Ukwazi “Umqondo KaKristu”
Ukwazi “Umqondo KaKristu”
“‘Ubani osewazi umqondo kaJehova, ukuba angamyala?’ Kodwa sinawo umqondo kaKristu.”—1 KORINTE 2:16.
1, 2. Yini uJehova ayibona ifaneleka ukuba ayembule eZwini lakhe mayelana noJesu?
WAYEBUKEKA kanjani uJesu? Zazimbala muni izinwele zakhe? isikhumba sakhe? amehlo akhe wona? Wayemude kangakanani? Wayezimuke kangakanani? Phakathi namakhulu eminyaka imifanekiso kaJesu iye yahlukahluka, eminye inengqondo, eminye ingabazisa. Abanye baye bamdweba enezikhwepha futhi ephapheme, kanti abanye baye bamdweba ewucecevana futhi ephaphathekile.
2 Nokho, iBhayibheli aligxili ekubukekeni kukaJesu. Kunalokho, uJehova wabona kufaneleka ukuba embule okuthile okubaluleke kakhulu: uhlobo lomuntu ayeyilo uJesu. Ukulandisa kwamaVangeli akusixoxeli ngalokho uJesu akusho nakwenza kuphela kodwa futhi kwembula imizwa ejulile nendlela yokucabanga eyayishukumisa amazwi nezenzo zakhe. Lokhu kulandisa okune okuphefumulelwe kusenza sikwazi ukubona lokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi “umqondo kaKristu.” (1 Korinte 2:16) Kubalulekile ukuba sazi imicabango, imizwa nobuntu bukaJesu. Ngani? Ngenxa yezizathu ezimbili okungenani.
3. Ukwazi kwethu umqondo kaKristu kungasenza siqondeni?
Luka 10:22) Kunjengokungathi uJesu wayethi, ‘Uma nifuna ukwazi ukuthi uJehova unjani, bukani mina.’ (Johane 14:9) Ngakho, lapho sitadisha lokho amaVangeli akwembulayo mayelana nendlela uJesu ayecabanga ngayo nayezizwa ngayo, empeleni sifunda indlela uJehova acabanga ngayo nazizwa ngayo. Ulwazi olunjalo lusenza sikwazi ukusondela kuNkulunkulu wethu.—Jakobe 4:8.
3 Okokuqala, umqondo kaKristu usenza siqonde ngezinga elithile umqondo kaJehova uNkulunkulu. UJesu wayemazi ngokuseduze kakhulu uYise kangangokuthi wayengathi: “Ukuthi iNdodana ingubani akekho owaziyo ngaphandle kukaBaba; nokuthi uBaba ungubani, akekho owaziyo ngaphandle kweNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (4. Ukuze senze njengoKristu ngempela, yini okumelwe siyifunde kuqala, futhi ngani?
4 Okwesibili, ukwazi kwethu umqondo kaKristu kusisiza ukuba ‘silandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Petru 2:21) Ukulandela uJesu akuyona indaba yokumane usho amazwi awasho futhi ulingise izenzo zakhe. Njengoba amazwi nezenzo kuthonywa yimicabango nemizwa, ukulandela uKristu kudinga ukuba sihlakulele “isimo sengqondo” esifanayo naleso ayenaso. (Filipi 2:5) Ngamanye amazwi, ukuze senze njengoKristu ngempela, kumelwe siqale sifunde ukucabanga nokuzizwa njengaye, sikwenze ngezinga esingakwazi ngalo njengabantu abangaphelele. Manje-ke, njengoba sisizwa abalobi bamaVangeli, ake silunguze umqondo kaKristu. Sizoqale sixoxe ngezici ezathonya indlela uJesu ayecabanga ngayo nayezizwa ngayo.
Ukuphila Kwakhe Ngaphambi Kokuba Ngumuntu
5, 6. (a) Yiliphi ithonya abangane bethu abangaba nalo kithi? (b) Yibuphi ubuhlobo iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo eyayinabo emazulwini ngaphambi kokuza emhlabeni, futhi baba naliphi ithonya kuyo?
5 Abangane bethu abaseduze bangasithonya, bangaba nethonya elihle noma elibi emicabangweni, emizweni nasezenzweni zethu. * (IzAga 13:20) Cabanga ngobungane uJesu ayenabo emazulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni. IVangeli likaJohane likhuluma ngoJesu ngaphambi kokuba abe ngumuntu, lapho ‘enguLizwi,’ noma uMkhulumeli, kaNkulunkulu. UJohane uthi: “Ekuqaleni uLizwi wayekhona, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayewunkulunkulu. Lona ekuqaleni wayenoNkulunkulu.” (Johane 1:1, 2) Njengoba uJehova engenasiqalo, ukuthi uLizwi wayenoNkulunkulu kusukela “ekuqaleni” kumelwe ukuba kubhekisela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu wokudala. (IHubo 90:2) UJesu ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ Ngakho, waba khona ngaphambi kokudalwa kwezinye izidalwa zomoya, namazulu nomhlaba okungokoqobo.—Kolose 1:15; IsAmbulo 3:14.
