Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwenza Zonke Izinto Zibe Zintsha—Njengoba Kwabikezelwa

Ukwenza Zonke Izinto Zibe Zintsha—Njengoba Kwabikezelwa

Ukwenza Zonke Izinto Zibe Zintsha—Njengoba Kwabikezelwa

“Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’ Futhi, uthi: . . . ‘Lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.’”—ISAMBULO 21:5.

1, 2. Kungani kufanelekile ukuba madolonzima kwabantu abaningi ukucabanga ngalokho ikusasa elikuphethe?

INGABE wake washo noma wacabanga ukuthi, ‘Kwazi bani ukuthi ikusasa liphetheni?’ Ungaqonda ukuthi kungani abantu bemadolonzima ukuqagela ukuthi ikusasa liphetheni noma ukuthembela kulabo abangase babe namawala bathi bayakwazi ukubikezela izinto eziseza. Abantu bamane nje abakwazi ukubikezela ngokunembile lokho okuzokwenzeka ezinyangeni noma eminyakeni ezayo.

2 Kumagazini i-Forbes ASAP kwakhulunywa ngesikhathi nje kuphela. Kuwo, umphathi wohlelo lwe-TV uRobert Cringely wabhala: “Ekugcineni isikhathi siyasihlaza sonke, kodwa akekho ohlazwa yisikhathi ngaphezu kwababikezeli. Ukuzama ukuqagela ikusasa ngumdlalo esehlulwa cishe njalo kuwo. . . . Noma kunjalo, labo okuthiwa ochwepheshe bayaqhubeka benza izibikezelo.”

3, 4. (a) Yimaphi amathemba obungcono abanye abanawo ngenkulungwane entsha? (b) Yiliphi ithemba elinengqondo abanye abanalo ngekusasa?

3 Kungenzeka uye waqaphela ukuthi njengoba inkulungwane entsha yeminyaka ingundab’ uzekwayo kangaka, kungase kubonakale sengathi bayanda abantu abacabanga ngekusasa. Ekuqaleni konyaka odlule, umagazini i-Maclean’s wathi: “Kubantu abaningi baseCanada unyaka ka-2000 kungenzeka ufane nje neminye iminyaka ekhalendeni, kodwa kungenzeka uqondane nesiqalo esisha ngempela.” UProfesa Chris Dewdney waseYork University wanikeza lesi sizathu esenza abathile babe namathemba obungcono: “Le nkulungwane isho ukuthi sizohlukana nekhulu leminyaka ebelilibi kakhulu.”

4 Ingabe lokho kuzwakala njengesifiso nje kuphela? ECanada kuphela, amaphesenti angu-22 alabo ababuzwa kuyinhlolovo ethile “akholelwa ukuthi unyaka ka-2000 uzoletha isiqalo esisha emhlabeni.” Eqinisweni, abangaba yisigamu “balindele okunye ukungqubuzana emhlabeni”—impi yomhlaba—ingakapheli iminyaka engu-50. Kusobala ukuthi iningi linomuzwa wokuthi inkulungwane entsha yeminyaka ayinakuziqeda izinkinga zethu, yenze zonke izinto zibe zintsha. USir Michael Atiyah, owayengumongameli we-Royal Society yaseBrithani, wabhala: “Ukushesha okukhulu kwezinguquko . . . kusho ukuthi ikhulu leminyaka lamashumi amabili nanye lizoletha izinselele ezinzima kuyo yonke impucuko yethu. Izinkinga zokwenyuka kwenani labantu, ukuntuleka kwezinto zokusekela ukuphila, ukungcoliswa kwendawo ezungezile nobumpofu kuyo yonke indawo, zisikhungethe kakade futhi kumelwe kulwiswane nazo ngokuphuthumayo.”

