqinisekile zazingeke zikhangwe umuntu ongenamfudumalo nanjabulo, owayengalokothi amamatheke noma ahleke! Abantu babo bonke ubudala babeza kuJesu ngoba babezwa ukuthi wayengumuntu ofudumele nokhathalelayo, futhi babeqiniseka ukuthi wayengeke abaxoshe.

6. Abadala bangazenza kanjani bangeneke kalula ngokwengeziwe?

6 Lapho sicabanga ngale ndaba, singazibuza, ‘Ingabe nginomqondo kaKristu? Ingabe ngiyangeneka?’ Kulezi zikhathi ezibucayi, izimvu zikaNkulunkulu zidinga abelusi abangenekayo, amadoda ‘anjengendawo yokucashela umoya.’ (Isaya 32:1, 2; 2 Thimothewu 3:1) Badala, uma nihlakulela ukuba nesithakazelo esiqotho nesisuka enhliziyweni kubafowenu futhi nizimisele ukuzidela ngenxa yabo, bayokuzwa ukuthi niyabakhathalela. Bayokubona ebusweni benu, bakuzwe ephi​mbweni lenu futhi bakubone ekwenzeni kwenu izinto ngomusa. Leyo mfudumalo nokukhathalela okuqotho kungakha isimo sokwethembana esenza kube lula ngabanye, kuhlanganise nezingane, ukuza kini. Omunye owesifazane ongumKristu uchaza ukuthi kungani akwazi ukukhuluma angagodli lutho komunye umdala: “Wayekhuluma nami ngendlela enesisa nozwela. Ngaphandle kwalokho, cishe ngangingeke ngithi vú. Wangenza ngazizwa ngilondekile.”

Wayebacabangela Abanye

7. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayebacabangela abanye? (b) Yini okungenzeka yayiyisizathu sokuba uJesu enze impumputhe ibone kancane kancane?

7 UJesu wayecabangela. Wayeyikhathalela imizwa yabanye. Ukubona nje abantu abahluphekayo kwakumthinta ngokujule kangangokuthi wayeshukumiseleka ukuba akuqede ukuhlupheka kwabo. (Mathewu 14:14) Wayekucabangela nokulinganiselwa nezidingo zabanye. (Johane 16:12) Ngesinye isikhathi abantu baletha indoda eyimpumputhe kuye futhi bamncenga uJesu ukuba ayiphulukise. UJesu wayenza yaphinde yabona le ndoda, kodwa lokho wakwenza kancane kancane. Ekuqaleni, le ndoda yabona abantu kalufifi—‘okwakusengathi izihlahla, kodwa kuhambahamba.’ Wabe eseyenza ibone ngokugcwele. Kungani ayiphulukisa kancane kancane le ndoda? Kungenzeka wayenzela ukuba lona owayesejwayele ubumnyama angashaqeki lapho ebona ngokushesha umhlaba okhanyiswe yilanga noyinkimbinkimbi.—Marku 8:22-26.

8, 9. (a) Yini eyenzeka ngemva nje kokuba uJesu nabafundi bakhe bengene endaweni yaseDekapholi? (b) Chaza indlela uJesu amelapha ngayo umuntu oyisithulu.

8 Cabanga nangesenzekalo esenzeka ngemva kwePhasika lika-32 C.E. UJesu nabafundi bakhe babengene endaweni yaseDekapholi, empumalanga noLwandle LwaseGalile. Lapho, izixuku ezinkulu zasheshe zabathola futhi zaletha kuJesu abantu abaningi ababegula nababexhwalile, futhi wabaphulukisa bonke. (Mathewu 15:29, 30) Ngokuthakazelisayo, uJesu wakhetha indoda eyodwa wayinaka ngokukhethekile. Umlobi weVangeli uMarku, okunguye yedwa owaloba ngalesi senzakalo, ubika okwenzeka.—Marku 7:31-35.

9 Le ndoda yayiyisithulu futhi ingakwazi ukukhuluma kahle. Kungenzeka uJesu waqonda ukuthi le ndoda yayinovalo namahloni ngokungavamile. UJesu wabe esenza okuthile okungavamile. Wayidonsela eceleni le ndoda, basuka esixukwini, baba sendaweni esithekile. UJesu wabe esesebenzisa izimpawu ezithile ukuze abonise le ndoda lokho ayesezokwenza. “Wafaka iminwe ezindlebeni zalomuntu, futhi ngemva kokukhafula, wathinta ulimi lwakhe.” (Marku 7:33) UJesu wabe esebheka phezulu ezulwini futhi wadonsa umoya njengokungathi uyathandaza. Lezi zenzo ezaziyizinkomba zazinjengokuthi kule ndoda, ‘Lokho esengizokwenzela khona ngizokwenza ngamandla avela kuNkulunkulu.’ Ekugcineni, uJesu wathi: “Vuleka.” (Marku 7:34) Lapho esho kanjalo, le ndoda yakwazi ukuzwa, yakwazi nokukhuluma ngendlela evamile.