6 Ngokokunye ukulinganisela kososayensi, umkhathi nomhlaba sekuneminyaka okungenani eyizinkulungwane eziyizigidi ezingu-12. Uma kuwukuthi lokho kulinganisela kucishe kunembe, iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo yayinobungane obuseduze noYise iminyakanyaka ngaphambi kokudalwa kuka-Adamu. (Qhathanisa noMika 5:2.) Ngakho kwakheka isibopho sesisa nesiqinile phakathi kwabo. Njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu, le Ndodana eyizibulo eyayingakabi ngumuntu kuthiwa yathi: “[Nga]ngiyintokozo [kaJehova] imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke.” (IzAga 8:30) Ngokuqinisekile ukuba nobuhlobo obuseduze noMthombo wothando iminyaka engenakubalwa kwaba nethonya elikhulu eNdodaneni kaNkulunkulu! (1 Johane 4:8) Le Ndodana yazi futhi yabonisa imicabango, imizwa nezindlela zikaYise ngezinga okungekho muntu ongakwenza ngalo.—Mathewu 11:27.
Ukuphila Kwasemhlabeni Namathonya Ako
7. Yisiphi esinye sezizathu ezenza kwadingeka iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo ize emhlabeni?
7 INdodana kaNkulunkulu yayisazofunda okwengeziwe, ngoba injongo kaJehova yayiwukuhlomisela iNdodana yakhe ukuba ibe ngumPristi Ophakeme onozwela, ‘ongazwelana nobuthakathaka bethu.’ (Heberu 4:15) Ukuhlangabezana nezimfuneko zale ndima kwakungesinye sezizathu zokuba iNdodana ize emhlabeni njengomuntu. Lapha, njengomuntu oyinyama negazi, uJesu wabhekana nezimo namathonya ngaphambili ayegciné ngokuwabuka nje esezulwini. Manje wayesekwazi ukuzizwela mathupha imizwa nemizwelo yobuntu. Ngezinye izikhathi wayezizwa ekhathele, omile futhi elambile. (Mathewu 4:2; Johane 4:6, 7) Ngaphezu kwalokho, wakhuthazelela izinhlobonhlobo zezinkinga nokuhlupheka. Ngakho “wafunda ukulalela” futhi wayifanelekela ngokugcwele indima yakhe njengomPristi Ophakeme.—Heberu 5:8-10.
8. Yini esiyaziyo ngokuphila kukaJesu esemncane emhlabeni?
8 Kuthiwani ngezenzakalo ezenzeka ekuqaleni kokuphila kukaJesu emhlabeni? Umlando wesikhathi esemncane mfushane kakhulu. Eqinisweni, nguMathewu noLuka kuphela abalandisa izenzakalo ezihambisana nokuzalwa kwakhe. Abalobi bamaVangeli babazi ukuthi uJesu wayeke waphila ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni. Lokho kuphila kwangaphambi kokuba ngumuntu yikhona okwamenza waba uhlobo lomuntu ayeyilo, ngaphezu kwanoma yini enye. Nokho, uJesu wayengumuntu ngokugcwele. Nakuba ayephelele, kwakusadingeka akhule kusukela ewusana abe yingane, abe yibhungu, aze abe mdala elokhu efunda. (Luka 2:51, 52) IBhayibheli lembula izinto ezithile mayelana nokuphila kukaJesu esemncane, okungekho kungabaza ngokuthi zamthonya.
9. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu wazalelwa emkhayeni ompofu? (b) Cishe zazinjani izimo uJesu akhulela kuzo?
9 Kunezinkomba zokuthi uJesu wazalelwa emkhayeni ompofu. Lokhu kubonakala ngomnikelo owalethwa uJosefa noMariya ethempelini ngemva kwezinsuku ezingaba ngu-40 ezelwe. Kunokuba balethe inqama esencane njengomhlatshelo wokushiswa nejuba elincane noma ihobhe njengomnikelo wesono, baletha “amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.” (Luka 2:24) NgokoMthetho KaMose, lo mnikelo wawuyilungiselelo labampofu. (Levitikusi 12:6-8) Ngokuhamba kwesikhathi, lo mkhaya ophansi wanda. UJosefa noMariya bathola ezinye izingane okungenani eziyisithupha ngendlela engokwemvelo ngemva kokuzalwa kukaJesu ngokuyisimangaliso. (Mathewu 13:55, 56) Ngakho uJesu wakhulela emkhayeni omkhulu, cishe ezimweni eziphansi.
