Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Suka Endaweni Eyingozi!

Suka Endaweni Eyingozi!

Suka Endaweni Eyingozi!

KUWUMSEBENZI wezazi zentaba-mlilo ukuphawula ngayo, zihlaziye ubufakazi bese zixwayisa ngokuqhuma kwentaba-mlilo okuzayo. (Lapho iMount Fugen isiqhumile, amaphoyisa kwadingeka anqande abantu ukuba bangangeni endaweni eyingozi.) Ngokufanayo, abafundi beBhayibheli baqaphela uphawu ‘lwesiphelo sesimiso sezinto’ futhi baxwayisa abanye ngengozi eseduze.—Mathewu 24:3.

Esahlukweni seBhayibheli esixwayisa ngenhlekelele yomhlaba wonke eseduze, singafunda le ncazelo yezinto eziyandulelayo: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukuswelakala kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo. . . . Kuyovela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi; futhi ngenxa yokwanda kokungabi namthetho uthando lwesibalo esikhulu luyophola. . . . Futhi lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:7-14.

Akudingekile ukuba size sibe abahlaziyi bezindaba ukuze siqonde ukugcwaliseka kwamanje kwalesi siprofetho. Siye sakubona ikakhulukazi kusukela ngo-1914. Kuleli khulu leminyaka kuye kwaba nezimpi zezwe ezimbili, izimpi zombango eziningi kakhulu, izimpi zezindawo kanye nezingxabano ezingokohlanga nezingokwenkolo. Isintu siye saswela ukudla ngenxa yalezo zimpi, ngaphezu kokuswelakala kwezidingo zokuphila okuye kwabangelwa izinhlekelele ezingokwemvelo. Ukuphila kwabantu abaningi kuye kwagwinywa ukuzamazama komhlaba. Kuye kwaqubuka amahlelo anabaholi abangabazekayo nabalandeli abashiseka ngendlela ewubuhlanya. ‘Ukwanda kokungabi namthetho’ kuye kwenza abantu bangabe besabonisa uthando, futhi uthando ngomakhelwane alusewona umkhuba ovamile.

Umsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke, ongesinye isici sophawu, uyafezwa ngokuqinisekile. Buyela emuva ekhasini elingaphandle lalo magazini, futhi uzophawula ukuthi amazwi athi “Ememezela UMbuso KaJehova” ayingxenye yesihloko. INqabayokulinda, enyatheliswa ngezilimi ezingu-132, esakazwa ngezigidi ezingaphezu kwezingu-22, iyithuluzi eliyinhloko lalabo abamemezela “lezizindaba ezinhle zombuso” emhlabeni wonke owakhiweyo. Lezo zindaba ezinhle zihlanganisa isigijimi sokuthi uMdali wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu, uye wamisa uMbuso wasezulwini oyobhubhisa lesi simiso esibi sezinto, ulethe ipharadesi emhlabeni. Ngempela, manje luyabonakala uphawu lokuthi ngokushesha uNkulunkulu uzothatha isinyathelo, okubonisa ukuthi ukuphila kwabantu abakulesi simiso sezinto kusengozini.—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:3, 4; IsAmbulo 6:1-8.

Usuku LukaJehova Olwesabekayo

Yini eyokwenzeka lapho sesifikile isikhathi sikaJehova sokuba akhiphe isahlulelo sakhe? Lalela incazelo yakhe ecacile yalokho okuzokwenzeka ngaleso sikhathi: “Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.”—Joweli 2:30, 31.

Lolo suku, olwesabeka nolonakalisa ukwedlula noma ikuphi ukuqhuma kwentaba-mlilo yendawo, luseduze. Umprofethi uZefaniya uthi: “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu. . . . Umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.” Nakuba “nasiliva labo nagolide labo [kungayikuba] namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova,” ikhona indlela yokusinda kulolo suku olwesabekayo.—Zefaniya 1:14-18.

Ebonisa ukuthi kanjani, uZefaniya uthi: “Lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba; . . . funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” (Zefaniya 2:2, 3) Singaphepha ‘ngokufuna uJehova, sifune ukulunga, sifune nokuthobeka.’ Obani namuhla abafuna uJehova?

Akungabazeki ukuthi uhlobanisa igama elithi “Jehova” noFakazi BakaJehova ngenxa yomsebenzi wabo wokushumayela. Kungenzeka ukuthi lo magazini uwutholé komunye wabo. Baziwa njengezakhamuzi ezinokuziphatha okuhle eziphila ukuphila okulungile. Bazama ukugqoka “ubuntu obusha,” obuhlanganisa ukuba ngabathobekile. (Kolose 3:8-10) Bayavuma ukuthi lokhu kuwumphumela wokufundiswa inhlangano kaJehova ebonakalayo, emelelwa amabandla oFakazi BakaJehova endawo emhlabeni wonke. Yebo, ungaphephela kuyo “yonke inhlangano yabafowenu” yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.—1 Petru 5:9.