10, 11. Singakubonisa kanjani ukucabangela imizwa yabanye ebandleni? emkhayeni?

10 Yeka indlela uJesu ayebonisa ngayo ukucabangela abanye! Wayeyiqaphela imizwa yabo, futhi lolu zwela lwalumshukumisela ukuba enze izinto ngendlela eyayingayilimazi imizwa yabo. NjengamaKristu, senza kahle ngokuhlakulela nokubonisa umqondo kaKristu ngokuphathelene nalokhu. IBhayibheli liyasiyala: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninokusondelana kobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni.” (1 Petru 3:8) Ngokuqinisekile lokhu kudinga ukuba sikhulume futhi senze izinto ngendlela ecabangela imizwa yabanye.

11 Ebandleni, singabonisa ukucabangela imizwa yabanye ngokubahlonipha, sibaphathe ngendlela ebesingathanda ukuphathwa ngayo. (Mathewu 7:12) Lokho kuyohlanganisa nokuqaphela esikushoyo nendlela esikusho ngayo. (Kolose 4:6) Khumbula ukuthi ‘ukukhuluma ungacabangi kungahlaba njengenkemba.’ (IzAga 12:18, qhathanisa ne-NW.) Kuthiwani emkhayeni? Indoda nenkosikazi abathandana ngempela bayayiqaphela imizwa yomunye nomunye. (Efesu 5:33) Bayawagwema amazwi anokhahlo, ukugxeka okungapheli nokubhuqa okubuhlungu—konke okungabangela imizwa elimele engapholi kalula. Nezingane zinemizwa, futhi abazali abanothando bayayicabangela imizwa yazo. Lapho kudingeka balungise okuthile, labo bazali bakwenza ngezindlela ezizihloniphayo izingane njengabantu futhi ezingazenzi ziphoxeke ngokungadingekile. * (Kolose 3:21) Lapho sibonisa ukucabangela abanye ngale ndlela, sibonisa ukuthi sinomqondo kaKristu.

Wayezimisele Ukubethemba Abanye

12. Yimuphi umbono olinganiselayo nongokoqobo uJesu ayenawo ngabafundi bakhe?

12 UJesu wayenombono olinganiselayo nongokoqobo ngabafundi bakhe. Wayazi kahle ukuthi babengaphelele. Kakade, wayekwazi ukufunda izinhliziyo zabantu. (Johane 2:24, 25) Noma kunjalo, wayengabheki nje ukungapheleli kwabo kodwa wayebheka izimfanelo zabo ezinhle. Futhi wayebona ukuthi la madoda ayedonswe nguJehova ayengafeza lukhulu. (Johane 6:44) Umbono omuhle uJesu ayenawo ngabafundi bakhe wawubonakala endleleni ayesebenzelana ngayo nabo nayebaphatha ngayo. Phakathi kwezinye izinto, wayebonisa ukuthi wayezimisele ukubethemba.

13. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayebethemba abafundi bakhe?

13 UJesu wakubonisa kanjani ukuthi wayebethemba? Lapho ehamba emhlabeni, waphathisa abafundi bakhe abagcotshiwe umthwalo wemfanelo osindayo. Wabaphathisa umthwalo wemfanelo wokunakekela izithakazelo zoMbuso wakhe emhlabeni wonke. (Mathewu 25:14, 15; Luka 12:42-44) Phakathi nenkonzo yakhe, wabonisa ngisho nangezindlela ezincane, ezingaqondile, ukuthi wayebethemba. Lapho andisa ukudla ngokuyisimangaliso ukuze kudle izixuku, wanika abafundi bakhe umthwalo wemfanelo wokwaba lokho kudla.—Mathewu 14:15-21; 15:32-37.

