Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela UJesu Kristu Angasisiza Ngayo

Indlela UJesu Kristu Angasisiza Ngayo

Indlela UJesu Kristu Angasisiza Ngayo

KUHLE ngokumangalisayo lokho uJesu Kristu akwenza ukuze asize abantu ngesikhathi elapha emhlabeni. Kwakumangalisa kangangokuthi, ngemva kokulandisa izenzakalo eziningi zokuphila kukaJesu, omunye owazibonela ngawakhe wathi: “Eqinisweni, kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza, lezo engicabanga ukuthi, uma bekungenzeka zilotshwe ngemininingwane egcwele, izwe ngokwalo belingenakukwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa.” (Johane 21:25) Njengoba uJesu enza izinto eziningi kangaka lapha emhlabeni, singase sizibuze: ‘Angaba kanjani umsizi wethu ezulwini? Ingabe singazuza ebubeleni besisa bukaJesu manje?’

Impendulo ingeqabulayo kakhulu neqinisekisayo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uKristu wangena “ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kobuso bukaNkulunkulu ngenxa yethu.” (Heberu 9:24) Wasenzelani? Umphostoli uPawulu uyachaza: “[UKristu] akangenanga negazi lezimbuzi nelezinkunzi ezisencane, kodwa wangena negazi lakhe siqu, kanye kwaba kuphela endaweni engcwele [“ezulwini ngokwalo”] futhi wasitholela ukukhululwa okumi phakade.”—Heberu 9:12; 1 Johane 2:2.

Yeka ukuthi lezo izindaba ezinhle kanjani! Kunokuba kuqede umsebenzi omuhle uJesu ayewenzela abantu, ukukhuphukela kwakhe ezulwini kwenza wakwazi ukwenzela isintu okuningi nangokwengeziwe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu, ngomusa wakhe omkhulu ongafanelwe, wamisa uJesu ukuba akhonze ‘njengenceku yasobala’—umpristi ophakeme—“ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini.”—Heberu 8:1, 2.

“Inceku Yasobala”

Khona-ke, ezulwini uJesu wayezoba inceku yasobala yesintu. Wayezokwenza umsebenzi ofana nalowo umpristi ophakeme wakwa-Israyeli ayewenzela abakhulekeli bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo. Wawuyini lowo msebenzi? UPawulu uyachaza: “Wonke umpristi ophakeme umiselwa ukuba anikele kokubili izipho nemihlatshelo; ngakho-ke kwakudingekile ukuba nalona [uJesu Kristu okhuphukele ezulwini] abe nokuthile kokukunikela.”—Heberu 8:3.

Lokho uJesu ayezokunikela kwakukukhulu kakhulu kunalokho umpristi ophakeme wasendulo ayekunikela. “Uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi” lalingenza u-Israyeli wasendulo ahlanzeke ngokomoya ngokwezinga elithile, “igazi likaKristu, . . . [laliyobahlanza] kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo?”—Heberu 9:13, 14.

UJesu uyinceku yasobala evelele nangesizathu sokuba uye wanikwa ukungafi. Kwa-Israyeli wasendulo “abaningi kwakudingeka babe abapristi ngokulandelana ngenxa yokuvinjelwa ukufa ukuba baqhubeke beyibo.” Kodwa kuthiwani ngoJesu? UPawulu uyabhala: “Yena . . . ubupristi bakhe abunabo abazolandela esikhundleni. Ngenxa yalokho uyakwazi futhi ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele.” (Heberu 7:23-25; Roma 6:9) Yebo, ngakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini, sinenceku yasobala ‘ephila ngaso sonke isikhathi ukuba isincengele.’ Ake ucabange nje ukuthi lokho kusho ukuthini ngathi manje!

Lapho uJesu esemhlabeni, abantu bathuthelekela kuye ukuze abasize, futhi ngezinye izikhathi behamba amabanga amade ukuze bathole usizo kuye. (Mathewu 4:24, 25) Ezulwini, uJesu utholakala kalula kubantu bazo zonke izizwe. Esendaweni ekahle ezulwini, uhlale etholakala njengenceku yasobala.

