Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Komkhaya Okujabulisayo Kudonsela Abanye KuNkulunkulu

Ukuphila Komkhaya Okujabulisayo Kudonsela Abanye KuNkulunkulu

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukuphila Komkhaya Okujabulisayo Kudonsela Abanye KuNkulunkulu

UJEHOVA wabusisa uJosefa ngokuhlakanipha nokuqonda okukhulu. (IzEnzo 7:10) Ngenxa yalokho, ukuqonda kukaJosefa ‘kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.’—Genesise 41:37.

Ngokufanayo namuhla, uJehova unikeza abantu bakhe ukuqonda lapho betadisha iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) Lokhu kuhlakanipha nokuqonda kuveza izithelo ezinhle njengoba besebenzisa iseluleko esisekelwe eBhayibhelini. Ezikhathini eziningi ukuziphatha kwabo okuhle kuye ‘kwaba kuhle emehlweni alabo abakubonayo,’ njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseZimbabwe kubonisa.

• Owesifazane othile wayenomakhelwane abangoFakazi BakaJehova. Nakuba ayengabathandi lab’ oFakazi, wayekuthanda ukuziphatha kwabo, ikakhulukazi ukuphila kwabo kwasekhaya. Waqaphela ukuthi indoda nomkayo babezwana kakhulu nokuthi izingane zabo zazilalela. Waphawula ngokukhethekile ukuthi indoda yayingeve imthanda umkayo.

Kunenkolelo evamile kwabanye babantu base-Afrika yokuthi uma indoda imthanda umkayo, yingoba inkosikazi isuke “iyithambise” ngekhubalo elithile. Ngakho lona wesifazane weza kule nkosikazi enguFakazi wafike wathi: “Phela awungiphe leli khubalo olisebenzisa kumyeni wakho ukuze nowami angithande njengowakho.” UFakazi waphendula: “Hho, kulungile, ngizokulethela lona kusasa ntambama.”

Ngakusasa, udade wavakashela umakhelwane wakhe ‘nekhubalo’ lakhe lelo. Laliyini? KwakuyiBhayibheli, kanye nencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ngemva kokuhlola ukwaziswa okusencwadini Ulwazi esihlokweni esithi “Ukwakha Umkhaya Odumisa UNkulunkulu,” wathi kulona wesifazane: “Yileli-ke ‘ikhubalo’ esilisebenzisayo mina nomyeni wami ukuze ‘sithambisane,’ futhi yingakho sithandana kangaka.” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi lona wesifazane wathuthuka ngokushesha waze wabonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokucwiliswa emanzini.

• Amaphayona akhethekile amabili abelwe ebandleni elincane eliseduze nomngcele osenyakatho-mpumalanga yeZimbabwe neMozambique ayesenamasonto amabili engasayi enkonzweni yendlu ngendlu. Ngani? Ngoba abantu babezizela kuwo bezolalela akushoyo. Elinye lala maphayona lilandisa ukuthi kwenzeka kanjani lokhu: “Sasihamba amakhilomitha angu-15 siyoqhubela umuntu othakazelayo isifundo seBhayibheli samasonto onke. Kwakungelula kithi ukufika kuleyo ndawo. Kwakudingeka sixhafuze odakeni, siwele nemifula enamanzi afika entanyeni. Lokhu kwakudinga ukuba sithwale izingubo nezicathulo zethu ekhanda, siwele umfula, bese sigqoka ngaphesheya.

“Omakhelwane balo muntu othakazelayo bahlabeka umxhwele kakhulu ngenxa yentshiseko yethu. Phakathi kwalabo abasiphawula kwakunomholi wenkolo ethile yendawo. Wathi kubalandeli bakhe: ‘Anifuni yini ukushiseka njengaleziya zinsizwa ezingoFakazi BakaJehova?’ Ngakusasa, abaningi babalandeli bakhe bafika lapho sihlala khona befuna ukwazi ukuthi kungani siphikelela kangaka. Ngaphezu kwalokho, phakathi namasonto amabili alandela, sasiba nezivakashi eziningi kangangokuthi sasingasitholi nesikhathi sokwenza ukudla!”

Omunye wabantu abavakashela la maphayona emzini wawo phakathi nala masonto amabili kwakuyilowaya mholi wenkolo. Cabanga indlela amaphayona ajabula ngayo lapho amukela isifundo seBhayibheli sasekhaya!