Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyashukumiseleka Ukuthatha Isinyathelo NjengoJesu?

Ingabe Uyashukumiseleka Ukuthatha Isinyathelo NjengoJesu?

Ingabe Uyashukumiseleka Ukuthatha Isinyathelo NjengoJesu?

“Wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Futhi waqala ukusifundisa.”—MARKU 6:34.

1. Kungani kuqondakala ukuba abantu babonisa izimfanelo ezitusekayo?

KUWO wonke umlando abantu abaningi baye babonisa izimfanelo ezitusekayo. Ungaqonda ukuthi kungani. UJehova UNkulunkulu unothando, unomusa, uyephana, futhi unezinye izimfanelo esizazisayo, futhi uyazibonisa. Abantu badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngakho singaqonda ukuthi kungani abaningi bebonisa ngezinga elithile uthando, umusa, isihawu, nezinye izimfanelo zaphezulu, njengoba nje iningi libonisa ukuthi linonembeza. (Genesise 1:26; Roma 2:14, 15) Nokho, kungenzeka uyaqaphela ukuthi abanye bazibonisa kalula lezi zimfanelo kunabanye.

2. Yimiphi eminye yemisebenzi emihle abantu abangase bayenze, mhlawumbe benomuzwa wokuthi balingisa uKristu?

2 Cishe uyazi ngabesilisa nabesifazane abavame ukuvakashela noma ukusiza abagulayo, babonise isihawu kwabakhubazekile, noma banikele ngesandla esivulekile kwabampofu. Cabanga nangabantu abasihawu sabo sibashukumisela ukuba basebenzise ukuphila kwabo besebenza ezindaweni zabanochoko noma emakhaya ezintandane, abenza umsebenzi wokuzithandela ezibhedlela noma ema-hospice, noma abantu abazama ukusiza abangenamakhaya noma ababaleki. Kungenzeka abanye babo banomuzwa wokuthi balingisa uJesu, owabekela amaKristu isibonelo. EmaVangelini sifunda ukuthi uKristu waphulukisa abagulayo futhi wanika abalambile ukudla. (Marku 1:34; 8:1-9; Luka 4:40) Ukubonisa kukaJesu uthando, isisa nesihawu kubonisa “umqondo kaKristu,” naye owayelingisa uYise wasezulwini.—1 Korinte 2:16.

3. Ukuze sibe nombono olinganiselayo ngemisebenzi emihle kaJesu, yini okudingeka siyicabangele?

3 Nokho, uye waqaphela yini ukuthi namuhla abaningi balabo abathintwa uthando nesihawu sikaJesu bashalazela isici esiyinhloko somqondo kaKristu? Singakuqonda lokhu ngokuhlolisisa uMarku isahluko 6. Lapho, sifunda ukuthi abantu baletha abagulayo kuJesu ukuze abaphulukise. Emongweni, sithola nokuthi lapho ebona ukuthi izinkulungwane ezazize kuye zase zilambile, uJesu wazinika ukudla ngokuyisimangaliso. (Marku 6:35-44, 54-56) Ukuphulukisa abagulayo nokunika abalambile ukudla kwakuwukubonakaliswa okumangalisayo kwesihawu esihambisana nothando, kodwa ingabe kwakuyizindlela eziyinhloko uJesu ayesiza ngazo abanye? Futhi iyiphi indlela engcono kakhulu esingasilingisa ngayo isibonelo sakhe esiphelele sothando, umusa nesihawu, njengoba naye ayelingisa uJehova?