10. Yini ebonisa ukuthi uMariya noJosefa babengabantu abamesabayo uNkulunkulu?
10 UJesu wakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu ababemnakekela. Unina, uMariya, wayengowesifazane ophawulekayo. Khumbula ukuthi lapho ingelosi uGabriyeli imbingelela, yathi: “Sawubona, wena oboniswe umusa omkhulu, uJehova unawe.” (Luka 1:28) UJosefa naye wayeyindoda ezinikele. Ngokwethembeka, unyaka ngamunye wayethatha uhambo olungamakhilomitha angu-150 eya ePhasikeni eJerusalema. UMariya naye wayeya, nakuba kwakungabesilisa kuphela ababenesibopho sokuya. (Eksodusi 23:17; Luka 2:41) Ngesinye isikhathi, uJosefa noMariya bamfunisisa uJesu owayeneminyaka engu-12 ubudala baze bamthola ethempelini phakathi kwabafundisi. Wathi kubazali bakhe ababekhathazekile: “Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?” (Luka 2:49) Lelo gama elithi ‘uBaba’ kumelwe ukuba lalimthinta inhliziyo uJesu osemncane. Ngokusobala wayetsheliwe ukuthi uYise wangempela kwakunguJehova. Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukuba uJosefa wayengubaba wokutholwa omuhle kuJesu. Ngokuqinisekile uJehova wayengeke akhethe indoda enokhahlo noma enonya ukuba ikhulise iNdodana yaKhe ethandekayo!
11. Yimuphi umsebenzi wezandla uJesu awufunda, futhi ngezikhathi zeBhayibheli, ukwenza lo msebenzi kwakuhilelani?
Marku 6:3) Ngezikhathi zeBhayibheli, ababazi babeqashwa ukuba bakhe izindlu, impahla yasendlini (kuhlanganise namatafula, izigqiki namabhentshi), bakhe nezinto zokulima. Encwadini yakhe i-Dialogue With Trypho, uJustin Martyr, wekhulu lesibili C.E., wabhala lokhu mayelana noJesu: “Wayevamile ukubaza lapho ephakathi kwamadoda, enza amageja namajoka.” Lowo msebenzi wawungelula, ngoba umbazi wasendulo cishe wayengenakuluthenga ukhuni. Kungenzeka wayephuma ayokhetha isihlahla, asigawule ngembazo, atshathe ugodo eze ekhaya. Ngakho kungenzeka uJesu wayezazi izinselele zomsebenzi wokuziphilisa, zokusebenzelana namakhasimende nezokondla ikhaya.
11 Phakathi neminyaka ayichitha eNazaretha, uJesu wafunda umsebenzi wokubaza, cishe efundiswa nguyise wokutholwa, uJosefa. UJesu wawazi kahle lo msebenzi kangangokuthi kwayena uqobo wabizwa ‘ngombazi.’ (12. Yini ebonisa ukuthi uJosefa wafa ngaphambi kukaJesu, futhi lokhu kwasho ukuthini ngoJesu?
12 Njengendodana endala, cishe uJesu wayesiza ekunakekeleni umkhaya, ikakhulu njengoba kubonakala sengathi uJosefa wafa kuqala kunoJesu. * I-Zion’s Watch Tower ka-January 1, 1900, yathi: “Ngokwendaba yasendulo uJosefa wafa uJesu esemncane, futhi [uJesu] wathatha umsebenzi wokubaza, waba umondli wekhaya. Lokhu kunesisekelo esithile ebufakazini obungokomBhalo lapho uJesu uqobo ebizwa khona ngombazi, futhi kukhulunywe ngonina nabafowabo, kodwa uJosefa angaphathwa. (Marku 6:3) . . . Khona-ke, kungenzeka impela ukuthi phakathi nenkathi ende yeminyaka engu-18 yokuphila kweNkosi yethu, kusukela esikhathini sesenzakalo [esilotshwe kuLuka 2:41-49] kuya esikhathini sokubhapathizwa kwayo, yayenza imisebenzi evamile yokuphila.” UMariya nezingane zakhe, kuhlanganise noJesu, cishe babebazi ubuhlungu obuba khona lapho kushona umyeni nobaba othandekayo.
13. Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe, kungani ayenolwazi, ukuqonda nemizwa ejulile okungekho muntu owayengaba nako?
13 Kusobala ukuthi uJesu akazalelwanga ekuphileni okuntofontofo. Kunalokho, wakuzwa mathupha ukuphila kwabantu abavamile. Kwabe sekuthi ngo-29 C.E., kwafika isikhathi sokuba uJesu afeze isabelo saphezulu esasimlindile. Ekwindla yalowo nyaka, wabhapathizwa emanzini futhi wazalwa njengeNdodana kaNkulunkulu engokomoya. ‘Wavulelwa amazulu,’ ngokusobala okubonisa ukuthi manje wayesekukhumbula ukuphila kwakhe kwasezulwini ngaphambi kokuba ngumuntu, kuhlanganise nemicabango nemizwa ayenayo kukho. (Luka 3:21, 22) Ngakho lapho uJesu eqala inkonzo yakhe, wayenolwazi, ukuqonda nemizwa ejulile okungekho muntu owayengaba nako. Ngesizathu esihle, abalobi bamaVangeli bagxila kakhulu ezenzakalweni zenkonzo kaJesu. Noma kunjalo, abakwazanga ukubhala konke akusho nakwenza. (Johane 21:25) Kodwa lokho abaphefumulelwa ukukuloba kusenza sikwazi ukubona umqondo womuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila.
Uhlobo Lomuntu UJesu Ayeyilo
14. AmaVangeli amveza kanjani uJesu njengomuntu onemfudumalo enesisa nemizwa ejulile?
14 Ubuntu bukaJesu obubonakala emaVangelini bunemfudumalo enesisa nemizwa ejulile. Wabonisa imizwelo ehlukahlukene: isihawu ngonochoko (Marku 1:40, 41); ukudabuka ngabantu abangasabeli (Luka 19:41, 42); intukuthelo yokulunga ngenxa yabashintshi bemali abanobugovu (Johane 2:13-17). Njengoba ayengumuntu onozwela, uJesu wayengakhala, futhi wayengayifihli imizwelo yakhe. Lapho kushone umngane wakhe othandekayo uLazaru, ukubona uMariya ekhala, udadewabo kaLazaru, kwamthinta ngokujulile uJesu kangangokuthi wakhala izinyembezi naye, phambi kwabantu.—Johane 11:32-36.
15. Imizwa kaJesu yesisa yayibonakala kanjani endleleni ayebheka futhi aphathe ngayo abanye?
15 Imizwa kaJesu yesisa yayibonakala ngokukhethekile endleleni ayebheka futhi aphathe ngayo abanye. Wayebanaka abampofu nabacindezelekile, ebasiza ukuba ‘batholele imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:4, 5, 28-30) Wayengekho matasa kakhulu ukuba asabele ezidingweni zabahluphekayo, kungakhathaliseki ukuthi kwakungowesifazane onomopho, owathinta ingubo yaKhe ngesinyenyela noma isinxibi esiyimpumputhe esasingavumi ukuthuliswa. (Mathewu 9:20-22; Marku 10:46-52) UJesu wayebheka okuhle kwabanye futhi abatuse; nokho, wayezimisele futhi ukusola lapho kudingeka. (Mathewu 16:23; Johane 1:47; 8:44) Ngesikhathi lapho abesifazane babengenamalungelo atheni, uJesu wabaphatha ngenhlonipho nesizotha esisesilinganisweni esifanele. (Johane 4:9, 27) Ngokuqondakalayo, iqembu labesifazane lamkhonza ngokuzithandela lisebenzisa izimpahla zalo.—Luka 8:3.
16. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayenombono olinganiselayo ngokuphila nezinto ezibonakalayo?
16 UJesu wayenombono olinganiselayo ngokuphila. Izinto ezibonakalayo zazingabalulekile kunakho konke kuye. Kubonakala kukuncane kakhulu ayenakho okuyizinto ezibonakalayo. Wathi ‘wayengenandawo yokubeka ikhanda lakhe.’ (Mathewu 8:20) Ngesikhathi esifanayo, uJesu wayeyandisa injabulo yabanye. Lapho eye edilini lomshado—isenzakalo ngokuvamile esasiba nomculo, ukuhlabelela nokujabula—kusobala ukuthi wayengezelanga ukuzoqeda injabulo kuleso senzakalo. Empeleni, uJesu wenza isimangaliso sakhe sokuqala lapho. Lapho kuphela iwayini, waphendula amanzi aba yiwayini elimnandi, isiphuzo ‘esijabulisa inhliziyo yomuntu.’ (IHubo 104:15; Johane 2:1-11) Ngakho injabulo yayingaqhubeka, futhi ngokungangabazeki umakoti nomkhwenyana basinda ekuphoxekeni. Ukulinganisela kwakhe kubonakala nasekutheni ziningi kakhulu izenzakalo okukhulunywa ngazo lapho uJesu ayesebenza isikhathi eside futhi kanzima enkonzweni yakhe.—Johane 4:34.