UJesu Uluhlobo Luni LoMpristi Ophakeme?

Indlela ukulandisa kwamaVangeli okumchaza ngayo uJesu Kristu isenza singangabazi ukuthi uwusizo futhi unobubele besisa. Yeka indlela ayezidela ngayo! Isikhathi esingaphezu kwesisodwa, ukuphila kwakhe kwangasese kwaphazanyiswa lapho yena nabafundi bakhe bezama ukuthola ukuphumula ababekudinga. Kunokuba azizwe emukwe isikhathi sakhe esiyigugu sokuthula nokuzola, “waba nesihawu” ngabantu ababefuna usizo lwakhe. Ngisho nalapho uJesu ekhathele, elambile futhi omile, ‘wabamukela ngomusa’ futhi wayezimisele ukudela ukudla uma ayengase akwazi ukusiza izoni eziqotho.—Marku 6:31-34; Luka 9:11-17; Johane 4:4-6, 31-34.

Enesihawu, uJesu wathatha izinyathelo eziwusizo ukuze anelise izidingo zabantu ezingokwenyama, ezingokomzwelo nezingokomoya. (Mathewu 9:35-38; Marku 6:35-44) Ngaphezu kwalokho, wabafundisa indlela yokuthola ukukhululeka nenduduzo ehlala njalo. (Johane 4:7-30, 39-42) Ngokwesibonelo, yeka indlela esikhanga ngayo isimemo sakhe esithi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.”—Mathewu 11:28, 29.

UJesu wayebathanda kakhulu abantu kangangokuthi wagcina edele ukuphila kwakhe ngenxa yesintu esinesono. (Roma 5:6-8) Ngokuphathalene nalokhu umphostoli uPawulu wathi: “[UJehova uNkulunkulu] ongazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke, kungani engeke futhi asinike kanye nayo ngomusa zonke ezinye izinto? . . . UKristu Jesu nguye owafa, yebo, eqinisweni owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osincengelayo futhi.”—Roma 8:32-34.

UMpristi Ophakeme Ongazwelana Nathi

Njengomuntu, uJesu wakuzwa ukulamba, ukoma, ukukhathala, ukuba lusizi, ubuhlungu nokufa. Ukucindezeleka nezingcindezi azikhuthazelela zamhlomisa ngendlela eyingqayizivele ukuze akhonze njengoMpristi Ophakeme ngenxa yesintu esihluphekayo. UPawulu wabhala: “[UJesu] wayebophekile ukuba abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nokholekile ezintweni eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele umhlatshelo oyisihlawulelo ngenxa yezono zabantu. Ngoba ngenxa yokuthi yena ngokwakhe uye wahlupheka lapho efakwa ovivinyweni, uyakwazi ukusiza labo abafakwa ovivinyweni.”—Heberu 2:17, 18; 13:8.

UJesu wabonisa ukuthi uyakufanelekela futhi uzimisele ukusiza abantu ukuba basondele kuNkulunkulu. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi kudingeka akholise uNkulunkulu olukhuni nongenasihe, ongabazayo ukuthethelela? Akunjalo neze, ngoba iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ‘uJehova muhle, ungothethelelayo.’ Liphinde lithi: “Uma sizivuma izono zethu, yena ukholekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi.” (IHubo 86:5; 1 Johane 1:9) Eqinisweni, amazwi nezenzo zikaJesu zesisa kubonisa ububele, isihe nothando lukaYise uqobo.—Johane 5:19; 8:28; 14:9, 10.

UJesu uzisiza kanjani izoni eziphendukayo? Ngokuzisiza zithole injabulo nokwaneliseka emizamweni yazo eqotho yokujabulisa uNkulunkulu. Ebhalela amaKristu agcotshiwe akanye nawo, uPawulu wafingqa isimo esasikhona ngokuthi: “Ngakho-ke, njengoba sinompristi omkhulu ophakeme odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambeleleni ekumvumeni kwethu. Ngoba lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono. Ngakho-ke, masisondeleni ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.”—Heberu 4:14-16.