Sishukumiseleka Ukuba Sisabele Ezidingweni Ezingokomoya

4. Indaba ekuMarku 6:30-34 yenzeka nini futhi kuphi?

4 UJesu wayehawukela abantu ayephakathi kwabo ngokuyinhloko ngenxa yezidingo zabo ezingokomoya. Lezo zidingo zazibaluleke kakhulu, ngaphezu kwezidingo ezingokomzimba. Cabanga ngendaba ekuMarku 6:30-34. Isenzakalo esilotshwe lapho senzeka ogwini loLwandle LwaseGalile, sekusondele isikhathi sePhasika ngo-32 C.E. Abafundi babejabule, futhi kufanele. Njengoba babesanda kuqeda uhambo olude, bafika kuJesu, ngokungangabazeki bemagange ukumxoxela okwakwenzekile kubo. Nokho, kwabuthana isixuku. Sasisikhulu kangangokuthi uJesu nabaphostoli bakhe abakwazanga nakudla nakuphumula. UJesu watshela abaphostoli: “Wozani, nina ngokwenu, ngasese endaweni engenabantu futhi niphumule kancane.” (Marku 6:31) Begibela esikebheni, cishe eduze naseKapernawume, bawela uLwandle LwaseGalile beya endaweni ethule. Kodwa isixuku sagijima sigudla ugu futhi safika kuqala kunesikebhe. Wayezosabela kanjani uJesu? Ingabe kwamcasula ukuthi isikhathi sakhe sokuba yedwa sasiphazanyisiwe? Lutho neze!

5. UJesu wayezizwa kanjani ngezixuku ezaziza kuye, futhi wasabela ngokwenzani?

5 Inhliziyo kaJesu yathintwa ukubona lesi sixuku esiyizinkulungwane, kuhlanganise nabagulayo, ababemlindele ngabomvu. (Mathewu 14:14; Marku 6:44) Egxila kulokho okwakuvuse isihe sikaJesu nasendleleni ayesabele ngayo, uMarku wabhala: “Wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Futhi waqala ukusifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:34) UJesu akazange abone isixuku nje sabantu. Wabona abantu ngabanye ababenezidingo ezingokomoya. Babenjengezimvu ezinhlanhlathayo zingenamsizi, zingenamalusi wokuziqondisa emadlelweni aluhlaza noma azivikele. UJesu wayazi ukuthi abaholi benkolo ababengenamfudumalo, okwakufanele ngabe bangabelusi abakhathalelayo, empeleni babebadelela abantu abavamile futhi bengazinaki izidingo zabo ezingokomoya. (Hezekeli 34:2-4; Johane 7:47-49) UJesu wayezobaphatha ngokuhlukile, abenzele okuhle kunakho konke ayengabenzela kona. Waqala ukubafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu.

6, 7. (a) AmaVangeli embula ukuthi yini eyayibaluleke kakhulu lapho uJesu esabela ezidingweni zabantu? (b) Yisiphi isisusa esasenza uJesu ashumayele futhi afundise?

6 Ekulandiseni okufuze lokhu, phawula ukulandelana kwezenzakalo nalokho okubonakala kuwuhlu lwezinto ezibalulekile ngokulandelana kwazo. Lokhu kwalotshwa uLuka, owayengudokotela futhi enesithakazelo empilweni yabanye engokomzimba. “Izixuku . . . zamlandela [uJesu]. Futhi wazamukela ngomusa waqala ukukhuluma nazo ngombuso kaNkulunkulu, futhi waphulukisa labo ababedinga ukwelashwa.” (Luka 9:11; Kolose 4:14) Nakuba kungenjalo kuzo zonke izindaba ezilandisa ngezimangaliso, kulokhu, yini ephawulwe kuqala ekulandiseni kukaLuka okuphefumulelwe? Ukuthi uJesu wabafundisa abantu.

7 Empeleni lokhu kuyavumelana nalokho okugcizelelwe kuMarku 6:34. Lelo vesi libonisa ngokucacile ukuthi uJesu washukumiseleka ukuba asibonise kanjani ngokuyinhloko isihe sakhe. Wabafundisa abantu, esabela ezidingweni zabo ezingokomoya. Ngaphambili enkonzweni yakhe, uJesu wayethé: “Kweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa khona.” (Luka 4:43) Noma kunjalo, siyobe senza iphutha uma sicabanga ukuthi uJesu wayememezela isigijimi soMbuso ngenxa nje yokuthi kwakumelwe akwenze, njengokungathi wayenza sakugcina icala umsebenzi wokushumayela okwakufanele awenze. Cha, isihe sakhe esinothando ngabantu sasiyisisusa esiyisihluthulelo sokuba ahlanganyele izindaba ezinhle nabo. Into enhle kunazo zonke uJesu ayengabenzela yona—ngisho nabagulayo, abanamademoni, abampofu, noma abalambile—kwakuwukubasiza bazi, bamukele futhi bathande iqiniso eliphathelene noMbuso kaNkulunkulu. Lelo qiniso lalibaluleke kakhulu ngenxa yendima yoMbuso ekulweleni ubukhosi bukaJehova nasekunikeni isintu izibusiso ezihlala njalo.

8. UJesu wayezizwa kanjani ngokushumayela nokufundisa kwakhe?

8 Ukushumayela kukaJesu ngoMbuso ngentshiseko kwakuyisizathu esiyinhloko sokuza kwakhe emhlabeni. Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu watshela uPilatu: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso. Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” (Johane 18:37) Siphawulile ezihlokweni ezimbili ezandulele ukuthi uJesu wayengumuntu onemizwa enesihe—okhathalelayo, ongenekayo, ocabangelayo, obethembayo abanye, futhi ngaphezu kwakho konke, onothando. Kudingeka siziqonde lezo zici zobuntu bakhe uma sifuna ngempela ukuqonda umqondo kaKristu. Kubaluleke ngokufanayo ukuqaphela ukuthi umqondo kaKristu uhlanganisa nokubheka umsebenzi wokushumayela nokufundisa njengobaluleke kunakho konke, njengaye.

Wanxusa Abanye Ukuba Bashumayele

9. Obani okwakufanele babheke ukushumayela nokufundisa njengokubaluleke kunakho konke?

9 Akuyena uJesu kuphela owayebheka ukushumayela nokufundisa—okuwukubonakaliswa kothando nesihe—njengokubaluleke kunakho konke. Wanxusa abalandeli bakhe ukuba balingise izisusa zakhe, izinto ezaziza kuqala kuye nezenzo zakhe. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba uJesu ekhethe abaphostoli bakhe abangu-12, yini okwakufanele bayenze? UMarku 3:14, 15 uyasitshela: “Wakha iqembu labayishumi nambili, aliqamba futhi ngokuthi ‘abaphostoli,’ ukuze baqhubeke benaye nokuba abathume ukuba bayoshumayela futhi babe negunya lokuxosha amademoni.” Ingabe uyakubona okwakufanele kubaluleke kakhulu kubaphostoli?

10, 11. (a) Lapho ethuma abaphostoli, yini uJesu abatshela ukuba bayenze? (b) Lapho ethuma abaphostoli, yini eyayisemqoka?

10 Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu wabenza bakwazi abangu-12 ukuphulukisa abanye nokuxosha amademoni. (Mathewu 10:1; Luka 9:1) Wabe esebathuma ohambweni lokuya “ezi​mvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.” Beyokwenzani? UJesu wabayala: “Njengoba nihamba, nishumayele, nithi, ‘Umbuso wamazulu ususondele.’ Yelaphani abantu abagulayo, nivuse abantu abafileyo, nenze abanochoko bahlanzeke, nixoshe amademoni.” (Mathewu 10:5-9; Luka 9:2) Yini abayenza empeleni? “Ngakho basuka futhi [1] bashumayela ukuze abantu baphenduke; futhi babexosha amademoni amaningi futhi [2] begcoba abantu abaningi abaxhwalile ngamafutha babelaphe.”—Marku 6:12, 13.

11 Njengoba ukufundisa kungashiwo kuqala kuzo zonke izenzakalo, ingabe ukuphawula indlela izinto ezilandelana ngayo ngenhla kuwukugcizelela ngokweqile indaba yezinto eziza kuqala noma izisusa ezihilelekile? (Luka 10:1-9) Akufanele sikuthathe kalula ukuthi kunezikhathi eziningi lapho ukufundisa kushiwo ngaphambi kokuphulukisa. Cabanga ngomongo walesi senzakalo. Ngaphambi kokuthuma abaphostoli abangu-12, uJesu wayethintwe yisimo sezixuku. Siyafunda: “UJesu wathatha uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana, efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso futhi elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka. Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi. Khona-ke wathi kubafundi bakhe: ‘Yebo, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.’”—Mathewu 9:35-38.

