Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

KweyabaseRoma 12:19, ingabe umphostoli uPawulu wayebonisa ukuthi amaKristu akufanele athukuthele lapho ethi: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka”?

Ngokuthe ngqó, impendulo ingu-cha. Umphostoli uPawulu lapha wayebhekisela olakeni lukaNkulunkulu. Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi akunandaba uma amaKristu ezivumela ukuba anqotshwe intukuthelo. IBhayibheli likulahla ngokucacile ukuthukuthela. Cabangela izibonelo ezilandelayo zeseluleko saphezulu.

“Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.” (IHubo 37:8) “Wonke umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo uyolandisa enkantolo yobulungisa.” (Mathewu 5:22) “Imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungahlanzeki, ukuziphatha okuxekethile, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo.” (Galathiya 5:19, 20) “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo kanye nabo bonke ububi.” (Efesu 4:31) “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka.” (Jakobe 1:19) Ngaphezu kwalokho, incwadi yezAga ikulahla ngokuphindaphindiwe ukuvumela ulaka noma ukusheshe uthukutheliswe ukoniwa okungatheni namaphutha obuntu.—IzAga 12:16; 14:17, 29; 15:1; 16:32; 17:14; 19:11, 19; 22:24; 25:28; 29:22.

Umongo weyabaseRoma 12:19 uvumelana nalesi seluleko. UPawulu watusa ukuba uthando lwethu lungabi nabuzenzisi, sibusise abasishushisayo, sizame ukucabanga okuhle ngabanye, singabuyiseli okubi ngokubi, futhi sizame ukuba nokuthula nabantu bonke. Wabe esenxusa: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe: ‘Ingeyami impindiselo; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”—Roma 12:9, 14, 16-19.

Yebo, akufanele sivumele ukuba intukuthelo isenze siphindisele. Ulwazi lwethu ngezimo nomuzwa wethu wobulungisa akuphelele. Uma sivumela ukuba intukuthelo isenze siphindisele, ngokuvamile siyokwenza okungafanele. Lokhu kuyofeza izinjongo zeSitha sikaNkulunkulu, uDeveli. Kwenye indawo uPawulu wabhala: “Thukuthelani, kodwa nokho ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamvumeli uDeveli athole indawo.”—Efesu 4:26, 27.

Inkambo engcono newukuhlakanipha iwukuvumela ukuba kunqume uNkulunkulu ukuthi kuphindiselwa nini futhi kobani. Angenza kanjalo enolwazi oluphelele lwamaqiniso endaba, futhi noma iyiphi impindiselo ayikhiphayo iyobonisa ubulungisa obuphelele. Ukuthi yileli iphuzu elivezwa uPawulu kweyabaseRoma 12:19 sikubona lapho siphawula ukukhuluma kwakhe ngoDuteronomi 32:35, 41, ohlanganisa la mazwi: “Ngeyami impindiselo nembuyiselo.” (Qhathanisa neyamaHeberu 10:30.) Ngakho, abahumushi abaningi banamuhla baye bafaka amazwi athi “lukaNkulunkulu” kweyabaseRoma 12:19 nakuba engekho embhalweni wesiGreki. Lokhu kwenza ifundeke ngokuthi “vumelani uNkulunkulu aphindisele” (The Contemporary English Version); “qhelelani ulaka lukaNkulunkulu” (American Standard Version); “vumelani uNkulunkulu ajezise uma ethanda” (The New Testament in Modern English); “qhelelani impindiselo yaphezulu.”—The New English Bible.

Ngisho nalapho siphathwa kabi noma sishushiswa izitha zeqiniso, singabonisa ukwethembela encazelweni eyazwiwa uMose ngokuqondene noJehova uNkulunkulu: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala.”Eksodusi 34:6, 7.