Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imishado Ejabulisayo Edumisa UJehova

Imishado Ejabulisayo Edumisa UJehova

Imishado Ejabulisayo Edumisa UJehova

Uwelsh No-elthea Bashadela Esoweto, Eningizimu Afrika, Ngo-1985. Bahlala Bahlale Babuke Ibhuku Lezithombe Zomshado Wabo Nendodakazi Yabo, Uzinzi, Bakhumbule Lolo Suku Olujabulisayo. Uzinzi Uyakuthanda Ukukhomba Abantu Ababekhona Emshadweni Futhi Uzijabulela Ngokukhethekile Izithombe Zikanina Egqoke Kahle Kangaka.

LESI senzakalo saqala ngenkulumo yomshado eyanikezwa ehholo lomphakathi eSoweto. Iqembu lentsha engamaKristu labe selihlabelela izingoma zokudumisa uNkulunkulu ngezindlela zokuhlabelela ezine. Ngemva kwalokho, ababekhona bajabulela ukudla kuyilapho kukhaliselwa phansi amakhasethi ezingoma zoMbuso zezinsimbi zomculo. Lwalungekho uphuzo oludakayo, futhi wawungekho umculo okhalela phezulu noma umdanso. Kunalokho, ababekhona babejabulela ubudlelwane futhi behalalisela lowo mbhangqwana. Sekukonke, lowo mshado wathatha amahora amathathu. “Kwakuwumshado engiyohlala ngiwukhumbula ngenjabulo,” kukhumbula uRaymond, umdala ongumKristu.

Lapho beshada, uWelsh no-Elthea babeyizikhonzi zokuzithandela egatsheni laseNingizimu Afrika le-Watch Tower Bible and Tract Society. Babengenakukwazi ukwenza umshado obiza kakhulu. Amanye amaKristu aye akhetha ukuyeka inkonzo yesikhathi esigcwele, athole umsebenzi wokuziphilisa ukuze ahlangabezane nezindleko zomshado ophambili. Nokho, uWelsh no-Elthea abazisoli ngokuthi bakhetha ukuba nomshado ongenakho okuningi ngoba wenza bakwazi ukuqhubeka bekhonza uNkulunkulu njengezikhonzi zesikhathi esigcwele kwaze kwazalwa uZinzi.

Nokho, kuthiwani uma umbhangqwana ukhetha ukuba kube nomculo wezwe nomdanso emshadweni wawo? Kuthiwani uma ukhetha ukuba kube newayini noma olunye uphuzo oludakayo? Kuthiwani uma unamandla okuba nomshado omkhulu nophambili? Ungaqiniseka kanjani ukuthi leso senzakalo siba isenzakalo esijabulisayo esifanele abakhulekeli bakaNkulunkulu? Imibuzo enjalo idinga ukucatshangelwa ngokucophelela, ngoba iBhayibheli liyayala: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

Ukugwema Umbuthano Oxokozelayo

Kunzima ukucabanga ngomshado ongenayo injabulo. Kunengozi enkulu kakhulu yokuba kweqiswe bese umshado uphenduka umbuthano oxokozelayo kakhulu ongenakuzithiba. Emishadweni eminingi yabangebona oFakazi, kwenzeka izinto ezingamdumisi uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kuvame ukuba kusetshenziswe utshwala kuze kube sezingeni lokudakwa. Ngokudabukisayo, lokhu kuye kwenzeka nakweminye imishado yamaKristu.

IBhayibheli lixwayisa ngokuthi “uphuzo olunamandla lungumxokozeli.” (IzAga 20:1) Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘ukuxokozela’ lisho “ukubanga umsindo.” Uma utshwala bungenza umuntu oyedwa abange umsindo, cabanga ukuthi bungenzani esixukwini esikhulu sabantu esihlangana ndawonye bese siphuza kakhulu! Kusobala ukuthi izenzakalo ezinjalo zingaphenduka kalula nje zibe “izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi” iBhayibheli elizibala ngokuthi “imisebenzi yenyama.” Imikhuba enjalo yenza noma ubani ongaphenduki kuyo angakufanelekeli ukuzuza njengefa ukuphila okumi phakade ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.—Galathiya 5:19-21.

