Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umoya KaNkulunkulu Usebenza Kanjani Namuhla?

Umoya KaNkulunkulu Usebenza Kanjani Namuhla?

Umoya KaNkulunkulu Usebenza Kanjani Namuhla?

SASILUNYONGA kusukela esibelethweni sikanina. Nsuku zonke, sasihlala esangweni lethempeli elalibizwa ngokuthi eliHle ukuze sicele izipho zesihe kulabo ababengena ethempelini. Nokho, kwesinye isenzakalo, lesi sinxibi esikhubazekile sathola isipho esizidlula kude kakhulu izinhlamvu ezimbalwa ezincane. Saphulukiswa!—IzEnzo 3:2-8.

Nakuba kungumphostoli uPetru noJohane ‘abasiphakamisa’ okwenza ‘amathe ezinyawo zaso aqiniswa,’ abazange bazidumise ngalokho kuphulukisa. Ngani? UPetru ngokwakhe uyachaza: “Madoda akwa-Israyeli, kungani nimangala ngalokhu, noma kungani nisigqolozele njengokungathi siyenze yahamba ngamandla noma ngokuzinikela komuntu siqu kokuhlonipha uNkulunkulu?” Ngempela, uPetru noJohane babeqaphela ukuthi lezi zinto azizange zenziwe ngamandla abo kodwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu.—IzEnzo 3:7-16; 4:29-31.

Ngaleso sikhathi, ‘imisebenzi yamandla’ enjengaleyo yenziwa ukuze kuboniswe ukuthi ibandla lamaKristu elalisafufusa lalisekelwa uNkulunkulu. (Heberu 2:4) Kodwa ngemva kokufeza injongo yayo, umphostoli uPawulu uthi ‘yayizoqedwa.’ * (1 Korinte 13:8) Ngakho, ebandleni lamaKristu eqiniso manje asiboni kuphulukisa, ziprofetho noma kukhishwa kwamademoni okuvela kuNkulunkulu.

Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu awusasebenzi? Akunjalo neze! Ake sicabangele ezinye izindlela umoya kaNkulunkulu owawusebenza ngazo ekhulwini lokuqala nendlela osebenza ngayo osukwini lwethu.

“Umoya Weqiniso”

Omunye wemisebenzi yomoya kaNkulunkulu ongcwele ukwazisa, ukukhanyisela nokwembula amaqiniso. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nginezinto eziningi okusamelwe ngizisho kini, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje. Nokho, lapho efika yena, umoya weqiniso, uyoniqondisa kulo lonke iqiniso.”—Johane 16:12, 13.

“Umoya weqiniso” wathululwa ngePhentekoste lika-33 C.E. lapho abafundi abangaba ngu-120 ababebuthene ekamelweni eliphezulu eJerusalema bebhapathizwa ngomoya ongcwele. (IzEnzo 2:1-4) Umphostoli uPetru wayephakathi kwalabo ababekhona kulowo mkhosi waminyaka yonke. Egcwele umoya ongcwele, uPetru “wasukuma” wachaza, noma wacacisa, amaqiniso athile ngoJesu. Ngokwesibonelo, waphinde walandisa indlela “uJesu umNazaretha” ‘aphakanyiselwa ngayo esandleni sokunene sikaNkulunkulu.’ (IzEnzo 2:14, 22, 33) Futhi umoya kaNkulunkulu washukumisela uPetru ukuba amemezele ngesibindi ezilalelini zakhe ezingamaJuda, athi: “Yonke indlu ka-Israyeli mayazi ngokuqinisekile ukuthi uNkulunkulu wamenza kokubili iNkosi noKristu, loJesu enambethela.” (IzEnzo 2:36) Ngenxa yesigijimi sikaPetru esiphefumulelwe umoya, abantu abangaba izinkulungwane ezintathu “bamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke” futhi babhapathizwa. Ngale ndlela, umoya ongcwele kaNkulunkulu wasiza ekubaqondiseni eqinisweni.—IzEnzo 2:37-41.

