Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa

Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa

Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa

“IZINGWENYA ZaseZambia Zidla Abantu Abangu-30 Ngenyanga.” Labika kanjalo iphephandaba lase-Afrika eminyakeni ethile edlule. Ngokwesazi sesayensi yezilwane esabamba lezi zilwane ukuze sizicwaninge, “kwadingeka amadoda angu-12 ukuze kucindezelwe phansi ingwenya eyodwa.” Njengoba inomsila nemihlathi enamandla, ingwenya ingaba isilwane esesabekayo!

Ebiza ingwenya ngokuthi “uLeviyathani,” kubonakala sengathi uMdali wasebenzisa le ‘nkosi yazo zonke izilwane zasendle ezibabazekayo’ ukuze afundise inceku yakhe uJobe isifundo esibalulekile. (Jobe 41:1, 34, NW) Lokhu kwenzeka eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule ezweni lase-Uzi, cishe ndawana-thile enyakatho ye-Arabia. Lapho echaza lesi sidalwa, uNkulunkulu watshela uJobe: “Akakho onesibindi sokumvusa. Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?” (Jobe 41:10) Yeka ukuthi kuyiqiniso kanjani lokho! Uma sesaba ingwenya, yeka ukuthi kufanele sikwesabe kakhulu kangakanani ukukhuluma kabi ngaLowo owayidala! UJobe wabonisa ukusiqonda lesi sifundo ngokuvuma iphutha lakhe.—Jobe 42:1-6.

Lapho kukhulunywa ngoJobe, singase sikhumbule isibonelo sakhe sokwethembeka ekukhuthazeleleni ukulingwa. (Jakobe 5:11) Eqinisweni, uJehova wathanda uJobe ngisho nangaphambi kokuba ukholo lwakhe luvivinywe kanzima. Ngokulinganisa kukaNkulunkulu, ngaleso sikhathi “[kwakungekho] onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” (Jobe 1:8) Lokhu kufanele kusishukumisele ekubeni sifunde okwengeziwe ngoJobe, njengoba ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba sibone indlela nathi esingamjabulisa ngayo uNkulunkulu.

Ubuhlobo NoNkulunkulu Babuza Kuqala

UJobe wayeyindoda ecebile. Ngaphandle kwegolide, wayenezimvu ezingu-7 000, amakamela angu-3 000, izimbongolo zezinsikazi ezingu-500, izinkomo ezingu-1 000 nezinceku eziningi kakhulu. (Jobe 1:3) Kodwa uJobe wayethembela kuJehova, hhayi engcebweni. Wathi: “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami, ngathi egolideni elihle: ‘Ngithemba wena;’ uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi . . . nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.” (Jobe 31:24-28) NjengoJobe, ubuhlobo bethu obuseduze noJehova uNkulunkulu kufanele sibazise ngaphezulu kakhulu kwezinto ezibonakalayo.

Wayesebenzelana Ngobulungisa Nabanye

UJobe wayesebenzelana kanjani nezinceku zakhe? Ukuthi zazimbheka njengonobulungisa nongenekayo kuboniswa amazwi akhe uqobo uJobe athi: “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami, ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?” (Jobe 31:13, 14) UJobe wayesazisa isihe sikaJehova, ngaleyo ndlela eziphatha ngesihe izigqila zakhe. Yeka isibonelo esihle, ikakhulukazi kulabo abanezikhundla zokwengamela ebandleni lobuKristu! Kumelwe nabo babe nobulungisa, bangakhethi futhi babe abangenekayo.

UJobe wayenesithakazelo nakulabo ababengebona abendlu yakhe. Embula ukukhathalela kwakhe abanye, wathi: “Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale, . . . uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni, maliwe ihlombe lami esiphangeni, nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.” (Jobe 31:16-22) Kwangathi singabacabangela ngaleyo ndlela abasweleyo esibaziyo ebandleni.

Ngenxa yokuba nesithakazelo kwabanye ngokungenabugovu, uJobe wayengenisa izihambi. Ngakho, wayengathi: “Abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami.” (Jobe 31:32) Yeka ukuthi lesi yisibonelo esihle kanjani ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla! Lapho labo abasanda kuba nesithakazelo eqinisweni leBhayibheli beza eHholo LoMbuso, ukubamukela ngomoya wokungenisa izihambi kungase kubasize bathuthuke ngokomoya. Yiqiniso, ababonisi abajikelezayo kanye namanye amaKristu nabo bayawudinga umoya wethu wothando wokungenisa izihambi.—1 Petru 4:9; 3 Johane 5-8.

