Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kunesidingo Esikhulu Senduduzo!

Kunesidingo Esikhulu Senduduzo!

Kunesidingo Esikhulu Senduduzo!

“Bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.”—UMSHUMAYELI 4:1.

INGABE ufuna induduzo? Ulangazelela ukuba umsebe wenduduzo ukhanyise emafwini amnyama okudangala onako? Ingabe ulangazelela ingcosana yenduduzo enganandisa ukuphila okonakaliswe ukuhlupheka kanzima nalokho oye wabhekana nako okungemnandi?

Ngezikhathi ezithile, sonke siba nesidingo esikhulu senduduzo nesikhuthazo. Lokhu kungenxa yokuthi ziningi izinto ekuphileni ezibangela usizi. Sonke siyakudinga ukuvikelwa, ukufudunyezwa nokwangiwa. Abanye bethu sebegugile futhi abakujabuleli lokho. Abanye badumazeke kakhulu ngokuthi ukuphila akubanga ngendlela ababenethemba lokuthi kuzoba ngayo. Futhi abanye baye baphathwa kabi umbiko obuya egunjini lokuhlolwa kwezifo.

Ngaphezu kwalokho, bambalwa abangaphika ukuthi izenzakalo zesikhathi sethu ziye zenza kwaba nesidingo esikhulu senduduzo nethemba. Phakathi nekhulu leminyaka elidlule nje kuphela, bangaphezu kwezigidi eziyikhulu abantu abaye bafa empini. * Cishe bonke bashiya imikhaya elusizi—omama nobaba, abafowabo nodadewabo, abafelokazi nezintandane—iyidinga kakhulu induduzo. Namuhla, abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane baphila ngaphansi kwezimo zobumpofu obukhulu. Ingxenye yenani labantu basemhlabeni intula izinto zokwelapha ezivamile nemithi ebalulekile. Emigwaqweni yamadolobhakazi kuzulazula izigidi zezingane ezilahliwe, eziningi zazo ezisebenzisa izidakamizwa neziyizifebe. Izigidi zababaleki zilusizi emakamu anyantisayo.

Nokho, izibalo—kungakhathaliseki ukuthi ziphawuleka kangakanani—azisho lutho ngobuhlungu nokuhlupheka abanye ababhekene nabo ekuphileni kwabo. Ngokwesibonelo, cabangela uSvetlana, owesifazane osemusha waseBalkans owazalelwa ebumpofwini. * Uthi: “Ukuze sithole imali, ngangithunywa abazali bami ukuba ngihambe ngicela noma ngebe. Ukuphila komkhaya kwawohloka kangangokuba ngaba yisisulu sobuhlobo bobulili obuphakathi kwezihlobo. Ngathola umsebenzi wokuba uweta, futhi umama owayethatha iholo lami wayethi uma ngingake ngilahlekelwe umsebenzi wayezozibulala. Konke lokhu kwenza ngaba yisifebe. Ngangineminyaka engu-13 nje kuphela. Akuthathanga sikhathi, ngakhulelwa futhi ngakhipha isisu. Lapho ngineminyaka engu-15 ubudala, ngangibukeka njengomuntu oneminyaka engu-30 ubudala.”

ULaimonis, insizwa yaseLatvia, ulandisa ngesidingo senduduzo nezinkumbulo ezimuncu ezamenza wakhwantabala. Lapho eneminyaka engu-29 ubudala, wahileleka engozini yemoto eyamkhubaza kusuka okhalweni kwehle. Waphelelwa yithemba ngokuphelele futhi waphendukela otshwaleni. Eminyakeni emihlanu kamuva ukuphila kwakhe kwase konakele—ewumlutha wotshwala okhubazekile nongenakusasa. Wayengayitholaphi induduzo?

Noma cabanga ngo-Angie. Umyeni wakhe wahlinzwa ubuchopho kathathu, okwaqale kwamshiya ekhubazeke ingxenye yomzimba. Kwathi eminyakeni emihlanu ngemva kokuhlinzwa kokugcina wahileleka engozini enzima eyayingambulala. Lapho umkakhe engena egunjini labadinga usizo oluphuthumayo futhi ebona umyeni wakhe equlekile ngemva kokushayeka kabi ekhanda, wavele wazi ukuthi inkulu inhlekelele eyayiza. Ukuphila kwakuzoba nzima kuye nasemkhayeni wakhe. Wayengakuthola kanjani ukusekelwa nesikhuthazo?

KuPat, usuku oluthile lwasebusika eminyakeni ethile edlule lwabonakala luqale kahle. Nokho, izinsuku ezintathu ezalandela zasulwa enkumbulweni yakhe. Kamuva umyeni wakhe wamtshela ukuthi ngemva kokuba nezinhlungu ezinzima esifubeni wamelwa inhliziyo. Inhliziyo yakhe yaqale yashaya ngokushesha okukhulu, kodwa ngezinga elingafani, yabe isima ngqí. Wangabe esaphefumula. “Empeleni izimpawu zazibonisa ukuthi ngase ngifile,” kusho uPat. Kodwa ngandlela-thile wasinda. Mayelana nokuhlala kwakhe isikhathi eside esibhedlela, uthi: “Okuningi kokuhlola kwakungithusa, ikakhulukazi lapho bezama ukwenza inhliziyo yami ishaye ngokushesha bese ima, ngendlela eyayenze ngayo ngaphambili.” Yini eyayingamduduza futhi imenze akhululeke kulesi sikhathi esibucayi?

UJoe noRebecca bashonelwa indodana yabo eneminyaka engu-19 ubudala engozini yemoto. Bathi: “Akukaze kudingeke sibhekane nento ekhungathekisa kangaka. Nakuba esikhathini esidlule siye salila nabanye ngokulahlekelwa kwabo, asikaze sibuzwe ngempela ubuhlungu obukhulu benhliziyo esibuzwa manje.” Yini eyayingapholisa lobo “buhlungu obukhulu benhliziyo”—usizi olukhulu lokulahlekelwa umuntu omthanda kakhulu?

Bonke laba, nezigidi zabanye, baye bathola umthombo wenduduzo oyidlula yonke. Ukuze ubone ukuthi ungazuza kanjani nawe kulowo mthombo, siza uqhubeke ufunda.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Alaziwa inani eliqondile lamasosha nezakhamuzi eziye zafa. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene neMpi Yezwe II kuphela, incwadi yango-1998 ethi Facts About the American Wars ithi: “Imithombo eminingi ithi ingqikithi yabafa eMpini Yezwe II (amasosha nezakhamuzi) iyizigidi ezingu-50, kodwa abaningi abaye bacwaninga kanzulu ngale ndaba bakholelwa ukuthi inani eliqondile lingaphezulu—liliphinda kabili lelo nani.”

^ par. 6 Igama lishintshiwe.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 3]

UNITED NATIONS/PHOTO BY J. K. ISAAC

UN PHOTO 146150 BY O. MONSEN