Umoya ongcwele kaNkulunkulu waba nawumfundisi nomkhumbuzi. UJesu wathi: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, yena uyonifundisa zonke izinto futhi anikhumbuze zonke izinto enganitshela zona.”—Johane 14:26.

Umoya ongcwele wasebenza kanjani njengomfundisi? Umoya kaNkulunkulu wavula izingqondo zabafundi ngokuqondene nezinto ababezizwe kuJesu ngaphambili kodwa ababengazange baziqonde ngokugcwele. Ngokwesibonelo, abaphostoli babazi ukuthi phakathi nokuqulwa kwecala lakhe, uJesu watshela umbusi waseJudiya ongumRoma, uPontiyu Pilatu, ukuthi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yalelizwe.” Nokho, ngesikhathi sokukhuphukela kukaJesu ezulwini ezinsukwini ezingaphezu kuka-40 kamuva, abaphostoli babesenombono oyiphutha wokuthi uMbuso wawuyomiswa lapha emhlabeni. (Johane 18:36; IzEnzo 1:6) Ngokusobala, abaphostoli abakwazanga ukuyiqonda ngokugcwele incazelo yamazwi kaJesu kwaze kwaba ngemva kokuthululwa komoya ongcwele kaNkulunkulu ngePhentekoste lika-33 C.E.

Umoya kaNkulunkulu wasebenza nanjengomkhumbuzi ngokubakhumbuza izimfundiso ezihlukahlukene zikaJesu. Ngokwesibonelo, iziprofetho eziphathelene nokufa kukaKristu nokuvuka kwakhe zaqondwa ngokuhlukile ngosizo lomoya ongcwele. (Mathewu 16:21; Johane 12:16) Ukukhumbula izimfundiso zikaJesu kwenza abaphostoli bakwazi ukukuvikela ngesibindi ukuma kwabo phambi kwamakhosi, izimantshi nabaholi benkolo.—Marku 13:9-11; IzEnzo 4:5-20.

Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele kaNkulunkulu wasiza ekuqondiseni amaKristu okuqala ensimini ethelayo enkonzweni. (IzEnzo 16:6-10) Futhi umoya kaNkulunkulu washukumisela amaKristu okuqala ukuba ahlanganyele ekulobeni iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze kuzuze sonke isintu. (2 Thimothewu 3:16) Khona-ke, kusobala ukuthi umoya ongcwele wawusebenza ngezindlela ezihlukahlukene ngekhulu lokuqala. Wawungathululelwanga ukwenza izimangaliso kuphela.

Umoya Ongcwele Osukwini Lwethu

Ngokufanayo, umoya ongcwele ubulokhu uwasebenzela namaKristu eqiniso osukwini lwethu. Lokhu kwaba sobala eqenjini elincane labafundi beBhayibheli e-Allegheny, ePennsylvania, e-U.S.A., engxenyeni yokugcina yekhulu le-19. Laba bafundi beBhayibheli abaqotho babelangazelela ukwazi “iqiniso.”—Johane 8:32; 16:13.

Elinye ilungu laleli qembu, uCharles Taze Russell, ngokuphathelene nokulangazelela kwalo iqiniso lemiBhalo lathi: “Ngathandazela . . . ukuba ngenziwe ngikwazi ukukhipha enhliziyweni nasengqondweni yami noma imuphi umbono ongenasisekelo ongase ube isikhubekiso nokuba umoya wakhe ungiholele ekuqondeni okufanele.” UNkulunkulu wawubusisa lo mthandazo wokuthobeka.

Njengoba uRussell nayekanye nabo babeyihlola ngenkuthalo imiBhalo, izinto eziningana zakhanya. URussell wachaza: “Sathola ukuthi emakhulwini amaningi eminyaka amahlelo ahlukahlukene namaqembu aye ahlukaniselana ngezimfundiso zeBhayibheli, ngesilinganiso esithile ezixubanisa nokuqagela kwabantu namaphutha.” Lokhu kwaphumela kulokhu akubiza ngokuthi “ukubekwa kweqiniso endaweni engafanele.” Ngempela, amaqiniso emiBhalo ayegqitshwe ngaphansi kwenhlanganisela yezimfundiso zobuqaba ezazilokhu zingena kweLobukholwa phakathi namakhulu eminyaka. Kodwa uRussell wayezimisele ukwazi nokumemezela iqiniso.