14. Ungayifingqa kanjani indaba ekuMarku 4:35-41?

14 Cabanga nangendaba ekuMarku 4:35-41. Kulesi senzakalo uJesu nabafundi bakhe bagibela isikebhe bawela uLwandle LwaseGalile. Ngemva nje kokuba besukile, uJesu wacambalala ngemuva kulesi sikebhe futhi wazumeka. Nokho, ngokushesha “kwaba khona isiphepho esikhulu esinamandla.” Iziphepho ezinjalo zazivamile oLwandle LwaseGalile. Ngenxa yokuba phansi kwalo (ngamamitha angaba ngu-200), umoya wakhona ufudumele kakhulu kunasendaweni ezungezile, futhi lokhu kubangela ukuvunguza komoya. Ngaphezu kwalokhu, kunemimoya enamandla eyehla ngesivinini eSigodini SaseJordani ivela eNtabeni iHermoni, esenyakatho. Kungathi kusathulekile bese kuvele kusuka isiphepho esikhulu kungazelelwe. Cabanga ngalokhu: Akukho kungabaza ngokuthi uJesu wayazi ngalezi ziphepho ezazivamile, ngoba wayekhulele eGalile. Kodwa walala ngokuthula, ethembele emakhonweni abafundi bakhe, abanye babo ababengabadobi.—Mathewu 4:18, 19.

15. Singakulingisa kanjani ukuzimisela kukaJesu ukubethemba abafundi bakhe?

15 Ingabe singakulingisa ukuzimisela kukaJesu ukwethemba abafundi bakhe? Kwabanye kunzima ukunika abanye imithwalo yemfanelo. Kumelwe kube yibo abahlale beqondisa. Bangase bacabange, ‘Uma ngifuna into yenziwe kahle, kumelwe ngizenzele!’ Kodwa uma sizozenzela yonke into, sisengozini yokuzikhandla ngokweqile mhlawumbe neyokuzincisha ngokungadingekile isikhathi sokuba nemikhaya yethu. Nangalé kwalokho, uma singabaniki abanye imisebenzi nemithwalo yemfanelo efanele, kungenzeka sibancisha ulwazi nokuqeqeshwa abakudingayo. Kungaba ukuhlakanipha ukufunda ukubethemba abanye, ubaphathise izindaba ezithile. Senza kahle ngokuzibuza ngobuqotho, ‘Ingabe nginomqondo kaKristu kule ndaba? Ingabe ngibanika ngenhliziyo emhlophe abanye imisebenzi ethile, ngibethemba ukuthi bayokwenza okusemandleni abo?’

Wayebenza Bazi Ukuthi Uyabethemba Abafundi Bakhe

16, 17. Ngobusuku bakhe bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni, yisiphi isiqinisekiso uJesu asinika abaphostoli bakhe, yize ayazi ukuthi babezomshiya?

16 UJesu wabonisa nangenye indlela ebalulekile ukuthi wayenombono omuhle ngabafundi bakhe. Wabazisa ukuthi wayebethemba. Lokhu kwabonakala ngokucacile emazwini aqinisekisayo awasho kubaphostoli bakhe ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni. Phawula ukuthi kwenzekani.

17 Kwakuwubusuku obumatasa kuJesu. Wafundisa abafundi bakhe isifundo sokuthobeka ngokubageza izinyawo. Kamuva, wamisa isidlo sakusihlwa esasiyoba yisikhumbuzo sokufa kwakhe. Abaphostoli babe sebephinda behilizisana empikiswaneni evuthayo yokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. Njengoba ayehlale enesineke, uJesu akazange abathethise kodwa wababonisa. Wabatshela ukuthi yini eyayiseza: “Nonke nizokhubeka ngami kulobubusuku, ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘Ngizoshaya umalusi, futhi izimvu zomhlambi ziyohlakazeka.’” (Mathewu 26:31; Zakariya 13:7) Wayazi ukuthi abangane bakhe abaseduze kakhulu babeyomshiya lapho ebadinga. Noma kunjalo, akabalahlanga. Ngokuphambene nalokho, wabatshela: “Kodwa ngemva kokuba sengivusiwe, ngizonihambela phambili ngiye eGalile.” (Mathewu 26:32) Yebo, wabaqinisekisa ukuthi nakuba babeyomshiya, yena wayengeke abashiye. Lapho lesi senzakalo esibuhlungu sesidlulile, wayezophinde ahlangane nabo.