5. Singakutholaphi ukwaziswa okunokwethenjelwa mayelana nalokho okuseza?

5 Ungase uzibuze, ‘Njengoba abantu bengakwazi ukubikezela ukuthi ikusasa lethu liphetheni, akufanele yini simane sikhohlwe yikusasa?’ Cha! Kuyavunywa, abantu abakwazi ukubikezela ngokunembile izinto ezizayo, kodwa akufanele siphethe ngokuthi akekho okwaziyo. Ubani-ke okwaziyo, futhi kungani kufanele sibe nethemba lekusasa elihle? Ungathola izimpendulo ezanelisayo ezibikezelweni ezine ezicacile. Zilotshwe encwadini abantu abaningi abanayo nabayifundayo, nokho eyincwadi engaqondwa nenganakwa kunazo zonke—iBhayibheli. Kungakhathaliseki ukuthi ucabangani ngeBhayibheli, futhi kungakhathaliseki ukuthi ulijwayele kakhulu kangakanani, kuzokusiza ukucabangela lezi zindima ezine eziyisisekelo. Eqinisweni zibikezela ikusasa eliqhakaze ngempela. Ngaphezu kwalokho, lezi ziprofetho ezine eziyinhloko zibeka ngamafuphi lokho ikusasa lakho nelabathandekayo bakho elingaba yiko.

6, 7. Waprofetha nini u-Isaya, futhi izibikezelo zakhe zagcwaliseka kanjani ngokumangalisayo?

6 Esokuqala siku-Isaya isahluko 65. Ngaphambi kokuba usifunde, sibone ngokucacile isimo sezinto—isikhathi okwabhalwa ngaso le ndaba nesimo eyayikhuluma ngaso. Umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya, owabhala la mazwi, wayephila esikhathini esingaphezu kweminyaka eyikhulu ngaphambi kokuphela kombuso wakwaJuda. Isiphelo safika lapho uJehova esusa isivikelo sakhe kumaJuda angathembekile, evumela ukuba abaseBabiloni bachithe iJerusalema futhi badingise abantu balo. Lokho kwenzeka ngemva kweminyaka engaphezu kweyikhulu u-Isaya akubikezela.—2 IziKronike 36:15-21.

7 Mayelana nomlando ophathelene nokugcwaliseka kwalesi sibikezelo, khumbula ukuthi ngesiqondiso sikaNkulunkulu, u-Isaya wabikezela igama lomPheresiya owayengakazalwa, uKoresi, owagcina egumbuqele iBabiloni. (Isaya 45:1) UKoresi wavula indlela yokubuyela kwamaJuda ezweni lawo ngo-537 B.C.E. Ngokumangalisayo, u-Isaya wakubikezela lokho kubuyiselwa, njengoba singafunda esahlukweni 65. Wagxila esimweni ama-Israyeli ayeyosijabulela lapho esebuyele ezweni lawo.

8. Yiliphi ikusasa elijabulisayo u-Isaya alibikezela, futhi yimaphi amazwi athakazelisa ngokukhethekile?

8 Ku-Isaya 65:17-19 siyafunda: “Bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo. Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.” Ngokuqinisekile, u-Isaya wachaza izimo ezazingcono kakhulu kunalezo amaJuda ayephile kuzo eBabiloni. Wabikezela injabulo nokwethaba. Manje bheka inkulumo ethi “izulu elisha nomhlaba omusha.” Lesi yisikhathi sokuqala kwezine le nkulumo evela ngazo eBhayibhelini, futhi lezi zindima ezine zingalithinta ngokuqondile ikusasa lethu, zize zilibikezele nokulibikezela.

9. AmaJuda asendulo ayehileleke kanjani ekugcwalisekeni kuka-Isaya 65:17-19?

9 Ukugcwaliseka kokuqala kuka-Isaya 65:17-19 kwakuhilela amaJuda asendulo, lawo abuyela ngempela ezweni lawo, amisa kabusha ukukhulekela okuhlanzekile, njengoba u-Isaya abikezela ngokunembile. (Ezra 1:1-4; 3:1-4) Uyaqaphela ukuthi abuyela ezweni elikuyo le planethi, hhayi kwenye indawo emkhathini. Ukuqaphela lokho kungasisiza sibone ukuthi wayesho ukuthini u-Isaya lapho ekhuluma ngamazulu amasha nomhlaba omusha. Akudingekile ukuba sicabangele, njengoba kwenza abanye, ngeziprofetho ezingacacile zikaNostradamus noma zabanye ababikezeli abangabantu. IBhayibheli ngokwalo liyakucacisa lokho u-Isaya ayekusho.