Esebenzisa i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence, uRussell nalabo ayekanye nabo bazilahla ngesibindi izimfundiso zenkolo yamanga ezazimmelela kabi uNkulunkulu. Baqonda ukuthi—ngokuphambene nombono ovamile ongokwenkolo—umphefumulo uyafa, ukuthi lapho sifa siya ethuneni nokuthi uJehova ungukuphela kukaNkulunkulu weqiniso ngakho akayona ingxenye kaZiqu-zintathu.

Nokho, njengoba ungacabanga, ukudalulwa okunjalo kwezimfundiso zamanga kwabathukuthelisa abefundisi beLobukholwa. Bezimisele ukubambelela ezikhundleni zabo ezinethonya, abefundisi abaningi bamaKatolika nabamaProthestani bahlela imikhankaso eyayihloselwe ukujivaza uRussell. Kodwa yena nalabo ayenabo abazange bayeke. Ngokuqiniseka, bathembela emoyeni kaNkulunkulu ukuba ubaqondise. URussell wathi: “Isiqinisekiso seNkosi yethu siwukuthi . . . umoya ongcwele kaBaba, owathunyelwa ngenxa kaJesu uMhlengi, uMlamuleli neNhloko yethu, uyoba umfundisi wethu.” Wafundisa ngempela! Laba baFundi BeBhayibheli abaqotho baqhubeka bephuza amanzi ahlanzekile eqiniso aseBhayibhelini futhi bewamemezela emhlabeni wonke.—IsAmbulo 22:17.

Sekungaphezu kwekhulu leminyaka manje inhlangano yoFakazi BakaJehova yosuku lwanamuhla iqhubeka iqaphela ukuhola komoya ongcwele kaNkulunkulu. Njengoba umoya kaJehova uqhubeka ukhanyisa umbono wabo ongokomoya, oFakazi balwenza ngokuzimisela ushintsho oludingekayo ukuze bavumelane nokuqonda okuthuthukisiwe.—IzAga 4:18.

‘Niyoba Ofakazi Bami’

UJesu waveza okunye ukubonakaliswa komoya ongcwele kaNkulunkulu lapho etshela abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Isithembiso sikaJesu sokunika abafundi bakhe “amandla” kanye ‘nomoya ongcwele’ ukuze benze umsebenzi abawunikwe uNkulunkulu sisasebenza nanamuhla.

Njengeqembu, oFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngomsebenzi wabo wokushumayela. (Bheka ibhokisi.) Ngempela, oFakazi BakaJehova bakhuluma ngesigijimi seqiniso emazweni nasemaqenjini aseziqhingini angaphezu kuka-230. Baphakamisa amazwi abo ngesibindi besekela uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kwazo zonke izimo ongase uzicabange, kuhlanganise nokufaka ukuphila kwabo engozini ezindaweni ezikhungethwe impi. Intshiseko yabo ngenkonzo yobuKristu inikeza ubufakazi obunamandla bokuthi umoya ongcwele uyasebenza namuhla. Futhi kusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu uyayibusisa imizamo yabo.

Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule, kuye kwasetshenziswa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Waba yini umphumela? Abantu abangaba ngu-323 439 babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngokuzithoba obhapathizweni lwamanzi. Ngaphezu kwalokho, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamasonto onke ezingu-4 433 884 nabantu abathakazelayo. Sekukonke, kwahanjiswa izincwadi ezingu-24 607 741, omagazini abangu-631 162 309 nezincwajana ezingu-63 495 728. Yeka ubufakazi obunamandla bokusebenza komoya kaNkulunkulu!

