Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela UJehova Asihola Ngayo

Indlela UJehova Asihola Ngayo

Indlela UJehova Asihola Ngayo

“Ngihole endleleni [yobuqotho, “NW”].”—IHUBO 27:11.

1, 2. (a) UJehova ubahola kanjani abantu bakhe namuhla? (b) Kuhlanganisani ukuzuza ngokugcwele emihlanganweni?

UJEHOVA unguMthombo wokukhanya neqiniso, njengoba sifundile esihlokweni esandulele. IZwi lakhe liyasikhanyisela njengoba sihamba endleleni yobuqotho. UJehova usihola ngokusifundisa izindlela zakhe. (IHubo 119:105) Njengomhubi wasendulo, sisabela ngokwazisa ekuholeni kukaNkulunkulu futhi sithandaza sithi: “Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni [yobuqotho, NW].”—IHubo 27:11.

2 Enye yezindlela uJehova afundisa ngayo namuhla yimihlangano yobuKristu. Ingabe sizuza ngokugcwele kuleli lungiselelo lothando (1) ngokuba khona njalo, (2) ngokulalelisisa isimiso, (3) nangokuhlanganyela ngokunganqikazi ezingxenyeni ezihlanganisa izilaleli? Ngaphezu kwalokho, ingabe sisabela ngokwazisa lapho sithola ukusikisela okuyosisiza sihlale ‘sisendleleni yobuqotho’?

Uba Khona Njalo Yini Emihlanganweni?

3. Esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele saba kanjani nomkhuba omuhle wokuba khona njalo emihlanganweni?

3 Abanye abamemezeli boMbuso bebelokhu beya njalo emihlanganweni kusukela besebancane. Esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova siyakhumbula: “Lapho sisakhula nodadewethu ngawo-1930, sasingababuzi nokubabuza abazali bethu ukuthi siyaya yini esifundweni. Sasazi ukuthi siyaya ngaphandle uma sigula. Umkhaya wakithi wawungaphuthi esifundweni.” Njengomprofethikazi u-Ana, lo dade ‘akaphuthi’ endaweni kaJehova yokukhulekela.—Luka 2:36, 37.

4-6. (a) Kungani abanye abamemezeli boMbuso bephutha emihlanganweni? (b) Kungani kubalulekile ukuba khona emihlanganweni?

4 Ingabe ungomunye walabo ababa khona njalo emihlanganweni yobuKristu, noma uba khona ngokwethukela? Amanye amaKristu ayecabanga ukuthi asaqhuba kahle anquma ukuqiniseka. Okwamasonto ambalwa, aphawula yonke imihlangano ayeba khona kuyo. Lapho ehlola ngemva kwesikhathi ayesibekile, amangala lapho ebona inani lemihlangano ayephuthe kuyo.

5 Othile angase athi: ‘Kufanele. Namuhla abantu bacindezeleke kakhulu kangangokuthi akulula ukuba babe khona njalo esifundweni.’ Kuyiqiniso impela ukuthi siphila ezikhathini ezicindezelayo. Ngaphezu kwalokho, lokhu kucindezela kuzokwanda nakanjani. (2 Thimothewu 3:13) Kodwa lokho akwenzi yini kubaluleke nakakhulu ukuba khona njalo emihlanganweni? Uma singakutholi njalo ukudla okungokomoya okunomsoco okusisekelayo, asinakuzithembisa ukuthi singamelana nokucindezela okulethwa yilesi simiso. Uma singabuthani njalo singase silingekele ukuba siphume ngokuphelele ‘emkhondweni wabalungileyo’! (IzAga 4:18) Yiqiniso, lapho sifika ekhaya ekupheleni kosuku olube nzima singase singashukumiseleki njalo ukuya emhlanganweni. Kodwa uma siya naphezu kokukhathala, sizizuzisa thina, futhi sikhuthaza amaKristu esikanye nawo eHholo LoMbuso.

