Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Izidlova Uzibheka Ngendlela UNkulunkulu Azibheka Ngayo?

Ingabe Izidlova Uzibheka Ngendlela UNkulunkulu Azibheka Ngayo?

Ingabe Izidlova Uzibheka Ngendlela UNkulunkulu Azibheka Ngayo?

Sekuyisikhathi eside abantu bazisa futhi bedumisa amadoda anamandla, abonisa amandla amakhulu nesibindI. Omunye walabo kwakuyiqhawe lasezinganekwaneni zaseGrisi yasendulo, UHeracles, noma uHercules, njengoba ayaziwa kanjalo ngamaRoma.

UHERACLES wayeyiqhawe elivelele elalidume kakhulu, isilwi esasinamandla amakhulu. Ngokwenganekwane, wayengunkulunkulu ongumuntu, umntwana kankulunkulu wamaGreki uZeus, no-Alcmene, unina ongumuntu. Ubuqhawe bakhe baqala esewusana. Lapho unkulunkulukazi onomona ethumela izinyoka ezimbili ezinkulu ukuba ziyombulala, uHeracles waziklinya. Kamuva ekuphileni walwa izimpi, wanqoba izilo, futhi walwa nesipoki esiphethe isikela elikhulu ukuze asindise umngane wakhe. Wabhubhisa namadolobha, wadlwengula abesifazane, wajikijela umfana esuka embhoshongweni, wabulala nomkakhe nezingane.

Nakuba engeyena umuntu ongokoqobo, kusukela kudala uHeracles wayesezindabeni zasemazweni asendulo aziwa amaGreki. AmaRoma ayemkhulekela njengonkulunkulu; abathengisi nabantu abasohambweni babethandaza kuye bacele ukuchuma nesivikelo ezingozini. Izindaba zobuqhawe bakhe ziye zathakazelisa abantu izinkulungwane zeminyaka.

Umsuka Wale Nganekwane

Ingabe izindaba zikaHeracles nezinye izinganekwane zamaqhawe zisekelwe kokungokoqobo? Ngomqondo othile, zingase zibe njalo. IBhayibheli likhuluma ngesikhathi, ekuqaleni komlando wabantu, lapho “onkulunkulu” kanye ‘nonkulunkulu abangabantu’ babekhona ngokoqobo emhlabeni.

Echaza leyo nkathi, uMose wabhala: “Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi, amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.”—Genesise 6:1, 2.

Lawo “madodana kaNkulunkulu” ayengebona abantu; ayengamadodana kaNkulunkulu ayizingelosi. (Qhathanisa noJobe 1:6; 2:1; 38:4, 7.) Umlobi weBhayibheli uJude ulandisa ukuthi ezinye izingelosi ‘azisigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo siqu yokuhlala efanele.’ (Jude 6) Ngamanye amazwi, zashiya indawo ezaziyabelwe enhlanganweni kaNkulunkulu yasezulwini ngoba zithanda ukuhlala nabesifazane abahle emhlabeni. UJude unezela ukuthi lezi zingelosi ezihlubukayo zazinjengabantu baseSodoma neGomora, ‘abenza ubufebe ngokweqile futhi balandela inyama ngenjongo yokuyisebenzisa ngokungekhona okwemvelo.’—Jude 7.

IBhayibheli alinikezi imininingwane egcwele ngemisebenzi yalezi zingelosi ezingalaleli. Nokho, ezinganekwaneni zasendulo zaseGrisi nakwezinye izindawo kunikezwa umbono wonkulunkulu nonkulunkulukazi abaningi ababephila phakathi kwabantu, bebonakala noma bengabonakali. Babebahle kakhulu lapho beziguqule abantu. Babedla, bephuza, belala, futhi beba nobuhlobo bobulili bebodwa futhi beba nabo nabantu. Nakuba kwakuthiwa bangcwele futhi abafi, babeqamba amanga futhi bekhohlisa, bexabana futhi belwa, beyenga futhi bedlwengula. Ukulandisa okunjalo kwasezinganekwaneni, nakuba kuhlotshisiwe futhi kusontiwe, kungase kunikeze umbono wezimo ezingokoqobo zangaphambi kukaZamcolo okukhulunywa ngazo encwadini yeBhayibheli uGenesise.

