Ingabe Uyazitusa Kwabanye?
Ingabe Uyazitusa Kwabanye?
‘Anginandaba nokuthi abantu bacabangani!’ Mhlawumbe nawe uye wazithola ususho la mazwi ngesibindi ngenxa yentukuthelo noma ukukhungatheka. Kodwa lapho selibohlile igwebu, ungase ube nomuzwa wokukhathazeka. Ngani? Ngoba iningi lethu empeleni liyakukhathalela ukuthi abanye bacabangani ngathi.
NGEMPELA, kufanele siyikhathalele imizwa yabanye. Ikakhulukazi thina njengamaKristu, esiyizinceku ezimisiwe zikaJehova uNkulunkulu, kumelwe siyikhathalele ngokufanele indlela abanye abasibheka ngayo. Kakade, ‘siwumbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni.’ (1 Korinte 4:9) Kweyesi-2 Korinte 6:3, 4, sithola iseluleko esinengqondo somphostoli uPawulu: “Nangayiphi indlela asinikezi sizathu sokukhubeka, ukuze inkonzo yethu ingatholakali inephutha; kodwa ngazo zonke izindlela sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu.”
Nokho, kusho ukuthini ukuzitusa kwabanye? Ingabe kusho ukuzenza sithandwe noma sinakwe ngokungafanele, thina namakhono ethu? Cha. Kodwa kusho ukusebenzisa amazwi akweyoku-1 Petru 2:12 athi: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze . . . zikhazimulise uNkulunkulu . . . ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” AmaKristu azitusa ngokuvumela ukuziphatha kwawo kuzikhulumele! Ekugcineni, lokhu kuletha udumo kuNkulunkulu, hhayi kuwo. Nokho, ukuzitusa kwethu kwabanye kungase kusizuzise ngabanye. Ake sihlole izindawo ezintathu lapho okungase kukuthinte khona lokhu.
Njengongase Abe Umngane Womshado
Ngokwesibonelo, cabangela indaba yomshado. Uyisipho esivela kuJehova uNkulunkulu, Efesu 3:15) Mhlawumbe uyafisa ukushada ngolunye usuku. Uma kunjalo, ingabe uzitusa ngezinga elingakanani njengongase abe umngane womshado? Yebo, iliphi idumela oye wazenzela lona njengowesilisa noma njengowesifazane ongashadile ongumKristu?
“eqanjwe ngaye yonke imikhaya yasezulwini neyasemhlabeni.” (Kwamanye amazwe imikhaya ikukhathalela kakhulu lokhu. Ngokwesibonelo, eGhana, lapho abantu ababili befisa ukushada, kungokwesiko ukuba labo abangase babe umbhangqwana bazise abazali babo. Abazali babo babe sebazisa amanye amalungu omkhaya. Umkhaya wakubo wesilisa ube usuhamba uyoqinisekisa ngedumela lalowo wesifazane komakhelwane. Lapho abazali sebekholisekile ngokufaneleka kwalowo wesifazane, bazisa umkhaya wakubo kalowo wesifazane ngenhloso yendodana yabo yokushada nendodakazi yakulowo mkhaya. Umkhaya wakubo wesifazane ube usuhlola idumela lalowo wesilisa ngaphambi kokuvuma ukuba kushadwe. Ngakho, isisho sabantu baseGhana sithi, “Buza labo okufanele babe nolwazi ngaphambi kokuba ushade.”
Kuthiwani ngamazwe aseNtshonalanga, lapho ngokuvamile abantu bevumelekile ukuba bazikhethele abangane babo bomshado? Ngisho nalapho, owesilisa noma owesifazane ongumKristu ovuthiwe uyobe wenza ngokuhlakanipha uma efuna ukutusa okuqotho kulabo abamazi kahle lowo ongase abe umngane womshado, njengabazali noma abangane abavuthiwe. Ngokwencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, owesifazane osemusha angase azibuze: “‘Lo muntu unaliphi idumela? Obani abangane bakhe? Ingabe uyakubonisa ukuzithiba? Ubaphatha kanjani abantu abadala? Uvela ohlotsheni olunjani lomkhaya? Usebenzelana kanjani nawo? Siyini isimo sakhe sengqondo ngemali? Ingabe ulusebenzisa kabi uphuzo oludakayo? Ingabe uyisififane, futhi aze abe nobudlova? Unamiphi imithwalo yemfanelo yebandla, futhi uyiphatha kanjani? Ngingamhlonipha ngokujulile?’—Levitikusi 19:32; IzAga 22:29; 31:23; Efesu 5:3-5, 33; 1 Thimothewu 5:8; 6:10; Thithu 2:6, 7.” *
Owesilisa ngokufanayo angathanda ukubuza nganoma yimuphi owesifazane ongumKristu acabangela ukushada naye. NgokweBhayibheli, uBowazi waba nesithakazelo esinjalo kuRuthe, owesifazane ashada naye kamuva. Lapho uRuthe ebuza: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?” UBowazi wathi: ‘Kubikiwe kimi konke okwenzile.’ (Ruthe 2:10-12) Yebo, uBowazi akagcinanga ngokuzibonela ngokwakhe ukuthi uRuthe wayengowesifazane othembekile, ozinikezele nokhuthele kodwa wathola nemibiko emihle kwabanye.
Ngokufanayo, ukuziphatha kwakho kuyoba negalelo ekutheni abanye bakubheka njengomngane womshado ofanelekayo yini. Uzitusa kanjani ngempela kwabanye kulokhu?