Umoya KaNkulunkulu Nawe

Lapho umuntu esabela kahle ezindabeni ezinhle, evumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu futhi ezwakalisa ukholo lwakhe elungiselelweni lesihlengo, uba sethubeni lokuba nokuma okuhle noNkulunkulu. Kwabanjalo umphostoli uPawulu wathi: “UNkulunkulu . . . [ufaka] umoya wakhe ongcwele kini.”—1 Thesalonika 4:7, 8; 1 Korinte 6:9-11.

Ukuba nomoya kaNkulunkulu kuphumela ezibusisweni eziningi ezinhle. Hlobo luni lwezibusiso? Okokuqala, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lithi: “Izithelo zomoya ziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, [nokuzithiba].” (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla amakhulu ashukumisela kokuhle, enza umuntu abonise izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu.

Ngaphezu kwalokho, uma ufunda iBhayibheli futhi usebenzisa lokho okufundayo, umoya kaNkulunkulu ungakusiza ukuba ukhule ekuhlakanipheni, olwazini, ekuqondeni, ekwahluleleni nasekhonweni lokucabanga. INkosi uSolomoni yazuza “ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu” ngoba yafuna ukujabulisa uNkulunkulu kunabantu. (1 AmaKhosi 4:29) Njengoba uJehova anika uSolomoni umoya ongcwele, ngokuqinisekile ngeke awugodlele labo abafuna ukumjabulisa namuhla.

Umoya ongcwele kaNkulunkulu usiza amaKristu ukuba akwazi nokulwa noSathane namademoni, nalesi simiso sezinto esibi kanye nokuthambekela esonweni kwenyama yawo enesono. Kungenzeka kanjani lokho? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.” (Filipi 4:13) Umoya ongcwele ungase ungakususi ukulingwa noma izilingo, nokho ungakusiza ukuba ukukhuthazelele. Ngokuncika emoyeni kaNkulunkulu, singathola “amandla angaphezu kwavamile” okubhekana nanoma iziphi izinkathazo noma ukucindezeleka.—2 Korinte 4:7; 1 Korinte 10:13.

Lapho sicabangela bonke ubufakazi, akungabazeki ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu uyasebenza namuhla. Umoya kaJehova unikeza izinceku zakhe amandla okunikeza ubufakazi ngezinjongo zakhe ezinhle. Uyaqhubeka wembula ukubaneka kokukhanya okungokomoya futhi uqinisa ukholo lwethu, usisiza ukuba siqhubeke sithembekile kuMdali wethu. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uNkulunkulu uye wasigcwalisa isithembiso sakhe ngokunika izinceku zakhe ezithembekile namuhla umoya ongcwele!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Bheka isihloko esithi “Why Have the Miraculous Gifts of the Spirit Ceased?” kuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-August 15, 1971, amakhasi 501-5.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Lokho Abanye Abakushoyo NgoFakazi BakaJehova

“Njengoba amanye amasonto eqasha abathile ukuba badonsele abantu emasontweni noma eshikilisana nezindaba zanamuhla ezinjengobungqingili nokukhishwa kwezisu, oFakazi abayekethisi ukuze bazivumelanise naleli zwe elishintshayo. Basashumayela ngokuhlelekile eMhlabeni.”—I-Orange County Register yase-Orange County, eCalifornia, e-U.S.A.

“Lapho kuziwa ekusakazeni ukholo, zimbalwa izinhlangano ezishiseka . . . njengoFakazi BakaJehova.”—I-Republic yaseColumbus, e-Indiana, e-U.S.A.

“Bawukuphela kwabantu abangena endlini ngendlu ‘nezindaba ezinhle,’ besebenzisa izimiso zeBhayibheli.”—I-Życie Literackie, ePoland.

“Emkhankasweni wokushumayela omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona, oFakazi BakaJehova baye bayisa isigijimi sikaJehova emhlabeni wonke.”—I-News-Observer, eTamaqua, ePennsylvania, e-U.S.A.

[Izithombe ekhasini 9]

Umoya ongcwele kaNkulunkulu uyasikhanyisela ngokomoya,

. . . uthuthukisa izimfanelo ezinhle zobuKristu,

. . . futhi uyasisekela emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke