Lalela Isixwayiso!
Lalela Isixwayiso!
BHO! Ngo-June 3, 1991, ngokuduma okundindizelayo, iMount Fugen eJapane yakhipha iziwolokohlo zesisi nomlotha kwentaba-mlilo. Le nhlanganisela eshisa okwesibabule yehla ngomthambeka. Lokhu kuqhuma kwabulala abantu abangu-43. Abaningi abasinda ngokulambisa babeshe kakhulu. Abanye babekhala bethi: “Amanzi, sicela amanzi.” Abacimi-mlilo namaphoyisa baphuthuma bayosiza.
CISHE emasontweni amabili ngaphambili kwakubonakale indilinga yodaka esiqongweni seMount Fugen, ngakho kwaxwayiswa iziphathimandla nezakhamuzi. Isikhathi esingaphezu kwesonto ngaphambi kwale nhlekelele, kwakukhishwe isaziso sokuba kusukwe kuleyo ndawo. Ngosuku lwangaphambi kwalokhu kuqhuma, amaphoyisa ayecele abezindaba ukuba bangangeni endaweni evinjelwe. Yize kunjalo, ngaleyo ntambama okwafa ngayo abantu, kwakunezisulu ezingu-43 kuleyo ndawo eyingozi.
Kungani abantu abaningi kangaka baqunga isibindi baya endaweni eyingozi noma baqhubeka belapho? Abalimi abathile ababesukile emakhaya abo babuyela beyohlola impahla yabo namasimu. Izazi ezintathu zentaba-mlilo zazizama ukusondela ngangokunokwenzeka eduze nentaba-mlilo ukuze zanelise izithakazelo zazo zezemfundo. Izintatheli nabathwebuli bezithombe abaningi baweqa umngcele obekiwe ngenxa yokufuna ukuthola ukwaziswa ngalokho okwakwenzeka kuyintaba-mlilo. Abashayeli bamatekisi abathathu ababeqashwe abezindaba nabo babelapho. Amaphoyisa nabacimi-mlilo abangamavolontiya bona babesemsebenzini wabo. Ngamunye wayenesakhe isizathu sokungena endaweni eyingozi—futhi umphumela waba ukulahlekelwa ukuphila kwakhe.
Ingabe Usendaweni Eyingozi?
Singase singahlali eduze nentaba-mlilo eqhumayo sonke. Nokho, kuthiwani uma besibhekene nenhlekelele yembulunga yonke, eyenza sonke sibe sendaweni eyingozi ehlanganisa umhlaba wonke? Incwadi eye yazibonakalisa iwumthombo onokwethenjelwa wokwaziswa okungokwesiprofetho isixwayisa ngenhlekelele yomhlaba wonke ezayo futhi iyichaza ngale ndlela: “Ilanga liyokwenziwa libe mnyama, futhi inyanga ngeke ikunikeze ukukhanya kwayo, futhi izinkanyezi Mathewu 24:29, 30) Lapha, izenzakalo eziphawulekayo zasezulwini ezihlanganisa indawo yonke zichazwa njengezithinta “zonke izizwana zomhlaba.” Ngamanye amazwi, lesi siprofetho sibhekisela enhlekeleleni ezothinta ngamunye wethu.
ziyowa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa. . . . Zonke izizwana zomhlaba ziyozishaya zilila.” (Le ncwadi yesiprofetho esinokwethenjelwa yiBhayibheli. Ngokuthakazelisayo, umongo wale ndima yombhalo oshiwo ngenhla unikeza incazelo eningiliziwe yezinto ezizoholela enhlekeleleni yomhlaba wonke. Njengoba nje isiyingi esakhiwa udaka lwentaba-mlilo nezinye izimpawu zentaba-mlilo zanikeza iziphathimandla zedolobha laseShimabara izizathu zokuba zimise indawo eyingozi, iBhayibheli lisinikeza izizathu zokuba siqaphe futhi sizilungisele ukusinda. Singafunda isifundo enhlekeleleni yaseMount Fugen futhi siqonde ukubaluleka kwalokho okuzayo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Yomiuri/Orion Press/Sipa Press
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Yomiuri/Orion Press/Sipa Press