6 EyamaHeberu 10:25 isikisela esinye isizathu esibalulekile esenza kudingeke sibe khona njalo emihlanganweni. Lapho, umphostoli uPawulu unxusa amaKristu akanye nawo ukuba abuthane ndawonye ‘ikakhulu njengoba ebona usuku lusondela.’ Yebo, akumelwe sikhohlwe ukuthi ‘usuku lukaJehova’ luyasondela. (2 Petru 3:12) Uma singaphetha ngokuthi ukuphela kwalesi simiso kusekude, singase siqale ukuvumela izithakazelo zomuntu siqu zicinanise imisebenzi ebalulekile engokomoya, njengokuya emihlanganweni. Khona-ke, njengoba uJesu axwayisa, ‘ngokungazelelwe lolosuku lungafika phezu kwethu.’—Luka 21:34.

Yiba Yisilaleli Esihle

7. Kubaluleke ngani ukuba izingane zilalelisise emihlanganweni?

7 Akwanele ukumane size nje emihlanganweni. Kumelwe silalelisise, sikunake okushiwo kuyo. (IzAga 7:24) Lokhu kuhlanganisa nezingane zethu. Uma ingane iya esikoleni, ilindeleke ukuba ikunake lokho uthisha akushoyo, ngisho noma isifundo esithile ingasithandi noma ingasiqondi. Uthisha uyazi ukuthi uma ingane izama ukunaka okushiwoyo, izothola okuthile okuzuzisayo kuleso sifundo. Akunangqondo-ke yini ngezingane ezisafunda ukuba zinake imfundo enikezwa emihlanganweni yebandla kunokuba zivunyelwe zilale lapho nje kuqala umhlangano? Yiqiniso, phakathi kwamaqiniso ayigugu atholakala emiBhalweni ‘kukhona izinto ezithile kuwo okunzima ukuziqonda.’ (2 Petru 3:16) Kodwa akumelwe sileye ikhono lengane lokufunda. UNkulunkulu akaleyi. Ezikhathini zeBhayibheli wanxusa abakhulekeli bakhe abasebasha ukuba ‘bezwe, bafunde, bamesabe uJehova, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,’ amanye awo okwakunzima ezinganeni ukuwaqonda. (Duteronomi 31:12; qhathanisa noLevitikusi 18:1-30.) Ingabe uJehova ulindele okungaphansi kwalokho ezinganeni namuhla?

8. Yiziphi izinyathelo ezithathwa abanye abazali ukuze basize izingane zabo zilalelisise emihlanganweni?

8 Abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi ngokwengxenye izidingo ezingokomoya zezingane zabo zaneliswa yilokho ezikufunda emihlanganweni. Ngakho, abanye abazali bahlela ukuba izingane zabo zilale kancane ngaphambi kwemihlangano ukuze zifike eHholo LoMbuso ziqabulekile futhi zilungele ukufunda. Abanye abazali bangase bazibekele imingcele eqinile noma bazenqabele ngokuphelele izingane zabo ukubuka ithelevishini ngezinsuku zemihlangano. (Efesu 5:15, 16) Futhi laba bazali banciphisa iziphazamiso, bekhuthaza izingane zabo ukuba zilalele futhi zifunde, kuye ngeminyaka namakhono azo.—IzAga 8:32.

9. Yini engasisiza sithuthukise ikhono lethu lokulalela?

9 UJesu wayekhuluma nabantu abadala lapho ethi: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:18) Namuhla kulula ukukusho lokho kunokukwenza. Kuyavunywa ukuthi ukulalelisisa kuwumsebenzi onzima, kodwa ikhono lokulalela lingathuthukiswa. Njengoba ulalele inkulumo yeBhayibheli noma ingxenye yomhlangano, zama ukuhlukanisa amaphuzu ayinhloko. Zama ukucabanga kusengaphambili ukuthi isikhulumi sesizothini. Funa amaphuzu ongawasebenzisa enkonzweni yakho noma ekuphileni kwakho. Engqondweni bukeza amaphuzu njengoba kuxoxwa ngawo. Bhala amaphuzu kafushane.

10, 11. Abanye abazali baye bazisiza kanjani izingane zabo ukuba zilalele kangcono, futhi yiziphi izindlela wena oye wazithola ziwusizo?