10. Kufanele siwuqonde kanjani “umhlaba” omusha u-Isaya awubikezela?

10 EBhayibhelini, elithi “umhlaba” alibhekiseli ngaso sonke isikhathi embulungeni yethu. Ngokwesibonelo, iHubo 96:1 lithi: ‘Hlabelelani kuJehova mhlaba wonke.’ Siyazi ukuthi iplanethi yethu—inhlabathi esakhe kuyo nezilwandlekazi—akukwazi ukuhlabelela. Ngabantu abahlabelelayo. Yebo, IHubo 96:1 libhekisela kubantu abasemhlabeni. * Kodwa u-Isaya 65:17 ukhuluma ‘nangamazulu amasha.’ Uma ‘umhlaba’ umelela umphakathi omusha wabantu ezweni lamaJuda, ayini-ke “amazulu amasha”?

11. Amazwi athi “amazulu amasha” abonisani?

11 I-Cyclopædia of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature kaM’Clintock noStrong ithi: “Noma nini lapho kuchazwa isigcawu esingokwesiprofetho, izulu lifanekisela . . . yonke imibuso ebusayo ihlanganiswé ndawonye . . . njengoba ingaphezu kwezikhonzi zayo futhi izibusa, njengoba nje namazulu emvelo engaphezu komhlaba futhi ewubusa.” Ngokuqondene nenkulumo ethi “izulu nomhlaba,” le Cyclopedia ichaza ithi, ‘ngolimi lwesiprofetho la mazwi abonisa isimo sabantu bezigaba ezingafani kwezombusazwe. Izulu limelela ababusi; umhlaba abantukazana, abantu ababuswa ngabakhulu kunabo.’

12. AmaJuda asendulo awathola kanjani “amazulu amasha nomhlaba omusha”?

12 Lapho amaJuda ebuyela ezweni lawo, azuza lokho okungase kubizwe ngokuthi isimiso esisha sezinto. Ayenendikimba entsha ebusayo. UZerubabele, wozalo lweNkosi uDavide, wayengumbusi, uJoshuwa engumpristi ophakeme. (Hagayi 1:1, 12; 2:21; Zakariya 6:11) Laba bakha ‘amazulu amasha.’ Babengameleni? Lawo ‘mazulu amasha’ ayengamele “umhlaba omusha,” umphakathi ohlanziwe wabantu ababebuyele ezweni labo ukuze bakhe kabusha iJerusalema nethempeli lalo lokukhulekela uJehova. Ngakho, ngalo mqondo ongokoqobo, kwaba khona amazulu amasha nomhlaba omusha ekugcwalisekeni okwakuhilela amaJuda ngaleso sikhathi.

13, 14. (a) Iyiphi enye indawo okuvela kuyo inkulumo ethi “amazulu amasha nomhlaba omusha” okufanele siyihlole? (b) Kungani isiprofetho sikaPetru sithakazelisa ngokukhethekile manje?

13 Qaphela, ungalahlekelwa yiphuzu. Lokhu asikwenzeli ukubonisa ukuthi siyakwazi ukuchaza iBhayibheli noma ukubukeza kafushane umlando wasendulo. Lokhu ungakubona ngokudlulela kwenye indawo okuvela kuyo inkulumo ethi “amazulu amasha nomhlaba omusha.” Kweyesi-2 Petru isahluko 3, uzothola lapho ivela khona futhi ubone ukuthi ikusasa lethu lihilelekile.