18. EGalile, yimuphi umsebenzi ongelula uJesu awunika abafundi bakhe, futhi abaphostoli bawenza kanjani?

18 UJesu wasigcina isithembiso sakhe. Kamuva, eGalile, uJesu ovusiwe wabonakala kubaphostoli abathembekile abangu-11, ngokusobala ababebuthene nabanye abaningi. (Mathewu 28:16, 17; 1 Korinte 15:6) Lapho, uJesu wabanika umsebenzi obalulekile: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Incwadi yezEnzo isinikeza ubufakazi obucacile bokuthi abaphostoli bawenza lowo msebenzi ababewuthunyiwe. Ngokwethembeka bahola emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle ekhulwini lokuqala.—IzEnzo 2:41, 42; 4:33; 5:27-32.

19. Izenzo zikaJesu ngemva kokuvuswa kwakhe zisifundisani ngomqondo kaKristu?

19 Le ndaba ekhanyiselayo isifundisani ngomqondo kaKristu? UJesu wayebabonile abaphostoli bakhe benza izinto ezingafiseleki neze, kodwa “wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.” (Johane 13:1) Naphezu kokushiyeka kwabo, wabazisa ukuthi wayebethemba. Phawula ukuthi ukubethemba kukaJesu kwakungelona iphutha. Akungabazeki ukuthi ukubethemba kwakhe, ayebenze bazi ngakho, kwabaqinisela ukuba bazimisele ezinhliziyweni ukufeza umsebenzi ayebayale ukuba bawenze.

20, 21. Singabonisa kanjani ukuthi sinombono omuhle ngalabo esikholwa nabo?

20 Singawubonisa kanjani umqondo kaKristu kulokhu? Ungabi nombono wokuthi okholwa nabo ngeke bakwenze okuhle. Uma ucabanga okubi kakhulu, amazwi nezenzo zakho cishe kuyokuveza lokho. (Luka 6:45) Nokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi uthando “lukholelwa yizo zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) Uthando lunombono omuhle, hhayi ophambene. Luyakha kunokuba lubhidlize. Abantu basabela kalula othandweni nasesikhuthazweni kunasekwesatshisweni. Singabakha futhi sibakhuthaze abanye ngokubabonisa ukuthi siyabethemba. (1 Thesalonika 5:11) Uma, njengoKristu, sinombono omuhle ngabafowethu, siyobaphatha ngendlela ebakhayo neveza izimfanelo zabo ezinhle kakhulu.

21 Ukuhlakulela nokubonisa umqondo kaKristu kudlulela ngale kokumane ulingise izinto ezithile uJesu ayezenza. Njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, ukuze senze izinto njengoJesu ngempela, kumelwe siqale sifunde ukubheka izinto njengaye. AmaVangeli asisiza sikwazi ukubona esinye isici sobuntu bakhe, imicabango nemizwa yakhe ngomsebenzi ayewabelwe, njengoba isihloko esilandelayo sizoxoxa ngakho.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Kule ncwadi, umqambimanga othile uchaza lokho athi indlela uJesu ayebukeka ngayo, kuhlanganise nombala wezinwele, wentshebe nowamehlo akhe. Umhumushi weBhayibheli u-Edgar J. Goodspeed uyachaza ukuthi la manga “ayeklanyelwe ukuyenza yamukeleke incazelo esezincwadini zabadwebi ephathelene nokubukeka kukaJesu.”

^ par. 4 Kubonakala sengathi lezi zingane zazishiyana ngobudala. Igama lapha elihunyushwe ngokuthi “abantwana abancane” lisetshenzisiwe nasendodakazini kaJayiru eyayineminyaka engu-12 ubudala. (Marku 5:39, 42; 10:13) Nokho, ekulandiseni okufuze lokhu, uLuka usebenzisa igama elisetshenziswa nasezinsaneni.—Luka 1:41; 2:12; 18:15.

^ par. 11 Bheka isihloko esithi “Ingabe Uyasihlonipha Isithunzi Sabo?” kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 1998.

Ungachaza?

• UJesu wasabela kanjani lapho abafundi bakhe bezama ukuvimba izingane zingezi kuye?

• Yiziphi izindlela uJesu abonisa ngazo ukucabangela abanye?

• Singakulingisa kanjani ukwazisa kukaJesu abaphostoli bakhe ukuthi uyabethemba?

• Singamlingisa kanjani uJesu esicini sokwenza abaphostoli bakhe bazi ukuthi uyabethemba?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16]

Izingane zazizizwa zikhululekile lapho zinoJesu

[Isithombe ekhasini 17]

UJesu wayebaphatha ngesisa abanye

[Isithombe ekhasini 18]

Abadala abangenekayo bayisibusiso