10 Imikhuba emihle yokulalela ifundeka kahle kakhulu lapho usemncane. Ngisho nangaphambi kokuba zifunde ukuzifundela nokubhala, ezinye izingane ezingakaqali esikoleni zikhuthazwa abazali bazo ukuba zibhale “amaphuzu” phakathi nemihlangano. Zibhalabhala okuthile ephepheni lapho zizwa amagama eziwajwayele njengelithi “uJehova,” “uJesu,” noma “uMbuso.” Ngale ndlela, izingane zingafunda ukugxilisa ingqondo kulokho okushiwo endaweni yesikhulumi.

11 Ngisho nezingane ezindadlana ngezinye izikhathi ziyasidinga isikhuthazo sokunaka okushiwoyo. Lapho iqaphela ukuthi indodana yayo eneminyaka engu-11 yayiziphuphela nje phakathi nomhlangano omkhulu wamaKristu, enye inhloko yomkhaya yanika lo mfanyana iBhayibheli futhi yamcela ukuba abheke imibhalo lapho ishiwo yisikhulumi. Lo baba, owayelokhu ebhala amaphuzu, waqhubeka eqaphele njengoba indodana yakhe yayiphethe lelo Bhayibheli. Ngemva kwalokho, umfana wasilalela ngentshiseko eyengeziwe isimiso somhlangano.

Iphimbo Lakho Malizwakale

12, 13. Kubaluleke ngani ukuhlanganyela ekuculeni nebandla?

12 INkosi uDavide yahlabelela: “Ngizungeza i-altare lakho, Jehova, ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa.” (IHubo 26:6, 7) Imihlangano yoFakazi BakaJehova inikeza amathuba amahle kakhulu okuzwakalisa ukholo lwethu. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukucula nebandla. Lesi yisici esibalulekile sokukhulekela kwethu, kodwa kulula ukuba singasinaki.

13 Ezinye izingane ezingakakwazi ukufunda ziwabamba ngekhanda amazwi ezingoma ezizosetshenziswa emihlanganweni isonto ngalinye. Zijabula kabi ngokuthi zicula nabantu abadala. Nokho, lapho izingane zikhula, zingase zingabe zisakuthanda kangako ukucula izingoma zoMbuso. Nabanye abantu abadala banamahloni okucula emihlanganweni. Kodwa ukucula kuyingxenye yokukhulekela kwethu, njengenkonzo yasensimini. (Efesu 5:19) Senza konke esingakwenza ukuze sidumise uJehova enkonzweni yasensimini. Asinakumkhazimulisa yini nangokukhipha amaphimbo ethu—kungakhathaliseki ukuthi amtoti noma cha—sizicule ngokusuka enhliziyweni izingoma zokumdumisa?—Heberu 13:15.

14. Kungani lokho esikufunda emihlanganweni yebandla kudinga ukulungiselelwa ngokucophelela kusengaphambili?

14 Siletha udumo kuNkulunkulu nalapho sinikeza izimpendulo ezakhayo ezingxenyeni zemihlangano yethu ezidinga ukuhlanganyela kwezilaleli. Lokhu kudinga ukulungiselela. Kuthatha isikhathi ukuzindla ngezici ezijulile zeZwi likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu, owayekukhuthalele ukutadisha imiBhalo, wayekuqaphela lokhu. Wabhala: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu!” (Roma 11:33) Zinhloko zemikhaya, kubaluleke kakhulu ukuba nisize ilungu ngalinye lomkhaya wenu ukuba lifunisise ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu, njengoba kwembulwe emiBhalweni. Esifundweni seBhayibheli somkhaya bekelani eceleni isikhathi sokuchaza amaphuzu anzima nokusiza imikhaya yenu ilungiselele imihlangano.

15. Yikuphi ukusikisela okungase kusize umuntu ukuba aphendule emihlanganweni?

15 Uma ungathanda ukuphendula kaningana emihlanganweni, kungani ungakulungiseleli kusengaphambili lokho ofisa ukukusho? Akudingeki into eyinkimbinkimbi. Umbhalo weBhayibheli ofanelekayo ofundwe ngokuqiniseka, noma amazwi ambalwa akhethwe kahle ashiwo ngokusuka enhliziyweni ayokwaziswa. Abanye abamemezeli bacela kumqhubi wesifundo ukuphendula kuqala esigabeni esithile, ukuze bangalahlekelwa yithuba lokuzwakalisa ukholo lwabo.