UJobe wayenesimo sengqondo esihle ngisho nasezitheni zakhe. Wayengalujabuleli usizi olwalungase lwehlele othile owayemzonda. (Jobe 31:29, 30) Kunalokho, wayezimisele ukubenzela okuhle abantu abanjalo, njengoba kubonakala ekuzimiseleni kwakhe ukuthandazela abaduduzi bakhe bamanga abathathu.—Jobe 16:2; 42:8, 9; qhathanisa noMathewu 5:43-48.

Wayemsulwa Ngokobulili

UJobe wayethembekile kumngane wakhe womshado, engalokothi avumele inhliziyo yakhe ukuba inamathele ngokungafanele komunye wesifazane. UJobe wathi: “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na? Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami, umkami makasilele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe. Ngokuba lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.”—Jobe 31:1, 9-11.

UJobe akazange avumele izifiso zokuziphatha okubi zonakalise inhliziyo yakhe. Kunalokho, waphishekela inkambo elungile. Yingakho uJehova uNkulunkulu ayijabulela le ndoda ethembekile eyalwisana nokuyengelwa ekuziphatheni okubi!—Mathewu 5:27-30.

Wayekhathalela Ingokomoya Lomkhaya Wakhe

Ngezinye izikhathi, amadodana kaJobe ayehlela amadili lapho kwakuba khona wonke amadodana namadodakazi akhe. Ngemva kokuba izinsuku zalawo madili sezidlulile, uJobe wayekhathazeka kakhulu ngokuthi kungenzeka izingane zakhe zazonile kuJehova ngandlela-thile. Ngakho uJobe wayethatha isinyathelo, ngoba ukulandisa okungokomBhalo kuthi: “Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: ‘Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.’” (Jobe 1:4, 5) Yeka ukuthi kumelwe ukuba lokhu kwakugxilisa kanjani emalungwini omkhaya wakhe ukukhathalela kwakhe ukuba abe nokwesaba kokuhlonipha uJehova futhi ahambe ezindleleni zaKhe!

Namuhla, izinhloko zemikhaya yamaKristu kudingeka zifundise imikhaya yazo iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (1 Thimothewu 5:8) Futhi kuyafaneleka ngokuqinisekile ukuthandazela amalungu omkhaya.—Roma 12:12.

Wakhuthazela Ngokwethembeka Ekulingweni

Abafundi abaningi beBhayibheli bajwayelene nezilingo ezinzima ezehlela uJobe. USathane uDeveli wayegomele ngokuthi uJobe wayeyothuka uNkulunkulu lapho engaphansi kwezimo ezivivinyayo. UJehova wayamukela le nselele, futhi ngaphandle kokulibala, uSathane wehlisela uJobe usizi. Walahlekelwa yiyo yonke imfuyo yakhe. Okubi nakakhulu, washonelwa yizo zonke izingane zakhe. Ngemva nje kwalokho, uSathane washaya uJobe ngamathumba amabi kusukela ekhanda kuya onyaweni.—Jobe, izahluko 1, 2.

Waba yini umphumela? Lapho umkakhe emnxusa ukuba athuke uNkulunkulu, uJobe wathi: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Ukulandisa kweBhayibheli kuyanezela: “Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.” (Jobe 2:10) Yebo, uJobe wakhuthazela ngokwethembeka ngaleyo ndlela wabonakalisa uDeveli engumqambimanga. Kwangathi nathi singakukhuthazelela ngendlela efanayo ukulingwa, sibonise ukuthi inkonzo esiyenzela uNkulunkulu siyenza sishukunyiswa uthando olumsulwa ngoJehova.—Mathewu 22:36-38.

Wakwamukela Ngokuthobeka Ukulungiswa

Nakuba uJobe ayeyisibonelo ngezindlela eziningi, wayengeyena umuntu ophelele. Yena ngokwakhe wathi: “Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.” (Jobe 14:4; Roma 5:12) Ngakho lapho uNkulunkulu ethi uJobe wayengenasici, lokho kwakunjalo ngomqondo wokuthi wayephila ngokuvumelana nakho konke uNkulunkulu ayekulindele kwenye yezinceku zakhe ezingaphelele nezinesono. Yeka umthombo wesikhuthazo!