‘Usizo Ngesikhathi Esifanele’

Nokho, yini esingayenza lapho sibhekene nezinkinga esinomuzwa wokuthi zingaphezu kwamandla ethu—ukugula kakhulu, umthwalo ocindezelayo wesazela, ukudumazeka okukhulu nokucindezeleka? Singasebenzisa lona kanye ilungiselelo uJesu ngokwakhe ayencika kulo njalo—ilungelo eliyigugu lokuthandaza. Ngokwesibonelo, ngobusuku bangaphambi kokuba anikele ukuphila kwakhe ngenxa yethu, “waqhubeka ethandaza ngobuqotho ngokwengeziwe; futhi izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.” (Luka 22:44) Yebo, uJesu uyazi ukuthi kunjani ukuthandaza ngamandla kuNkulunkulu. “Wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.”—Heberu 5:7.

UJesu uyazi ukuthi kusho okukhulu kangakanani kubantu ‘ukuzwiwa ngomusa’ nokuqiniswa. (Luka 22:43) Ngaphezu kwalokho, wathembisa: “Uma nicela noma yini kuBaba uyoninika yona egameni lami. . . . Celani futhi niyokwamukela, ukuze injabulo yenu yenziwe igcwale.” (Johane 16:23, 24) Ngakho, singacela kuNkulunkulu siqiniseka ukuthi uyovumela iNdodana yakhe isebenzise igunya layo nenani lomhlatshelo wayo wesihlengo ngenxa yethu.—Mathewu 28:18.

Singaqiniseka ukuthi esikhundleni akuso sasezulwini, uJesu uyosinika uhlobo olufanele losizo ngesikhathi esifanele. Ngokwesibonelo, uma siye senza isono esizisola ngobuqotho ngaso, singaduduzwa isiqinisekiso sokuthi “sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo.” (1 Johane 2:1, 2) UMsizi noMduduzi wethu osezulwini uyosinxusela ukuze imithandazo yethu eyenziwa egameni lakhe nangokuvumelana nemiBhalo iphendulwe.—Johane 14:13, 14; 1 Johane 5:14, 15.

Ukubonisa Ukwazisa Ngosizo LukaKristu

Kuhileleke okwengeziwe kunokuthandaza nje kuNkulunkulu ngeNdodana yakhe. Ngenani lomhlatshelo wakhe wesihlengo, “ngokusithenga uKristu” kwaba sengathi uba ‘umnikazi owathenga’ uhlanga lwesintu. (Galathiya 3:13; 4:5; 2 Petru 2:1) Singabonisa ukubonga kwethu ngakho konke uKristu asenzela kona ngokuvuma ukuthi singabakhe nokusabela ngenjabulo esimemweni sakhe esithi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa usuku nosuku angilandele njalo.” (Luka 9:23) ‘Ukuzidela’ akukhona nje ukusho ngomlomo ukuthi usungowomunye. Kakade, uKristu “wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela.” (2 Korinte 5:14, 15) Ngakho-ke, ukwazisa kwethu ngesihlengo kuyoba nethonya elikhulu embonweni wethu, emigomweni yethu nasendleleni yethu yokuphila. Ukumkweleta phakade “uKristu Jesu, owazinikela ngenxa yethu,” kufanele kusishukumisele ukuba sifunde okwengeziwe ngaye nangoYise onothando, uJehova uNkulunkulu. Kufanele sifune nokukhula okholweni, siphile ngezindinganiso ezizuzisayo zikaNkulunkulu futhi ‘sishisekele imisebenzi emihle.’—Thithu 2:13, 14; Johane 17:3.