12. Imisebenzi eyisimangaliso kaJesu nabaphostoli yayingafeza yiphi enye injongo?

12 Ngokuba kanye naye, abaphostoli babengazuza ingxenye yomqondo kaKristu. Babebona ukuthi ukubathanda ngempela abantu nokuba nesisa kubo kwakuhlanganisa nokushumayela nokufundisa ngoMbuso—lokho kwakufanele kube yisici esiyinhloko semisebenzi yabo emihle. Ngokuvumelana nalokho, imisebenzi emihle engokoqobo, njengokuphulukisa abagulayo, yayenza okungaphezu kokusiza abadinga usizo. Njengoba ungase ucabange, abanye abantu babengase badonswe ukuphulukisa nokudla okwenziwe ngokuyisimangaliso. (Mathewu 4:24, 25; 8:16; 9:32, 33; 14:35, 36; Johane 6:26) Nokho, ngaphezu kokuba usizo emzimbeni, empeleni leyo misebenzi yashukumisela ababebukele ukuba baqaphele ukuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu kanye ‘nomprofethi’ uMose ayebikezele ngaye.—Johane 6:14; Duteronomi 18:15.

13. Isiprofetho esikuDuteronomi 18:18 sagcizelela yiphi indima ‘yomprofethi’ owayeseza?

13 Kungani kwakubalulekile ukuthi uJesu ‘wayengumprofethi’? Iyiphi indima eyinhloko eyayibikezelwe ‘ngomprofethi’? Ingabe “umprofethi” wayezoduma ngokuphulukisa ngokuyisimangaliso noma ngokwenzela abalambile ukudla ngesihe? UDuteronomi 18:18 wayebikezele: “Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe [Mose] phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.” Ngakho, nakuba abaphostoli bafunda ukuba nemizwa yesisa nokuyibonisa, babengaphetha ngokuthi umqondo kaKristu kwakufanele ubonakale nasemsebenzini wabo wokushumayela nokufundisa. Lokho kwakuyoba yinto engcono kakhulu ababengayenzela abantu. Ngalowo msebenzi, abagulayo nabampofu babengathola izinzuzo ezihlala njalo, hhayi nje ezigcina ekuphileni komuntu okufushane noma ekudleni kanye noma kabili.—Johane 6:26-30.

Yiba Nomqondo KaKristu Namuhla

14. Ukuba nomqondo kaKristu kuhileleke kanjani ekushumayeleni kwethu?

14 Akekho kithi ongabheka umqondo kaKristu njengento eyayingaba khona ekhulwini lokuqala kuphela—kuJesu nakubafundi bokuqala, umphostoli uPawulu abhala ngabo wathi: “Sinawo umqondo kaKristu.” (1 Korinte 2:16) Futhi singakuvuma ngokushesha ukuthi sinesibopho sokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Nokho, kunenzuzo ukucabanga ngezisusa zethu zokwenza lowo msebenzi. Akufanele siwenze nje ngoba sinomuzwa wesibopho. Uthando ngoNkulunkulu luyisizathu esiyinhloko esenza sihlanganyele enkonzweni, futhi ukuba njengoJesu ngempela kuhlanganisa nokushukunyiswa yisihawu ukuba sishumayele futhi sifundise.—Mathewu 22:37-39.

15. Kungani isihawu siyingxenye efanelekile yenkonzo yethu yasobala?

15 Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ukuba nesihawu ngalabo abanezinkolelo ezingafani nezethu, ikakhulukazi lapho singanakwa, senqatshwa noma siphikiswa. Nokho, uma siphelelwa uthando nesihawu ngabantu, singalahlekelwa yisisusa esibaluleke kakhulu sokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. Khona-ke, singasihlakulela kanjani isihawu? Singazama ukubheka abantu ngendlela uJesu ayebabheka ngayo, ‘njengabaphundlekile nabahlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Abanjalo yini abaningi namuhla? Abelusi bamanga benkolo baye bangabanaka futhi babaphuphuthekisa ngokomoya. Ngenxa yalokho, abazi ngesiqondiso esiphelele esitholakala eBhayibhelini, abazi nangezimo zePharadesi ezizolethwa uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha emhlabeni wethu. Babhekana nezinkinga zokuphila kwansuku zonke—kuhlanganise nobumpofu, ukungezwani kwasekhaya, ukugula nokufa—ngaphandle kokuba nethemba loMbuso. Thina sinalokho abakudingayo: izindaba ezinhle ezisindisa ukuphila zoMbuso kaNkulunkulu osumisiwe ezulwini!