Igama lesiGreki elisho “umbuthano oxokozelayo” lalisetshenziselwa ukuchaza iqembu lentsha ephuzile futhi esiqala ukudakwa, ehamba ibanga umsindo emgwaqweni, ihlabelela, idansa futhi idlala umculo. Uma uphuzo oludakayo lukhishwa ngokukhululekile emshadweni, futhi uma kunomculo okhalela phezulu nokudansa okungenakuzithiba, kunengozi yangempela yokuthi leso senzakalo siphenduke into enjengombuthano oxokozelayo. Esimweni esinjalo, labo ababuthakathaka bangase bayengekele kalula ekulingweni nasekwenzeni eminye imisebenzi yenyama ‘enjengobufebe, ukungahlanzeki, ukuziphatha okuxekethile, noma babe nesifuthefuthe sentukuthelo.’ Yini engenziwa ukuze kugwenywe ukuba imisebenzi enjalo yenyama yonakalise injabulo yomshado wobuKristu? Ukuze siphendule lowo mbuzo, ake sicabangele lokho iBhayibheli elikushoyo ngomshado othile.

Umshado UJesu Aba Khona Kuwo

UJesu nabaphostoli bakhe bamenywa ukuba babe khona emshadweni eKhana laseGalile. Basamukela leso simemo, futhi uJesu waze wanikela ukuze kujatshulelwe leso senzakalo. Lapho kuphela iwayini, wenza elinye lezinga eliphezulu ngokuyisimangaliso. Ngemva komshado, akungabazeki ukuthi elasala lanakekela izidingo zalowo myeni onokubonga nomkhaya wakhe.—Johane 2:3-11.

Kunezifundo eziningana esingazifunda kulowo mshado uJesu aba khona kuwo. Okokuqala, uJesu nabafundi bakhe abazange bamane batheleke nje edilini lomshado. IBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi babemenyiwe. (Johane 2:1, 2) Ngokufanayo, emifanekisweni emibili yamadili omshado, uJesu wakhuluma ngokuphindaphindiwe ngabantu ababa khona ngoba bemenyiwe.—Mathewu 22:2-4, 8, 9; Luka 14:8-10.

Kwamanye amazwe kuyinto evamile ukuba wonke umuntu emphakathini azizwe ekhululekile ukuya edilini lomshado kungakhathaliseki ukuthi umenyiwe yini noma cha. Nokho, lokhu kungaphumela ezinkingeni ezingokwezimali. Umbhangqwana ongacebile ungase ungene ezikweletini ukuze uqiniseke ukuthi kunokudla neziphuzo okwanele kwabantu abaningi ngokungalinganiselwe. Ngakho-ke, uma umbhangqwana wamaKristu ukhetha ukuba nedili lomshado elingenakho okuningi futhi umeme inani elithile labantu, amaKristu angamenyiwe kufanele akuqonde futhi akuhloniphe lokhu. Indoda ethile eyashadela eKapa, eNingizimu Afrika, ikhumbula imema abantu abangu-200 emshadweni wayo. Nokho, kwafika abantu abangu-600, futhi ukudla kwaphela ngokushesha. Phakathi kwalabo ababengamenyiwe kwakunezivakashi ezazihamba zibuka iKapa ngebhasi ngaleyo mpelasonto yomshado. Owayeqondisa le bhasi wayeyisihlobo sakubo kamakoti nakuba ayengahlobene nabo ngokuseduze, futhi wayekholelwa ukuthi kwakuyilungelo lakhe ukuletha lonke lelo qembu ngaphandle kokuthintana ngisho nokuthintana nomakoti noma nomkhwenyana!