UJobe wakukhuthazelela ukulingwa kwakhe, kodwa kwembula ukushiyeka. Lapho bezwa ngalo lonke usizi olwalumehlele, abaduduzi-mbumbulu abathathu bamvakashela. (Jobe 2:11-13) Bathi uJehova wayejezisa uJobe ngenxa yokwenza izono ezinkulu. Njengokulindelekile, uJobe waphatheka kabi ngenxa yalokho kumangalelwa okungamanga, ngakho wazama ngamandla ukuzivikela. Kodwa kulowo mzamo wakhe wokuzivikela, wehluleka ukulinganisela. Phela, uJobe waze wasikisela nokuthi wayelunge ukwedlula noNkulunkulu!—Jobe 35:2, 3.

Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayemthanda uJobe, wasebenzisa insizwa ethile ukuba iveze iphutha lakhe. Ukulandisa kuthi: “Lwase luvutha ulaka luka-Elihu . . . ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.” U-Elihu wathi: “UJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.’” (Jobe 32:2; 34:5) Nokho, u-Elihu akazange ahlanganyele ‘nabaduduzi’ abathathu ekuphetheni ngokuyiphutha ngokuthi uNkulunkulu wayejezisa uJobe ngezono zakhe. Kunalokho, u-Elihu wabonisa ukuqiniseka ngokwethembeka kukaJobe futhi wameluleka: “Icala liphambi [kukaJehova], ngakho kufanele umlinde ngokulangazela.” Ngempela, uJobe kwakufanele alindele uJehova kunokukhuluma ngokuphamazela ezivikela. U-Elihu waqinisekisa uJobe: “Ubulungisa nokuchichima kokulunga [uNkulunkulu] ngeke akululaze.”—Jobe 35:14; 37:23NW.

Ukucabanga kukaJobe kwakudinga ukulungiswa. Ngakho-ke, uJehova wamnika isifundo ngobuncane bomuntu uma buqhathaniswa nobukhulu bukaNkulunkulu. UJehova wakhomba umhlaba, ulwandle, amazulu anezinkanyezi, izilwane nenye indalo eningi emangalisayo. Ekugcineni, uNkulunkulu wakhuluma ngoLeviyathani—ingwenya. UJobe wakwamukela ngokuthobeka ukulungiswa, futhi usibekela esinye isibonelo kulokhu.

Nakuba kungenzeka senza kahle enkonzweni kaJehova, sizowenza amaphutha. Uma iphutha lilikhulu, uJehova angase asilungise ngezindlela ezithile. (IzAga 3:11, 12) Singase sikhumbule umbhalo ongase ukhathaze unembeza wethu. Mhlawumbe INqabayokulinda noma enye incwadi ye-Watch Tower Society ingase isho okuthile okusenza siqaphele iphutha. Noma kungenzeka umKristu esikanye naye aveze ngomusa ukuthi asizange sisebenzise isimiso esithile seBhayibheli. Siyosabela kanjani ekulungisweni okunjalo? UJobe wabonisa umoya wokuzisola, wathi: “Ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”—Jobe 42:6.

UJehova Wamvuza

UJehova wamvuza uJobe, wavumela le nceku yakhe ukuba iphile eminye iminyaka engu-140. Phakathi naleso sikhathi, wathola okungaphezulu kakhulu kwalokho okwamlahlekela. Futhi nakuba uJobe agcina efile, uyaqiniseka ukuthi uyovuselwa ezweni elisha likaNkulunkulu.—Jobe 42:12-17; Hezekeli 14:14; Johane 5:28, 29; 2 Petru 3:13.

Nathi singaqiniseka ngomusa nesibusiso sikaNkulunkulu uma simkhonza ngokwethembeka futhi samukela konke ukulungiswa esikutholayo okusekelwe eBhayibhelini. Ngenxa yalokho, siyoba nethemba eliqinisekile lokuphila esimisweni sezinto esisha sikaNkulunkulu. Okubaluleke nakakhulu, siyodumisa uNkulunkulu. Ukuziphatha kwethu kokwethembeka kuyovuzwa futhi siyonezela ebufakazini bokuthi abantu bakhe abamkhonzi ngenxa yezizathu zobugovu, kodwa bamkhonza ngenxa yothando oluqotho. Yeka indlela esinelungelo ngayo ngokwenza inhliziyo kaJehova ithokoze, njengoba kwenza uJobe othembekile, owakwamukela ngokuthobeka ukulungiswa!—IzAga 27:11.

[Izithombe ekhasini 26]

UJobe wabonisa ukuzikhathalela ngothando izintandane, abafelokazi nabanye

[Izithombe ekhasini 28]

UJobe wavuzwa ngokucebile ngenxa yokukwamukela ngokuthobeka ukulungiswa