Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isizotha—Imfanelo Ethuthukisa Ukuthula

Isizotha—Imfanelo Ethuthukisa Ukuthula

Isizotha—Imfanelo Ethuthukisa Ukuthula

Yeka indlela izwe ebeliyojabulisa ngayo ukube wonke umuntu ubebonisa isizotha. Abantu bebengeke bafune izinto eziningi kakhulu, amalungu omkhaya abengeke ahlale exabana, izinkampani bezingeke zincintisane kakhulu nezizwe bezingeke zithande ukulwa. Ubungathanda ukuhlala endaweni enjalo?

IZINCEKU zikaJehova uNkulunkulu zeqiniso zilungiselela izwe elisha alithembisile, lapho kuyo yonke indawo isizotha singeke sibhekwe njengobuthakathaka kodwa siyobhekwa njengamandla nobuhle. (2 Petru 3:13) Eqinisweni, zakha leyo mfanelo yesizotha ngisho namanje. Ngani? Ikakhulukazi ngoba lokhu yilokho uJehova akufunayo kuzo. Umprofethi wakhe uMika wabhala: “Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho [ngesizotha], na?”—Mika 6:8, qhathanisa ne-NW.

Isizotha singasho izinto eziningana, njengokungazazisi noma ukungazidli, nokungaziqhayisi ngamakhono onawo, okufinyelele nalokho onakho. Ngokwenye incwadi, isizotha sisho ‘nokungeqi imingcele.’ Umuntu onesizotha uhlala phakathi kwemingcele yokuziphatha okuhle. Futhi uyavuma ukuthi kunemingcele kulokho okufanele akwenze nalokho akwazi ukukwenza. Uyazi ukuthi zikhona izinto angenalo ilungelo lazo. Ngokuqinisekile, sizizwa sidonseleka kumuntu onesizotha. Imbongi eyiNgisi uJoseph Addison yabhala: “Ayikho into ethandeka ukwedlula isizotha sangempela.”

Isizotha asisona isici esingokwemvelo sabantu abangaphelele. Kumelwe senze umzamo wokuyakha le mfanelo. Ukuze lisikhuthaze, iZwi likaNkulunkulu lichaza izenzakalo eziningana ezibonisa izinhlobo ezihlukahlukene zesizotha.

Amakhosi Amabili Ayenesizotha

Enye yezinceku zikaJehova ezithembeke kakhulu kwakunguDavide, owagcotshwa eseyinsizwa ukuba abe inkosi yangesikhathi esizayo yakwa-Israyeli. Ngemva kwalokho, inkosi eyayibusa uSawule yamcindezela kakhulu uDavide ngokuzama ukumbulala nokumphoqelela ukuba aphile njengombaleki.—1 Samuweli 16:1, 11-13; 19:9, 10; 26:2, 3.

Ngisho nangaphansi kwalezo zimo, uDavide waqaphela ukuthi kwakunemingcele kulokho okwakufanele akwenze ukuze avikele ukuphila kwakhe. Kwesinye isenzakalo ehlane, uDavide wenqaba ukuba u-Abishayi alimaze iNkosi uSawule eyayilele, ethi: “Kuyinto engacabangeki, ngami, emehlweni kaJehova, ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova!” (1 Samuweli 26:8-11, NW) UDavide wayazi ukuthi wayengenalo igunya lokususa uSawule esikhundleni sakhe sokuba inkosi. Ngakho uDavide wabonisa isizotha kulesi senzakalo ngokuhlala phakathi kwemingcele yokuziphatha okufanele. Ngokufanayo, izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla ziyazi ukuthi “emehlweni kaJehova,” kunezinto ezingenakuzenza, ngisho nalapho ukuphila komuntu kusengozini.—IzEnzo 15:28, 29; 21:25.

Indodana yeNkosi uDavide uSolomoni nayo yabonisa isizotha lapho isentsha, nakuba kwakungendlela ethe ukuhluka. Lapho uSolomoni ebekwa esihlalweni sobukhosi, wazizwa engakufanelekele ukuthwala lowo mthwalo osindayo wokuba inkosi. Wathandaza: “Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.” Ngokusobala, uSolomoni wayekuqaphela ukuntula kwakhe ikhono nokuhlangenwe nakho. Ngakho wayenesizotha, ebonisa ukungazazisi noma ukuzidla. USolomoni wacela kuJehova ukuqonda futhi wakunikwa.—1 AmaKhosi 3:4-12.