Amadoda Asendulo Anamandla, Anegama Lodumo

Izingelosi ezingalaleli ezaba ngabantu zaba nobuhlobo bobulili nabesifazane, abesifazane bazala abantwana. Laba kwakungebona abantwana abavamile. KwakungamaNefili, ingxube yabantu nezingelosi. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga [“amaNefili,” NW] emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.”—Genesise 6:4.

Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “amanefili” ngokwezwi nezwi lisho “abawisi,” abawisa abanye, noma ababangela abanye ukuba bawe, ngezenzo zobudlova. Ngakho, akumangalisi ukuthi ukulandisa kweBhayibheli kuyanezela: “Umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” (Genesise 6:11) Onkulunkulu abangabantu basezinganekwaneni, abanjengoHeracles neqhawe laseBabiloni uGilgamesh, bafana kakhulu namaNefili.

Phawula ukuthi amaNefili ayebizwa ngokuthi “amadodana . . . anamandla” nangokuthi “anegama lodumo.” Ngokungafani nendoda elungile uNowa, eyaphila ngaleso sikhathi, amaNefili ayengenandaba nokukhuthaza udumo lukaJehova. Ayekhathalela olwawo udumo, inkazimulo nedumela. Ngezenzo zamandla, ngokungangabazeki ezazihilela ubudlova nokuchitha igazi, azizuzela udumo ayelufisa ezweni elingamhloniphi uNkulunkulu elaliwazungezile. Ayengamaqhawe amakhulu osuku lwawo—esatshwa, ehlonishwa, futhi ebonakala engenakunqotshwa.

Nakuba amaNefili noyise abayizingelosi ezonakele kungenzeka babejabulela udumo emehlweni abantu ababephila ngesikhathi sabo, ngokuqinisekile ayengenalo udumo emehlweni kaNkulunkulu. Indlela yawo yokuphila yayenyanyeka. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wazithathela isinyathelo lezi zingelosi ezonile. Umphostoli uPetru wabhala: “UNkulunkulu engayekanga ukujezisa izingelosi ezona, kodwa, ngokuziphonsa eThartharusi, azinikela emigodini yesigayegaye ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa; futhi engayekanga ukujezisa izwe lasendulo, kodwa agcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.”—2 Petru 2:4, 5.

ESikhukhuleni sembulunga yonke, izingelosi ezihlubukayo zakhumula imizimba yazo yenyama futhi zihlazekile zabuyela endaweni yomoya. UNkulunkulu wazijezisa ngokuzenqabela ukuphinde zithathe imizimba yabantu. AmaNefili, inzalo yezingelosi ezingalaleli esesimweni esingaphezu kwesomuntu, abhubha wonke. UNowa nomkhaya wakhe omncane kuphela abasinda kuZamcolo.

Amadoda Odumo Namuhla

Namuhla, onkulunkulu nonkulunkulu abangabantu abasekho emhlabeni. Noma kunjalo, ubudlova buningi. Amadoda odumo anamuhla akhazinyuliswa ezincwadini, emabhayisikobho, kumathelevishini nasemculweni. Awakucabangi nakukucabanga ukuphendula esinye isihlathi, ukuthanda izitha zawo, ukufuna ukuthula, ukuthethelela noma ukufulathela ubudlova. (Mathewu 5:39, 44; Roma 12:17; Efesu 4:32; 1 Petru 3:11) Kunalokho, amadoda anamandla anamuhla aziswa ngenxa yamandla nekhono lawo lokulwa, ukuziphindiselela nokuphindisela ubudlova ngobudlova obukhulu nakakhulu. *

Kusukela ezinsukwini zikaNowa, umbono kaNkulunkulu ngabanjalo awuzange ushintshe. UJehova akabazisi labo abathanda ubudlova futhi akabujabuleli ubuqhawe babo. Umhubi wahlabelela: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.”—IHubo 11:5.