Ngaphandle kwalapho kuye kwashiwo ukuthi wonke umuntu wamukelekile edilini, umlandeli kaJesu weqiniso uyogwema ukuya edilini lomshado engamenyiwe, afike ahlanganyele ekudleni naseziphuzweni ezilungiselelwe labo abamenyiwe. Labo abalingekela ukuya bengamenyiwe kufanele bazibuze, ‘Ukuya kuleli dili lomshado ngeke yini kubonise ukungabathandi laba abashadayo? Ngeke yini ngixakekise noma ngiqede injabulo yalesi senzakalo?’ Kunokuthukutheliswa ukungamenywa, ngothando umKristu oqondayo angase athumele umyalezo wokuhalalisela lowo mbhangqwana futhi awufisele isibusiso sikaJehova. Angase acabangele nokusiza lowo mbhangqwana ngokuwuthumelela ngisho nesipho esizonezela enjabulweni yosuku lwawo lomshado.—UmShumayeli 7:9; Efesu 4:28.

Ubani Onomthwalo Wemfanelo?

Ezingxenyeni ze-Afrika, kuyinto evamile ukuba izihlobo ezikhulile kube yizona ezenza amalungiselelo omshado. Umbhangqwana ungase uzizwe unokubonga ngalokho, njengoba lokhu kuwukhulula ezibophweni ezingokwezimali. Ungase ube nanomuzwa wokuthi lokho kuwukhulula nasekusolweni nganoma yini engase yenzeke. Nokho, ngaphambi kokwamukela noma yiluphi usizo lwezihlobo ezinezisusa ezinhle, umbhangqwana kufanele uqiniseke ukuthi izifiso zawo ziyohlonishwa.

Nakuba uJesu ayeyiNdodana kaNkulunkulu ‘eyehla ezulwini,’ akukho okubonisa ukuthi wathatha izintambo waqondisa izinto eziningi emshadweni waseKhana. (Johane 6:41) Kunalokho, ukulandisa kweBhayibheli kusitshela ukuthi kwakunomunye umuntu owayemiselwe ukuba “umqondisi wedili.” (Johane 2:8) Le ndoda, kwakudingeka yona ibike koyinhloko yalo mkhaya omusha, okuwukuthi, umkhwenyana.—Johane 2:9, 10.

Izihlobo ezingamaKristu kufanele zihloniphe inhloko yalo mkhaya omusha emiswe uNkulunkulu. (Kolose 3:18-20) Yiyo okufanele ithwale umthwalo walokho okwenzeka emshadweni wayo. Ngokulindelekile, umkhwenyana kufanele abe ngolinganiselayo, futhi uma kungenzeka, acabangele izifiso zikamakoti, zabazali bakhe nezabasekhweni lakhe. Noma kunjalo, uma izihlobo ziphikelela ngokuhlela izinto eziphambene nezifiso zalowo mbhangqwana, khona-ke lowo mbhangqwana kungase kudingeke ulwenqabe ngomusa usizo lwazo bese uzikhokhela wona izindleko zomshado wawo ongenakho okuningi. Ngale ndlela ngeke kwenzeke lutho oluzoshiya lowo mbhangqwana unezinkumbulo ezingezinhle. Ngokwesibonelo, emshadweni womKristu e-Afrika, isihlobo esingakholwa esasibungaza izimenywa edilini senza i-toast yokuhlonipha okhokho abangasekho!

Ngezinye izikhathi umbhangqwana oshadile uhamba umshado ungakapheli uye eholidini langemva komshado. Esimweni esinjalo, umkhwenyana kufanele ahlele ukuba abathile abanokwethenjelwa baqikelele ukuthi kulondolozwa izindinganiso zeBhayibheli futhi lelo dili liphela ngesikhathi esifanele.

