Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo

UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo

UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo

UKorneliyu kwakuyindoda eyayifuna umusa kaNkulunkulu ngokuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni. Ngaphezu kwalokho, wasisebenzisa kahle isikhundla sakhe njengesikhulu sebutho. NgokweBhayibheli, ‘wayenzela abantu abaswele izipho eziningi zesihe.’—IzEnzo 10:1, 2.

NGALESO SIKHATHI, ibandla lamaKristu lalakhiwa amakholwa angamaJuda, amaproselithe namaSamariya. UKorneliyu wayengumuntu weZizwe ongasokiwe futhi engeyona ingxenye yebandla lamaKristu. Ingabe lokho kusho ukuthi imithandazo yakhe yayiyize? Cha. UJehova uNkulunkulu wamqaphela uKorneliyu nemisebenzi yakhe ayeyenza ethandaza.—IzEnzo 10:4.

Ngesiqondiso sengelosi, uKorneliyu waxhunyaniswa nebandla lamaKristu. (IzEnzo 10:30-33) Ngenxa yalokho, yena nomkhaya wakhe baba nelungelo lokuba abeZizwe bokuqala abangasokile abamukelwa ebandleni lamaKristu. UJehova uNkulunkulu wabheka okuhlangenwe nakho kukaKorneliyu njengokufanelwe ukufakwa embhalweni weBhayibheli. Akungabazeki ukuthi wenza izinguquko eziningi ukuze akuvumelanise ngokuphelele ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu. (Isaya 2:2-4; Johane 17:16) Okuhlangenwe nakho kukaKorneliyu kufanele kube isikhuthazo kakhulu kubantu bazo zonke izizwe abafuna umusa kaNkulunkulu namuhla. Cabangela ezinye zezibonelo.

Izibonelo Zanamuhla

Owesifazane osemusha waseNdiya wayeyidinga kakhulu induduzo. Wayeshade eneminyaka engu-21 futhi enezingane ezimbili. Kodwa ngemva nje kokuzalwa kwengane yesibili, umyeni wakhe washona. Kungazelelwe, eneminyaka engu-24, wayesengumfelokazi onendodakazi enezinyanga ezimbili nendodana enezinyanga ezingu-22. Shono ayedinga induduzo! Wayengayitholaphi? Ngobunye ubusuku, ecindezeleke kakhulu, wathandaza, ethi: “Baba osezulwini, ngicela ungiduduze ngeZwi lakho.”

Ngosuku olulandelayo ekuseni, wavakashelwa othile. Kwakungomunye woFakazi BakaJehova. Ngalolo suku, inkonzo yalo Fakazi yendlu ngendlu yayinzima ngoba babembalwa ababemamukele. Ekhathele futhi edumele, wayesezobuyela ekhaya, kodwa ngandlela-thile wazizwa ebophekile ukungena kwenye indlu eyodwa nje. Yilapho lapho athola khona lo mfelokazi osemusha. Lo mfelokazi wamngenisa futhi wamukela incwadi eyayichaza ngeiBhayibheli. Lona wesifazane waduduzeka kakhulu ngokufunda leyo ncwadi nangengxoxo aba nayo nalo Fakazi. Wafunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuvusa abafileyo nesoMbuso kaNkulunkulu, maduze nje ozokwenza umhlaba ube ipharadesi. Okubaluleke nakakhulu, wazi futhi wamthanda uNkulunkulu weqiniso, uJehova, owayephendule umthandazo wakhe.

UNora, ohlala edolobheni laseGeorge, eNingizimu Afrika, wabekela eceleni inyanga eyodwa ukuze ahlanganyele emsebenzini wokushumayela ivangeli isikhathi esigcwele. Ngaphambi kokuqala, wathandaza ngobuqotho kuJehova ecela ukuba amsize athole othile owayenesithakazelo esiqotho sokufunda iBhayibheli. Insimu ayabelwe ukuyisebenza yayihlanganisa nekhaya lomuntu owayengabanga nobungane neze kuNora ekuhambeleni okudlule. Ngesibindi, uNora waphinde wangena kuleyo ndlu. Wamangala lapho ethola ukuthi kwase kuhlala omunye umuntu, okuthiwa uNoleen. Ngaphezu kwalokho, uNoleen nonina babethandaze kuNkulunkulu bacela usizo lokuqonda iBhayibheli. “Lapho ngisikisela isifundo seBhayibheli,” kuchaza uNora, “bajabula kakhulu.” UNoleen nonina bathuthuka ngokushesha. Kungakabiphi, bobabili baqala ukuhlanganyela noNora emsebenzini wokuphulukisa okungokomoya.