Uhlobo Oluhlukile Lwamandla

Ohluke ngokuphelele emadodeni anamandla anobudlova ngumuntu odume kunabo bonke abake baphila, uJesu Kristu, indoda yokuthula. Ngesikhathi esemhlabeni ‘akenzanga indluzula.’ (Isaya 53:9) Lapho izitha zakhe zifika zizombopha ensimini yaseGetsemane, abalandeli bakhe babenezinkemba. (Luka 22:38, 47-51) Babengakha iqembu lezilwi ukuze bazame ukuvimbela ukuba anganikelwa kumaJuda.—Johane 18:36.

Empeleni, umphostoli uPetru wahosha inkemba yakhe ukuze avikele uJesu, kodwa uJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:51, 52) Yebo, ubudlova bubangela ubudlova, njengoba umlando wesintu uye wabonisa ngokuphindaphindiwe. Ngaphandle kwethuba lokuzivikela ngezikhali, uJesu wayenenye indlela yokuzivikela. Wabe esethi kuPetru: “Ucabanga ukuthi anginakunxusa yini kuBaba ukuba anginikeze ngalomzuzwana amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili?”—Mathewu 26:53.

Kunokuba asebenzise ubudlova noma isivikelo sezingelosi, uJesu wavuma ukubanjwa yilabo abambulala. Ngani? Esinye isizathu sasiwukuthi wayazi ukuthi sasingakafiki isikhathi sokuba uYise wasezulwini aqede ububi emhlabeni. Esikhundleni sokuba enze izinto ngendlela yakhe, uJesu wathembela kuJehova.

Lesi kwakungesona isimo sobuthakathaka kodwa kwakungesamandla amakhulu angaphakathi. UJesu wabonisa ukholo oluqinile lokuthi uJehova uyolungisa izinto ngesikhathi nangendlela yaKhe. Ngenxa yokulalela kwakhe, uJesu waphakanyiselwa esikhundleni sodumo esilandela esikaJehova. Umphostoli uPawulu wabhala ngoJesu: “Wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Ngenxa yaso kanye lesi sizathu noNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi, nokuba zonke izindimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.”—Filipi 2:8-11.

Isithembiso SikaNkulunkulu Sokuqeda Ubudlova

AmaKristu eqiniso enza ukuphila kwawo kuvumelane nesibonelo nezimfundiso zikaJesu. Awazisi noma alingise amadoda ezwe odumo nanobudlova. Ayazi ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, abanjalo bazobhujiswa phakade, njengoba nje kwenzeka kwababi ngosuku lukaNowa.

UNkulunkulu unguMdali womhlaba nesintu. Futhi unguMbusi ofanele. (IsAmbulo 4:11) Uma umahluleli ongumuntu enegunya elingokomthetho lokukhipha izahlulelo, uNkulunkulu unegunya elikhulu nakakhulu lokwenza kanjalo. Inhlonipho yakhe ngezimiso zakhe ezilungile, nothando lwakhe ngalabo abamthandayo, kuyomshukumisela ukuba aqede bonke ububi nalabo ababenzayo.—Mathewu 13:41, 42; Luka 17:26-30.

Lokhu kuyoholela ekuthuleni okuhlala njalo emhlabeni, ekuthuleni okusekelwe ngokuqinile ebulungiseni nasekulungeni. Lokhu kwabikezelwa esiprofethweni esaziwayo esiphathelene noJesu Kristu: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.”—Isaya 9:6, 7.

Khona-ke, ngesizathu esihle, amaKristu alalela iseluleko sasendulo esiphefumulelwe: “Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe, ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.”—IzAga 3:31, 32.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 17 Abadlali abanobudlova emidlalweni eminingi ye-video nakumabhayisikobho ezinganekwane ezingokwesayensi ngokuvamile babonisa lezi zici ezimbi nezinobudlova ngezinga elikhulu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

AMADODA ANAMANDLA ANAMUHLA AZISWA NGENXA YAMANDLA NEKHONO LAWO LOKUPHINDISELA UBUDLOVA NGOBUDLOVA OBUKHULU NAKAKHULU

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Alinari/Art Resource, NY