Ibandla lobuKristu liyindlela esithola ngayo ukudla okungokomoya, isikhuthazo nesiqondiso ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45-47; Heberu 10:21-25) Ngokwesibonelo, uma noma ubani egula ngokomoya, “[angabizela] kuye amadoda amadala [abadala abamisiwe] ebandla.” UJakobe unezela lesi siqinisekiso: “Futhi umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:13-15.

Ngokwesibonelo: Owesilisa owayedonsa ejele laseNingizimu Afrika wabhalela umdala webandla ezwakalisa ukwazisa ngabo “bonke oFakazi BakaJehova abenza umsebenzi omuhle owaqalwa uJesu Kristu wokusiza abantu ukuba balwele ukuba seMbusweni kaNkulunkulu.” Wabe esebhala: “Ngajabula kakhulu ukuthola incwadi evela kuwe. Ukukhathalela kwakho ukuba ngilungise ingokomoya lami kuye kwangithinta ngokujulile. Kuyisizathu esengeziwe sokuba ngiqale ukulalela isimemo sikaJehova uNkulunkulu sokuphenduka. Sengineminyaka engu-27 ngikhubeka, nginhlanhlatha ebumnyameni besono, ukukhohliswa, ubuhlobo obungemthetho, ukuziphatha okubi nezinkolo ezingabazisayo. Ngemva kokwazana noFakazi BakaJehova, nginomuzwa wokuthi ekugcineni sengiyitholile indlela—indlela okuyiyonayona! Okufanele ngikwenze nje ukuyilandela.”

Usizo Olwengeziwe Esikhathini Esizayo Esiseduze

Izimo zezwe eziwohlokayo ziwubufakazi obusobala bokuthi siphila esikhathini esibucayi esasizokwandulela ‘ukuqala kosizi olukhulu.’ Manje, isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe, izizwana, abantu nezilimi ‘sigeza izivatho zaso sizenza zibe mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAmbulo 7:9, 13, 14; 2 Thimothewu 3:1-5) Ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo, sithethelelwa izono zaso futhi siyasizwa ukuba sibe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu—eqinisweni, sibe abangane bakhe.—Jakobe 2:23.

IWundlu, uJesu Kristu, “liyobelusa [abasinde osizini olukhulu], futhi liyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila. Futhi uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.” (IsAmbulo 7:17) UKristu uyobe esephothula imisebenzi yakhe njengoMpristi Ophakeme. Uyosiza bonke abangane bakaNkulunkulu ukuba bazuze ngokugcwele “emithonjeni yamanzi okuphila”—ngokomoya, ngokwenyama, ngokwengqondo nangokomzwelo. Lokho uJesu akuqala ngo-33 C.E. nalokho aye waqhubeka ekwenza esezulwini kusukela ngaleso sikhathi kuyobe sekufinyeleliswa ekupheleleni.

Ngakho-ke, ungayeki ukubonisa ukwazisa okujulile ngakho konke uNkulunkulu noKristu abaye bakwenza—nabakwenzayo—bekwenzela thina. Umphostoli uPawulu wanxusa: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. . . . Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:4, 6, 7.

Kunendlela ebalulekile ongabonisa ngayo ukwazisa ngoJesu Kristu, uMsizi wethu osezulwini. Ngemva kokushona kwelanga ngoLwesithathu, ngo-April 19, 2000, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazobe behlangene ukuze bagubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. (Luka 22:19) Leli kuyoba ithuba lokujulisa ukwazisa kwakho ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona ukuze uzwe indlela ilungiselelo likaNkulunkulu elimangalisayo lensindiso ngoKristu elingakuzuzisa ngayo phakade. Siza ubuze koFakazi BakaJehova bangakini isikhathi nendawo eqondile yalo mbuthano okhethekile.

[Isithombe ekhasini 7]

UJesu uyazi ukuthi kunjani ukuthandaza ngamandla kuNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 8]

UKristu uyosisiza sibhekane nezinkinga ezingaphezu kwamandla ethu

[Isithombe ekhasini 9]

UKristu usisiza ngokusebenzisa abadala abanothando