14 Umphostoli uPetru wabhala incwadi yakhe eminyakeni engaphezu kwengu-500 ngemva kokuba amaJuda abuyela ezweni lawo. Njengomunye wabaphostoli bakaJesu, uPetru wayebhalela abalandeli bakaKristu, ‘iNkosi’ okukhulunywe ngayo kweyesi-2 Petru 3:2. Evesini 4, uPetru uveza indaba ‘yokuba khona’ kukaJesu “okuthenjisiwe,” okwenza lesi siprofetho sibe esihlobene kakhulu nosuku lwethu. Kunobufakazi obanele obubonisa ukuthi kusukela ngeMpi Yezwe I, uJesu ubelokhu ekhona ngomqondo wokuba negunya njengoMbusi eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 6:1-8; 11:15, 18) Lokhu kuba nencazelo ekhethekile uma sibheka okunye uPetru akubikezela kulesi sahluko.

15. Sigcwaliseka kanjani isiprofetho sikaPetru ‘samazulu amasha’?

15 Kweyesi-2 Petru 3:13 siyafunda: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” Kungenzeka ukuthi usuyazi ukuthi uJesu osezulwini unguMbusi oyinhloko ‘emazulwini amasha.’ (Luka 1:32, 33) Nokho, ezinye izindima zeBhayibheli zibonisa ukuthi akabusi yedwa. UJesu wathembisa ukuthi abaphostoli kanye nabanye abanjengabo babeyoba nendawo ezulwini. Encwadini yamaHeberu, umphostoli uPawulu wachaza abanjalo ngokuthi “abahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini.” UJesu wathi futhi labo abakuleli qembu babeyohlala ezihlalweni zobukhosi ezulwini kanye naye. (Heberu 3:1; Mathewu 19:28; Luka 22:28-30; Johane 14:2, 3) Iphuzu liwukuthi kukhona abanye ababusa kanye noJesu njengengxenye yamazulu amasha. Uyini-ke “umhlaba omusha” uPetru akhuluma ngawo?

16. Yimuphi ‘umhlaba omusha’ osukhona kakade?

16 Njengasekugcwalisekeni kwasendulo—ukubuyela kwamaJuda ezweni lawo—ukugcwaliseka kwamanje kweyesi-2 Petru 3:13 kuhilela abantu abazithobayo ekubuseni kwala mazulu amasha. Namuhla ungathola abayizigidi abazithoba ngenjabulo kulokho kubusa. Bayazuza esimisweni sako sokufundisa futhi balwela ukugcina imithetho yako etholakala eBhayibhelini. (Isaya 54:13) Laba bakha isisekelo ‘somhlaba omusha’ ngomqondo wokuthi bakha umphakathi wembulunga yonke wazo zonke izizwe, izilimi nezinhlanga, futhi basebenza ndawonye bethobela iNkosi ebusayo, uJesu Kristu. Kuyinto ephawulekayo ukuthi nawe ungaba ngomunye wabo!—Mika 4:1-4.

17, 18. Kungani amazwi eyesi-2 Petru 3:13 esinikeza isizathu sokulangazelela ikusasa?

17 Ungabi nomuzwa wokuthi kuphelela lapha, ukuthi sisala singenawo umbono oningiliziwe wekusasa. Eqinisweni, uma uhlola umongo weyesi-2 Petru isahluko 3, uzothola izimpawu zoshintsho olukhulu oluzayo. Emavesini 5 no-6, uPetru ubhala ngeSikhukhula sosuku lukaNowa, uZamcolo owaqeda izwe elonakele langaleso sikhathi. Evesini 7, uPetru uphawula ukuthi “amazulu nomhlaba okukhona manje,” kokubili ababusi nabantu, kugcinelwe ‘usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ Lokhu kufakazela ukuthi inkulumo ethi “amazulu nomhlaba okukhona manje” ayibhekiseli embulungeni yethu engokoqobo, kodwa kubantu nababusi babo.

