Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:
• Yini eyakwenza kwaba lula ukwamukela uKhisimusi eKorea?
EKorea nakwamanye amazwe athile kwakunenkolelo yakudala ephathelene nonkulunkulu wasekhishini okwakucatshangwa ukuthi ufika ngoshimula elethe izipho ngo-December. Futhi, ngemva kweMpi Yezwe II, amasosha ase-United States ayemukelisa izipho nosizo oluthile emasontweni.—12/15, amakhasi 4, 5.
• Ngokokugcwaliseka kuka-Isaya 21:8, yimuphi “umlindi” uNkulunkulu aye waba naye esikhathini sethu?
AmaKristu agcotshwe ngomoya, akhonza njengesigaba somlindi, aye enza abantu ukuba baqaphele okushiwo yizenzakalo zezwe ezigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli. Aye asiza nabafundi beBhayibheli ukuba baqaphele futhi bagweme izimfundiso nemikhuba engeyona engokomBhalo.—1/1, amakhasi 8, 9.
• Ayengobani ama-“Polish Brethren”?
Ayeyiqembu lenkolo elincane ePoland phakathi nekhulu le-16 nele-17 elalikhuthaza ukunamathela eBhayibhelini, ngakho lizilahla izimfundiso zesonto zangaleso sikhathi, njengoZiqu-zintathu, ukubhapathizwa kwezinsana nesihogo somlilo. Ngokuhamba kwesikhathi, ashushiswa kanzima futhi aphoqeleka ukuba asakazekele kwamanye amazwe.—1/1, amakhasi 21-3.
• Kungani kufanele kwethenjwe iziprofetho zeBhayibheli kunezibikezelo zababikezeli bekusasa noma izazi zezinkanyezi?
Abantu abazibiza ngabaprofethi bazibonakalisa bengenakwethenjelwa ngoba bamshaya indiva uJehova neBhayibheli. Yiziprofetho zeBhayibheli kuphela ezingakusiza ukuba wazi ukuthi izenzakalo zihlobana kanjani nenjongo kaNkulunkulu, kanjalo uzuze phakade wena nomkhaya wakho.—1/15, ikhasi 3.
• Yimiphi eminye yemikhakha yobufakazi obufakazela ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina?
Sibona imiphumela yokukhishwa kukaSathane ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Siphila esikhathini ‘senkosi’ yokugcina okukhulunywa ngayo kusAmbulo 17:9-11. Inani lamaKristu agcotshiwe angempela liyancipha, kodwa nokho kubonakala sengathi amanye awo ayobe esesemhlabeni lapho kuqala usizi olukhulu.—1/15, amakhasi 12, 13.
• Yabhalwa nini incwadi kaHabakuki, futhi kungani kufanele sibe nesithakazelo kuyo?
Le ncwadi yeBhayibheli yabhalwa cishe ngo-628 B.C.E. Inesahlulelo sikaJehova phezu kukaJuda wasendulo neBabiloni. Ikhuluma nangesahlulelo saphezulu okungasensuku zatshwala sikhishwe kulesi simiso esibi.—2/1, ikhasi 8.
• Kukuphi eBhayibhelini lapho singathola khona iseluleko esihlakaniphile sikamama esiphathelene nabafazi abanekhono?
Isahluko sokugcina sencwadi yezAga, isahluko 31, siwumthombo omuhle kakhulu weseluleko esinjalo.—2/1, amakhasi 30, 31.
• Kungani singabonga ngokuthi uJehova uye wasembulela “umqondo kaKristu”? (1 Korinte 2:16)
Ngokusebenzisa ukulandisa kwamaVangeli, uJehova uye wasenza sakwazi ukufunda ngemicabango, imizwa, imisebenzi kaJesu nezinto ezaziza kuqala kuye. Lokhu kungasisiza sibe njengoJesu, ikakhulukazi ekugcizeleleni ngokuyinhloko umsebenzi wokushumayela osindisa ukuphila.—2/15, ikhasi 25.
• Ingabe uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo namuhla?
Yebo. Nakuba iBhayibheli libonisa ukuthi akuyona yonke imithandazo uNkulunkulu ayiphendulayo, izenzakalo zabathile namuhla zifakazela ukuthi uye wasabela kaningi kubantu abaye bathandazela induduzo nosizo ezintweni ezinjengokuxazulula izinkinga zasemshadweni.—3/1, amakhasi 3-7.
• Yini esingayenza ukuze sizuze emandleni kaNkulunkulu?
Singawacela ngomthandazo, sithole amandla angokomoya eBhayibhelini futhi siqiniswe ubudlelwane bobuKristu.—3/1, amakhasi 15, 16.
• Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zizuze ngokwengeziwe emihlanganweni yobuKristu?
Bangasiza izingane zabo zihlale ziphapheme, mhlawumbe bazilalise kancane kusengaphambili. Izingane zingakhuthazwa ukuba zibhale “amaphuzu,” anjengokubhala okuthile ephepheni njalo lapho kushiwo amagama eziwaziyo.—3/15, amakhasi 17, 18.
• Yiziphi ezinye zezinto esingazifunda esibonelweni sikaJobe?
UJobe wayenza ubuhlobo bakhe noNkulunkulu buze kuqala, wayengakhethi lapho esebenzelana nabanye abantu, wayezama ukuba qotho kumngane wakhe womshado, wayebonisa ukukhathalela ingokomoya lomkhaya wakhe futhi wakhuthazela ngaphansi kokuvivinywa.—3/15, amakhasi 25-7.
• Ingabe iBhayibheli linawo umbhalo othile ofihlekile ongasenza siqonde izigijimi ezifihliwe?
Cha. Ukuthi linombhalo othile okuthiwa ufihlekile kusengashiwo nangezincwadi ezithile zezwe. Ukushintshashintsha kwendlela yokubhala amagama emibhalweni yesandla yesiHeberu kungenza lokho okuthiwa umbhalo ofihlekile oseBhayibhelini kube okungenanjongo.—4/1, amakhasi 30, 31.