Ukuhlela Ngokucophelela Nangokulinganisela

Kusobala ukuthi kwakukuningi ukudla emshadweni uJesu ayekuwo, ngoba iBhayibheli lithi kwakuyidili lomshado. Njengoba kuye kwaphawulwa, kwakukhona newayini eliningi. Akungabazeki ukuthi kwakunomculo ofanele nomdanso onesizotha ngoba lokhu kwakuyisici esivamile sokuzijabulisa kumaJuda. UJesu wakubonisa lokhu emfanekisweni wakhe odumile wendodana esaphazayo. Uyise ocebile wakuleyo ndaba wayejabulele ukubuya kwendodana yakhe ephendukile kangangokuthi wathi: ‘Masidleni sizijabulise.’ NgokukaJesu, lowo mkhosi wawuhlanganisa “umculo nokudansa.”—Luka 15:23, 25.

Nokho, ngokuthakazelisayo iBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngomculo nomdanso emshadweni waseKhana. Eqinisweni, akukhulunywa ngomdanso kunoma ikuphi ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nemishado. Kubonakala sengathi phakathi kwezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zangezikhathi zeBhayibheli, ukudansa kwakuyinto ethukelayo, kungesona isici esiyinhloko semishado yazo. Ingabe kukhona esingakufunda kulokhu?

Kweminye imishado yamaKristu e-Afrika, kusetshenziswa izimiso ze-sound zikagesi ezinamandla. Umculo ungakhalela phezulu kangangokuba izimenywa zingabe zisakwazi ukuxoxa ngokukhululekile. Ngezinye izikhathi kuba sobala ukuthi ukudla akukho kahle, kodwa umdanso ulokhu uthe bhé kangangokuthi kuba lula nokweqisa. Kunokuba zibe idili lomshado, izenzakalo ezinjalo zingase zibe izaba zokuba nomcimbi womdanso. Ngaphezu kwalokho, umculo okhalela phezulu ngokuvamile uheha izigilamkhuba, abantu abangaziwa abamane bafike bengamenyiwe.

Njengoba ukulandisa kweBhayibheli kungawugcizeleli umculo nomdanso, ingabe lokho akufanele kuqondise umbhangqwana ohlela ukwenza umshado oyodumisa uJehova? Nokho, emalungiselelweni emishado eminingana yamuva nje eningizimu ye-Afrika, intsha engamaKristu eyayikhethelwe ukukhapha abashadayo yachitha isikhathi esiningi iprakthiza imidanso eyinkimbinkimbi. Yasebenzisa isikhathi sawo esiningi ngokweqile phakathi nezinyanga ezithile yenza lokhu. Kodwa amaKristu kudingeka ‘athengisise ithuba’ ukuze enze ‘izinto ezibaluleke ngokwengeziwe,’ njengomsebenzi wokushumayela ivangeli, isifundo somuntu siqu nokuba semihlanganweni yobuKristu.—Efesu 5:16; Filipi 1:10.

Ngokwesilinganiso sewayini elalungiselelwa uJesu, kusobala ukuthi umshado waseKhana wawumkhulu futhi uphambili. Nokho, singaqiniseka ngokuthi leso senzakalo sasingenawo umsindo omkhulu futhi izimenywa azizange zilusebenzise kabi uphuzo oludakayo njengoba kwakunjalo ngeminye imishado yamaJuda. (Johane 2:10) Singaqiniseka kanjani ngalokhu? Ngoba kwakukhona iNkosi uJesu Kristu. Kubo bonke abantu, uJesu wayeyoqikelela kakhulu ukuba alalele umyalo kaNkulunkulu ngokuphathelene nokuzihlanganisa nababi, othi: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini.”—IzAga 23:20.

