Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlanganyela Ithemba LobuKristu ESenegal

Ukuhlanganyela Ithemba LobuKristu ESenegal

Siwuhlobo Olunokholo

Ukuhlanganyela Ithemba LobuKristu ESenegal

IZINHLANZI bezilokhu ziwukudla okuyinhloko kusukela endulo. Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bedoba ezilwandle, emachibini nasemifuleni. Abanye babaphostoli bakaJesu Kristu babengabadobi oLwandle LwaseGalile. Nokho, uJesu wabafundisa olunye uhlobo lokudoba. Lokhu kwakuwukudoba okungokomoya, okwakungayikuzuzisa abadobi kuphela, kodwa nezinhlanzi.

Mayelana nalokhu, uJesu watshela umdobi uPetru: “Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.” (Luka 5:10) Lolu hlobo lokudoba luyenziwa namuhla emazweni angaphezu kuka-230, kuhlanganise neSenegal. (Mathewu 24:14) Lapha, “abadobi babantu” banamuhla bahlanganyela ithemba labo lobuKristu nabanye ngesibindi.—Mathewu 4:19.

ISenegal isechosheni elisentshonalanga ye-Afrika. Ihlanganisa izindawo eziwugwadule nezinesihlabathi emngceleni weSahara esenyakatho kuya emahlathini anomswakama aseCasamance eseningizimu. ISenegal iyizwe elihangulwa yimimoya egagadayo yasogwadule nayimimoya epholile neqabulayo ye-Atlantic. Lapha kuhlala abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-9. Abantu baseSenegal baziwa ngomoya wabo wokungenisa izihambi. Abaningi abazibizi ngamaKristu. Abaningi bangabelusi bezimvu, kanti abanye bangabelusi bezinkomo, bamakamela nabezimbuzi. Kukhona nabalimi, abalima amantongomane, ukotini nelayisi. Yebo, kukhona nabadobi, ababuya namanetha agcwele izinhlanzi zase-Atlantic Ocean nasemifuleni eminingana emikhulu ethubeleza kuleli zwe. Imboni yokudoba ineqhaza elibaluleke kakhulu emnothweni waseSenegal. Empeleni, isidlo sendawo esidumile yi-ceebu jën, isidlo esimnandi selayisi, inhlanzi nemifino.

“Abadobi Babantu”

Kunabashumayeli boMbuso kaNkulunkulu abashisekayo abangu-863 eSenegal. Ukudoba okungokomoya kwaqala lapha ngasekuqaleni kwawo-1950. Ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society lavulwa enhloko-dolobha iDakar ngo-1965. “Abadobi” abayizithunywa zevangeli baqala ukufika bevela emazweni amaningi akude. Umsebenzi ‘wokudoba’ waqala, futhi ukuhlanganyela ithemba lobuKristu kwathuthuka kancane kancane eSenegal. Ekugcineni, kwakhiwa izakhiwo ezintsha zegatsha e-Almadies, emaphethelweni eDakar futhi zanikezelwa kuJehova ngo-June 1999. Yeka isikhathi senjabulo!

Inselele Yokwamukela Iqiniso

Njalo kufinyelelwa abantu bezizinda ezihlukahlukene, futhi abanye baye basabela kahle emyalezweni wethemba otholakala eZwini likaNkulunkulu. Nakuba abaningi bengenalo ulwazi lweBhayibheli, bayakujabulela ukuthola ukuthi izethembiso uJehova uNkulunkulu azenza kubaprofethi basendulo ababethembekile zizogcwaliseka maduze.

Ngokuvamile kudinga isibindi ukumelela izimiso zobuKristu ngokuqinile, ikakhulukazi lapho kuhileleke amasiko nemikhuba yasekhaya. Ngokwesibonelo, ukuthatha isithembu kuvame kakhulu eSenegal. Cabanga ngendoda eyayinamakhosikazi amabili lapho iqala ukutadisha iBhayibheli. Ingabe yayizoba naso isibindi sokwamukela iqiniso lobuKristu futhi izivumelanise nemfuneko engokomBhalo yokuba yindoda emfazi munye kuphela? (1 Thimothewu 3:2) Futhi ingabe yayizomgcina umfazi wobusha bayo, eyamshada kuqala? Yilokho kanye eyakwenza, futhi manje ikhonza njengomdala oshisekayo kwelinye lamabandla amakhulu endaweni yaseDakar. Inkosikazi yayo yokuqala nayo isilamukele iqiniso kanye nazo zonke izingane zale ndoda ezingu-12, eziyishumi enkosikazini yokuqala nezimbili enkosikazini yesibili.