16. Kungani kufanele sifune ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye?

16 Lapho ucabanga ngale ndlela ngezidingo ezingokomoya zalabo ophakathi kwabo, ingabe inhliziyo yakho ayikushukumiseli ukuba ufune ukwenza konke ongakwenza ukuze ubatshele ngenjongo kaNkulunkulu enothando? Yebo, umsebenzi wethu ungowesihawu. Lapho sibazwela njengoJesu abantu, kuyobonakala ephi​mbweni lethu, ebusweni bethu nasendleleni yethu yokufundisa. Konke lokho kuyokwenza umyalezo wethu ukhange ngokwengeziwe kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’—IzEnzo 13:48.

17. (a) Yiziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo uthando lwethu nesihawu ngabanye? (b) Kungani singenakumane sikhethe phakathi kokwenza imisebenzi emihle nokuhlanganyela enkonzweni yasobala kuphela?

17 Yiqiniso, uthando lwethu nesihawu kufanele kubonakale kuyo yonke inkambo yethu yokuphila. Lokhu kuhlanganisa ukuba nomusa kwabahluphekayo, abagulayo nabampofu—senze esingakwenza ngokunengqondo ukuze siqede ukuhlupheka kwabo. Kuhlanganisa nemizamo yethu esiyenza ngezwi nangesenzo yokususa usizi lwalabo abaye balahlekelwa abathandekayo ngokufa. (Luka 7:11-15; Johane 11:33-35) Nokho, ukubonakaliswa okunjalo kothando, umusa nesihawu akumelwe kube yiyona nto esigxila kuyo emisebenzini yethu emihle, njengoba kunjalo ngabantu abasiza abaswele. Inenzuzo ehlala njalo ngokwengeziwe imizamo eshukunyiswa yilezi mfanelo zaphezulu kodwa ebonakaliswa ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa kobuKristu. Khumbula lokho uJesu akusho ngabaholi benkolo bamaJuda: “Ninikela okukodwa eshumini kweminti nedile nekhumini, kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezinesisindo esikhudlwana, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokukholeka. Lezizinto kwakuyisibopho ukuzenza, kodwa hhayi ukuba ningazinaki lezi ezinye izinto.” (Mathewu 23:23) KuJesu kwakungeyona indaba yokukhetha okukodwa—ukusiza abantu ngezidingo zabo ezingokwenyama noma ukubafundisa izindaba ezingokomoya ezinika ukuphila. UJesu wakwenza kokubili. Noma kunjalo, kusobala ukuthi umsebenzi wakhe wokufundisa wawuyinhloko ngoba ubuhle abufeza ngawo babungaba usizo phakade.—Johane 20:16.

18. Ukuhlola umqondo kaKristu kufanele kusishukumisele ukwenzani?

18 Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJehova uye wasembulela umqondo kaKristu! NgamaVangeli, singayazi kangcono imicabango, imizwa, izimfanelo, imisebenzi nezinto ezazibaluleke kakhulu kumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Kukithi ukuba sifunde, sizindle futhi sisebenzise lokho iBhayibheli elikwambulayo ngoJesu. Khumbula, ukuze senze njengoJesu ngempela, kumelwe siqale sifunde ukucabanga, ukuzizwa nokuhlaziya izinto njengaye, ngokwezinga esingakwenza ngalo njengabantu abangaphelele. Khona-ke, masizimisele ukuhlakulela futhi sibonise “umqondo kaKristu.” Ayikho indlela engcono yokuphila, yokusebenzelana nabantu, neyokuba thina nabanye sisondele kulowo ambonakalisa ngokuphelele, uNkulunkulu wethu onesisa, uJehova.—2 Korinte 1:3; Heberu 1:3.

Ungaphendula Kanjani?

• Yikuphi ukuqonda iBhayibheli elikunikezayo mayelana nendlela uJesu ayevame ukusabela ngayo kubantu abaswele?

• Yini uJesu ayigcizelela lapho eyala abalandeli bakhe?

• Singawubonisa kanjani “umqondo kaKristu” ezintweni esizenzayo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 23]

[Isithombe ekhasini 24]

Iyiphi into enhle kakhulu amaKristu angayenzela abanye?