Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindaba Ezinhle Zabo Bonke

Izindaba Ezinhle Zabo Bonke

Izindaba Ezinhle Zabo Bonke

ZIWUKUPHELA kwezindaba ezinhle zaphakade ezitholakala ngokukhululekile kuwo wonke umuntu. Ziyizindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nensindiso etholakala ngokuba nokholo kuJesu Kristu. Zihlanganisa wonke amaqiniso uJesu awakhuluma nalawo alotshwa abafundi bakhe.

Nakuba abantu basendulo babethembela kuNkulunkulu futhi benokholo ngenxa yokwazi ngaYe, izinjongo zikaNkulunkulu nomusa ongafanelwe kwaqala “[ukwenziwa kube] sobala ngokucacile ngokubonakaliswa koMsindisi wethu, uKristu Jesu, oqede ukufa kodwa wenza ukuphila nokungonakali kwakhanya ngezindaba ezinhle.”—2 Thimothewu 1:9, 10.

Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uNkulunkulu wayememezele izindaba ezinhle ku-Abrahama, ngaleyo ndlela ebonisa indlela ayehlele ukunikeza ngayo izindaba ezinhle. Wathi: “Izizwe zonke ziyobusiswa ngawe.” (Galathiya 3:8) Kamuva, ngomprofethi u-Isaya, uJehova wakhuluma ngokushunyayelwa kwezindaba ezinhle. UJesu Kristu wafunda lesi siprofetho esinagogeni eNazaretha, wabe esethi: “Namuhla lombhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.” (Luka 4:16-21) Isiprofetho sika-Isaya sasichaza injongo nomphumela wezindaba ezinhle ezazizoshunyayelwa, ikakhulukazi kusukela esikhathini sokufika kukaMesiya.—Isaya 61:1-3.

Ukuthuthuka Kwezindaba Ezinhle

Ekuzalweni kukaJesu, ingelosi yamemezela kubelusi: “Ningesabi, ngoba, bhekani! ngimemezela kini izindaba ezinhle zenjabulo enkulu bonke abantu abazoba nayo.” (Luka 2:10) UJohane uMbhapathizi walungiselela indlela yokushumayela kukaJesu izindaba ezinhle, ethi kumaJuda: “Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.”—Mathewu 3:1, 2.

Ngokuqondene nokushumayela kukaJohane, uJesu wathi: “Kusukela ezinsukwini zikaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wamazulu uwumgomo abantu abaphikelele kuwo, futhi labo abaphikelela phambili bayawuqhwaga.”—Mathewu 11:12.

Ngemva kokufa kukaJesu nokuvuka kwakhe, wanika abafundi bakhe umyalo: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Wabatshela nokuthi ukushumayela kwabo kwakuyofinyelela “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8.

Kodwa cishe iminyaka engaba mithathu nengxenye kamuva umoya ongcwele waqondisa abafundi ukuba bagxilise ukushumayela kumaJuda nakumaSamariya. Kamuva uPetru wathunywa uNkulunkulu ukuba ayise izindaba ezinhle emzini wesikhulu sebutho lamaRoma uKorneliyu. (IzEnzo, izahluko 10, 11) Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izindaba ezinhle zamenyezelwa kakhulu ngangokunokwenzeka, kuhlanganiswa indawo enkulu kakhulu.

Naphezu kwentuthuko esheshayo yezindaba ezinhle, umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi abathile babezama ukugumbuqela ukholo lweqiniso ngokushumayela ‘ezinye izindaba ezinhle.’ (2 Korinte 11:4; Galathiya 1:6, 7) Wabhekisela ekuhlubukeni okwakusazofika futhi wathi ‘imfihlakalo yokungabi namthetho’ yayisikhona. Wayala amaKristu ukuba akhumbule injongo yezindaba ezinhle futhi ame eqinile, abambelele emasikweni aqondiswa umoya ayewafunde kubaphostoli.—2 Thesalonika 2:3, 7, 14, 15.

Izitha zezindaba ezinhle zabangela amaKristu ubunzima obukhulu futhi kwadingeka abaphostoli balwe kanzima phambi kwababusi bevikela futhi bemisa ngokomthetho izindaba ezinhle ukuze zisakazwe ngenkululeko enkulu ngangokunokwenzeka.—Filipi 1:7, 16.

Ukubaluleka Kokumemezela Izindaba Ezinhle

UJesu wabheka ukubambelela ngokwethembeka nokuqhubeka umemezela izindaba ezinhle njengokubaluleke ukwedlula ukuphila komuntu kwamanje. (Marku 8:35) Umuntu angase alahlekelwe impahla yakhe ayazisa kakhulu, abhekane ngisho nanoshushiso, kodwa ngokwenza kanjalo uzothola ngokuphindwe kayikhulu manje “izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, . . . futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Marku 10:29, 30.

Isisusa somuntu sokushumayela izindaba ezinhle kumelwe sibe sihle futhi kumelwe azishumayele ngokusuka enhliziyweni, ngothando ngalabo abezwayo. Abaphostoli babekuqaphela kakhulu ukubaluleka kwezindaba ezinhle ezinikeza ukuphila futhi babegcwele umoya kaNkulunkulu nothando kangangokuthi abagcinanga ngokudlulisela izindaba ezinhle kodwa ‘nemiphefumulo yabo siqu’ kulabo ababelalela lapho beshumayela.—1 Thesalonika 2:8.

UNkulunkulu wenza ilungiselelo lokuba abamemezeli bezindaba ezinhle babe nelungelo lokwamukela usizo lwezinto ezibonakalayo kulabo ababebalethela izindaba ezinhle. (1 Korinte 9:11-14) Kodwa uPawulu nalabo ayesondelene nabo babelazisa kakhulu ilungelo labo lokuba abaphathi bezindaba ezinhle kangangokuthi bakugwema ngokucophelela ukwenza inzuzo yemali kulo, noma ngisho nokwenza kubonakale sengathi babezuza ngokwezimali ngokushumayela kwabo. Umphostoli uPawulu uchaza inkambo ayithatha ngokuqondene nalokhu kweyoku-1 Korinte 9:14-18 nakweyoku-1 Thesalonika 2:6, 9.

Olunye lwezimpawu uJesu abikezela ukuthi lwaluyobonisa ukuphela kwalesi simiso sezinto, kwakuyilolu: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:3, 14.

EsAmbulweni esanikwa umphostoli uJohane cishe ngo-96 C.E., uJohane wabona “ingelosi indiza emkhathini futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile.’” (IsAmbulo 14:6, 7) La mazwi aphefumulelwe abonisa ukuthi ‘ngezinsuku zokugcina’ kwakuyomenyezelwa izindaba ezinhle zoMbuso ngendlela engenakuqhathaniswa.