UMesiya Nomanduleli Wakhe

Eminyakeni engaphezu kwenkulungwane ngemva kosuku lukaSolomoni, uJohane uMbhapathizi wenza umsebenzi wokulungisela uMesiya indlela. Njengomanduleli walowo Ogcotshiweyo, uJohane wagcwalisa isiprofetho seBhayibheli. Wayengaziqhayisa ngelungelo lakhe. UJohane wayengazama nokuzenza adunyiswe ngenxa yokuhlobana ngokwenyama noMesiya. Kodwa uJohane watshela abanye ukuthi wayengakufanelekeli ngisho nokuthukulula umchilo wembadada kaJesu. Futhi lapho uJesu ezobhapathizwa eMfuleni iJordani, uJohane wathi: “Yimi engidinga ukubhapathizwa nguwe, kodwa wena uza kimi?” Lokhu kubonisa ukuthi uJohane wayengeyena umuntu oziqhayisayo. Wayenesizotha.—Mathewu 3:14; Malaki 4:5, 6; Luka 1:13-17; Johane 1:26, 27.

Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele, eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Nakuba uJesu ayengumuntu ophelele, wathi: “Mina angikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kimi siqu . . . angifuni intando yami siqu, kodwa intando yalowo ongithumile.” Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange afune udumo lwabantu, kodwa wanika uJehova inkazimulo ngakho konke ayekwenza. (Johane 5:30, 41-44) Yeka isizotha!

Ngokusobala-ke, izinceku zikaJehova ezithembekile—njengoDavide, uSolomoni, uJohane uMbhapathizi, ngisho nomuntu ophelele uJesu Kristu—zabonisa isizotha. Azizange ziziqhayise, zizidle noma zizazise, futhi zazigcina ziphakathi kwemingcele efanele. Izibonelo zazo ziyizizathu ezanele zokuba izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla zakhe futhi zibonise isizotha. Nokho, zikhona nezinye izizathu zokwenza kanjalo.

Kule nkathi eyaluzayo yomlando wesintu, isizotha siyimfanelo eyinzuzo kakhulu kumaKristu eqiniso. Senza umuntu abe nokuthula noJehova uNkulunkulu, nabantu aphila nabo nakuye ngokwakhe.

Ukuthula NoJehova UNkulunkulu

Singakwazi ukuba nokuthula noJehova kuphela uma sizigcina siphakathi nemingcele ayibekela ukukhulekela kweqiniso. Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bayeqa imingcele eyayibekwe uNkulunkulu, futhi baba abantu bokuqala bokuba izisulu zokungabi nasizotha. Balahlekelwa ukuma kwabo okuhle noJehova, ikhaya labo, ikusasa labo nokuphila kwabo. (Genesise 3:1-5, 16-19) Yeka umphumela omubi ababhekana nawo!

Masifunde esiphambekweni sika-Adamu no-Eva, ngoba ukukhulekela kweqiniso kubeka imingcele endleleni okumelwe siziphathe ngayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi “izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) UJehova uyibeka ngokuhlakanipha le mingcele ukuze sizuze, futhi sibonisa ukuhlakanipha uma sizigcina siphakathi kwale mingcele. (Isaya 48:17, 18) IzAga 11:2 zithi: “Kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.”

Kuthiwani uma inhlangano yenkolo isitshela ukuthi singayeqa le mingcele kodwa siqhubeke sijabulela ukuthula noNkulunkulu? Leyo nhlangano izama ukusidukisa. Ngakolunye uhlangothi, isizotha sisisiza ukuba sihlakulele ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu.

Ukuba Nokuthula Nabanye

Isizotha sithuthukisa nobuhlobo obunokuthula nabanye. Ngokwesibonelo, lapho abazali bebeka isibonelo ngokwaneliswa ukuba nezidingo zokuphila futhi benza izinto ezingokomoya zize kuqala, izingane zabo cishe ziyoba nesimo sengqondo esifanayo. Lezo zingane ziyobe sezikuthola kulula ukwaneliseka, ngisho noma zingase zingakutholi ngaso sonke isikhathi lokho ezikufunayo. Lokhu kuyozisiza ukuba ziphile ngesizotha futhi ukuphila komkhaya kuyoba nokuthula ngokwengeziwe.

Labo abengamele kudingeka baqaphele ngokukhethekile ukuba babe nesizotha futhi bangalisebenzisi kabi igunya labo. Ngokwesibonelo, amaKristu ayayalwa: “Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiweyo.” (1 Korinte 4:6) Abadala bebandla bayaqaphela ukuthi akumelwe bazame ukuphoqelela abanye ukuba benze izinto ezithandwa yibo. Kunalokho, basebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengesisekelo sesikhuthazo senkambo elungile ezindabeni zokuziphatha, ukugqoka, ukuzilungisa noma ukuzilibazisa. (2 Thimothewu 3:14-17) Lapho amalungu ebandla eqaphela ukuthi abadala bazigcina bengaphakathi kwemingcele engokomBhalo, lokhu kuthuthukisa ukuhlonishwa kwabo kusize nasekwenzeni ibandla libe nemfudumalo, uthando nomoya wokuthula.