Esinye isithiyo ekwamukeleni ithemba lobuKristu kungaba ukuba ongafundile. Ingabe lokhu kusho ukuthi umuntu ongafundile akanakukwazi ukwamukela iqiniso futhi aphile ngalo? Nakancane. Cabanga ngesibonelo sikaMarie, unina ozikhandlayo wezingane ezincane ezingu-8. Washeshe wakubona ukubaluleka kokuxoxa nezingane zakhe ngombhalo weBhayibheli usuku ngalunye ngaphambi kokuba ziye esikoleni, yena aye emsebenzini. Kodwa wayengakwenza kanjani lokhu njengoba ayengakwazi ukufunda? Njalo ekuseni wayethatha incwajana Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke futhi ame emgwaqweni onesihlabathi phambi komuzi wakhe. Lapho abantu bedlula, wayebuza ukuthi bayakwazi yini ukufunda. Uma ethola othile owayekwazi, wayemnika incwajana abese ngobuqotho ethi: “Angikwazi ukufunda, ngakho ngicela ungifundele lesi siqephu namuhla?” Wayelalelisisa lapho kufundwa. Wayebe esebonga angene endlini ngokushesha ukuze axoxe ngentshiseko ngalo mbhalo nezingane zakhe ngaphambi kokuba ziye esikoleni!

Kusabela Abantu Bazo Zonke Izinhlobo

ESenegal, abantu batholakala behlezi emigwaqweni bedayisa izinhlanzi, imifino noma izithelo emakethe noma behlezi ngaphansi kwesihlahla esikhulu somkhomo beziphuzela i-ataya, itiye eliluhlaza elikhakhayo. Bezimisele ukuhlanganyela izindaba ezinhle nawo wonke umuntu abahlangana naye, abazalwane ababili bakhuluma nendoda ekhubazekile eyayiyisinxibi emgwaqweni. Ngemva kokuyibingelela, bathi: “Abantu abaningi bakunika imali kodwa abami baxoxe nawe. Sizé ukuzoxoxa nawe ngokuthile okubalulekile okuthinta ikusasa lakho.” Le ndoda yamangala. “Singathanda ukukubuza umbuzo,” kuqhubeka abazalwane. “Ucabanga ukuthi kungani kunokuhlupheka okungaka emhlabeni?” “Yintando kaNkulunkulu,” kuphendula le ndoda.

Abazalwane babe sebebonisana nayo ngemiBhalo futhi bachaza isAmbulo 21:4. Le ndoda yathinteka kakhulu ngenxa yalo myalezo wethemba nangenxa yokuthi othile wayenesithakazelo kuyo kangangokuthi aze ame axoxe nayo ngeBhayibheli. Yagcwala izinyembezi emehlweni. Kunokuba icele imali, yancenga abazalwane ukuba bathathe lonke uhlweza lwemali olwalusekopini layo! Yaphikelela kangangokuthi kwaze kwabona wonke umuntu odlulayo. Kwaba nzima kakhulu kubazalwane ukuyenza ivume ukuba bangayithathi imali. Ekugcineni yavuma kodwa yagcizelela ukuthi baphinde bayivakashele.

Iyunivesithi enkulu yaseDakar nayo iyanezela kulokho okubanjwe yinetha lokudoba elingokomoya. Lapho, umfundi wezokwelapha okuthiwa uJean-Louis waqala ukutadisha iBhayibheli. Walamukela ngokushesha iqiniso, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wabhapathizwa. Wayenesifiso sokukhonza uNkulunkulu enkonzweni yamaphayona esikhathi esigcwele, kodwa futhi wayezijabulela izifundo zakhe zezokwelapha. Ngenxa yesivumelwano ayesenze nezwe lenkaba yakhe, wayebophekile ukuba aziqede izifundo zakhe. Nokho, waqala ukukhonza njengephayona elisizayo ngaso leso sikhathi. Ngemva nje kokuthola iziqu zakhe zobudokotela, wamenywa ukuba ayokhonza njengodokotela wekhaya elikhulu laseBethel ese-Afrika. Enye insizwa eyatholakala eDakar University nayo manje ikhonza emkhayeni waseBethel ezweni lakubo.

Ukudoba okungokomoya eSenegal ngokuqinisekile kuyavuza. Izincwadi zeBhayibheli zoFakazi BakaJehova zaziswa kakhulu futhi manje zinyatheliswa nangolimi lwendawo lwesiWolof. Ukuzwa izindaba ezinhle ngolimi lwabo lwendabuko kuye kwakhuthaza abantu abaningi abanhliziyo ziqotho ukuba basabele ngokwazisa. Ngesibusiso sikaJehova, akungabazeki ukuthi kusazobanjwa izinhlanzi ezingokomfanekiso eziningi ezengeziwe, njengoba “abadobi babantu” abashisekayo baseSenegal beqhubeka behlanganyela ithemba lobuKristu ngokwethembeka nangesibindi.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

SENEGAL

[Isithombe]

Ukuhlanganyela ithemba lobuKristu eSenegal

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.