Njengesisebenzi
Emsebenzini enye indawo lapho ukulondoloza ukuziphatha okuhle kungakuzuzisa khona. Bangase babe baningi abantu abafuna umsebenzi. Izisebenzi ezaziwa ngokuvukela igunya, ngokuba
nomkhuba wokufika ngemva kwesikhathi nokungathembeki zivame ukuxoshwa. Izinkampani zingase zihlalise phansi okwesikhashana izisebenzi ezinolwazi ukuze zinciphise izindleko. Lapho abantu abaphelelwe umsebenzi befuna umsebenzi omusha, bangase bathole ukuthi izinkampani zithintana nomqashi wangaphambili ukuze ziqiniseke ngemikhuba yabo yokusebenza, isimo sengqondo nolwazi. AmaKristu amaningi aye azitusa ngokuphumelelayo kubaqashi ngokuziphatha ngenhlonipho, ukugqoka okunesizotha, ukusebenzelana kahle nabanye nezimfanelo ezivelele zobuKristu.Ukuthembeka kungenye yezimfanelo ezinjalo—abaqashi abaningi abayibheka njengebalulekile. Njengomphostoli uPawulu, sifuna “ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Kwenye imayini yaseGhana, kwabikwa ukwebiwa kwezinto okuqhubekayo. Induna yasendaweni yokuhlunga, eyayinguFakazi, yaqhubeka isebenza kuyilapho abanye bexoshwa. Ngani? Abaphathi babeqaphele ukwethembeka kwayo phakathi neminyaka edlule. Inkuthalo yayo nokuhlonipha amagunya nakho kwakwaziwa kakhulu. Yebo, ukuziphatha kwayo okuhle kwayilondolozela umsebenzi wayo!
Yiziphi ezinye zezinto umKristu angazenza ukuze azituse emsebenzini? Funda ukuba nekhono kunoma imuphi umsebenzi owunikwayo. (IzAga 22:29) Sebenza ngenkuthalo nangobuqotho. (IzAga 10:4; 13:4) Hlonipha umqashi nenduna yakho. (Efesu 6:5) Ukugcina isikhathi, ukuthembeka, ukusebenza kahle nenkuthalo izimfanelo abaqashi abazazisayo, futhi lezo zimfanelo zingakusiza ukuba uthole umsebenzi ngisho nalapho imisebenzi iyivela kancane.
Amalungelo Asebandleni
Manje kunanini ngaphambili, kudingeka amadoda avuthiwe ukuze ahole ebandleni lobuKristu. Ngani? U-Isaya waprofetha: “Yenza ibe banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho.” (Isaya 54:2) Ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho, ibandla likaJehova lomhlaba wonke liyaqhubeka landa.
Ngakho uma ungowesilisa ongumKristu, ungazitusa kanjani njengokufanelekelayo ukukhonza njengomisiwe? Cabangela isibonelo sensizwa enguThimothewu. ULuka ubika ukuthi uThimothewu “wayekhulunyelwa kahle abafowethu eListra nase-Ikoniyu.” Yebo, ngokuziphatha kwayo okuhle, le nsizwa yazitusa kwabanye emizini emibili ehlukene. Ngakho-ke, uPawulu wacela ukuhamba noThimothewu enkonzweni yokujikeleza.—IzEnzo 16:1-4.
Namuhla owesilisa ‘angazama kanjani ukufinyelela isikhundla sombonisi’ ngendlela efanele neyokuhlonipha uNkulunkulu? Ngokuqinisekile ngeke enze kanjalo ngokukhankasela ukumiswa kodwa ngokuhlakulela izimfanelo ezingokomoya ezidingekayo kulo mthwalo wemfanelo. (1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Angabonisa nanokuthi ‘ufisa umsebenzi omuhle’ ngokuba nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela nowokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Labo abazitusa njengabesilisa abangamaKristu anokwethenjelwa baba nesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yabafowabo abangokomoya. Balandela iseluleko somphostoli uPawulu esithi: “Hlanganyelani izinto nabangcwele ngokwezidingo zabo. Landelani inkambo yokungenisa izihambi.” (Roma 12:13) Ngokwenza izinto ezinjalo, owesilisa ongumKristu ‘angazitusa njengesikhonzi sikaNkulunkulu.’
Ngazo Zonke Izikhathi
Ukuzitusa kwabanye akusho ukuzenzisa noma ‘ukujabulisa abantu.’ (Efesu 6:6) Ekugcineni, kusho ukuzitusa kuMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, ngokulandela imithetho nezimiso zakhe ngokucophelela. Uma uthuthukisa ingokomoya lakho futhi uqinisa ubuhlobo bakho noJehova uNkulunkulu, abanye bayoyiqaphela leyo ntuthuko endleleni osebenzelana ngayo namalungu omkhaya wakho, nalabo osebenza nabo kanye namaKristu okanye nawo. Futhi bayoqaphela ukuzinza nokulinganisela kwakho, ukwahlulela okuhle, ikhono lakho lokusingatha imithwalo yemfanelo nokuthobeka. Lokhu kuyokwenza bakuthande futhi bakuhloniphe, futhi okubaluleke nakakhulu, kuyokwenza wamukeleke kuJehova uNkulunkulu ngenxa yokuthi uyazitusa kwabanye!
[Umbhalo waphansi]
^ par. 8 Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 19]
Abazali abaningi babuza ngokuhlakanipha ngedumela lomuntu indodana noma indodakazi yabo ecabangela ukushada naye
[Isithombe ekhasini 20]
Umzalwane uzitusela amalungelo enkonzo ngokuba obacabangelayo abanye