Phepha Manje

Ukuze siphephe ngokufuna uJehova, kudingeka sibe abangane bakhe. Kuhilelani lokho? IBhayibheli liyaphendula: “Anazi yini ukuthi ubungane nezwe buwubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu, kumelwe sizihlukanise ngokomzwelo naleli zwe elibi lamanje, elinesimo sengqondo sokuvukela uNkulunkulu.

IBhayibheli liyasiyala: “Ningathandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma noma ubani ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; ngoba konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngokokuziphilisa komuntu—akusuki kuBaba, kodwa kusuka ezweni. Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) Abantu abaningi namuhla bashukunyiswa izifiso zenyama—isifiso sobulili esingalawuliwe, ukuphishekela ngobugovu imali nokusebenzisa kabi amandla. Kodwa ukuze umuntu abe sohlangothini lukaJehova, kumelwe azinqobe izifiso ezinjalo.—Kolose 3:5-8.

Kungenzeka ukuthi ubulokhu uwufunda lo magazini ngezikhathi ezithile, futhi kungenzeka uyavumelana nendlela ozichaza ngayo iziprofetho zeBhayibheli. Nokho, ungase ube manqikanqika ukuqhubeka uthathe isinyathelo sokuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Nokho, uma sibhekene nenhlekelele, ingabe kwanele ukumane sizwe isixwayiso? Njengoba singabona endabeni yokuqhuma kweMount Fugen, kudingeka sithathe isinyathelo ngokuvumelana nesixwayiso. Khumbula, izintatheli ezingaba ngu-15 nabathwebuli bezithombe ababefuna ukuthola ukwaziswa kwamuva balahlekelwa ukuphila kwabo. Eqinisweni, omunye umthwebuli wezithombe wafa umunwe wakhe usenkinobheni yokuthwebula yekhamera yakhe. Esinye isazi sentaba-mlilo—esasike sathi, “Uma kudingeka ngife ngolunye usuku, ngifuna ukufela onqenqemeni lwentaba-mlilo”—salahlekelwa ukuphila kwaso ngendlela esasifisa ngayo. Bonke babezinikele emsebenzini wabo nasezintweni ababeziphishekela. Nokho, bakhokha ngokuphila kwabo—inani lokungasinaki isixwayiso.

Abaningi namuhla bayasizwa isigijimi sesinqumo sikaNkulunkulu sokubhubhisa lesi simiso sezinto esibi futhi bayakuqonda, ngokwezinga elithile, ukuba yiqiniso kwalesi sixwayiso. Bangase bathi: ‘Ingase igcine ifikile, kodwa hhayi namuhla.’ Usuku lukaJehova baluhlehlisela esikhathini esizayo esivumelana nabo ukuze bangaphazamiseki kulokho okubonakala kubaluleke ngokwengeziwe emehlweni abo okwamanje.

UBaruki wayenaleyo nkinga. Njengoba ayengunobhala womprofethi wasendulo uJeremiya, uBaruki wawaxwayisa ngesibindi ama-Israyeli ngokubhujiswa kweJerusalema okwakuseduze. Nokho, sikhathi simbe wakhathala ukufeza umsebenzi ayethunywe ukuba awenze. Ngenxa yalokho, uJehova wamqondisa: “Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni.” Kungaba yingcebo, ukuvelela noma ukulondeka ngokwezinto ezibonakalayo, uBaruki kwakungafanele ‘azifunele izinto ezinkulu.’ Kwakumelwe abe nesithakazelo entweni eyodwa, ukwenza intando kaNkulunkulu ukuze asize abantu babe sohlangothini lwaKhe. Uma ayenza kanjalo, wayeyothola ‘ukuphila kwakhe kube yimpango.’ (Jeremiya 45:1-5) Ngokufanayo, kunokuba ‘sizifunele izinto ezinkulu,’ kufanele sifune uJehova, okungaholela ekusindisweni kwethu.

EMount Fugen, amaphoyisa nabacishi-mlilo bokuzithandela abangaphezu kuka-12 babesemsebenzini wabo lapho bethelwa udaka olushisa okwesibabule olwaphuma kuyintaba-mlilo. Babezama ukusiza nokuvikela abantu abasengozini. Babefana nabesilisa nabesifazane abanezisusa ezinhle abangene bagamanxa ekuthuthukiseni leli zwe. Kungakhathaliseki ukuthi banezisusa ezinhle kanjani, “okuyisigwegwe akunakuqondiswa.” (UmShumayeli 1:15) Lesi simiso sezinto esiyisigwegwe asinakuqondiswa. Ingabe kunengqondo ukuzenza “umngane wezwe” ngokuzama ukusindisa lesi simiso somhlaba wonke uNkulunkulu anqume ukusibhubhisa?

