Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kunokonakala Okungaka?

Kungani Kunokonakala Okungaka?

Kungani Kunokonakala Okungaka?

“Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo.”—Eksodusi 23:8.

EMINYAKENI engu-3 500 edlule, uMthetho KaMose wakulahla ukufumbathisa. Phakathi namakhulu eminyaka kusukela lapho, kuye kwaba nemithetho eminingi elwa nokonakala. Noma kunjalo, umthetho awuzange uphumelele ukunqanda ukonakala. Nsuku zonke kuba nezenzakalo eziningi zokufumbathisa, futhi izinkulungwane zezigidi zabantu ziyahlupheka ngenxa yemiphumela yalokho.

Ukonakala kuye kwasakazeka futhi kwaba yinkimbinkimbi kangangokuthi kusongela izisekelo zomphakathi. Emazweni athile, cishe akukho lutho olwenziwa ngaphandle kokufumbathisa. Ukufumbathisa umuntu ofanele kuyokwenza umuntu aphumelele ekuhlolweni, athole incwadi yokushayela, enze isivumelwano noma athethwe yicala. “Ukonakala kunjengokungcola okukhulu okudangalisa izinhliziyo zabantu,” kukhala u-Arnaud Montebourg, ummeli waseParis.

Ukufumbathisa kudlange kakhulu kwezentengiselwano. Ezinye izinkampani zibekela eceleni ingxenye eyodwa kwezine zenzuzo yazo ukuze nje zifumbathise izisebenzi zikahulumeni ezonakele. Ngokukamagazini waseBrithani i-Economist, ezinkulungwaneni eziyizigidi ezingu-153 zamaRandi ezisetshenziselwa ukuhweba ngezikhali emhlabeni wonke unyaka ngamunye, amaphesenti afinyelela kwayishumi asetshenziselwa ukufumbathisa labo abangase babe abathengi. Njengoba izinga lokonakala liye landa, imiphumela yako iye yaba inhlekelele. Phakathi neshumi elidlule leminyaka, isimiso sokuhweba ngokukhululekile esenziwa ‘ngobungane’—imikhuba eyonakele kwezamabhizinisi, evuna abambalwa abacebile abazana nabantu abawusizo olukhulu—kuthiwa sonakalise umnotho wawo wonke amazwe.

Ngokungenakugwenywa, ngabampofu abahlupheka kakhulu ekonakaleni nasemonakalweni okukwenzayo kwezomnotho—abangekho neze esimweni sokufumbathisa. Kunjengoba i-Economist yasho ngokufanelekile, “ukonakala kumane nje kungolunye uhlobo lokucindezela.” Ingabe lolu hlobo lokucindezela lunganqotshwa, noma ingabe ukonakala akunakugwenywa? Ukuze siphendule lowo mbuzo, kumelwe siqale sithole ezinye zezimbangela eziyinhloko zokonakala.

Ziyini Izimbangela Zokonakala?

Kungani abantu bekhetha ukonakala kunokuthembeka? Kwabanye, ukonakala kungase kube yindlela elula—noma empeleni, ukuphela kwendlela—yokuthola abakufunayo. Ngezinye izikhathi, ukufumbathisa kungase kube yindlela elula yokugwema isijeziso. Abaningi ababona izazi zezombangazwe, amaphoyisa namajaji bebonakala sengathi abakushayi mkhuba ukonakala noma nabo ngokwabo bonakele bamane balandele isibonelo sabo.

Lapho ukonakala kwanda, kuya ngokuya kwamukeleka kuze kugcine sekuyindlela yokuphila. Abantu abahola kancane ngendlela edabukisayo baba nomuzwa wokuthi abanakwenza ngokunye. Kudingeka bafune ukufunjathiswa uma befuna ukuphila kahle. Futhi lapho labo abafuna ukufunjathiswa noma labo abafumbathisayo ukuze baphathwe kahle ngokungafanele bengajeziswa, baba mbalwa abazimisela ukuphambana nehlombe. INkosi uSolomoni yaphawula: “Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.”—UmShumayeli 8:11.

Kunamashoshozela amabili okonakala: ubugovu nokuhaha. Ngenxa yobugovu, abantu abonakele bashalazelela ukuhlupheka ukonakala kwabo okukubangelayo kwabanye, futhi bathethelele ukonakala kwabo ngenxa nje yokuthi bayazuza kukho. Lapho labo abonakele bezuza ngokwezinto ezibonakalayo, baya behaha ngokwengeziwe. USolomoni wathi: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo.” (UmShumayeli 5:10) Kuyavunywa, ukuhaha kungase kube kuhle ekwenzeni imali, kodwa kukushaya indiva njalo ukonakala nokwenza izinto ngokungemthetho.

Esinye isici okungafanele sishaywe indiva yindima yombusi waleli zwe ongabonakali, iBhayibheli elithi uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9) USathane ukuthuthukisa ngentshiseko ukonakala. Ukufumbathisa okukhulu kunakho konke okusemibhalweni yilokho uSathane akuthembisa uKristu. ‘Ngizokunika yonke imibuso yezwe uma uwa phansi futhi wenze isenzo sokukhulekela kimi.’—Mathewu 4:8, 9.

Nokho, uJesu wayengenakonakaliswa, futhi wafundisa abalandeli bakhe ukuba benze okufanayo. Ingabe izimfundiso zikaKristu zingaba ithuluzi eliphumelelayo lokulwa nokonakala namuhla? Isihloko esilandelayo sizohlaziya lo mbuzo.