17. Kungani kungamangalisi ukuthi uJesu wayeyiNgcweti yoMfundisi, futhi izimfundiso zakhe zazibonisani?
17 UJesu wayeyiNgcweti yoMfundisi. Ingxenye enkulu yokufundisa kwakhe yayibonisa amaqiniso okuphila kwansuku zonke, ayewazi kahle. (Mathewu 13:33; Luka 15:8) Indlela yakhe yokufundisa yayingenakuqhathaniswa—yayicacile njalo, ilula futhi isebenziseka. Lokho ayekufundisa kwakubaluleke nakakhulu. Izimfundiso zakhe zazibonisa isifiso sakhe esisuka enhliziyweni sokujwayelanisa izilaleli zakhe nemicabango, imizwa nezindlela zikaJehova.—Johane 17:6-8.
18, 19. (a) Yimiphi imifanekiso ecacile uJesu ayisebenzisa ukuze achaze uYise? (b) Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
18 Ngokuvamile esebenzisa imifanekiso, uJesu wembula uYise ngokucace ngendlela eyayingenakulibaleka kalula. Umuntu angakhuluma nje ngesihe sikaNkulunkulu. Kodwa kuyinto ehlukile ukufanisa uJehova nobaba othethelelayo oshukunyiswa ngokujulile ukubona indodana yakhe ibuyela ekhaya kangangokuthi aze ‘agijime awele entanyeni yendodana yakhe ayange ngesisa.’ (Luka 15:11-24) Elahla isiko eligxilile labaholi benkolo elalenza babhekele phansi abantu abavamile, uJesu wachaza ukuthi uYise wayenguNkulunkulu ongenekayo owakhetha ukunxusa komthelisi othobekile kunomthandazo wokubukisa womFarisi oqhoshayo. (Luka 18:9-14) UJesu waveza uJehova njengoNkulunkulu onakekelayo, owaziyo lapho undlunkulu omncanyana uwela phansi. UJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Ningesabi: nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29, 31) Ngokuqondakalayo, abantu bakhexa “ngendlela yakhe yokufundisa” futhi badonsekela kuye. (Mathewu 7:28, 29) Phela ngesinye isikhathi “isixuku” sahlala eduze kwakhe izinsuku ezintathu, singatholi nakudla!—Marku 8:1, 2.
19 Singabonga ngokuthi uJehova uye wambula eZwini lakhe umqondo kaKristu! Nokho, singawuhlakulela futhi siwubonise kanjani umqondo kaKristu ekusebenzelaneni kwethu nabanye? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 5 Ukuthi izidalwa zomoya zingathonywa yilabo ezizihlanganisa nabo kubonakala kusAmbulo 12:3, 4. Lapho, uSathane kuthiwa ‘uwudrako’ owakwazi ukusebenzisa ithonya lakhe ukuze enze ezinye “izinkanyezi,” noma amadodana angumoya, azibandakanye naye enkambweni yokuvukela.—Qhathanisa noJobe 38:7.
^ par. 12 Indawo yokugcina okukhulunywa kuyo ngoJosefa ngokuqondile yilapho uJesu, owayeneminyaka engu-12 ubudala, etholakala ethempelini. Akushiwo ukuthi uJosefa wayekhona edilini lomshado eKhana, ekuqaleni kwenkonzo kaJesu. (Johane 2:1-3) Ngo-33 C.E., uJesu owayebethelwe wabela umphostoli ayemthanda uJohane ukuba anakekele uMariya. Ukube uJosefa wayesaphila cishe uJesu wayengeke akwenze lokho.—Johane 19:26, 27.
Uyakhumbula
• Kungani kubalulekile ukuba siwazi “umqondo kaKristu”?
• Yibuphi ubungane uJesu ayenabo ekuphileni kwakhe kwangaphambi kokuba ngumuntu?
• Ekuphileni kwakhe kwasemhlabeni, yiziphi izimo namathonya uJesu abhekana nawo mathupha?
• AmaVangeli embulani mayelana nobuntu bukaJesu?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wakhulela emkhayeni omkhulu, cishe ezimweni eziphansi
[Izithombe ekhasini 12]
Abafundisi bamangala ngokuqonda nezimpendulo zikaJesu owayeneminyaka engu-12 ubudala