Lapho Usubalekile, Hlala Lapho

Kungokunye ukubaleka esimisweni esiyingozi, kodwa kungokuhluke ngokuphelele ukuhlala ekunakekeleni okuyisivikelo kwayo “yonke inhlangano yabafowethu.” (1 Petru 2:17) Masingakhohlwa abalimi okwathi, ngemva kokuphuma, babuyela bayohlola amasimu abo aseduze neMount Fugen. Cishe babekhathazeka ngokubuyela ekuphileni “okuvamile” ababekuphila. Kodwa uyaqaphela ukuthi isinqumo sabo sokubuyela emuva sasingahlakaniphile. Mhlawumbe kwakungekhona okokuqala beqa umngcele ababewubekelwe. Kungenzeka ukuthi bangena endaweni eyingozi isikhashana nje, bangehlelwa lutho. Esikhathini esilandelayo, kungenzeka bahlala isikhathi esijana, nalapho akuzange kwenzeke lutho. Cishe, babe sebejwayela ukweqa umngcele oyisivikelo futhi baba nesibindi sokuzindela endaweni eyingozi.

UJesu Kristu wabhekisela esimweni esifanayo esasiyokwenzeka phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ Wathi: “Njengoba babenjalo ngalezozinsuku zangaphambi kwesikhukhula, bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:3, 38, 39.

Phawula ukuthi uJesu ubala ukudla, ukuphuza nokushada. Akukho kulezi zinto okubi emehlweni kaJehova. Pho-ke yini eyayingalungile? Abantu bangosuku lukaNowa “abanakanga,” babephila ukuphila okugxile enkambisweni yabo evamile. Ngesikhathi sengozi, umuntu akanakuphila ukuphila “okuvamile.” Lapho usubalekile, noma usuzehlukanisile naleli zwe elizobhujiswa, kumelwe ulwe nanoma isiphi isifiso sokubuyela uyokhothoza noma yini ongase uyithole. (1 Korinte 7:31) Ungase ukwazi ukuzulazula ngaphandle kwendawo ephephile ngokomoya, ubuye ungenamyocu futhi kungabi bikho ngisho nokubonayo. Nokho, cishe lokho kuyokwenza ukuba ube nesibindi futhi kukuholele ekubuyeleni ezweni futhi, uthi ukuhlala isikhathi esijana kulo. Ngokushesha ungase ube nesimo sengqondo sokuthi: “Ukuphela ngeke kufike namuhla.”

Futhi, cabanga ngabashayeli abathathu bamatekisi abalahlekelwa ukuphila kwabo belinde izintatheli nabathwebuli bezithombe lapho udaka lwentaba-mlilo lwehla ngomthambeka. Abanye namuhla bangase bahambe nabanye abaye babuyela ezweni. Kungakhathaliseki ukuthi kungasiphi isizathu, kusobala ukuthi ukunxenxelwa ukuba ubuyele endaweni eyingozi akuwufanele umzamo.

Zonke izisulu zokuqhuma kweMount Fugen zazeqe umngcele wokuphepha, zangena endaweni eyingozi. Nakuba zazikulindele ukuthi le ntaba iyoqhuma langa limbe, akekho owacabanga ukuthi kwakungaba ngalolo suku. Ngokubona uphawu lwesiphelo sesimiso sezinto, abaningi balindele ukuba usuku lukaJehova lufike esikhathini esithile kodwa cishe hhayi ngokushesha. Abanye baze babe nomuzwa wokuthi lolo suku ngeke lube “namuhla.” Isimo sengqondo esinjalo siyingozi ngempela.

Umphostoli uPetru waxwayisa: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela.” Kudingeka siqaphe, ‘silindele futhi sikugcine kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova,’ senze ‘konke okusemandleni ethu ukuba ekugcineni asithole singenabala, singenasici futhi sisekuthuleni.’ (2 Petru 3:10-14) Ngemva kokubhujiswa kwalesi simiso sezinto esibi samanje, silindelwe umhlaba oyipharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Kwangathi singelokothe silingelwe ukuba singene endaweni eyingozi nganoma isiphi isizathu esingase sicatshangwe ingqondo yethu, ngoba ngosuku eseqa ngalo umngcele singena ezweni kungaba usuku lukaJehova.

Phephela kubantu bakaJehova futhi uhlale nabo.

[Izithombe ekhasini 7]

Phephela kubantu bakaJehova futhi uhlale nabo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Iwasa/Sipa Press