18 UPetru ube esechaza ukuthi lolu suku lukaJehova oluzayo luyobangela ukuhlanzwa okukhulu, luvula indlela yamazulu amasha nomhlaba omusha okukhulunywa ngako evesini 13. Phawula isiphetho salelo vesi—“kukho kuyohlala ukulunga.” Lokho akusikiseli yini ukuthi kumelwe kwenzeke izinguquko ezinkulu zobungcono? Akunikezi yini ithemba lezinto ezintsha ngempela, isikhathi lapho abantu beyokujabulela ngokwengeziwe ukuphila kunanamuhla? Uma ukwazi ukukubona lokho, khona-ke usunawo umbono walokho iBhayibheli elikubikezelayo, umbono okunabambalwa abanawo.

19. Kukusiphi isimo lapho incwadi yesAmbulo ikhuluma khona ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha’ okuseza?

19 Ake siqhubeke. Siye sabheka indawo okuvela kuyo amazwi athi “amazulu amasha nomhlaba omusha” ku-Isaya isahluko 65 nenye kweyesi-2 Petru isahluko 3. Manje phenya kusAmbulo isahluko 21, lapho ivela khona futhi le nkulumo eBhayibhelini. Nalapha, kuzosisiza ukuba siqonde isimo. Ezahlukweni ezimbili ezandulele, kusAmbulo isahluko 19, sithola impi echazwa ngamazwi acacile afanekiselayo—kodwa akuyona impi ephakathi kwezizwe ezimbili ezizondanayo. Kolunye uhlangothi kule mpi kukhona “uLizwi KaNkulunkulu.” Kungenzeka uyazi ukuthi lesi yisiqu esibhekisela kuJesu Kristu. (Johane 1:1, 14) Usezulwini, futhi lo mbono umveza ekanye namabutho akhe asezulwini. Balwa nobani? Lesi sahluko siphawula ‘amakhosi,’ ‘abalawuli bamabutho’ nabantu bezigaba ezihlukahlukene, kokubili ‘abancane nabakhulu.’ Le mpi ihilela usuku lukaJehova oluzayo, ukupheliswa kobubi. (2 Thesalonika 1:6-10) Uma siqhubekela phambili, isAmbulo isahluko 20 siqala ngokuchaza ukususwa ‘kwenyoka yokuqala, enguDeveli noSathane.’ Lokhu kusilungiselela ukuhlola isAmbulo isahluko 21.

20. IsAmbulo 21:1 sibonisa ukuthi yiluphi ushintsho olubalulekile oluzayo?

20 Umphostoli uJohane uqala ngamazwi avusa amadlingozi: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwakudlulile, nolwandle alusekho.” Ngesisekelo salokho esikubonile ku-Isaya isahluko 65 neyesi-2 Petru isahluko 3, singaqiniseka ukuthi lokhu akusho ukususwa kwamazulu angokoqobo neplanethi yethu notwa lwamanzi. Njengoba izahluko ezandulele zibonisile, abantu ababi bayosuswa kanye nokubusa kwabo, kuhlanganise nombusi ongabonakali uSathane. Yebo, okuthenjiswa lapha yisimiso esisha sezinto esihilela abantu abasemhlabeni.

21, 22. Yiziphi izibusiso uJohane asiqinisekisa ngazo, futhi kusho ukuthini ukusulwa kwezinyembezi?

21 Siyaqinisekiswa ngalokhu njengoba siqhubekela phambili kulesi siprofetho esimangalisayo. Ivesi lesithathu ngasekugcineni likhuluma ngesikhathi lapho uNkulunkulu eyoba kanye nesintu, ephendulela ukunaka kwakhe kubantu abenza intando yakhe ngenjongo yokubazuzisa. (Hezekeli 43:7) UJohane uyaqhubeka emavesini 4 no-5: “[UJehova] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile. Futhi Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’ Futhi uthi: ‘Loba, ngoba lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.’” Yeka isiprofetho esinikeza ithemba!