Abangenalwazi Bayahlakanipha

16, 17. Yisiphi iseluleko omunye umdala asinika inceku ekhonzayo, futhi kungani sasebenza?

16 Emihlanganweni yoFakazi BakaJehova sivame ukukhunjuzwa ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke. Kuyaqabula ukwenze njalo. Kusisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile, silungise ukushiyeka kobuntu, silwe nezilingo futhi silungise ingokomoya lethu uma siye saphambuka.—IHubo 19:7.

17 Abadala bebandla abanokuhlangenwe nakho bahlale bekulungele ukunikeza iseluleko esingokomBhalo esiklanyelwe izidingo zethu. Okumelwe sikwenze ‘ukusikhipha’ ngokusicela lesi seluleko sabo esisekelwe eBhayibhelini. (IzAga 20:5) Ngolunye usuku inceku ekhonzayo eseyintsha neshisekayo yacela ukusikisela komdala kokuthi ingaba kanjani usizo ngokwengeziwe ebandleni. Lo mdala owayeyazi kahle le nsizwa wavula iBhayibheli lakhe kweyoku-1 Thimothewu 3:3, ethi amadoda amisiwe kumelwe abe ‘anengqondo.’ Ngomusa wabonisa le nsizwa izindlela engabonisa ngazo ukuba nengqondo ebuhlotsheni bayo nabanye. Ingabe lo mzalwane osemusha wakhubeka ngalesi siyalo esingagwegwesi asithola? Lutho neze! Wachaza: “Lo mdala wasebenzisa iBhayibheli, ngakho ngaqaphela ukuthi leso siyalo sasivela kuJehova.” Le nceku ekhonzayo yasisebenzisa ngokwazisa lesi seluleko futhi ithuthuka kahle.

18. (a) Yini eyasiza omunye umKristu osemusha ukuba amelane nezilingo esikoleni? (b) Yimiphi imibhalo yeBhayibheli oyikhumbulayo lapho ubhekene nesilingo?

18 IZwi likaNkulunkulu lingasiza nabasebasha ukuba ‘babalekele izifiso ezihambisana nobusha.’ (2 Thimothewu 2:22) Omunye osemusha onguFakazi KaJehova osanda kuphothula esikoleni esiphakeme wakwazi ukumelana nezilingo kuyo yonke iminyaka esafunda esikoleni ngokuzindla nokusebenzisa imibhalo ethile yeBhayibheli. Wayevame ukucabanga ngeseluleko esilotshwe kuzAga 13:20: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha.” Ngakho, wayeqaphela ukuba ahlakulele ubungane kuphela nalabo abazihlonipha ngokujulile izimiso ezingokomBhalo. Wathi: “Angingcono kunabanye. Uma ngizihlanganisa neqembu elingalungile, ngizofuna ukujabulisa abangane bami, futhi lokho kungaholela enkingeni.” Iseluleko sikaPawulu esikweyesi-2 Thimothewu 1:8 naso samsiza. Wabhala: “Ungabi namahloni ngobufakazi obumayelana neNkosi yethu, . . . kodwa yiba nengxenye yakho ekukhuthazeleleni okubi ngenxa yezindaba ezinhle.” Ngokuvumelana naleso seluleko, ngesibindi lona omusha wayehlanganyela nafunda nabo ekilasini izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini ngawo wonke amathuba afanelekayo. Noma nini lapho ethola isabelo sokukhuluma phambi kwekilasi, wayekhetha indaba eyayizomvumela ukuba anikeze ngobuhlakani ubufakazi mayelana noMbuso kaNkulunkulu.

