Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi

Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi

Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi

KUNZIMA ukubuchaza ubuthakathi banamuhla. Lokhu kungenxa yokuthi abathakathi bahlukene kakhulu. Abanalo igunya noma imfundiso eyinhloko noma incwadi engcwele ehlanganisa izinkolelo zabo. Bayahluka nangesiko, inhlangano, imikhuba nombono ngokuphathelene nokuthi ibaphi onkulunkulu okufanele bakhulekelwe. Omunye umlobi waphawula: “Ukulumba kunika umuntu ‘imakethe ekhululekile’ yemibono.” Omunye uthi: “Iningi lamaQaba Anamuhla alivumelani cishe ngakho konke.”

Kwabaningi, ukungaboni ngaso linye akuyona inkinga. Enye incwadi yeziqondiso yalabo abafisa ukuba abathakathi ithi: “Lapho ubekelwa inselele ngokwaziswa okubonakala kuphikisana, hlola lokhu kwazisa bese wenza isinqumo mayelana nokuthi ikuphi ozokulandela. Lalela umuzwa onawo. Ngamanye amazwi, zizwe ukhululekile ukukhetha phakathi kwemikhuba enyathelisiwe nezincwadi ezifundisa ngemikhuba ukuze unqume ukuthi yikuphi onomuzwa wokuthi kulungile.”

Kulabo abaqaphela isimo seqiniso, ukuphikisana okunjalo kuyinkinga. Iqiniso liyinto engokoqobo, into yangempela. Izinto azibi yiqiniso ngoba nje umuntu enomuzwa noma ethemba noma ekholelwa ukuthi ziyiqiniso. Ngokwesibonelo, esikhathini esithile odokotela babekholelwa ukuthi bangelapha i-pneumonia ngokusika inkukhu ephilayo phakathi ibe izingxenye ezimbili bese kubekwa lezo zingxenye esifubeni sesiguli. Akungabazeki ukuthi iziguli eziningi zazikholelwa ngobuqotho ukuthi le ndlela yokwelapha iyozelapha. Nokho, izinkolelo namathemba azo ayengavumelani neqiniso—inqubo enjalo ayiyelaphi i-pneumonia. Abantu abalakhi iqiniso; benza umzamo wokuliqonda.

IBhayibheli lithi lineqiniso eliphathelene nezindaba ezingokomoya. Lapho esemhlabeni, uJesu Kristu wathandaza wathi kuYise: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Abathakathi abaningi abavumelani nalokho. Kunalokho, bafuna isikhuthazo nesiqondiso ezinganekwaneni, ezinkolweni zasendulo ngisho nasezindabeni eziqanjiwe ezingokwesayensi. Nokho, akukhona yini okunengqondo okungenani ukucabangela lokho iBhayibheli elikushoyo? Kakade liqashelwa cishe emhlabeni wonke njengencwadi engcwele. Futhi lingomunye wemibhalo yenkolo emidala kakhulu eye yasinda. IBhayibheli lalotshwa phakathi neminyaka engaphezu kuka-1 600, kodwa liyavumelana lilonke ezimfundisweni zalo. Ake siqhathanise izimfundiso zeBhayibheli nezinkolelo ezithile ezivamile ezishiwo yilabo abathuthukisa ubuthakathi namuhla.

Obani Abahlala Endaweni Yomoya?

Umbuzo oyinhloko ekufuneni ukuqonda okungokomoya yilona, Obani abahlala endaweni yomoya? Nakuba abathakathi abaningi banamuhla bengabenkolo yonkulunkulu abaningi esekelwe emvelweni, abanye bakhulekela unkulunkulukazi omkhulu ongumama, obhekwa njengonendima ekathathu yokuba intombi, umama nesalukazi esimxhiliba, omelela amazinga ayisisekelo okuphila. Isithandwa sakhe ngunkulunkulu onezimpondo. Abanye abathakathi bakhulekela kokubili unkulunkulu nonkulunkulukazi. Omunye umlobi uthi: “UNkulunkulukazi noNkulunkulu “babhekwa njengabawukubonakaliswa kwamandla emvelo owesifazane nawowesilisa. Ngamunye unezici zakhe okuthi uma zihlanganiswa ziphumele endalweni yokuphilayo evumelanayo.” Omunye umlobi uyabhala: “Okunye ukukhetha okusemqoka kunakho konke okudingeka ukwenze eButhakathini ukukhetha onkulunkulu (oNkulunkulu/oNkulunkulukazi) ofuna ukusebenzelana nabo. . . . UButhakathi bukunika inkululeko yokukhetha bese udumisa olwakho uhlobo lukaNkulunkulu.”