Esinye isibonelo esibonisa amandla omthandazo esombhangqwana ohlala eNingizimu Afrika edolobheni laseJohannesburg. NgoMgqibelo kusihlwa ngo-1996, umshado kaDennis noCarol wawususengcupheni. Njengomzamo wokugcina, banquma ukuthandazela usizo, futhi bathandaza ngokuphindaphindiwe kwaze kwaba sebusuku kakhulu. Ngosuku olulandelayo, ngehora le-11 ezimpondweni, oFakazi BakaJehova ababili bangqongqoza emnyango wabo. Kwavula uDennis futhi wathi bamlinde ayobiza umkakhe. UDennis wabe esexwayisa uCarol ngokuthi uma ebangenisa oFakazi, kungase kube nzima ukuhlukana nabo. UCarol wakhumbuza uDennis ukuthi babethandazele usizo futhi wathi kungase kube impendulo kaNkulunkulu yemithandazo yabo. Ngakho oFakazi bangeniswa, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. UDennis noCarol bakujabulela lokho abakufunda. Ntambama ngalolo suku, baya emhlanganweni okokuqala ngqá eHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova. Ngokusebenzisa ulwazi ababeluthole eBhayibhelini, uDennis noCarol bathola amakhambi ezinkinga zabo zomshado. Manje bangabadumisi bakaJehova ababhapathiziwe nabajabulayo futhi bazihlanganyela njalo nomakhelwane babo izinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini.

Kuthiwani Uma Uzizwa Ungakufanelekele Ukuthandaza?

Abanye abantu abaqotho bangase bazizwe bengakufanelekele ukuthandaza ngenxa yendlela yabo embi yokuphila. UJesu Kristu walandisa indaba yendoda enjalo, umthelisi owayedelelekile. Lapho ingena egcekeni lethempeli, le ndoda yazizwa ingafaneleki ukusondela endaweni evamile yokuthandaza. ‘Imi kude, yaqhubeka ishaya isifuba sayo, ithi, “O Nkulunkulu, yiba nomusa kimina soni.”’ (Luka 18:13) NgokukaJesu le ndoda yezwiwa ngomusa. Lokhu kufakazela ukuthi uJehova uNkulunkulu unomusa ngempela futhi uyafuna ukusiza izoni eziphenduka ngobuqotho.

Cabangela insizwa yaseNingizimu Afrika okuthiwa uPaul. Lapho esengumfana, uPaul wayeya emihlanganweni yobuKristu nonina. Kodwa lapho efunda esikoleni esiphakeme, waqala ukujwayelana nentsha eyayingalandeli izindlela zikaNkulunkulu. Ngemva kokuqeda esikoleni, waya ebuthweni lezempi likahulumeni omdala waseNingizimu Afrika owawungowobandlululo. Kwabe sekuthi kungazelelwe, intombi yakhe yanqamula ubuhlobo babo. Le ndlela yokuphila enganelisi yashiya uPaul ezizwa ecindezeleke kakhulu. Uyakhumbula: “Ngobunye ubusuku ngathandaza kuJehova ngicela usizo, nakuba ngase ngineminyaka eminingi ngingathandazi kuNkulunkulu ngobuqotho.”

Ngemva kwesikhathi esingengakanani ethandazile, unina kaPaul wammemela eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu saminyaka yonke. (Luka 22:19) Kwammangaza uPaul ukuthi unina wayenze lokhu, ngoba yena wayengalaleli futhi engenasithakazelo eBhayibhelini. “Ngabheka lesi simemo njengokuphendula kukaJehova umthandazo wami futhi ngaba nomuzwa wokuthi kwakufanele ngibuyisele ngokuhle.” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uPaul waqala ukuba khona kuyo yonke imihlangano yobuKristu. Ngemva kwezinyanga ezine efunda iBhayibheli, wafanelekela ubhapathizo. Ngaphezu kwalokho, wayeka izifundo zakhe zobunjiniyela futhi wakhetha umsebenzi wokuhlanganyela ekushumayeleni ivangeli isikhathi esigcwele. Namuhla, uPaul uyindoda ejabulayo futhi akasacindezelwa ukuphila kwakhe kwangesikhathi esidlule. Kule minyaka engu-11 edlule, uye wakhonza ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eNingizimu Afrika.

Ngempela, uJehova uNkulunkulu uyiphendula ngomusa imithandazo futhi “uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Heberu 11:6) Ngokushesha usuku olukhulu lukaJehova luzofika futhi luqede bonke ububi. Okwamanje, uJehova uphendula imithandazo yabantu bakhe abacela amandla nesiqondiso njengoba behlanganyela ngentshiseko emsebenzini obalulekile wokufakaza. Ngakho, izigidi zabantu abavela kuzo zonke izizwe balethwa ebandleni lamaKristu futhi babusiswa ngolwazi lweBhayibheli oluholela ekuphileni okumi phakade.—Johane 17:3.

[Isithombe ekhasini 5]

Umthandazo osuka enhliziyweni kaKorneliyu waholela ekubeni avakashelwe umphostoli uPetru

[Isithombe ekhasini 6]

Umthandazo uye wasiza abaningi ezikhathini zokucindezeleka

[Izithombe ekhasini 7]

Kuhle ukuthandazela usizo lokuqonda iBhayibheli

Imibhangqwana eshadile ingathandazela usizo lokuqinisa imishado yawo