22 Ake uthi ukuhlaba ikhefu unambithe lokho iBhayibheli elikubikezelayo. ‘Unkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso.’ Akunakwenzeka ukuthi lokho kubhekisela ezinyembezini ezivamile ezihlanza amehlo ethu azwelayo, futhi akunakubhekisela ezinyembezini zenjabulo. Cha, izinyembezi uNkulunkulu ayozisula yizinyembezi ezibangelwa ukuhlupheka, usizi, ukudumazeka, ukuphatheka kabi nobuhlungu. Singaqiniseka kanjani? Lesi sithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo sihlobanisa ukusulwa kwezinyembezi ‘nokungabi khona kokufa, ukulila, ukukhala, nobuhlungu.’—Johane 11:35.

23. Yiziphi izimo isiprofetho sikaJohane esiqinisekisa ukuthi zizophela?

23 Ingabe lokhu akufakazeli ukuthi umdlavuza, ukufa uhlangothi, isifo senhliziyo ngisho nokufa kuyobe sekususiwe? Ubani phakathi kwethu ongazange alahlekelwe othandekayo ngenxa yesifo esithile, ingozi, noma inhlekelele? UNkulunkulu lapha uthembisa ukuthi ukufa ngeke kusaba khona, okusikisela ukuthi abantwana abangase bazalwe ngaleso sikhathi ngeke baphile belindelwe ukukhula bese beguga—baphethe ngokufa. Lesi siprofetho sisho nokuthi ngeke zisaba khona izifo ezinjenge-Alzheimer’s, ukukhumuzeka kwamathambo, izimila esibelethweni, ukufiphala kwamehlo noma ngisho nokwakheka kolwebu emehlweni—izifo ezivame kakhulu eminyakeni yokuguga.

24. Ayoba yisibusiso kanjani “amazulu amasha nomhlaba omusha,” futhi yini esisazoyihlola?

24 Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi ukulila nokukhala kungancipha uma kususwa ukufa, ukuguga nezifo. Nokho kuthiwani ngobumpofu obuququdayo, ukuxhashazwa kwabantwana nobandlululo olucindezelayo ngenxa yesizinda noma ibala lesikhumba? Ukube izinto ezinjalo—izinto ezivame kangaka namuhla—bezingaqhubeka zikhona, besiyobe asikahlukani nokulila nokukhala. Ngakho, ukuphila ngaphansi ‘kwezulu elisha nomhlaba omusha’ ngeke konakaliswe yilezi zimbangela zosizi ezikhona manje. Yeka ushintsho! Nokho, okwamanje sisaxoxe ngezindawo ezintathu kuphela kwezine evela kuzo eBhayibhelini inkulumo ethi “amazulu amasha nomhlaba omusha.” Kusekhona nenye ehlobana nalokho esesikuhlolile futhi egcizelela isizathu sokuba silangazelele isikhathi nendlela uNkulunkulu ayosigcwalisa ngayo isithembiso sakhe ‘sokwenza zonke izinto zibe zintsha.’ Isihloko esilandelayo sixoxa ngaleso siprofetho nendlela esingayithinta ngayo injabulo yethu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 I-New English Bible ilihumusha kanje iHubo 96:1: “Hubelani INKOSI, nonke bantu emhlabeni.” I-Contemporary English Version yona ithi: “Wonke umuntu kulo mhlaba makahubele INKOSI izindumiso.” Lokhu kuyavumelana nomqondo wokuthi lapho ekhuluma ‘ngomhlaba omusha’ u-Isaya wayebhekisele kubantu bakaNkulunkulu ezweni labo.

Ukhumbulani?

• Yiziphi izindawo ezintathu iBhayibheli elibikezela kuzo “amazulu amasha nomhlaba omusha”?

• AmaJuda asendulo ayehileleke kanjani ekugcwalisekeni ‘kwamazulu amasha nomhlaba omusha’?

• Yikuphi ukugcwaliseka okuqondwayo ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha’ uPetru akhuluma ngawo?

IsAmbulo isahluko 21 sisiqondisa kanjani ekusaseni eliqhakazile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

Njengoba nje uJehova ayebikezele, uKoresi wavula indlela yokubuyela kwamaJuda ezweni lawo ngo-537 B.C.E.