19. Kungani enye insizwa yahluleka ukumelana nokucindezela kwaleli zwe, kodwa yini eyayinika amandla angokomoya?

19 Uma kwenzeka siphambuka ‘emkhondweni wabalungileyo,’ iZwi likaNkulunkulu lingasisiza ukuba silungise izinyathelo zethu. (IzAga 4:18) Insizwa ehlala e-Afrika yakubona mathupha lokhu. Lapho omunye woFakazi BakaJehova eyivakashela, yamukela isifundo seBhayibheli. Yayikujabulela eyayikufunda kodwa ngokushesha yazihlanganisa nabangane ababi esikoleni. Ngokuhamba kwesikhathi, yaqala ukuphila ngokuziphatha kabi. Iyavuma: “Unembeza wami wawulokhu ungihlupha, futhi kwadingeka ngiyeke ukuya emihlanganweni.” Kamuva yaqala ukuba khona emihlanganweni futhi. Le nsizwa yasho la mazwi akwembulela lukhulu: “Ngathola ukuthi isizathu esiyinhloko sakho konke lokhu kwakuwukuthi ngangiphethwe yindlala ngokomoya. Ngangingenaso isifundo somuntu siqu. Yingakho ngangihluleka ukumelana nezilingo. Ngabe sengiqala ukufunda INqabayokulinda ne-Phaphama! Kancane kancane ngaphinde ngaqina ngokomoya futhi ngahlanza ukuphila kwami. Lokhu kwaba ubufakazi obuhle kulabo abaqaphela izinguquko engazenza. Ngabhapathizwa, futhi manje ngiyajabula.” Yini eyanika le nsizwa amandla okunqoba ubuthakathaka bayo benyama? Yaphinde yathola amandla angokomoya ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu esenziwa njalo.

20. Osemusha angamelana kanjani nokuhlasela kukaSathane?

20 Basha abangamaKristu, niyahlaselwa namuhla! Ukuze nimelane nokuhlasela kukaSathane, kumelwe nidle ukudla okungokomoya njalo. Umhubi, ngokusobala owayesemusha naye, wayekuqonda lokhu. Wabonga uJehova ngokulungiselela iZwi lakhe, ukuze ‘insizwa ihlanze indlela yayo.’—IHubo 119:9.

Nomaphi Lapho UNkulunkulu Esiholela Khona, Siyolandela

21, 22. Kungani kungafanele siphethe ngokuthi indlela yeqiniso inzima kakhulu?

21 UJehova wahola isizwe sakwa-Israyeli esikhipha eGibithe wayosingenisa eZweni Lesithembiso. Ngokombono womuntu, indlela ayikhetha yayingase ibonakale ikhandla ngokungadingekile. Kunokuthatha indlela eseduze noLwandle iMedithera eyayibonakala ilula futhi iqondile, uJehova wahola abantu bakhe ngendlela enzima yasogwadule. Nokho, empeleni uNkulunkulu wayebonisa umusa ngalokho. Nakuba yayimfushane, indlela yasolwandle yayiyonqamulisa ama-Israyeli ezweni lamaFilisti anobutha. Ngokukhetha enye indlela, uJehova wasindisa abantu bakhe ekubhekaneni ngeziqu zamehlo namaFilisti zibekwa nje.

22 Ngokufanayo, indlela uJehova asihola ngayo namuhla ingase ibonakale inzima ngezinye izikhathi. Isonto ngalinye, sinesimiso esingcwele semisebenzi yobuKristu, esihlanganisa imihlangano yebandla, isifundo somuntu siqu nenkonzo yasensimini. Ezinye izindlela zingabonakala zilula. Kodwa siyofika kuleyo ndawo esikusebenzela kanzima kangaka ukufika kuyo uma nje silandela ukuhola kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, masiqhubekeni samukela imfundo ebalulekile evela kuJehova futhi siqhubeke ‘sisendleleni yobuqotho’ phakade!—IHubo 27:11.

Ungachaza?

Kungani sikudinga ngokukhethekile ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu?

Yini engenziwa abazali ukuze basize izingane zabo zilalelisise emihlanganweni?

Yini edingekayo ukuze umuntu abe yisilaleli esihle?

Yini engasisiza siphendule emihlanganweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Ukuba khona emihlanganweni yobuKristu kusisiza ukuba sihlale sicabanga ngosuku lukaJehova

[Izithombe ekhasini 18]

Kunezindlela ezihlukahlukene zokudumisa uJehova emihlanganweni yobuKristu