Ukuba Nokuthula Kwangaphakathi

Labo abanesizotha bavuzwa ngokuthula kwangaphakathi. Umuntu onesizotha akabi nesifiso esinamandla sokuvelela. Lokhu akusho ukuthi akanayo imigomo azibekele yona. Ngokwesibonelo, angase afisele amalungelo engeziwe enkonzo, kodwa ulindela uNkulunkulu, futhi udumisa uJehova nganoma imaphi amalungelo obuKristu awatholayo. Akawabheki njengazizuzele wona ngokwakhe. Lokhu kudonsela umuntu onesizotha eduze noJehova, “uNkulunkulu wokuthula.”—Filipi 4:9.

Ake sithi ngesinye isikhathi sizizwa singanakiwe ngabanye abantu. Ngeke yini kube ngcono ukunganakwa ngoba sinesizotha kunokuzenza sinakwe ngendlela engenasizotha? Abantu abanesizotha abakushisekeli ukuvelela. Ngakho, banokuthula kwangaphakathi, okuzuzisayo enhlalakahleni engokomzwelo nengokomzimba.

Ukwakha Nokulondoloza Isizotha

U-Adamu no-Eva bazivumela ukuba babe ngabangenasizotha—isici abasidlulisela enzalweni yabo. Yini engasisiza ukuba sigweme ukwenza iphutha elifana nelabazali bethu bokuqala? Singayakha kanjani le mfanelo enhle yesizotha?

Okokuqala nje, ukuqonda okunembile isimo sethu uma siqhathaniswa nesikaJehova, uMdali wendawo yonke, kuyosisiza. Yini esingayifinyelela engalinganiswa nalokho uNkulunkulu akufinyelele? UJehova wabuza inceku yakhe ethembekile uJobe: “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.” (Jobe 38:4) UJobe wayengenakuphendula. Ingabe asinalo nathi ulwazi, ikhono nokuhlangenwe nakho okulinganiselwe? Akuzuzisi yini ukuvuma ukulinganiselwa kwethu?

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyasitshela: “Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.” Lokhu kuhlanganisa “zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.” UJehova angathi: “Ngelami isiliva, ngelami igolide.” (IHubo 24:1; 50:10; Hagayi 2:8) Yini esinayo esingayiveza elingana nalokho uJehova anakho? Phela, ngisho nomuntu ocebe kunabo bonke akanasizathu sokuziqhayisa ngalokho anakho! Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukulandela iseluleko esiphefumulelwe umphostoli uPawulu asinika amaKristu aseRoma: “Ngomusa ongafanelwe engiwuphiwe ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange.”—Roma 12:3.

Njengoba izinceku zikaNkulunkulu kudingeka zihlakulele isizotha, kufanele sithandazele izithelo zomoya—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Ngani? Ngenxa yokuthi ngayinye yalezi zimfanelo iyokwenza kube lula ukuba sibe nesizotha. Ngokwesibonelo, ukuthanda abanye abantu kuyosisiza ukuba silwe nokuthambekela ekuziqhayiseni noma ekuzaziseni. Futhi ukuzithiba kuyosenza sime sicabange ngaphambi kokwenza okuthile ngokungenasizotha.

Masiqaphele! Kudingeka sihlale siziqaphile izingibe zokungabi nasizotha. Amakhosi amabili kulawo okukhulunywe ngawo ngaphambili awazange abe nesizotha ngaso sonke isikhathi. INkosi uDavide yagabadela ngokubala abantu kwa-Israyeli, okungokuthile okwakuphambene nentando kaJehova. INkosi uSolomoni yaba engenasizotha kwaze kwaba sezingeni lokuhlanganyela ekukhulekeleni kwamanga.—2 Samuweli 24:1-10; 1 AmaKhosi 11:1-13.

Uma nje lesi simiso sezinto esingenaNkulunkulu sisekhona, kudingeka sihlale siqaphile ukuze sibe nesizotha. Nokho, kuwufanele umzamo. Ezweni elisha likaNkulunkulu, umphakathi wesintu uyoba ngowabantu abanesizotha kuphela. Bayobheka isizotha njengamandla, hhayi njengobuthakathaka. Yeka indlela okuyoba kuhle ngayo lapho bonke abantu nemikhaya bebusiswa ngokuthula okubangelwa isizotha!

[Isithombe ekhasini 23]

Ngesizotha, uJesu wanika uJehova udumo ngakho konke akwenza