Awukho kule mibono osekelwa iBhayibheli. Inkonzo yakhe yonke uJesu Kristu wayisebenzisela ukufundisa abanye ngoJehova, “owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Johane 17:3) IBhayibheli lithi: “Mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe.”—1 IziKronike 16:25, 26.

Kuthiwani ngoDeveli? I-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary ichaza ubuthakathi ngokuthi “ukukhuluma nodeveli.” Kungaba nzima namuhla ukuthola umthakathi oyovumelana nale ncazelo, ngoba abaningi abavumi ngisho nokuthi uSathane uDeveli ukhona. Omunye wesifazane osemusha, ochazwe kuyi-Irish Times ngokuthi “umthakathi wezinga eliphezulu nowumholi wabathakathi base-Ireland abaqavile,” uthi: “Ukukholelwa kuDeveli kusho ukwamukela ubuKristu . . . [UDeveli] akanakuhlala endaweni yonke lapho kungekho khona uNkulunkulu.”

IBhayibheli liyakuqinisekisa ukuba khona kukaDeveli futhi lisola yena ngokuningi kokuhlupheka nesiyaluyalu okusemhlabeni. (IsAmbulo 12:12) UJesu akagcinanga ngokufundisa ukuthi uDeveli ukhona kodwa wabonisa nokuthi kungenzeka ukuba wenze intando kaDeveli unganakile. Ngokwesibonelo, abaholi benkolo bangekhulu lokuqala ababezibona belungile bagomela ngokuthi babengamadodana kaNkulunkulu ngandlela-thile futhi babekholelwa ukuthi benza intando kaNkulunkulu. UJesu, owayengaqonda okwakusezinhliziyweni zabo, wayazi okuhlukile. Wabatshela ngokungagwegwesi: “Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo.” (Johane 8:44) Ngaphezu kwalokho, incwadi yeBhayibheli isAmbulo ithi uDeveli “[udukisa] umhlaba wonke owakhiwe.”—IsAmbulo 12:9.

Ingabe Imilingo Ethile Ilungile?

Yiqiniso, umlingo ubulokhu uhlotshaniswa nokulumba. * Abantu abaningi kokubili endulo nanamuhla bakholelwa ukuthi imilingo eyenziwa abathakathi yenzelwa ukulimaza abanye. Abathakathi kuthiwa banamandla okubangela ukuba abanye bezwe ubuhlungu obukhulu ngisho nokubabulala ngomlingo. Ngokuvamile, abathakathi baye basolwa cishe ngamashwa angenakubalwa, kuhlanganise nokugula, ukufa nokonakala kwesivuno.

Abathakathi banamuhla bakuphika ngokuqinile lokho. Nakuba bevuma ukuthi ngezinye izikhathi uba khona umthakathi owonakele owenza ububi, abaningi bathi umlingo wabo usetshenziselwa ukuzuzisa, hhayi ukulimaza. Labo abalandela inkolo yeWicca bafundisa ukuthi imiphumela yomlingo iyophindela nokuphindwe kathathu kumuntu owenzayo futhi athi lesi isizathu esiyinhloko esiwenza angakhiphi isiqalekiso. Izibonelo zalokhu okuthiwa umlingo ozuzisayo zihlanganisa ukuziqinisa, ukuqinisa umuzi wakho emandleni amabi ashiywe umuntu obehlala kuleyo ndlu ngaphambili, ukufaka umuntu intando, ukwenza umuntu asheshe alulame noma abe nempilo enhle, izingcabo zokungalahlekelwa umsebenzi nekhubalo lemali. Njengoba ubuthakathi sebunconywa ngamandla angako, akumangalisi ukuthi sebuthandwa kangaka.

Nokho, iBhayibheli alenzi mehluko phakathi komlingo omuhle nomubi. EMthethweni owanikwa uMose, uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi umiphi. Wathi: “Ningenzi imilingo.” (Levitikusi 19:26) Sifunda nokuthi: “Makungafunyanwa kuwe . . . owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini.”—Duteronomi 18:10, 11.