Ngakho-ke, uma umbhangqwana unquma ukuba newayini noma uphuzo oludakayo emshadweni wawo, kufanele uhlele ukuba kulawulwe ngokucophelela umuntu onokwethenjelwa. Futhi uma ukhetha ukuba kube nomculo, kufanele ukhethe umculo ofanelekayo futhi umise umuntu onokwethenjelwa ozoqapha ukuthi uvulelwa kangakanani. Izimenywa akufanele zivunyelwe ukuba zithathe izintambo, zifake umculo wazo ongabazisayo noma ziphakamise izinga lomsindo ngokweqile. Uma kuzoba nomdanso, ungenziwa ngendlela enesizotha nangokuzithiba. Uma izihlobo ezingakholwa noma amaKristu angavuthiwe edansa ngendlela engahlanzekile noma evusa inkanuko, kungase kudingeke umkhwenyana ashintshe uhlobo lomculo noma acele ngobuhlakani ukuba kuyekwe ukudansa. Ngalé kwalokho umshado ungase uphenduke isiyaluyalu futhi ukhubekise.—Roma 14:21.

Ngenxa yezingozi ezisezinhlotsheni ezithile zomdanso wanamuhla, umculo okhalela phezulu nokungalawulwa kophuzo oludakayo, abakhwenyana abaningana abangamaKristu baye banquma ukungazifaki lezi zici emishadweni yabo. Abanye baye bagxekwa ngalokhu, kodwa kunalokho kufanele banconywe ngesifiso sabo sokugwema noma yini engase ilethe isihlamba egameni likaNkulunkulu elingcwele. Ngakolunye uhlangothi, abanye abakhwenyana bahlela umculo ofanele, isikhathi sokudansa nokuba utshwala bukhishwe ngokulinganisela. Kunoma yikuphi, umkhwenyana kufanele aphendule ngalokho avumela ukuba kwenzeke emshadweni wakhe.

E-Afrika abanye abangavuthiwe beya imishado yamaKristu enesizotha, bethi ifana nokuya emngcwabeni. Nokho, lowo akuwona umbono olinganiselayo. Imisebenzi yenyama eyisono ingase ilethe injabulo yesikhashana, kodwa ishiya amaKristu ekhathazwa onembeza futhi iletha isihlamba egameni likaNkulunkulu. (Roma 2:24) Ngakolunye uhlangothi, umoya ongcwele kaNkulunkulu ubangela injabulo yangempela. (Galathiya 5:22) Imibhangqwana eminingi engamaKristu ibheka emuva ngokuziqhenya osukwini lwayo lomshado, yazi ukuthi lwaluyisenzakalo esijabulisayo, hhayi ‘isizathu sokukhubeka.’—2 Korinte 6:3.

UWelsh no-Elthea basakhumbula amazwi amaningi okuncoma ezihlobo ezingakholwa ezazikhona emshadweni wabo. Omunye wathi: “Sikhathele imishado enomsindo eba khona kulezi zinsuku. Kube mnandi ukuba umuntu ake abe semshadweni ohloniphekile.”

Okubaluleke kakhulu ukuthi imishado yamaKristu ejabulisayo nenesizotha idumisa uMsunguli womshado, uJehova uNkulunkulu.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]

UHLU LOKUHLOLA IDILI LOMSHADO

• Uma isihlobo esingakholwa sizokhuluma, ingabe uye waqiniseka ukuthi ngeke sifake imikhuba ethile engavumelani nobuKristu?

• Uma kuzodlalwa umculo, ingabe uye wakhetha ofanelekayo kuphela?

• Ingabe umculo uyokhalela ezingeni elilinganiselwe?

• Uma umdanso uvunyelwe, ingabe uyokwenziwa ngendlela enesizotha?

• Ingabe uphuzo oludakayo luzokhishwa ngokulinganisela?

• Ingabe luzolawulwa umuntu onokwethenjelwa?

• Ingabe ubeke isikhathi esifanelekayo sokuphetha idili lomshado?

• Ingabe bayoba khona abantu abanokwethenjelwa abayoqiniseka ukuthi kuba nokuhleleka kuze kufinyelelwe esiphethweni?