Kungani uNkulunkulu asho kanjalo? Akungoba efuna ukusincisha okuzuzisayo. UJehova wanika abantu bakhe le mithetho ngoba ebathanda futhi engafuni ukuba bagqilazwe ukwesaba nezinkolelo-ze. Kunalokho, unxusa izinceku zakhe ukuba zize kuye uma zidinga okuthile. UnguMuphi “[wezipho] zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.” (Jakobe 1:17) Umphostoli uJohane waqinisekisa ayekholwa nabo: “Noma yini esiyicelayo siyayamukela [kuNkulunkulu], ngoba sigcina imiyalo yakhe futhi senza izinto ezijabulisayo emehlweni akhe.”—1 Johane 3:22.

Kuthiwani Ngemimoya Emibi?

Abathakathi abaningi bayavumelana neBhayibheli kuleli phuzu: Imimoya emibi ikhona. Kwenye indaba umuntu owayesekela ubuthakathi waxwayisa: “Ngaphandle kunezithunzi: Zikhona, ezweni elingabonakali eliqondene nelethu elinezidalwa eziphilayo. . . . Amagama athi ‘Idemoni Elincane,’ ‘Umoya Omubi’ nelithi ‘Idemoni’ anembile ngempela. Inamandla kakhulu. . . . Uhlobo oluhlakaniphe kakhulu . . . luyakwazi (uma othile eba usizo ngokulamukela) ukungena ezweni lethu. . . . Lungangena emzimbeni wakho . . . , luze lukubuse ngezinga elithile. Yebo, lokhu kufana ncimishí nezindaba zakudala zokungenwa iDemoni.”

Ezikhathini zeBhayibheli, abantu ababengenwe idemoni babehlupheka ngezindlela ezihlukahlukene. Abanye balabo babengakwazi ukukhuluma, abanye beyizimpumputhe, abanye besangana, futhi abanye benamandla angaphezu kwawabantu. (Mathewu 9:32; 12:22; 17:15, 18; Marku 5:2-5; Luka 8:29; 9:42; 11:14; IzEnzo 19:16) Ngezinye izikhathi kwakuba buhlungu nakakhulu lapho umuntu engenwe amademoni amaningi ngesikhathi esisodwa. (Luka 8:2, 30) Khona-ke, ngokuqinisekile kungesizathu esihle uJehova axwayisa abantu ukuba badede ebuthakathini nakweminye imikhuba yokulumba.

Inkolo Esekelwe Eqinisweni

Abantu abaningi namuhla badonsekela ebuthakathini ngenxa yokuthi bubonakala buyinkolo yemvelo engenangozi nemnene. Kweminye imiphakathi buye bamukeleka. Abesatshwa. Kunalokho, ngokuvamile abushaywa mkhuba. Ubuthakathi buye bahlonishwa ngokuphawulekayo lapho ukubekezelelana ngokwenkolo kuholela abaningi ukuba bamukele ngisho nezinto ezimangalisayo.

Ngempela, izinkolo ziye zaba imakethe lapho abantu bekhetha khona ngokukhululekile inkolo evumelana nezidingo zabo, njengoba nje umuntu engathenga izicathulo. Ngokuphambene, uJesu wakhuluma ngezinto ezimbili kuphela okungakhethwa kuzo. Wathi: “Ngenani ngesango eliwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Njengokulindelekile, sikhululekile ukuba sikhethe indlela esizohamba ngayo. Kodwa njengoba kuhileleke inhlalakahle yethu yaphakade, lokho kukhetha kubaluleke kakhulu. Ukuze sikhanyiselwe ngokomoya, kumelwe siphishekele indlela yeqiniso—indlela etholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, kuphela.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 12 EsiNgisini, abanye basebenzisa igama elithi “magick” ukuze bahlukanise phakathi kwemilingo yokulumba nemilingo yaseshashalazini. Bheka isihloko esithi “Ingabe Ikhona Ingozi Ekwenzeni Umlingo?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1993, ikhasi 26.

[Isithombe ekhasini 5]

Abaningi namuhla babheka ubuthakathi njengenkolo yemvelo engenangozi

[Isithombe ekhasini 6]

Umlingo ubulokhu uhlotshaniswa nokulumba

[Isithombe ekhasini 6]

Ingabe abathakathi benza intando kaDeveli bengazi?

[Izithombe ekhasini 7]

IBhayibheli lembula indlela yeqiniso